Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 29

Jabula Ngentuthuko Yakho!

Jabula Ngentuthuko Yakho!

‘Yilowo nalowo makabe nesizathu sokujabula ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.’​—GAL. 6:4.

INGOMA 34 Ukuhamba Ngobuqotho

AMAZWIBELA *

1. Kungani uJehova engasiqhathanisi nabanye?

UJEHOVA uthanda izinto ezinhlobonhlobo. Lokhu kubonakala endalweni yakhe emangalisayo, okuhlanganisa nabantu. Ngamunye wethu uhlukile. Ngakho uJehova akalokothi asiqhathanise nabanye. Uhlola inhliziyo yakho, umuntu onguye ngaphakathi. (1 Sam. 16:7) Uyakwazi lokho okwazi ukukwenza nongakwazi ukukwenza, nesizinda sakho. Akalindele ukuba wenze okungaphezu kwamandla akho. Kudingeka silingise uJehova, sizibheke ngendlela asibheka ngayo. Uma senza kanjalo siyoba “nengqondo ehluzekile,” singaziboni sibakhulu kakhulu noma sibancane kakhulu.​—Roma 12:3.

2. Kungani kungekuhle ukuziqhathanisa nabanye?

2 Kuyavunywa ukuthi singazuza esibonelweni somfowethu noma udadewethu othembekile ophumelelayo enkonzweni. (Heb. 13:7) Singase sibone izindlela esingathuthukisa ngazo inkonzo yethu. (Fil. 3:17) Kodwa kunomehluko phakathi kokulingisa isibonelo esihle sothile nokusisebenzisa ukuze uzihlole ukuthi wena wenza kanjani. Ukuziqhathanisa okunjalo kungakwenza uzizwe unomona, udangele noma ungelutho. Njengoba sifundile esihlokweni esidlule, ukuncintisana nabanye ebandleni kuzolimaza ubuhlobo bakho noJehova. Ngakho ngothando uJehova uyasicela: “Yilowo nalowo makahlole izenzo zakhe, khona-ke uyoba nesizathu sokujabula ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.”​—Gal. 6:4.

3. Iyiphi intuthuko oyenzile ekukhonzeni uJehova ekujabulisayo?

3 UJehova ufuna ujabule ngentuthuko oyenzayo ekumkhonzeni. Ngokwesibonelo, uma ubhapathiziwe kumelwe ujabule ngokuthi uwufinyelele lowo mgomo! Wazithathela wena leso sinqumo. Sasisekelwe othandweni lwakho ngoNkulunkulu. Cabanga ngentuthuko osuyenzile kusukela ngaleso sikhathi. Ngokwesibonelo, ingabe usukuthanda nakakhulu ukwenza isifundo somuntu siqu nokufunda iBhayibheli? Ingabe imithandazo yakho isuka enhliziyweni? (IHu. 141:2) Ingabe usuthuthukile ekuqaleni izingxoxo ensimini nasekusebenziseni amathuluzi okufundisa ngokuphumelelayo? Uma unomndeni, ingabe uJehova ukusizile waba umyeni, inkosikazi noma umzali ongcono? Ungajabula futhi waneliseke ngentuthuko oyenzile ezintweni ezinjengalezi.

4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

4 Singabasiza abanye bajabule ngentuthuko abayenzayo ekukhonzeni uJehova. Singabasiza bayeke nokuziqhathanisa nabanye. Kulesi sihloko, sizobona ukuthi abazali bangazisiza kanjani izingane zabo, indoda nomkayo bangasizana kanjani nokuthi abadala kanye nabanye bangabasiza kanjani abafowabo nodadewabo. Sizoxoxa nangezinye izimiso zeBhayibheli ezingasisiza sizibekele imigomo efinyelelekayo, evumelana namakhono nezimo zethu.

LOKHO ABAZALI NABASHADILE ABANGAKWENZA

Bazali, bonisani ukuthi niyayazisa imizamo emihle eyenziwa ingane yenu ngayinye (Bheka izigaba 5-6) *

5. Ngokwencwadi yabase-Efesu 6:4, yini abazali okufanele bayigweme?

5 Abazali kufanele baqaphele ukuba bangaziqhathanisi izingane zabo noma bafune okungaphezu kwalokho okusemandleni engane. Ukuqhathanisa okunjalo nokufuna izinto ezingabonisi ukucabangela kungase kuyidikibalise ingane. (Funda eyabase-Efesu 6:4.) UDadeweth’ uSachiko * uthi: “Othisha bami babefuna ukuba ngenze kangcono kunabanye engangifunda nabo. Ngaphezu kwalokho, umama wayefuna ngenze kahle esikoleni ukuze nginikeze ubufakazi obuhle kuthisha wami nakubaba ongeyena uFakazi. Empeleni, wayefuna ngithole u-100 phesenti kuzo zonke izivivinyo, okuyinto engangingeke ngikwazi ukuyenza. Nakuba sekuphele iminyaka ngaqeda isikole, ngezinye izikhathi ngiyazibuza ukuthi lokho okusemandleni ami engikwenzayo kuyamenelisa yini uJehova.”

6. Abazali bangafundani encwadini yeHubo 131:1, 2?

6 Kunesifundo esibalulekile abazali abasithola encwadini yeHubo 131:1, 2. (Yifunde.) INkosi uDavide yathi ayizange ‘izifunele izinto ezinkulu kakhulu’ noma izinto ezazingaphezu kwamandla ayo. Ukuthobeka nesizotha sakhe ‘kwamzolisa futhi kwamthulisa.’ Bangafundani abazali emazwini kaDavide? Abazali babonisa ukuthobeka nesizotha ngokungalindeli okungaphezu kwamandla abo noma ezingane zabo. Abazali bangenza ingane yabo izizwe ibalulekile uma beyisiza ibone izinto ekwazi ukuzenza nengakwazi ukuzenza lapho izibekela imigomo ezoyifinyelela. UDadewethu uMarina uthi: “Umama wayengangiqhathanisi nezingane zakithi ezintathu noma nezinye izingane. Wangifundisa ukuthi sonke sinamakhono angafani futhi ngamunye wethu uyigugu kuJehova. Ngenxa yalokho, angivamile ukuziqhathanisa nabanye.”

7-8. Umyeni angabonisa kanjani ukuthi uyamazisa umkakhe?

7 Umyeni ongumKristu kufanele abonise ukuthi uyamazisa umkakhe. (1 Pet. 3:7) Ukwazisa kungasho ukubanaka ngokukhethekile abanye nokubahlonipha. Ngokwesibonelo, umyeni ubonisa ukuthi uyamazisa umkakhe ngokumphatha ngenhlonipho. Akaceli okungaphezu kwamandla omkakhe. Akalokothi amqhathanise nabanye abesifazane. Ukuqhathanisa okunjalo kungaba namiphi imiphumela? Umyeni kaDadeweth’ uRosa ongeyena uFakazi, uvame ukumqhathanisa nabanye abesifazane. Amazwi akhe abuhlungu awagcinanga nje ngokwehlisa ukuzethemba kukaRosa. Uthi, “Ngidinga ukuqinisekiswa njalo ukuthi ngibalulekile kuJehova.” Kodwa umyeni ongumKristu wenza okuhlukile, uyamazisa umkakhe. Uyazi ukuthi ukwenza kanjalo kuthinta kokubili ubuhlobo bakhe nomkakhe kanye nobuhlobo bakhe noJehova. *

8 Umyeni omazisayo umkakhe uyamdumisa, amqinisekise ngokuthi uyamthanda futhi amncome. (IzAga 31:28) Umyeni kaKaterina, okukhulunywe ngaye esihlokweni esidlule, wenza kanjalo ukuze amsize anqobe imizwa yokuzizwa engelutho. Ngesikhathi eseyingane, unina wayemenza azizwe engelutho ngokuhlale emqhathanisa namanye amantombazane, okuhlanganisa nabangane bakhe. Ngenxa yalokho, uKaterina waqala ukuziqhathanisa nabanye, ngisho nalapho esethole iqiniso! Nokho, umyeni wakhe ongumKristu umsizile wakwazi ukulwa nalo mkhuba futhi waqala ukuzibheka ngendlela efanele. Uthi: “Uyangithanda, angincome ngazo zonke izinto ezinhle engizenzayo futhi angithandazele. Ungikhumbuza nezimfanelo ezinhle zikaJehova, angisize ngilungise nemicabango yami engemihle.”

LOKHO ABADALA ABANOTHANDO KANYE NABANYE ABANGAKWENZA

9-10. Abadala abanomusa bamsiza kanjani udade wanqoba umkhuba wokuziqhathanisa nabanye?

9 Abadala bangabasiza kanjani labo abanomkhuba wokuziqhathanisa nabanye? Cabanga ngalokho okwenzeka kuDadeweth’ uHanuni, owayengavamile ukunconywa lapho eseyingane. Uthi: “Nganginamahloni futhi ngicabanga ukuthi ezinye izingane zingcono kunami. Ngaqala ukuziqhathanisa nabanye kusukela ngisemncane kakhulu.” Ngisho nalapho esengumKristu, uHanuni wayesaziqhathanisa nabanye. Ngenxa yalokho, wazibona engelusizo lwalutho ebandleni. Kodwa manje, uyiphayona elijabulayo. Yini eyamsiza washintsha indlela ayecabanga ngayo?

10 UHanuni uthi wasizwa abadala abanomusa. Bamtshela ukuthi bayamazisa bamncoma nangesibonelo sakhe esihle sokwethembeka. Uyabhala: “Kunezikhathi ezimbalwa lapho abadala bangicela ukuba ngikhuthaze abanye odade ababedinga usizo. Lezi zabelo zangenza ngazizwa ngidingeka. Ngikhumbula lapho abadala abanothando bengibonga ngesikhuthazo engasinika abanye odade abasebasha. Base bengifundela eyoku-1 Thesalonika 1:2, 3. Lokho kwayithinta kakhulu inhliziyo yami! Ngenxa yalabo belusi abahle, manje ngiyazisa ngempela indawo yami enhlanganweni kaJehova.”

11. Njengoba kuchazwe ku-Isaya 57:15, singabasiza kanjani labo ‘abacindezelekile nabadangele?’

11 Funda u-Isaya 57:15. UJehova ubakhathalela ngokujulile ‘abacindezelekile nabadangele.’ Sonke, hhayi abadala kuphela, singasiza ekukhuthazeni laba bafowethu nodadewethu abathandekayo. Enye indlela esingabakhuthaza ngayo ukubabonisa ukuthi sibakhathalela ngempela. UJehova ufuna sibabonise ukuthi uzithanda kangakanani izimvu zakhe eziyigugu. (IzAga 19:17) Singabasiza abafowethu nodadewethu ngokuba sithobeke futhi sibe nesizotha. Asifuni ukuzidonsela amehlo ngokungenasidingo, okungenza abanye bagcine sebenomona. Kunalokho, sisebenzisa amakhono nolwazi lwethu ukuze sikhuthazane.​—1 Pet. 4:10, 11.

Abafundi bakaJesu basondelana naye ngenxa yokuthi wayengacabangi ukuthi ungcono kunabo. Wayekujabulela ukuba nabangane bakhe (Bheka isigaba 12)

12. Kungani abantu abavamile babethanda ukuba noJesu? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

12 Ukucabanga ngendlela uJesu aphatha ngayo abalandeli bakhe kungasifundisa lukhulu ngendlela okufanele siphathe ngayo abanye. Wayengumuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila. Kodwa, ‘wayemnene futhi ethobekile.’ (Math. 11:28-30) Akazange abukise ngokuhlakanipha kwakhe noma ngolwazi lwakhe oluningi. Lapho efundisa, wasebenzisa ulimi olulula nemifanekiso eqondakala kalula ukuze afinyelele izinhliziyo zabahluphekile. (Luka 10:21) Ngokungafani nabaholi benkolo abaqhoshayo, uJesu akazange enze abanye bazizwe bengelutho kuNkulunkulu. (Joh. 6:37) Kunalokho, wayebahlonipha abantu abavamile.

13. Umusa kaJesu nothando lwakhe kwabonakala kanjani endleleni asebenzelana ngayo nabafundi bakhe?

13 Umusa kaJesu nothando lwakhe kwabonakala endleleni asebenzelana ngayo nabafundi bakhe. Wayazi ukuthi amakhono nezimo zabo akufani. Ngakho babengeke bakwazi ukuba nemisebenzi efanayo; noma basebenze ngendlela elinganayo enkonzweni. Noma kunjalo, wayeyazisa imizamo yomphefumulo wonke ngamunye wabo ayeyenza. Indlela uJesu abonisa ngayo ukucabangela ibonakala emfanekisweni wamathalenta. Kulowo mfanekiso, inkosi yanika inceku ngayinye umsebenzi “ngokwamandla ayo.” Inceku eyodwa kulezi ezimbili ezikhuthele yazuza okuningi kunenye inceku. Kodwa inkosi yazincoma ngamazwi afanayo zombili: “Wenze kahle, nceku enhle nethembekile!”​—Math. 25:14-23.

14. Singayilingisa kanjani indlela uJesu aphatha ngayo abanye?

14 UJesu ubonisa umusa nothando lapho esebenzelana nathi. Uyazi ukuthi amakhono nezimo zethu akufani, futhi uyajabula lapho senza okusemandleni ethu. Kufanele silingise uJesu endleleni esiphatha ngayo abanye. Akufanele nanini senze esikhonza naye azizwe engelutho noma enamahloni ngoba engakwazi ukwenza okulingana nalokho okwenziwa abanye. Kunalokho, kumelwe sifune amathuba okuncoma abafowethu nodadewethu abenza okusemandleni abo ukuze bakhonze uJehova.

ZIBEKELE IMIGOMO ONGAYIFINYELELA

Thola injabulo ekubekeni nasekufinyeleleni imigomo (Bheka izigaba 15-16) *

15-16. Udadewethu wazuza kanjani ngokuzibekela imigomo efinyelelekayo?

15 Imigomo esisondeza kuJehova yenza ukuphila kwethu kube nenjongo. Nokho, okubalulekile ukubeka imigomo evumelana namakhono nezimo zethu, hhayi ukuba nemigomo efana neyabanye. Asifuni ukuzibangela ukudumazeka nokudangala. (Luka 14:28) Cabanga ngesibonelo sikaDadeweth’ uMidori oyiphayona.

16 Ngesikhathi uMidori eseyingane, ubaba wakhe ongeyena uFakazi, wayemlulaza ngokumqhathanisa nezingane zakubo nayefunda nazo. UMidori uthi, “Ngangizizwa ngingelutho.” Nokho, njengoba ekhula, uMidori waqala ukuzethemba. Uthi, “Ngangifunda iBhayibheli nsuku zonke ukuze ngibe nokuthula enhliziyweni yami, futhi ngangizwa ukuthi uJehova uyangithanda.” Ngaphezu kwalokho, wazibekela imigomo efinyelelekayo, waluthandazela ngokuqondile usizo lokuyifeza leyo migomo. Ngenxa yalokho, uMidori wakwazi ukujabula ngentuthuko ayenzile ekukhonzeni uJehova.

QHUBEKA WENZELA UJEHOVA OKUSEMANDLENI AKHO

17. ‘Singaqhubeka kanjani senziwa basha endleleni yethu yokucabanga,’ futhi ungaba yini umphumela?

17 Imizwa nemicabango engemihle ingase ibe khona isikhathi eside. Ngakho uJehova uyasicela: “Qhubekani nenziwa basha endleleni yenu yokucabanga.” (Efe. 4:23, 24) Ukuze senze kanjalo, kudingeka sithandaze, sitadishe iZwi likaNkulunkulu futhi sizindle. Qhubeka uzenza lezi zinto, ucele uJehova akuphe amandla. Umoya wakhe ongcwele uzokusiza unqobe umkhuba wokuziqhathanisa nabanye. UJehova uzokusiza ukwazi nokubona umona noma ukuqhosha okungase kwakheke enhliziyweni yakho, futhi ukusiphule ngokushesha.

18. Amazwi atholakala kweyesi-2 IziKronike 6:29, 30 asiduduza kanjani?

18 Funda eyesi-2 IziKronike 6:29, 30. UJehova uyakwazi okusezinhliziyweni zethu. Uyakwazi nalokho esibhekene nakho​—ukulwisana nomoya wezwe namaphutha ethu. Njengoba uJehova ebona ukuthi silwa kanzima nala mathonya amabi, uthando lwakhe ngathi luyakhula.

19. UJehova uyifanekisa kanjani indlela azizwa ngayo ngathi?

19 Ukuze afanekise indlela azizwa ngayo ngathi, uJehova usebenzisa isibonelo sothando olukhona phakathi kukamama nomntanakhe. (Isaya 49:15) Cabanga ngesibonelo sikaRachel ongumama. Wathi: “Indodakazi yami uStephanie yazalwa ngaphambi kwesikhathi. Lapho ngiqala ukumbona, wayemncane kakhulu. Kodwa esibhedlela bangivumela ukuba ngimphathe zonke izinsuku ngenyanga yakhe yokuqala ehlala ebhodleleni. Leso sikhathi sasenza sasondelana kakhulu. Manje useneminyaka eyisithupha futhi mncane kunontanga yakhe. Noma kunjalo, ngimthanda nakakhulu ngoba uye walwa kanzima ukuze aphile futhi ungilethele injabulo enkulu ekuphileni kwami!” Kududuza ngempela ukwazi ukuthi lujule ngaleyo ndlela uthando uJehova analo ngathi lapho esibona silwa kanzima ukuze simkhonze ngomphefumulo wonke!

20. Njengesikhonzi sikaJehova esizinikezele, unasiphi isizathu sokujabula?

20 Njengoba uyisikhonzi sikaJehova, uyilungu elihlukile nelibalulekile emndenini wakhe onamalungu angafani. UJehova akakudonselanga kuye ngoba ekubona ungcono kunabanye abantu. Wakudonsa ngoba wahlola inhliziyo yakho wabona ukuthi ungumuntu omnene nofundisekayo, angambumba ngendlela yakhe. (IHu. 25:9) Qiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyajabula lapho wenza okusemandleni akho ukuze umkhonze. Ukukhuthazela nokwethembeka kwakho kuwubufakazi ‘benhliziyo enhle.’ (Luka 8:15) Ngakho qhubeka wenzela uJehova okusemandleni akho. Uyoba nesizathu esihle sokujabula ‘ngokuqondene nawe wedwa.’

INGOMA 38 Uyonenza Nibe Namandla

^ par. 5 UJehova akasiqhathanisi nabanye. Kodwa thina singase sikwenze lokho, bese siphetha ngokuthi asenzi kahle. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi kungani kungaba ingozi ukuziqhathanisa nabanye. Sizobona nokuthi singawasiza kanjani amalungu omndeni nabasebandleni bazibheke ngendlela uJehova ababheka ngayo.

^ par. 5 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 7 Nakuba la maphuzu egxile kumyeni, izimiso eziningi ziyasebenza nakumkakhe.

^ par. 58 INCAZELO YESITHOMBE: Phakathi nokukhulekela komkhaya, abazali bayajabula ngalokho okwenziwe ingane ngayinye, okuzofakwa emkhunjini kaNowa.

^ par. 62 INCAZELO YESITHOMBE: Umzali ongayedwa onengane esasekhreshi uhlela isimiso sokuba iphayona elisizayo, futhi uyajabula ngokuthi uwufinyelele umgomo wakhe.