Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 38

Sondelana Nomndeni Wakho Ongokomoya

Sondelana Nomndeni Wakho Ongokomoya

Nginyukela kuBaba noYihlo.”​JOH. 20:17.

INGOMA 3 Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe

AMAZWIBELA *

1. Yibuphi ubuhlobo abantu abathembekile abangaba nabo noJehova?

EMNDENINI wezikhonzi zikaJehova kukhona uJesu, “izibulo layo yonke indalo,” kanye nezingelosi eziningi. (Kol. 1:15; IHu. 103:20) Ngesikhathi elapha emhlabeni, uJesu wabonisa ukuthi abantu abathembekile bangakwazi ukubheka uJehova njengoBaba wabo. Ekhuluma nabafundi bakhe, uJesu wabiza uJehova ngokuthi ‘uBaba noYihlo.’ (Joh. 20:17) Lapho sizinikezela kuJehova futhi sibhapathizwa, siba ingxenye yomndeni onothando wabafowethu nodadewethu.—Marku 10:29, 30.

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Abanye bakuthola kunzima ukubheka uJehova njengoBaba onothando. Abanye bangase bangakwazi ukubonisa uthando kubafowabo nodadewabo. Kulesi sihloko, sizobona ukuthi uJesu usisiza kanjani sibheke uJehova njengoBaba onothando esingasondela kuye. Sizofunda nangezindlela esingamlingisa ngazo uJehova endleleni esiphatha ngayo abafowethu nodadewethu.

UJEHOVA UFUNA USONDELE KUYE

3. Umthandazo oyisibonelo usisondeza kanjani nakakhulu kuJehova?

3 UJehova unguBaba onothando. UJesu ufuna sibheke uJehova ngendlela yena ambheka ngayo—njengomzali onothando okulula ukuxoxa naye, hhayi njengomuntu onegunya ongangeneki. Lokhu kubonakala kulokho uJesu afundisa abafundi bakhe ukuba bakusho lapho bethandaza. Waqala umthandazo oyisibonelo ngamazwi athi: “Baba wethu.” (Math. 6:9) UJesu wayengasitshela ukuthi sibize uJehova ngokuthi ‘uMninimandla Onke,’ “uMdali,” noma ‘iNkosi engunaphakade’—zonke okuyiziqu ezimfanele nezitholakala emiBhalweni. (Gen. 49:25; Isaya 40:28; 1 Thim. 1:17) Kunalokho, uJesu wasebenzisa igama elibonisa ubudlelwane obuseduze elithi “Baba.”

4. Sazi kanjani ukuthi uJehova ufuna sisondele kuye?

4 Ingabe ukuthola kunzima ukubheka uJehova njengoBaba onothando? Abanye bethu bakuthola kunzima. Uma sahlukumezeka lapho sikhula, kungase kube nzima ukuqonda ukuthi umzali angaba nothando. Kududuza ngempela ukwazi ukuthi uJehova uyiqonda kahle indlela esizizwa ngayo! Ufuna ukusondelana nathi. Yingakho iZwi lakhe lisinxusa: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jak. 4:8) UJehova uyasithanda futhi usithembisa ukuthi uzoba uBaba omuhle kunanoma yimuphi esingaba naye.

5. NgokukaLuka 10:22, uJesu angasisiza kanjani sisondelane noJehova?

5 UJesu angasisiza sisondele kuJehova. UJesu umazi kahle uJehova futhi uzibonakalisa kahle izimfanelo zakhe kangangokuba wathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Joh. 14:9) Njengoba kungenza umfowethu omdala, uJesu usifundisa indlela yokuhlonipha nokulalela uBaba wethu, yokugwema ukumphatha kabi neyokumenza ajabule. Ukuphila kukaJesu kwasemhlabeni kwayiveza ngokukhethekile indlela uJehova anomusa nothando ngayo. (Funda uLuka 10:22.) Ake sixoxe ngezinye izibonelo.

Njengoba enguBaba onothando, uJehova waqinisa iNdodana yakhe esebenzisa ingelosi (Bheka isigaba 6) *

6. Nikeza izibonelo zendlela uJehova alalela ngayo uJesu.

6 UJehova uyazilalela izingane zakhe. Cabanga ngendlela uJehova alalela ngayo iNdodana yakhe eyizibulo. UJehova ngokuqinisekile wezwa imithandazo eminingi eyayenziwa iNdodana yakhe ngesikhathi isemhlabeni. (Luka 5:16) Wamuzwa uJesu ethandaza ngaphambi kokwenza izinqumo ezibalulekile, njengalapho ekhetha abaphostoli bakhe abangu-12. (Luka 6:12, 13) UJehova wezwa nalapho uJesu ethandaza ecindezelekile. Ngaphambi nje kokukhashelwa kwakhe, uJesu wathandaza kuYise ngokusuka enhliziyweni mayelana novivinyo ayesezobhekana nalo. UJehova akagcinanga nje ngokuzwa umthandazo kaJesu, kodwa wathumela nengelosi ukuba izoqinisa iNdodana yakhe ayithandayo.—Luka 22:41-44.

7. Ukwazi ukuthi uJehova uyayilalela imithandazo yethu kufanele kusenze sizizwe kanjani?

7 Nanamuhla uJehova usayilalela imithandazo yezinceku zakhe, uyiphendula ngesikhathi esifanele nangendlela enhle kunanoma iyiphi ebezingayicabanga. (IHu. 116:1, 2) Cabanga ngendlela lokho okwenzeka ngayo kudade waseNdiya. Wayenenkinga yokukhathazeka kakhulu, ngakho wathandaza ngobuqotho kuJehova. Wabhala: “Uhlelo lwe-JW Broadcasting® lwangoMeyi 2019 olwalukhuluma ngokukhathazeka, lwaluyikho kanye engangikudinga. Lwaluyimpendulo yemithandazo yami.”

8. Yiziphi izindlela uJehova abonisa ngazo ukuthi uyamthanda uJesu?

8 UJehova uyasithanda futhi uyasinakekela njengoba nje athanda futhi wanakekela uJesu phakathi nesabelo sakhe esinzima emhlabeni. (Joh. 5:20) Wasiza uJesu waba nokholo oluqinile, wamkhuthaza lapho ecindezelekile, waqiniseka nokuthi unazo izinto azidingayo ukuze aphile. UJehova wayitshela iNdodana yakhe ukuthi uyayithanda nokuthi uyayamukela. (Math. 3:16, 17) UJesu akakaze azizwe eyedwa, wayazi ukuthi angathembela kuYise onothando.—Joh. 8:16.

9. Yibuphi ubufakazi esinabo bokuthi uJehova uyasithanda?

9 NjengoJesu, iningi lethu liye lalubona ngezindlela ezihlukahlukene uthando lukaJehova. Cabanga nje: UJehova uye wasidonsela kuye, wasinika umndeni ongokomoya onothando nobunye ukuze sizizwe sijabule futhi sanelisekile ngokomzwelo. (Joh. 6:44) UJehova uphinde asinike konke esikudingayo ukuze sigcine ukholo lwethu luqinile. Uze asisize sikwazi nokuthola izinto esizidingayo usuku nosuku ukuze siphile. (Math. 6:31, 32) Lapho sicabanga ngendlela uJehova asithanda ngayo, simthanda nakakhulu.

PHATHA UMNDENI WAKHO ONGOKOMOYA NGENDLELA UJEHOVA AWUPHATHA NGAYO

10. Yini esingayifunda endleleni uJehova aphatha ngayo abafowethu nodadewethu?

10 UJehova uyabathanda abafowethu nodadewethu. Kodwa kungase kungabi lula ngathi ngaso sonke isikhathi ukubathanda, nokubabonisa lolo thando. Okunye okubanga lokhu ukuthi sinezizinda ezingafani. Sonke senza amaphutha angabacasula abanye noma abaphathe kabi. Noma kunjalo, sonke singaba nesandla ekuqiniseni uthando emndenini wethu ongokomoya. Kanjani? Ngokulingisa uBaba wethu sibabonise uthando abafowethu nodadewethu. (Efe. 5:1, 2; 1 Joh. 4:19) Ake sibone ukuthi singafundani esibonelweni sikaJehova.

11. UJesu walubonisa kanjani ‘uzwela’ lukaJehova?

11 UJehova ‘unozwela.’ (Luka 1:78) Umuntu onozwela uyakhathazeka lapho ebona abantu becindezelekile; ubheka izindlela zokubasiza nokubaduduza. Indlela uJesu aphatha ngayo abantu yabonisa ukuthi uJehova uyabazwela. (Joh. 5:19) Ngelinye ilanga lapho ebona isixuku, uJesu ‘wafikelwa isihawu ngaso, ngoba sasihlukumezekile futhi sihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.’ (Math. 9:36) UJesu akazange agcine ngokusizwela nje kuphela. Welapha abagulayo, wabanika amandla labo ‘ababekhandlekile nababesindwa.’—Math. 11:28-30; 14:14.

Lingisa uJehova ngokuba nozwela kubafowenu nodadewenu nangokuba ophanayo (Bheka izigaba 12-14) *

12. Nikeza isibonelo sendlela esingabonisa ngayo uzwela.

12 Ukuze ukwazi ukubazwela abafowethu kumelwe ucabange ngezinkinga ababhekene nazo. Ngokwesibonelo, kungenzeka udade uhlushwa isifo esithile. Akakhulumi ngaso, kodwa kungenzeka angalujabulela usizo. Yini ayenzayo ukuze anakekele izidingo zomndeni wakhe? Singamsiza yini ngokupheka noma ngokuhlanza indlu? Noma, kungenzeka umzalwane uphelelwe umsebenzi. Ukumupha imadlana, ngaphandle kokumtshela ukuthi ivela kubani, ngeke yini kwamsiza kuze kube yilapho ethola omunye umsebenzi?

13-14. Singaphana kanjani njengoJehova?

13 UJehova uyaphana. (Math. 5:45) Akufanele silinde abafowethu nodadewethu baze bacele usizo ngaphambi kokuba sibabonise uzwela. NjengoJehova, singabenzela izinto bengakasiceli. Nsuku zonke usipha ilanga singalicelanga nokulicela! Ukushisa kwalo kuzuzisa wonke umuntu, ngisho nalabo abangabongi. Awuvumi yini ukuthi ngokunakekela izidingo zethu uJehova ubonisa ukuthi uyasithanda? Simthanda kakhulu uJehova ngokuba kwakhe nomusa nokuphana!

14 Belingisa uBaba wabo osezulwini onothando, abafowethu nodadewethu abaningi abalindi ukuba bacelwe ngaphambi kokupha abanye. Ngokwesibonelo, ngo-2013 iSiphepho Esinamandla uHaiyan sabangela umonakalo omkhulu ePhilippines. Abafowethu nodadewethu abaningi basala bengenamizi, balahlekelwa nayizinto zabo. Kodwa umndeni wabo womhlaba wonke wabasekela. Abaningi banikela noma bahlanganyela emsebenzini omkhulu wokwakha, okwasiza ekulungiseni nasekwakheni kabusha imizi ecishe ibe ngu-750 ngesikhathi esingaphansi konyaka! Phakathi nobhubhane lwe-COVID-19 oFakazi basebenza kanzima ukuze basekele abafowabo nodadewabo. Lapho sishesha ukusekela umndeni wethu ongokomoya, sibonisa ukuthi siyawuthanda.

15-16. NgokukaLuka 6:36, iyiphi indlela ebalulekile esingalingisa ngayo uBaba wethu osezulwini?

15 UJehova unesihe futhi uyathethelela. (Funda uLuka 6:36.) UJehova usibonisa isihe nsuku zonke. (IHu. 103:10-14) Abalandeli bakaJesu babenesono kodwa wababonisa isihe futhi wabathethelela. Wayezimisele ngisho nokunikela ngokuphila kwakhe ukuze kuthethelelwe izono zethu. (1 Joh. 2:1, 2) Isihe nokuthethelela kukaJehova noJesu akukwenzi yini ufune ukusondelana nabo?

16 Lapho ‘sithethelelana ngokukhululekile’ siqinisa uthando emndenini wethu ongokomoya. (Efe. 4:32) Kuyiqiniso ukuthi ukuthethelela abanye kungaba nzima ngezinye izikhathi, ngakho kudinga umzamo. Ukuze akwazi ukukwenza lokho, omunye udade uthi wasizwa isihloko se-Nqabayokulinda esithi “Thethelelanani Ngokukhululekile.” * Uyabhala: “Ukufunda lesi sihloko se-Nqabayokulinda kuye kwangisiza ngaba nombono ofanele ngendaba yokuthethelela. Sachaza ukuthi ukuzimisela ukuthethelela abanye akusho ukuthi uyavumelana nabakwenzile noma unciphisa ububi bako. Kodwa ukuthethelela kusho ukungabambi igqubu futhi kukwenza ube nokuthula.” Lapho sibathethelela ngokukhululekile abafowethu nodadewethu, sibonisa ukuthi siyabathanda futhi silingisa uBaba wethu uJehova.

YAZISE INDAWO YAKHO KULO MNDENI

Abancane nabadala baye babonisa ukuthi bayabathanda abafowabo nodadewabo (Bheka isigaba 17) *

17. NgokukaMathewu 5:16, singamkhazimulisa kanjani uBaba wethu osezulwini?

17 Kuyilungelo elikhethekile ukuba ingxenye yomndeni othandanayo womhlaba wonke. Sifuna abantu abaningi ngangokunokwenzeka bakhonze uNkulunkulu kanye nathi. Ngenxa yalokho, asilokothi senze noma yini ezolimaza idumela labantu bakaJehova nelikaBaba wethu osezulwini. Sizama ukuziphatha ngendlela ezokwenza abantu badonseleke ezindabeni ezinhle.—Funda uMathewu 5:16.

18. Yini engasisiza sishumayele ngesibindi?

18 Ngezinye izikhathi, abanye bangase basigxeke noma basishushise ngenxa yokuthi silalela uBaba wethu osezulwini. Kuthiwani uma sesaba ukuxoxela abanye ngezinkolelo zethu? Singathembela kuJehova neNdodana yakhe ukuba basisize. UJesu wathi abafundi bakhe bangakhathazeki ngokuthi yini abazoyisho. Kungani? Wachaza: “Lokho eniyokukhuluma niyokunikwa ngalo lelo hora; ngoba akunina nje enikhulumayo, kodwa ngumoya kaYihlo okhuluma ngani.”—Math. 10:19, 20.

19. Yisho isibonelo somuntu owafakaza ngesibindi.

19 Cabanga ngesibonelo sikaRobert. Ngesikhathi esanda kuba umfundi weBhayibheli onolwazi olulinganiselwe, wavela phambi kwenkantolo yamasosha eNingizimu Afrika. Ngesibindi wachazela inkantolo ukuthi wayefuna ukungathathi hlangothi kwezempi ngenxa yokuthi wayebathanda abafowabo. Wayeyazisa indawo yakhe emndenini wethu! Kungazelelwe ijaji lambuza: “Obani abafowenu?” URobert wayengawulindele lowo mbuzo, kodwa ngokushesha wakhumbula umBhalo walolo suku. KwakuwuMathewu 12:50: “Noma ubani owenza intando kaBaba osezulwini, nguye ongumfowethu nodadewethu nomama.” Yize uRobert ayesanda kuqala ukufunda iBhayibheli, umoya kaJehova wamsiza waphendula lowo mbuzo neminye ayekade engayilindele. Kumelwe ukuba uJehova wayeziqhenya ngoRobert! UJehova uyaziqhenya nangathi lapho sincika kuye ukuze sifakaze ngesibindi ezimweni ezinzima.

20. Yini okufanele sizimisele ukuyenza? (Johane 17:11, 15)

20 Kwangathi singaqhubeka sisazisa isibusiso esinaso sokuba amalungu omndeni kaJehova onothando. SinoBaba obedlula bonke esingaba nabo, nabafowethu nodadewethu abaningi abasithandayo. Kumelwe sihlale sikwazisa lokho. USathane nabalandeli bakhe abanenzondo bazama ukusenza silungabaze uthando lukaBaba wethu osezulwini, bazama nokuphazamisa ubunye esibujabulelayo. Nokho, uJesu wasithandazela ecela ukuba uBaba wethu asibheke ukuze umndeni wethu uhlale unobunye. (Funda uJohane 17:11, 15.) UJehova uyawuphendula lowo mthandazo. NjengoJesu kwangathi singelokothe singabaze ukuthi uBaba wethu uyasithanda futhi uyasisekela. Masizimisele ukuqhubeka sisondela nakakhulu emndenini wethu ongokomoya.

INGOMA 99 Abazalwane Abaningi

^ par. 5 Sijabula kakhulu ngokuba yingxenye yomndeni onothando wabafowethu nodadewethu. Sonke sifuna ukuqinisa uthando lwethu ngomunye nomunye. Singakwenza kanjani lokho? Ngokulingisa indlela uBaba wethu onothando asiphatha ngayo nangokulandela isibonelo sikaJesu nesabafowethu nodadewethu.

^ par. 57 INCAZELO YESITHOMBE: UJehova wathumela ingelosi ukuba iyoqinisa uJesu ensimini iGetsemane.

^ par. 59 INCAZELO YESITHOMBE: Phakathi nobhubhane lwe-COVID-19 abaningi balungisa ukudla futhi bakuhambisela abanye.

^ par. 61 INCAZELO YESITHOMBE: Umama usiza indodakazi yakhe ukuba ithumele incwadi kumfowethu osejele ukuze imkhuthaze.