Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 33

Thola Injabulo Kulokho Okwenzela UJehova

Thola Injabulo Kulokho Okwenzela UJehova

“Kungcono ukujabulela izinto amehlo azibonayo kunokufisa izinto ongeke ube nazo.”UMSH. 6:9.

INGOMA 111 Sinezizathu Zokujabula

AMAZWIBELA *

1. Abanye bazama kanjani ukwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova?

 SINOMSEBENZI omningi okumelwe siwenze njengoba leli zwe lisondela ekupheleni. (Math. 24:14; Luka 10:2; 1 Pet. 5:2) Sonke sifuna ukwenzela uJehova konke okusemandleni ethu. Abaningi bandisa inkonzo yabo. Abanye bafisa ukuba amaphayona. Abanye bafisa ukukhonza eBethel noma ukusiza lapho kwakhiwa izakhiwo zenhlangano. Abazalwane abaningi bazama ukufanelekela ukuba inceku ekhonzayo noma umdala. (1 Thim. 3:1, 8) Kumelwe ukuba uJehova ujabula ngempela lapho ebona abantu bakhe bezinikela ngokuzithandela!—IHu. 110:3; Isaya 6:8.

2. Singase sizizwe kanjani uma singayifinyeleli imigomo yethu enkonzweni kaJehova?

2 Nokho, singase siqale ukudikibala uma kudlula isikhathi eside singakayifinyeleli imigomo ebesizibekele yona enkonzweni kaJehova. Noma, singase sikhungatheke uma singeke sikwazi ukwenza izinto ezithile enkonzweni kaJehova ngenxa yeminyaka noma ezinye izimo. (IzAga 13:12) Yilokho okwenzeka kuMelissa. * Angathanda ukukhonza eBethel noma ukuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso, kodwa uthi: “Sengidlulile eminyakeni edingekayo. Kimi lawo malungelo asemane ayiphupho nje. Ngezinye izikhathi ngiyadikibala.”

3. Yini okungase kudingeke yenziwe abanye ukuze bafanelekele izabelo ezithile enkonzweni kaJehova?

3 Abanye abasebasha nabayimiqemane kungase kudingeke bavuthwe babe nezimfanelo ezithile ngaphambi kokuba bafanelekele imisebenzi eyengeziwe. Abanye kungenzeka bahlakaniphile, bayakwazi ukwenza izinqumo ngokushesha futhi banentshiseko, kodwa kungase kudingeke bafunde ukuba nesineke, ukwenza izinto ngokucophelela nokuba nenhlonipho. Uma ugxila ezimfanelweni ezidingekayo, ungase uthole ilungelo lenkonzo ngesikhathi ongasilindele. Cabanga ngalokho okwenzeka kuNick. Ngesikhathi eneminyaka engu-20 waphoxeka kakhulu ngoba akamiswanga njengenceku ekhonzayo. Uthi, “Ngacabanga ukuthi kunokuthile okungalungile engikwenzayo.” Kodwa uNick akazange aphele amandla. Wawasebenzisa wonke amathuba ayemvulekele enkonzweni. Namuhla, ukhonza njengelungu leKomiti Yegatsha.

4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

4 Ingabe uphelelwa amandla ngenxa yokuthi awukalifinyeleli ilungelo elithile enkonzweni kaJehova? Uma kunjalo, tshela uJehova ukuthi uzizwa kanjani. (IHu. 37:5-7) Ngaphezu kwalokho, cela abafowenu abavuthiwe bakusize uthuthukise inkonzo oyenzela uNkulunkulu, bese uzama ngawo wonke amandla akho ukusebenzisa iseluleko sabo. Uma wenza kanjalo, ungase ulithole lelo lungelo noma uwufinyelele lowo mgomo. Kodwa njengoba kwaba njalo kuMelissa, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, kungenzeka ilungelo olifisayo awukwazi ukulithola okwamanje. Uma kunjalo, yini ongayenza ukuze uqhubeke ujabula? Ukuze siphendule lowo mbuzo, lesi sihloko sizoxoxa ngokuthi (1) ungayitholaphi injabulo, (2) ungayandisa kanjani, nokuthi (3) yimiphi imigomo ongazibekela yona ukuze ujabule nakakhulu.

UNGAYITHOLAPHI INJABULO?

5. Yini okufanele sigxile kuyo ukuze sijabule? (UmShumayeli 6:9)

5 Njengoba umShumayeli 6:9 ebonisa, singayithola injabulo uma siyifuna endaweni efanele. (Yifunde.) Umuntu ojabulela “izinto amehlo azibonayo” uyakwazisa lokho anakho, lokho izimo zakhe zangaleso sikhathi ezimvumela ukuba akwenze. Kodwa umuntu ofisa izinto angeke abe nazo akasoze aneliseka. Sifundani? Ukuze sijabule kufanele sigxile kulokho esinakho nakulokho esingakufinyelela.

6. Sizoxoxa ngamuphi umfanekiso, futhi yini esizogxila kuyo?

6 Ungakwazi yini ukwaneliswa yilokho onakho? Abantu abaningi bacabanga ukuthi ngeke sikwazi ngoba siyathanda ukufunda izinto ezintsha. Kodwa empeleni, kungenzeka. Singakujabulela lokho ‘amehlo ethu akubonayo,’ singagcini nje ngokukwamukela. Singakwenza kanjani lokho? Ukuze sithole indlela esingakwenza ngayo, ake sixoxe ngomfanekiso kaJesu wamathalenta otholakala kuMathewu 25:14-30. Sizogxila kulokho lo mfanekiso osifundisa kona ngokuthi singayithola kanjani injabulo ezintweni esinazo njengamanje futhi siyandise.

INDLELA YOKWANDISA INJABULO YAKHO

7. Chaza kafushane umfanekiso kaJesu wamathalenta.

7 Kulowo mfanekiso indoda ethile yayizothatha uhambo. Ngaphambi kokuhamba yabiza izinceku zayo, yanika ngayinye amathalenta ukuze zihwebe ngawo. * Le ndoda yayazi ukuthi izinceku zayo zinamakhono angafani, ngakho yanika inceku yokuqala amathalenta amahlanu, eyesibili yayinika amabili, eyesithathu yayinika elilodwa. Izinceku ezimbili zokuqala zasebenza kanzima ukuze zitholele inkosi yazo imali eyengeziwe. Kodwa inceku yesithathu ayenzanga lutho ngemali eyayiyinikiwe, ngakho inkosi yayixosha.

8. Yini eyayingenza inceku yokuqala kulo mfanekiso ijabule?

8 Kumelwe ukuba inceku yokuqala yajabula kakhulu ngokuthi inkosi yayiyinike amathalenta amahlanu. Kwakuyimali eningi kakhulu leyo, kwakubonisa ukuthi inkosi iyethemba kangakanani le nceku! Kuthiwani ngenceku yesibili? Yayingase idangale ngenxa yokuthi ayinikwanga amathalenta amaningi njengenceku yokuqala. Kodwa yini eyayenza?

Singafundani encekwini yesibili okukhulunywe ngayo emfanekisweni kaJesu? (1) Inkosi yayo yayinika amathalenta amabili(2) Yasebenza kanzima ukuze inkosi yayo izuze imali eningi. (3) Yazuza amathalenta amabili engeziwe (Bheka izigaba 9-11)

9. Yini uJesu angayishongo ngenceku yesibili? (Mathewu 25:22, 23)

9 Funda uMathewu 25:22, 23. UJesu akashongo ukuthi inceku yesibili yaphatheka kabi noma yathukuthela ngenxa yokuthi yanikwa amathalenta amabili kuphela. UJesu akashongo nokuthi le nceku yakhononda yathi: ‘Yilokhu kuphela enginikwa kona? Nami nje ngisebenza kanzima njengayo le nceku enikwe amathalenta amahlanu! Uma inkosi yami icabanga ukuthi ngiyinceku engelusizo lwalutho, kungcono ngivele ngiwagqibe la mathalenta, ngiqhubeke ngenze izinto zami.’

10. Yini inceku yesibili eyayenza ngamathalenta ayo?

10 Njengenceku yokuqala, inceku yesibili yayazi ukuthi umsebenzi eyayiwunikiwe ubalulekile, ngakho yasebenza kanzima ukuze ikhonze inkosi yayo. Ngenxa yalokho, yazuza amathalenta amabili engeziwe. Ngenxa yekhono layo nokusebenza kanzima, le nceku yathola umvuzo omkhulu. Inkosi ayigcinanga nje ngokujabula, kodwa yanika le nceku umsebenzi owengeziwe!

11. Singayandisa kanjani injabulo yethu?

11 Nathi singayandisa injabulo yethu ngokugxila kunoma yini esabelwe ukuba siyenze enkonzweni kaJehova. Yiba “matasa kakhulu” emsebenzini wokushumayela futhi uhlanganyele ngokugcwele ezintweni ezenziwa yibandla. (IzE. 18:5; Heb. 10:24, 25) Yilungiselele kahle imihlangano ukuze ukwazi ukunikeza izimpendulo ezikhuthazayo. Zibheke njengezibalulekile zonke izabelo ozithola emhlanganweni waphakathi neviki. Uma ucelwa ukuba wenze okuthile ebandleni, fika ngesikhathi, abantu mabazi ukuthi bangakwethemba. Asikho isabelo okufanele usithathe kalula. Lwela ukuthuthukisa amakhono akho. (IzAga 22:29) Uma ugxila emsebenzini owenzela uJehova uzothuthuka ngokushesha, ube nenjabulo eyengeziwe. (Gal. 6:4) Kuyoba lula nokuba ujabule nabanye lapho bethola ilungelo obufisa ukulithola.—Roma 12:15; Gal. 5:26.

12. Yini oFakazi ababili abayenza ukuze bandise injabulo yabo?

12 Uyamkhumbula uMelissa, udade owayenesifiso sokukhonza eBethel noma sokuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso? Nakuba engakwazanga ukukwenza lokho, uthi: “Ngizama ukuyifeza ngokugcwele inkonzo yami yokuphayona nokuhlanganyela kuzo zonke izindlela zokushumayela. Lokhu kungenze ngajabula kakhulu.” UNick yena wabhekana kanjani nokudumazeka lapho engatuswa ukuba abe inceku ekhonzayo? “Ngagxila emisebenzini engangikwazi ukuyenza—ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini nokunikeza izimpendulo ezikhuthazayo emihlanganweni. Ngafaka nesicelo sokuyokhonza eBethel, ngamukelwa ngonyaka olandelayo.”

13. Uyoba yini umphumela lapho ugxila esabelweni osenzayo njengamanje? (UmShumayeli 2:24)

13 Uma ugxila nakakhulu esabelweni osenzayo njengamanje, ingabe lokho kusho ukuthi uzonikwa imisebenzi eyengeziwe esikhathini esizayo? Lokho kungenzeka, njengoba kwenzeka kuNick. Ngisho noma kungenzeki, njengakuMelissa, injabulo yakho iyokwanda uthole nokwaneliseka okukhulu ngalokho okufezile. (Funda umShumayeli 2:24.) Ngaphezu kwalokho, akungabazeki ukuthi uyojabula kakhulu ngokwazi ukuthi imizamo yakho iyayijabulisa iNkosi yethu, uJesu Kristu.

IMIGOMO ENEZELA ENJABULWENI YETHU

14. Yini okumelwe siyikhumbule mayelana nemigomo esizibekela yona enkonzweni kaJehova?

14 Ingabe ukugxila esabelweni esisenza njengamanje kusho ukuthi kufanele siyeke ukufuna izindlela zokwandisa inkonzo esiyenzela uJehova? Lutho neze! Kufanele sizibekele imigomo ezosisiza sibe abashumayeli nabafundisi abangcono futhi sibe usizo kubafowethu nodadewethu. Sizophumelela uma ngokuhlakanipha nangesizotha sigxila ekusizeni abanye kunokugxila kithi.—IzAga 11:2; IzE. 20:35.

15. Yimiphi eminye imigomo engakusiza wandise injabulo yakho?

15 Yimiphi imigomo ongase uzibekele yona? Cela uJehova akusize ubone ukuthi yimiphi imigomo ongazibekela yona futhi ukwazi ukuyifinyelela. (IzAga 16:3; Jak. 1:5) Ungazama yini ukufinyelela eminye yemigomo okukhulunywe ngayo  esigabeni sokuqala kulesi sihloko—ukuba iphayona elisizayo noma elivamile, ukukhonza eBethel noma ukusiza ekwakheni izakhiwo zenhlangano? Noma mhlawumbe ungakwazi ukufunda ulimi olusha ukuze uxoxe nabantu abengeziwe ngezindaba ezinhle noma ushumayele kwelinye izwe. Ungafunda ukuthi ungakwenza kanjani lokhu ngokuhlola isahluko 10 sencwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova nangokukhuluma nabadala basebandleni okulo. * Njengoba usebenzela ekufinyeleleni leyo migomo, intuthuko yakho iyobonakala futhi uyojabula nakakhulu.

16. Yini ongayenza uma okwamanje ungakwazi ukufinyelela umgomo othile?

16 Kodwa kuthiwani uma okwamanje ungeke ukwazi ukufinyelela omunye wale migomo esikhulume ngayo? Zama ukuzibekela omunye umgomo ozokwazi ukuwufinyelela. Cabanga ngalokhu okulandelayo.

Yimuphi omunye umgomo ongawufinyelela? (Bheka isigaba 17) *

17. Ngokwencwadi yoku-1 Thimothewu 4:13, 15, yini umzalwane angase ayenze ukuze abe umfundisi ongcono?

17 Funda eyoku-1 Thimothewu 4:13, 15. Uma ungumzalwane obhapathiziwe, ungase uthuthukise indlela okhuluma nofundisa ngayo. Kungani? Ngoba ‘ukugxila’ kwakho ekufundeni, ekukhulumeni nasekufundiseni kuyoba usizo kulabo abakulalele. Zama ukuzibekela umgomo wokutadisha nokusebenzisa isifundo ngasinye sencwajana ethi Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni. Tadisha isifundo ngasinye, uprakthize kahle ekhaya futhi ulwele ukukusebenzisa lokho okufundayo lapho wenza izinkulumo. Cela amacebiso kumeluleki ongumsizi noma kwabanye abadala “abasebenza kanzima ekukhulumeni nasekufundiseni.” * (1 Thim. 5:17) Ungagxili kuphela ekuqondeni ukuthi isifundo sisebenza kanjani, kodwa gxila nasekusizeni abakulalele baqinise ukholo lwabo noma ekubakhuthazeni ukuba bakusebenzise lokho abakufundayo. Ngokwenza kanjalo, uyokwandisa injabulo yakho neyabo.

Yimuphi omunye umgomo ongawufinyelela? (Bheka isigaba 18) *

18. Yini engasisiza sifinyelele imigomo enkonzweni yethu?

18 Sonke sinesabelo sokushumayela nokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20; Roma 10:14) Ungathanda yini ukuthuthukisa amakhono akho kulo msebenzi obalulekile? Njengoba utadisha incwajana ethi Ukufundisa, zibekele imigomo engakusiza usebenzise lokho okufundayo. Ungathola amanye amacebiso asebenzayo kuyi-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu nakumavidiyo engxoxo adlala emihlanganweni yaphakathi neviki. Zama izindlela ezihlukahlukene ukuze uthole lokho okungasebenza kuwe. Ngokusebenzisa la macebiso, uyothola injabulo engenakuqhathaniswa yokuba umKristu onekhono lokufundisa.—2 Thim. 4:5.

Yimuphi omunye umgomo ongawufinyelela? (Bheka isigaba 19) *

19. Ungazihlakulela kanjani izimfanelo zobuKristu?

19 Lapho uzibekela imigomo, ungawukhohlwa obaluleke kakhulu—ukuhlakulela izimfanelo zobuKristu. (Gal. 5:22, 23; Kol. 3:12; 2 Pet. 1:5-8) Ungawufinyelela kanjani? Ngokwesibonelo, ake sithi ufuna ukuba nokholo oluqinile. Ungase ufunde izihloko ezincwadini zethu ezinamacebiso asebenzayo angakusiza uqinise ukholo lwakho. Ungazuza nakakhulu ngokubukela izingxenye ze-JW Broadcasting® eziveza ukuthi abafowethu nodadewethu baye balubonisa kanjani ukholo oluyisibonelo lapho bebhekene nezinkinga ezihlukahlukene. Yibe usucabanga ngezindlela ongalulingisa ngazo ukholo lwabo ekuphileni kwakho.

20. Singanezela kanjani enjabulweni yethu futhi sinciphise ukudumazeka?

20 Akungabazeki ukuthi sonke sifisa ukwenzela uJehova okungaphezu kwalokho esikwazi ukumenzela kona manje. Ezweni elisha likaNkulunkulu, siyokwazi ukumkhonza ngokugcwele. Okwamanje, uma sisebenzisa noma imaphi amathuba esiwatholayo, singanezela enjabulweni yethu futhi sinciphise imizwa yokudumazeka. Okubaluleke nakakhulu, siyoletha udumo nenkazimulo kuJehova, ‘uNkulunkulu wethu ojabulayo.’ (1 Thim. 1:11) Ngakho masithole injabulo kulokho esikwenzela uJehova!

INGOMA 82 “Ukukhanya Kwenu Makukhanye”

^ par. 5 Simthanda kakhulu uJehova futhi sifuna ukwenza konke esingakwenza enkonzweni yakhe. Ngenxa yalokho, singase sifise ukwandisa inkonzo yethu noma ukufanelekela imisebenzi eyengeziwe ebandleni. Kodwa kuthiwani uma singakwazi ukufinyelela imigomo ethile naphezu kokwenza konke okusemandleni ethu? Yini engasisiza sihlale simatasa enkonzweni kaJehova futhi siqhubeke sijabula? Impendulo siyithola emfanekisweni kaJesu wamathalenta.

^ par. 2 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 7 INCAZELO YEGAMA: Ithalenta lalilingana nemali umuntu ovamile ayengayihola ngeminyaka engaba ngu-20.

^ par. 15 Abazalwane ababhapathiziwe bakhuthazwa ukuba basebenzele ukufanelekela ukutuswa njengezinceku ezikhonzayo nabadala. Ukuze uthole ukuthi yini edingekayo ukuze ufaneleke, bheka isahluko 5 no-6 encwadini ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova.

^ par. 17 INCAZELO YAMAGAMA: Umeluleki ongumsizi ngumdala owabelwe ukunikeza izinceku ezikhonzayo nabadala iseluleko ngasese mayelana nanoma yisiphi isabelo sokufundisa abasenze ebandleni.

^ par. 64 INCAZELO YESITHOMBE: Ukuze afinyelele umgomo wokuba umfundisi ongcono, umzalwane wenza ucwaningo ezincwadini zethu.

^ par. 66 INCAZELO YESITHOMBE:Ngemva kokuzibekela umgomo wokushumayela ngokwethukela, udade unikeza uweta ikhadi lemininingwane ye-jw.org.

^ par. 68 INCAZELO YESITHOMBE: Eqhutshwa isifiso sokubonisa izimfanelo zobuKristu, udade unikeza omunye akhonza naye isipho.