Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 42

Bambelela Ngokuqinile Eqinisweni, Uqiniseka Ngokuphelele

Bambelela Ngokuqinile Eqinisweni, Uqiniseka Ngokuphelele

“Qinisekani ngazo zonke izinto; bambelelani niqinise kokuhle.”​—1 THES. 5:21.

INGOMA 142 Ukubambelela Ngokuqinile Ethembeni Lethu

AMAZWIBELA *

1. Kungani abantu abaningi bedidekile?

KUNGENZEKA kunamashumi ezinkulungwane zamasonto okuthiwa angawobuKristu athi akhonza uNkulunkulu ngendlela ayamukelayo. Shono nje abantu abaningi bedidekile! Bayazibuza, “Ingabe kunenkolo eyodwa yeqiniso, noma zonke izinkolo ziyamjabulisa uNkulunkulu?” Siqiniseka ngempela yini ukuthi lokho esikufundisayo kuyiqiniso nokuthi indlela yokukhonza elandelwa oFakazi BakaJehova namuhla iyona uJehova ayamukelayo? Singakwazi yini ngempela ukuqiniseka ngalezi zinto? Ake sihlole ubufakazi.

2. Ngokweyoku-1 Thesalonika 1:5, kungani umphostoli uPawulu ayeqiniseka ngokuthi lokho ayekukholelwa kwakuyiqiniso?

2 Umphostoli uPawulu wayeqiniseka ngokuphelele ukuthi ayekukholelwa kwakuyiqiniso. (Funda eyoku-1 Thesalonika 1:5.) Lokho kuqiniseka kwakungasekelwe endleleni ayezizwa ngayo. UPawulu wayekukhuthalele ukutadisha iZwi likaNkulunkulu. Wayekholelwa ukuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” (2 Thim. 3:16) Watholani kulokho ayekutadisha? EmiBhalweni uPawulu wathola ubufakazi obungenakuphikwa bokuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe, ubufakazi abaholi benkolo abangamaJuda abakhetha ukubuziba. Labo bazenzisi babethi bamelela uNkulunkulu kodwa bemphika ngemisebenzi yabo. (Thithu 1:16) Ngokungafani nabo, uPawulu akazange akhethe ukukholelwa izingxenye ezithile kuphela zeZwi likaNkulunkulu. Wayekulungele ukufundisa nokusebenzisa “yonke injongo kaNkulunkulu” noma iseluleko saKhe.​—IzE. 20:27.

3. Ingabe kufanele sibe nezimpendulo zayo yonke imibuzo yethu ukuze siqiniseke ukuthi esikukholelwayo kuyiqiniso? (Bheka nebhokisi elithi “ Imisebenzi Nemicabango KaJehova​—‘Kuningi Kakhulu Ukuba Singakubala.’”)

3 Abanye bacabanga ukuthi inkolo yeqiniso kufanele ikwazi ukuphendula yonke imibuzo, ngisho nemibuzo iBhayibheli elingayiphenduli ngokuqondile. Kunengqondo yini ukucabanga kanjalo? Cabanga ngesibonelo sikaPawulu. Wakhuthaza akholwa nabo ukuba ‘baqiniseke ngazo zonke izinto,’ kodwa wavuma nokuthi kunezinto ayengaziqondi. (1 Thes. 5:21) Wabhala: “Sinolwazi oluyingxenye,” wanezela, “sibona kalufifi ngesibuko sensimbi.” (1 Kor. 13:9, 12) UPawulu wayengaqondi yonke into; kunjalo nangathi. Kodwa uPawulu wayewaqonda amaqiniso ayisisekelo ngenjongo kaJehova. Lokho ayekwazi kwakwanele ukuba kumqinisekise ukuthi ayekukholelwa kwakuyiqiniso!

4. Yini engasenza siqiniseke nakakhulu ukuthi esikukholelwayo kuyiqiniso, futhi yini esizoxoxa ngayo mayelana namaKristu eqiniso?

4 Ukuqhathanisa isibonelo sendlela yokukhonza esabekwa uJesu nalokho okwenziwa oFakazi BakaJehova namuhla, kungenye indlela engasenza siqiniseke nakakhulu ukuthi esikukholelwayo kuyiqiniso. Kulesi sihloko, sizobona ukuthi amaKristu eqiniso (1) awazikhonzi izithixo, (2) ahlonipha igama likaJehova, (3) ayalithanda iqiniso, futhi (4) athandana kakhulu.

ASIZIKHONZI IZITHIXO

5. Sifundani kuJesu mayelana nendlela efanele yokukhonza uNkulunkulu, futhi lokho singakusebenzisa kanjani?

5 Eqhutshwa uthando olujulile analo ngoNkulunkulu, uJesu wakhonza uJehova kuphela, ngesikhathi esezulwini nalapho esemhlabeni. (Luka 4:8) Wafundisa abafundi bakhe ukuba benze okufanayo. UJesu nabafundi bakhe abathembekile abazange basebenzise izithombe lapho bekhonza uNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu enguMoya, akukho lutho umuntu angase alwenze olungasondela ngisho nokusondela ekufanekiseleni inkazimulo kaJehova! (Isaya 46:5) Kodwa kuthiwani ngokwenza izithombe zalabo ababizwa ngosanta nokuthandaza kuzo? Emyalweni wesibili eMiyalweni Eyishumi, uJehova wathi : “Ungazenzeli umfanekiso obaziwe nanoma yini efana nento ephezulu emazulwini noma esemhlabeni . . . Ungakukhothameli.” (Eks. 20:4, 5) Lawo mazwi acacile kulabo abafisa ukujabulisa uNkulunkulu.

6. Iyiphi indlela yokukhonza elandelwa oFakazi BakaJehova namuhla?

6 Izazi-mlando ziyavuma ukuthi amaKristu okuqala ayezinikele kuNkulunkulu kuphela. Ngokwesibonelo, incwadi ethi History of the Christian Church ithi amaKristu okuqala “ayeyoshaqiswa” ukusikisela nje kokuthi kube khona izithombe ezindaweni okukhonzelwa kuzo. Namuhla, oFakazi BakaJehova balandela lokho okwakwenziwa amaKristu ekhulu lokuqala. Asithandazi ezithombeni zosanta noma zezingelosi; asithandazi ngisho nakuJesu. Asenzi lutho oluwukukhonza izimpawu zombuso wezwe. Noma kungenzekani, sizimisele ukulalela amazwi kaJesu: “NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhonze.”​—Math. 4:10.

7. Yimuphi umehluko ocacile okhona phakathi koFakazi BakaJehova nezinye izinkolo?

7 Namuhla baningi abalandela abaholi bamasonto abadumile. Ngezinye izikhathi, ngendlela labo baholi abathandwa ngayo kuze kucishe kufane nokuthi bayakhonzwa. Abantu bayagcwala emasontweni abo, bathenge izincwadi zabo, banikelele nezinhlangano ezisekelwa yilabo baholi. Abanye bakholelwa yikho konke okushiwo yilabo baholi. Ngendlela la baholi abathandwa ngayo, ungathi banguJesu uqobo lwakhe! Ngokuphambene nalokho, abakhulekeli bakaJehova beqiniso abakhonzi muntu. Nakuba sibahlonipha labo abaholayo, samukela imfundiso kaJesu ecacile ethi: “Nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.” (Math. 23:8-10) Asibakhonzi abantu, kungakhathaliseki ukuthi bangabaholi benkolo noma ababusi bezepolitiki. Asiyisekeli nemigomo yabo. Kunalokho, siyehluka ezweni futhi asithathi hlangothi. Konke lokhu kusenza sihluke emaqenjini amaningi athi angawobuKristu.​—Joh. 18:36.

SIYALIHLONIPHA IGAMA LIKAJEHOVA

AmaKristu eqiniso ayakujabulela ukutshela abanye ngoJehova (Bheka izigaba 8-10) *

8. Sazi kanjani ukuthi uJehova ufuna igama lakhe likhazinyuliswe futhi laziwe yibo bonke abantu?

8 UJesu wake wathandaza wathi: “Baba, khazimulisa igama lakho.” UJehova waphendula lowo mthandazo ngezwi elikhulu elivela ezulwini, ethembisa ukuthi wayezolikhazimulisa igama lakhe. (Joh. 12:28) Phakathi nayo yonke inkonzo yakhe, uJesu walingcwelisa igama likaYise. (Joh. 17:26) Ngakho kunengqondo ukulindela ukuba amaKristu eqiniso aziqhenye ngokusebenzisa igama likaNkulunkulu nokuba atshele abanye ngalo.

9. AmaKristu angekhulu lokuqala akufakazela kanjani ukuthi ayelihlonipha igama likaNkulunkulu?

9 Ngekhulu lokuqala C.E., ngemva nje kokumiswa kwebandla lobuKristu, uJehova ‘wanaka izizwe ukuze athathe kuzo isizwe segama lakhe.’ (IzE. 15:14) Lawo maKristu angekhulu lokuqala ayeziqhenya ngokusebenzisa igama likaNkulunkulu nokulenza laziwe abanye. Ayelisebenzisa kakhulu igama likaNkulunkulu lapho eshumayela nalapho ebhala izincwadi. * Abonisa ukuthi ayengabantu begama likaNkulunkulu.​—IzE. 2:14, 21.

10. Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi oFakazi BakaJehova bangabantu abamelela igama likaJehova?

10 Ingabe oFakazi BakaJehova bangabantu begama likaJehova? Cabanga ngalobu bufakazi. Namuhla, abaholi benkolo benze konke okusemandleni abo ukuze bafihle ukuthi uNkulunkulu unegama. Balisusile ezinguqulweni zabo zeBhayibheli, futhi ngezinye izikhathi baze bayala nokuba lingasetshenziswa emasontweni abo. * Ukhona yini ongaphika ukuthi oFakazi BakaJehova kuphela abanika igama likaJehova inhlonipho nodumo olulifanele? Senza igama likaNkulunkulu laziwe kakhulu kunanoma yiliphi elinye iqembu lenkolo! Ngaleyo ndlela, senza konke okusemandleni ukuze siphile ngokuvumelana negama lethu elithi: OFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10-12) Sikhiqize amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-240 e-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele, esebenzisa igama likaJehova ezindaweni ezinye izinguqulo ezilikhiphile kuzo. Sikhiqiza nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezisebenzisa igama likaJehova ngezilimi ezingaphezu kuka-1 000!

SIYALITHANDA IQINISO

11. AmaKristu okuqala abonisa kanjani ukuthi ayalithanda iqiniso?

11 UJesu wayelithanda iqiniso ngoNkulunkulu nangenjongo yaKhe. UJesu wayephila ngokuvumelana nalelo qiniso futhi etshela abanye ngalo. (Joh. 18:37) Abalandeli bakaJesu bangempela nabo babelithanda kakhulu iqiniso. (Joh. 4:23, 24) Empeleni, umphostoli uPetru wabiza inkolo yobuKristu ngokuthi “indlela yeqiniso.” (2 Pet. 2:2) Ngenxa yokuthi ayelithanda kakhulu iqiniso, amaKristu okuqala ayenqaba imibono yabantu neyenkolo kanye namasiko okwakungahambisani neqiniso. (Kol. 2:8) Nanamuhla, amaKristu eqiniso azama kanzima ‘ukuqhubeka ehamba eqinisweni’ ngokusekela zonke izinkolelo zawo nendlela aphila ngayo eZwini likaJehova.​—3 Joh. 3, 4.

12. Yini abaholayo abayenzayo uma bebona ukuthi indlela esiqonda ngayo iqiniso idinga ukulungiswa, futhi kungani benza kanjalo?

12 Namuhla abantu bakaNkulunkulu abalokothi bathi banolwazi oluphelele lweqiniso. Ngezinye izikhathi baye benza amaphutha endleleni abachaza ngayo izimfundiso zeBhayibheli nasendleleni inhlangano yabo eqondiswa ngayo. Akufanele kusimangaze lokho. ImiBhalo iyabonisa ukuthi indlela abantu abaqonda ngayo iqiniso iya icaca nakakhulu njengoba isikhathi siqhubeka. (Kol. 1:9, 10) UJehova ulembula kancane kancane iqiniso, futhi kufanele sizimisele ukulinda ngesineke ukuba ukukhanya kweqiniso kukhanye nakakhulu. (IzAga 4:18) Lapho labo abaholayo bebona ukuthi indlela esiqonda ngayo iqiniso elithile idinga ukulungiswa, abanqikazi ukwenza ushintsho oludingekayo. Nakuba amaqembu amaningi enkolo enza ushintsho ezimfundisweni zawo ukuze ajabulise amalungu awo noma ukuze asondelane nezwe, ushintsho olwenziwa inhlangano kaJehova lona luhloselwe ukusisondeza nakakhulu kuNkulunkulu nasendleleni yokukhonza eyasungulwa uJesu. (Jak. 4:4) Ushintsho esilwenzayo aluyi ngokuthi abantu bathandani, kodwa luqondiswa indlela ecacile esisuke sesiqonda ngayo imiBhalo. Siyalithanda iqiniso!​—1 Thes. 2:3, 4.

SITHANDANA KAKHULU

13. Iyiphi imfanelo ebaluleke kakhulu eboniswa amaKristu eqiniso, futhi ibonakala kanjani namuhla koFakazi BakaJehova?

13 Kuzo zonke izimfanelo amabandla obuKristu angekhulu lokuqala ayenazo, eyayibaluleke kakhulu kwakuwuthando. UJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami​—uma nithandana.” (Joh. 13:34, 35) Namuhla, oFakazi BakaJehova bajabulela ubudlelwane bothando emhlabeni wonke. Ngokungafani nezinye izinhlangano, ubudlelwane obuseduze esinabo nabafowethu abuphazanyiswa ukuthi sisuka emazweni angafani, siyizinhlanga ezingafani noma sinamasiko angafani. Emihlanganweni yebandla, yesifunda neyesigodi sibona ubufakazi bokuthi sithandana ngempela. Lobo bufakazi busenza siqiniseke nakakhulu ukuthi uJehova uyayamukela indlela esimkhonza ngayo.

14. Ngokwencwadi yabaseKolose 3:12-14, iyiphi indlela ebalulekile esingabonisa ngayo ukuthi sithandana kakhulu?

14 ImiBhalo isikhuthaza ukuba ‘sithandane kakhulu.’ (1 Pet. 4:8) Enye indlela esingalubonisa ngayo lolo thando ukuthethelelana nokubekezelelana. Sibheka namathuba okupha nokwamukela ngomusa bonke ebandleni, ngisho nalabo okungenzeka basiphathe kabi. (Funda eyabaseKolose 3:12-14.) Ngempela, uthando olunjalo luwuphawu olubalulekile olubonisa ukuthi singamaKristu eqiniso.

“UKHOLO OLULODWA”

15. Iziphi ezinye izindlela esilandela ngazo isibonelo esabekwa amaKristu angekhulu lokuqala?

15 Isibonelo sokukhonza esabekwa amaKristu angekhulu lokuqala sisilandela nangezinye izindlela. Ngokwesibonelo, indlela inhlangano yethu ehlelwe ngayo​—ukuba khona kwababonisi abajikelezayo, abadala, izinceku ezikhonzayo kanye nokunye—​ilandela indlela eyasungulwa abaphostoli bangekhulu lokuqala. (Fil. 1:1; Thithu 1:5) Indlela esibheka ngayo ucansi nomshado, inhlonipho esinayo ngobungcwele begazi nesifiso esinaso sokuvikela ibandla lingangcoliswa abenzi bokubi abangaphenduki, konke kusekelwe esibonelweni esabekwa ngekhulu lokuqala.​—IzE. 15:28, 29; 1 Kor. 5:11-13; 6:9, 10; Heb. 13:4.

16. Sifundani kulokho okushiwo eyabase-Efesu 4:4-6?

16 UJesu wathi baningi ababeyothi bangabafundi bakhe, kodwa akubona bonke ababeyoba abeqiniso. (Math. 7:21-23) ImiBhalo yaxwayisa nangokuthi ezinsukwini zokugcina abaningi ‘babeyobonakala bezinikele kuNkulunkulu’ kube kungenjalo. (2 Thim. 3:1, 5) Nokho, iBhayibheli lisitshela ngokucacile ukuthi ‘kunokholo olulodwa’ uNkulunkulu alwamukelayo.​—Funda eyabase-Efesu 4:4-6.

17. Obani namuhla abalandela uJesu futhi abasenkolweni yeqiniso?

17 Obani abasenkolweni yeqiniso namuhla? Sesibuhlolile ubufakazi. Siyibonile indlela yokukhonza eyafundiswa uJesu futhi yalandelwa amaKristu angekhulu lokuqala. Impendulo yinye​—oFakazi BakaJehova. Kuyilungelo ngempela ukuba omunye wabantu bakaJehova nokwazi iqiniso ngaye nangenjongo yakhe! Kwangathi singaqhubeka sibambelele ngokuqinile eqinisweni futhi siqiniseka ngokuphelele.

INGOMA 3 Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe

^ par. 5 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngesibonelo esabekwa uJesu sokukhonza ngendlela emsulwa, sihlole nokuthi abafundi bakhe bokuqala basilandela kanjani. Sizobona nobufakazi bokuthi oFakazi BakaJehova namuhla balandela leso sibonelo sokukhonza ngendlela emsulwa.

^ par. 9 Bheka ibhokisi elithi “Ingabe AmaKristu Ekhulu Lokuqala Ayelisebenzisa Igama LikaNkulunkulu?” kuyi-Nqabayokulinda, kaJulayi 1, 2010, k. 6.

^ par. 10 Ngokwesibonelo, ngo-2008, uPapa uBenedict XVI wakhipha isiqondiso sokuthi igama likaNkulunkulu “akufanele lisetshenziswe noma liphinyiselwe” ezinkonzweni zamaKatolika, emaculweni noma emithandazweni.

^ par. 63 INCAZELO YESITHOMBE: Inhlangano kaJehova iye yakhulula INguqulo Yezwe Elisha ngezilimi ezingaphezu kuka-200 ukuze abantu bakwazi ukufunda iBhayibheli elinegama likaNkulunkulu ngolimi lwabo.