Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 36

Wabheke Njengayigugu Amandla Abasebasha

Wabheke Njengayigugu Amandla Abasebasha

Udumo lwezinsizwa ngamandla azo.”​IZAGA 20:29.

INGOMA 88 Ngenze Ngazi Izindlela Zakho

AMAZWIBELA *

1. Njengoba sikhula, yini okufanele sizimisele ukuyenza?

NJENGOBA sikhula, singase sesabe ukuthi ngeke sisakwazi ukwenzela uJehova lokho ebesimenzela kona sisebasha. Nakuba singasenawo amandla esasinawo ekuqaleni, singasebenzisa ukuhlakanipha nesipiliyoni esisitholile ukuze sisize abasebasha basebenziseke ngokugcwele enhlanganweni kaJehova futhi benze imisebenzi eyengeziwe. Omunye umdala owayesekhonze isikhathi eside wathi, “Lapho iminyaka ingasangivumeli ukuba ngenze engangikwazi ukukwenza ekuqaleni, kwangijabulisa ukwazi ukuthi kunabazalwane abasebasha ababezokwazi ukuqhubeka nomsebenzi.”

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Isihloko esidlule sixoxe ngokuthi abasebasha bazuza kanjani lapho besondelana nasebekhulile. Kulesi sihloko sizobona ukuthi izimfanelo ezifana nokuthobeka, isizotha, ukuba umuntu obongayo, nokupha zingabasiza kanjani asebekhulile basebenzisane nabasebasha, okuzoholela ekubusisweni kwalo lonke ibandla.

THOBEKA

3. NgokweyabaseFilipi 2:3, 4 kuyini ukuthobeka, futhi kungamsiza kanjani umKristu?

3 Asebekhulile kufanele bathobeke uma befuna ukusiza abasebasha. Umuntu othobekile ubheka abanye njengabakhulu kunaye. (Funda eyabaseFilipi 2:3, 4.) Asebekhulile abanale mfanelo bayazi ukuthi ezikhathini eziningi, ziningi izindlela ezisekelwe emiBhalweni neziphumelelayo zokwenza isabelo esithile. Ngakho abalindeli ukuba izinto zenziwe ngendlela bona ababezenza ngayo kudala. (UmSh. 7:10) Nakuba benolwazi oluningi oluyigugu abangalucobelela abasebasha, bayazi ukuthi “isimo saleli zwe siyashintsha” nokuthi kungase kudingeke bazivumelanise nezimo.—1 Kor. 7:31.

Asebekhulile bayaphana ngolwazi abanalo (Bheka izigaba 4-5) *

4. Ababonisi besigodi basibonisa kanjani isimo sengqondo esifana nesamaLevi?

4 Asebekhulile abathobekile bayazi ukuthi njengoba bekhula ababe besakwazi ukwenza okungangalokho ababekwazi ukukwenza. Ngokwesibonelo, cabanga ngababonisi bethu besigodi. Lapho sebeneminyaka engu-70 bacelwa ukuba benze isabelo esihlukile. Lokho kungase kube nzima. Bebelijabulela ilungelo lokukhonza abafowabo. Bebesithanda isabelo sabo futhi basenaso isifiso sokusetshenziswa kuso. Kodwa bayaqonda ukuthi kudingeka abasebasha abazokwenza lowo msebenzi. Ngakho, babonisa isimo sengqondo esifana nesamaLevi akwa-Israyeli wasendulo okwakudingeka ayeke ukukhonza etabernakele lapho eseneminyaka engu-50. Injabulo yalawo maLevi akhulile yayingaxhomekile elungelweni elithile ayenalo. Ngentshiseko, ayenza yonke imisebenzi eyayisawavulekele, enza konke okusemandleni ukuze asize abasebasha. (Num. 8:25, 26) Namuhla, nakuba labo ababengababonisi besigodi bengasakhonzi amabandla amaningi, bayisibusiso ebandleni abasuke babelwe kulo.

5. Ufundani esibonelweni sikaDan noKatie?

5 Cabanga ngesibonelo sikaDan, owayengumbonisi wesigodi iminyaka engu-23. Lapho uDan eseneminyaka engu-70, yena nomkakhe uKatie bathola isabelo sokuba amaphayona akhethekile. Kuhamba kanjani esabelweni sabo esisha? UDan uthi manje usematasa kakhulu kunanini ngaphambili! Unakekela imisebenzi yakhe yasebandleni, asize abazalwane bafanelekele ukuba izinceku ezikhonzayo, aqeqeshe nabanye ukuze bakwazi ukushumayela emadolobheni amakhulu nasemajele. Nina esenikhulile kuningi eningakwenza ukuze nisize abanye, kungakhathaliseki ukuthi nisenkonzweni yesikhathi esigcwele noma cha. Kanjani? Zivumelaniseni nezimo zenu ezintsha, nizibekele imigomo emisha, nigxile kulokho eningakwenza hhayi kulokho eningasakwazi ukukwenza.

YIBA NESIZOTHA

6. Kungani kuwukuhlakanipha ukuba nesizotha? Fanekisa.

6 Umuntu onesizotha uyakwazi ukulinganiselwa anakho. (IzAga 11:2) Isizotha simenza azivumelanise nalokho amandla akhe amvumela ukuba akwenze. Ngenxa yalokho uyaqhubeka ejabula futhi ezikhandla. Umuntu onesizotha singamfanisa nomuntu oshayela imoto ekhuphuka umqansa. Umshayeli kudingeka ashintshele egiyeni eliphansi ukuze akwazi ukukhuphuka umqansa. Kuyiqiniso ukuthi isivinini sakhe sizokwehla, kodwa uzoqhubeka eya phambili. Ngendlela efanayo, umuntu onesizotha uyazi uma sekufanele enze izinguquko, “ashintshele egiyeni eliphansi,” ukuze akwazi ukuqhubeka ekhonza uJehova futhi esiza abanye.—Fil. 4:5.

7. UBharizilayi wasibonisa kanjani isizotha?

7 Cabanga ngesibonelo sikaBharizilayi okwathi eneminyaka engu-80 wacelwa iNkosi uDavide ukuba ahambe nayo aye esigodlweni sayo. UBharizilayi owayenesizotha wenqaba. Ebona ukuthi kwakungekuningi ayesakwazi ukukwenza ngenxa yeminyaka yakhe, wasikisela ukuba kube uKimihamu ohambayo esikhundleni sakhe. (2 Sam. 19:35-37) NjengoBharizilayi amadoda asekhulile ayakujabulela ukunika asemasha ithuba lokukhonza abanye.

INkosi uDavide yasamukela isinqumo sikaNkulunkulu sokuthi indodana yayo eyayizokwakha ithempeli (Bheka isigaba 8)

8. INkosi uDavide yasibonisa kanjani isizotha endabeni yokwakhiwa kwethempeli?

8 INkosi uDavide nayo yabeka isibonelo esihle kakhulu sokuba nesizotha. Wayefuna ngempela ukwakhela uJehova indlu. Kodwa lapho uJehova emtshela ukuthi lelo lungelo lalizonikwa uSolomoni owayesemusha, uDavide wasamukela isinqumo sikaJehova futhi wawusekela ngenhliziyo yonke umsebenzi. (1 IziKr. 17:4; 22:5) UDavide akazange acabange ukuthi wayengawenza kangcono umsebenzi ngenxa yokuthi uSolomoni ‘wayesemncane futhi esantula ulwazi.’ (1 IziKr. 29:1) UDavide wayazi ukuthi yisibusiso sikaJehova esasizokwenza umsebenzi uphumelele, hhayi iminyaka noma isipiliyoni salabo abaholayo. Belingisa uDavide, asebekhulile namuhla bayaqhubeka besebenza ngokuzikhandla ngisho nalapho izabelo zabo zishintsha. Bayazi nokuthi uJehova uzobabusisa abasebasha abenza umsebenzi ababewenza.

9. Ilungu leKomiti Yegatsha lasibonisa kanjani isizotha?

9 UMfoweth’ uShigeo uyisibonelo sangosuku lwethu somuntu owabonisa isizotha. Ngo-1976, lapho eneminyaka engu-30, wamiswa ukuba akhonze eKomitini Yegatsha. Ngo-2004 waba umxhumanisi weKomiti Yegatsha. Ngokuhamba kwesikhathi waqaphela ukuthi wayengasenawo amandla futhi engasakwazi ukuwenza ngokushesha umsebenzi. Wathandaza, wacabanga ngezinzuzo zokuba umsebenzi wakhe wenziwe umzalwane osemusha. Nakuba engaseyena umxhumanisi, uShigeo uyaqhubeka eyilungu leKomiti Yegatsha elibambisene namanye. Njengoba sibonile esibonelweni sikaBharizilayi, iNkosi uDavide noShigeo, umuntu othobekile nonesizotha akagxili ekuntuleni ulwazi kwabasebasha kodwa ugxila emandleni abo. Ubabheka njengezisebenzi ezikanye naye, hhayi izimbangi.—IzAga 20:29.

YIBA OBONGAYO

10. Asebekhulile bababheka kanjani abasebasha abasebandleni?

10 Asebekhulile babheka abasebasha njengezipho ezivela kuJehova futhi bayambonga ngalezi zipho. Njengoba amandla abo encipha, asebekhulile bayajabula ngokuthi abasebasha bazimisele ukusebenzisa amandla abo ekwenzeni umsebenzi owawenziwa asebekhulile nasekukhonzeni ibandla.

11. URuthe 4:13-16 ubonisa kanjani ukuthi ukwamukela usizo lwabasebasha kungaletha izibusiso?

11 UNawomi okukhulunywa ngaye eBhayibhelini uyisibonelo esihle kakhulu somuntu osekhulile owalwazisa ngempela usizo aluthola kosemusha. Waqale wancenga umalokazana wakhe uRuthe ukuba abuyele kubantu bakubo. Nokho, lapho uRuthe ephikelela ngokuthi uzobuyela naye eBhetlehema, uNawomi walwamukela usizo lukaRuthe. (Ruthe 1:7, 8, 18) Lokho kwaba isibusiso esikhulu kubo bobabili! (Funda uRuthe 4:13-16.) Ukuthobeka kuzokwenza asebekhulile balandele isibonelo sikaNawomi.

12. Umphostoli uPawulu wabonisa kanjani ukuthi uyabonga?

12 Umphostoli uPawulu walwazisa usizo ayeluthola. Ngokwesibonelo, wabonga amaKristu aseFilipi ngezipho ayemthumelele zona. (Fil. 4:16) Wabonga noThimothewu ngosizo lwakhe. (Fil. 2:19-22) UPawulu wabonga uNkulunkulu ngokuthi abathile beza bazomkhuthaza ngesikhathi eya eRoma eyisiboshwa. (IzE. 28:15) UPawulu wayengumuntu onomdlandla, owayehamba amabanga amade ukuze ashumayele, aqinise namabandla. Noma kunjalo, wayethobekile futhi elamukela usizo lwabafowabo nodadewabo.

13. Asebekhulile bangabonisa kanjani ukuthi bayabazisa abasebasha?

13 Nina esenikhulile, ningabonisa ngezindlela eziningi ukuthi niyabazisa abasebasha abasebandleni enikulo. Uma befuna ukunisiza ngento yokuhamba, ngokuniyela ezitolo noma ngokunye enikudingayo, lwamukeleni usizo lwabo. Lubhekeni njengendlela uJehova abonisa ngayo ukuthi uyanithanda. Kungase kunimangaze ukuthi bangakanani abangane eningaba nabo. Ngaso sonke isikhathi, bonisani ukuthi ninendaba nentuthuko engokomoya yabangane benu abasebasha, nibatshele nokuthi niyajabula lapho nibona abasebasha benza okwengeziwe ukuze babe usizo ebandleni. Zimiseleni nokuchitha isikhathi nabo, nibaxoxele ngezinto enibhekane nazo. Lapho nenza kanjalo, niyobonisa ukuthi ‘niyambonga’ uJehova ngabasha abadonsele ebandleni.—Kol. 3:15; Joh. 6:44; 1 Thes. 5:18.

YIBA OPHANAYO

14. INkosi uDavide yabonisa kanjani ukuthi iyaphana?

14 Esibonelweni seNkosi uDavide, sithola enye imfanelo okufanele iboniswe asebekhulile—ukuphana. Wanikela ngengcebo yakhe eningi ukuze asekele umsebenzi wokwakhiwa kwethempeli. (1 IziKr. 22:11-16; 29:3, 4) Wakwenza lokhu ngisho noma kwakuyindodana yakhe uSolomoni eyayizothola udumo ngalowo msebenzi. Lapho singasenawo amandla okusiza emisebenzini yokwakha enhlanganweni kaJehova, singaqhubeka siyisekela leyo misebenzi ngeminikelo evumelana nezimo zethu. Singasiza nabasebasha bazuze olwazini esiluqongelele eminyakeni edlule.

15. Yiziphi izipho eziyigugu umphostoli uPawulu azinika uThimothewu?

15 Mayelana nokupha, cabanga ngesibonelo esabekwa umphostoli uPawulu. Wamema uThimothewu osemusha ukuba ahambe naye emsebenzini wezithunywa zevangeli, wambonisa nezindlela zakhe zokushumayela nokufundisa. (IzE. 16:1-3) Lokho kwasiza uThimothewu waphumelela ekusakazeni izindaba ezinhle. (1 Kor. 4:17) UThimothewu wasebenzisa akufunda kuPawulu ukuze naye aqeqeshe abanye.

16. Kungani uShigeo aqeqesha abanye?

16 Namuhla, asebekhulile abesabi ukuthi ngeke besaba usizo uma beqeqesha abasebasha ukuba benze umsebenzi ababewenza ebandleni. Ngokwesibonelo, uShigeo, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, waqeqesha amalungu eKomiti Yegatsha asemasha. Wakwenza lokhu ukuze asekele umsebenzi woMbuso ezweni akhonza kulo. Ngenxa yalokho, lapho sekudingeka owayezongena esikhundleni sakhe sokuba umxhumanisi, wayekhona umzalwane oqeqeshwe kahle. UShigeo uyaqhubeka esiza abazalwane abasebasha esebenzisa ulwazi aye waluthola eminyakeni engaphezu kuka-45 eyilungu leKomiti Yegatsha. Abazalwane abanjengaye bayisibusiso ngempela kubantu bakaNkulunkulu!

17. Ngokuvumelana noLuka 6:38, yini asebekhulile abangayipha abanye?

17 Bazalwane nodade asebekhulile, niwubufakazi bokuthi ukukhonza uJehova ngokholo nangobuqotho kuyindlela yokuphila enhle kunazo zonke. Isibonelo senu sibonisa ukuthi kuzuzisa ngempela ukwazi izimiso zeBhayibheli nokuzisebenzisa ekuphileni. Niyazi ukuthi izinto zazenziwa kanjani kudala, kodwa niyasibona isidingo sokuzivumelanisa nezimo ezishintshayo. Nina enikhulile enisanda kubhapathizwa, nani ninokuningi eningakupha abanye; ningabaxoxela ngenjabulo eniyitholile ngokwazi uJehova nakuba senikhulile. Abasebasha bazokujabulela ukuzwa lokho okwenzeka ekuphileni kwenu nezifundo enizifundile. Uma ‘nikwenza umkhuba ukupha’ abanye lokho okusenqolobaneni yenu yolwazi, uJehova uyonibusisa ngokucebile.—Funda uLuka 6:38.

18. Yiziphi izinzuzo ezingatholwa asebekhulile kanye nabasebasha?

18 Njengoba nina esenikhulile nisondelana nabasebasha, niyokwazi ukusekelana. (Roma 1:12) Ngamunye wenu unento eyigugu omunye angenayo. Asebekhulile banokuhlakanipha kanye nolwazi abaye bakuthola phakathi nokuphila kwabo. Abasebasha banamandla. Lapho abasebasha nasebekhulile besebenza ndawonye njengabangane, badumisa uBaba wethu osezulwini onothando futhi bayisibusiso kubo bonke ebandleni.

INGOMA 90 Khuthazanani

^ par. 5 Amabandla ethu abusiswe ngezinsizwa nezintombi eziningi ezilwela ukusekela inhlangano kaJehova. Asebekhulile ebandleni, kungakhathaliseki ukuthi banasiphi isizinda, bangakwazi ukusiza abasebasha bawasebenzise ngokugcwele amandla abo enkonzweni kaJehova.

^ par. 55 INCAZELO YESITHOMBE: Umbonisi wesigodi oseneminyaka engu-70 nomkakhe bathola isabelo esisha. Ulwazi abaluthole eminyakeni eminingi besenkonzweni lubenza bakwazi ukuqeqesha abanye ebandleni asebekhonza kulo manje.