Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

Ukufuna Kwami Ukuphila Okunenjongo

Ukufuna Kwami Ukuphila Okunenjongo

NGESIKHATHI ngihamba ngesikebhe sami esidala oLwandle LwaseMedithera, ngamangala lapho ngibona ukuthi sasinembobo eyayifaka amanzi amaningi kakhulu. Kwavele kwaqala nesiphepho. Ngesaba futhi ngathandaza okokuqala ngemva kweminyaka eminingi. Ngangena kanjani kule nkinga? Ake ngiqale ekuqaleni.

Lapho ngineminyaka eyisikhombisa, umndeni wakithi wawuhlala eBrazil

Ngazalelwa eNetherlands ngo-1948. Ngonyaka olandelayo, umndeni wakithi wathuthela eSão Paulo, eBrazil. Abazali bami babeya njalo esontweni, futhi sasivame ukufunda iBhayibheli njengomndeni ngemva kokudla kwakusihlwa. Saphinde sathutha ngo-1959, kodwa kulokhu saya e-United States, sahlala eMassachusetts.

Ubaba wayesebenza kanzima ukuze anakekele umndeni wakithi onamalungu angu-8. Wayenza imisebenzi ehlukahlukene; waba umthengisi, wenza umsebenzi wokwakha umgwaqo wasebenzela nenkampani yamabhanoyi. Sonke sajabula lapho ethola umsebenzi wasemabhanoyini ngoba lokho kwasenza sahamba njalo.

Ngesikhathi ngisafunda isikole, ngangivame ukuzibuza ukuthi ‘Yini engizoyenza uma sengimdala?’ Abanye abangane bami baya eyunivesithi, abanye baba amasosha. Kodwa mina, ngangingeke ngibe isosha ngoba ngangingayithandi impikiswano futhi ngingakuthandi nokulwa. Nganquma ukuya eyunivesithi ukuze ngigweme ukuba isosha. Kodwa engangikufisa ngempela, kwakuwukusiza abantu ngoba ngangicabanga ukuthi kuzokwenza ukuphila kwami kube nenjongo.

UKUPHILA KWASEYUNIVESITHI

Kwaphela iminyaka ngifuna ukuphila okunenjongo

Eyunivesithi ngangithanda ukufunda ngemvelaphi yabantu, ngoba ngangifuna ukwazi ukuthi kwaqala kanjani ukuphila. Safundiswa ngokuziphendukela kwemvelo futhi kwakulindeleke ukuba sikukholelwe ukuthi kuyiqiniso. Kodwa kimi ezinye izincazelo zazingawenzi umqondo futhi kwakufanele ngizikholelwe ngaphandle kobufakazi, kanti lokho kwakuphikisana nendlela isayensi esebenza ngayo.

Emakilasini engangifunda kuwo, asizange sifundiswe ukuba nesimilo. Kunalokho, kwakugcizelelwa ukuba senze konke esingakwenza ukuze siphumelele. Ukuya emaphathini nokusebenzisa izidakamizwa kwakungijabulisa, kodwa kwakuba injabulo yesikhashana. Ngazibuza, ‘Ingabe lokhu kuphila kunenjongo ngempela?’

Ngokuhamba kwesikhathi, ngathuthela edolobheni laseBoston ngafunda eyunivesithi yakhona. Ukuze ngikwazi ukukhokhela izifundo zami, ngathola umsebenzi engangizowenza ngamaholidi lapho ngahlangana khona noFakazi BakaJehova okokuqala. Omunye engangisebenza naye wangixoxela ngesiprofetho ‘sezikhathi eziyisikhombisa’ esisencwadini kaDaniyeli isahluko 4 futhi wangichazela ukuthi siphila esikhathini sokuphela. (Dan. 4:13-17) Ngasheshe ngabona ukuthi uma ngiqhubeka nalezi zingxoxo futhi ngizikholelwa, kwakuzodingeka ngishintshe ukuphila kwami. Ngakho ngamgwema ngazo zonke izindlela lo engangisebenza naye.

Eyunivesithi ngenza izifundo ezazizongilungiselela umsebenzi wokuvolontiya eNingizimu Melika. Ngangicabanga ukuthi ukusiza abanye ngezinto abazidingayo kwakuzokwenza ukuphila kwami kube nenjongo. Kodwa nalokhu akuzange kwenze ukuphila kwami kube nenjongo. Ngidumazekile, ngayeka eyunivesithi.

NGAQHUBEKA NGIFUNA UKUPHILA OKUNENJONGO NASEMAZWENI AKUDE

NgoMeyi 1970, ngathuthela e-Amsterdam, eNetherlands, ukuze ngiyosebenzela inkampani yamabhanoyi eyayisetshenzelwa ubaba. Ngenxa yalo msebenzi, ngakwazi ukuya emazweni ahlukahlukene, ngavakashela amazwe ase-Afrika, aseMelika, aseYurophu nawase-Asia. Kwasheshe kwangikhanyela ukuthi kungakhathaliseki ukuthi yiliphi izwe engiya kulo, wonke ayenezinkinga ezinkulu kodwa engekho onezixazululo. Saphinde savuka isifiso sokufeza okuthile okubalulekile, ngakho nganquma ukuphindela e-United States ngibuyele eyunivesithi yaseBoston.

Njengoba ngase ngibuyele esikoleni, ngasheshe ngabona ukuthi angizitholi izimpendulo zemibuzo enganginayo ngokuphila. Ngingazi ukuthi ngenzeni, ngacela iseluleko kuprofesa wami ofundisa ngemvelaphi yabantu. Wangimangaza lapho ethi: “Kungani uqhubeka? Awuyeki ngani?” Wayesho entshweni! Ngashiya eyunivesithi, angibange ngisabheka emuva.

Ukuphila kwakungenanjongo, ngakho nganquma ukuzihlanganisa nabantu ababephila ngendlela ehlukile. Mina nabanye abangane bami salihamba lonke elase-United States saze sayofika e-Acapulco, eMexico sihamba sigingq’ izithupha. Sasihlala nama-hippie, ayengenandaba nezinto eziningi. Njengoba ngihlala nawo, ngabona ukuthi indlela yawo yokuphila ayinayo injongo nenjabulo ehlala njalo. Kunalokho, ngabona ukuthi igcwele ukungathembeki.

UKUFUNA KWAMI KUYAQHUBEKA NGESIKEBHE

Ngikanye nomngane wami, ngafuna isiqhingi esihle

Kwathi kusenjalo kwabe sekuvuka isifiso enganginaso ngiseyingane. Ngangifuna ukuhamba ngesikebhe ngibe ukaputeni, ngingabi itilosi. Lokho kwakungenzeka kuphela uma nginesami isikebhe. Umngane wami uTom naye wayenesifiso esifanayo, ngakho sanquma ukuhamba amazwe ndawonye. Ngangifuna ukuzitholela isiqhingi esihle engangizohlala kuso ngaphandle kwemithetho.

Mina noTom sahamba saya e-Arenys de Mar, eduze kwaseBarcelona, eSpain. Safike sathenga isikebhe esingamamitha angu-9,4 esibizwa ngokuthi iLlygra. Saqala ukusilungisa ukuze silungele ukuhamba olwandle. Ngenxa yokuthi sasingajahe ndawo, sakhipha injini sase sibeka amanzi okuphuza engeziwe esikhundleni sayo. Ukuze isikebhe sikwazi ukuhamba emathekwini amancane, safaka izigwedlo ezimbili ezingamamitha amahlanu. Sabe sesibhekisa amabombo eSeychelles, e-Indian Ocean. Sasihlose ukuhamba ogwini olusentshonalanga ye-Afrika, sizungeze iCape of Good Hope, eNingizimu Afrika. Sasebenzisa izinkanyezi, amabalazwe, izincwadi namathuluzi athile ukuze sibone indlela okufanele sihambe ngayo. Kwangimangaza ukuthi sasikwazi kahle ukubona ukuthi sikuphi.

Kungakabiphi, saqaphela ukuthi lesisikebhe esidala samapulangwe sasingakulungele ukuba solwandle. Sasingenisa amanzi acishe abe amalitha angu-22 ngehora! Njengoba ngishilo ekuqaleni, lapho kunesiphepho ngesaba kakhulu ngase ngithandaza okokuqala ngemva kweminyaka eminingi, ngathembisa uNkulunkulu ukuthi uma singasinda, ngizozama ukusondela kuye. Isiphepho sanqamuka, nami ngasigcina isithembiso sami.

Ngaqala ukufunda iBhayibheli ngikhona lapho olwandle. Cabanga nje uphakathi noLwandle LwaseMedithera uzungezwe izinhlanzi ezindizayo, amahlengethwa, nomaphi lapho ubuka khona ubona ulwandle. Ebusuku ngangimangazwa umthala iMilky Way, okwangenza ngaqiniseka nakakhulu ukuthi ukhona uNkulunkulu onendaba nabantu.

Ngemva kwamasonto sisolwandle, safika ethekwini lase-Alicante, eSpain, sazama ukudayisa isikebhe sethu ukuze sithole esingcono. Akumangazi-ke ukuthi kwakungelula ukuthola umuntu ozothenga lesi sikebhe esidala, esingenanjini nesingenisa amanzi! Kodwa leso kwaba isikhathi esihle sokuba ngifunde iBhayibheli.

Njengoba ngangifunda iBhayibheli, ngaya ngibona ukuthi liyincwadi engasisiza siphumelele. Ngawuthanda umyalezo walo ocacile wokuthi singaphila kanjani ngendlela ehlanzekile, ngase ngizibuza ukuthi kungani abantu—kuhlanganise nami imbala—bezibiza ngamaKristu kodwa bengakwenzi lokho elikushoyo.

Ngangizimisele ukuthatha izinyathelo ezinzima ukuze ngishintshe ukuphila kwami, ngakho ngaziyeka izidakamizwa. Ngacabanga ukuthi kumelwe ukuba bakhona abantu abaphila ngemithetho yeBhayibheli yokuziphatha futhi ngangifuna ukubathola. Ngathandaza okwesibili, ngacela uNkulunkulu angisize ngibathole.

UKUFUNA KWAMI INKOLO YEQINISO

Kwabonakala kuwukuhlakanipha ukuba ngihlole inkolo ngayinye ngize ngithole eyeqiniso. Njengoba ngangihamba emigwaqweni yase-Alicante, ngabona amasonto amaningi. Kodwa ngenxa yokuthi amaningi ayenezithixo, kwaba lula ukubona ukuthi awayona inkolo yeqiniso.

Ngelinye ilanga kuyiSonto ntambama, ngangihleli egqumeni elibheke itheku ngifunda uJakobe 2:1-5, oxwayisa ngokukhetha abantu ngoba becebile. Lapho ngibuyela esikebheni sethu, ngadlula isakhiwo esasibukeka sengathi isonto sinombhalo othi: “IHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova.”

Ngacabanga, ‘Awuthi ngibavivinye. Ake sibone ukuthi bazongiphatha kanjani.’ Yimi lowaya ngingena eHholo LoMbuso ngingafake zicathulo, nginentshebe ngigqoke ne-jean edabukiIe. Umlindi wangihlalisa eduze kukamama osekhulile owangisiza ngathola imiBhalo eyayishiwo isikhulumi. Ngemva kwemihlangano ngamangazwa umusa wabo bonke ababengibingelela. Enye indoda yangimemela kwayo ukuze sixoxe, kodwa ngenxa yokuthi ngangingakaqedi ukufunda iBhayibheli, ngathi, “Ngizokuthinta.” Noma kunjalo, ngaqala ukuya kuyo yonke imihlangano.

Ngemva kwamaviki amaningana, ngayivakashela kwayo leyo ndoda futhi yayiphendula imibuzo yami yeBhayibheli. Ngemva kweviki, yanginika isikhwama esigcwele izingubo zokugqoka ezinhle. Yangitshela ukuthi umnikazi walezo zingubo wayeboshiwe ngoba elalela umyalo weBhayibheli wokuba sithandane futhi singabe sisayifunda impi. (Isaya 2:4; Joh. 13:34, 35) Manje ngase ngiqiniseka ukuthi sengikutholile ebengikufuna—abantu abasebenzisa umyalo weBhayibheli ocacile wokuziphatha! Umgomo wami manje wawungasekona ukuthola isiqhingi esihle kodwa wawuwukutadisha iBhayibheli ngijule. Ngakho ngabuyela eNetherlands.

UKUFUNA UMSEBENZI

Kwangithatha izinsuku ezine ngigingq’ isithupha ukufika eGroningen, eNetherlands. Kwadingeka ngithole umsebenzi ukuze ngiphile. Kwesinye isitolo sombazi engafuna kuso umsebenzi, ifomu elaligcwaliswa lalibuza ukuthi ngikuyiphi inkolo. Ngabhala, “OFakazi BakaJehova.” Lapho umnikazi wesitolo ekufunda lokho, ngabona ubuso bakhe bushintsha. Wathi, “Ngizokufonela.” Kodwa akafonanga.

Kwesinye isitolo sombazi ngabuza umnikazi ukuthi uyaludinga yini usizo. Wafuna ubufakazi bokuthi ngafunda kuphi nokuthi ngake ngasebenzaphi. Ngamtshela ukuthi ngake ngalungisa isikebhe samapulangwe. Wangimangaza lapho ethi, “Ungaqala ntambama kodwa nakhu okufanele ukwazi: Angizifuni izinkinga esitolo sami ngoba ngingomunye woFakazi BakaJehova futhi ngiphila ngezimiso zeBhayibheli.” Ngambuka ngimangele ngathi, “Nami nginguye!” Ngokungangabazeki, wabuka izinwele zami ezinde nentshebe wathi, “Kusho ukuthi ngizotadisha nawe iBhayibheli!” Ngavumela phezulu. Manje kwase kungikhanyela ukuthi kungani umnikazi wesitolo wokuqala engafonanga. UJehova wayephendula imithandazo yami. (IHu. 37:4) Ngasebenza esitolo salowo mzalwane unyaka owodwa. Phakathi naleso sikhathi wafunda nami iBhayibheli, ngemva kwalokho ngabhapathizwa ngoJanuwari 1974.

NGAKUTHOLA UKUPHILA OKUNENJONGO EKUGCINENI!

Ngemva kwenyanga, ngaqala umsebenzi omusha—inkonzo yokuphayona—onginike ukwaneliseka okukhulu. Ngenyanga elandelayo, ngathuthela e-Amsterdam ukuze ngiyosiza eqenjini elisha leSpanishi. Kwakumnandi kakhulu ukuqhuba izifundo zeBhayibheli ngeSpanishi nangesiPutukezi! NgoMeyi 1975, ngathola ilungelo lokukhonza njengephayona elikhethekile.

Ngelinye ilanga, u-Ineke udade oyiphayona elikhethekile, weza emihlanganweni yethu yeSpanishi ukuze ethule umuntu waseBolivia ayefunda naye iBhayibheli. Mina no-Ineke sanquma ukwazana kangcono ngokubhalelana izincwadi, okwasenza sasheshe sabona ukuthi sinemigomo efanayo. Sashada ngo-1976, saqhubeka sikhonza njengamaphayona akhethekile kwaze kwaba yilapho simenyelwa ekilasini lika-73 laseGileyadi ngo-1982. Kwasimangaza futhi kwasijabulisa ukuthola isabelo eMpumalanga Afrika, lapho sakhonza khona eMombasa, eKenya, iminyaka emihlanu! Ngo-1987, saphinde sabelwa ukuyokhonza eTanzania ngoba umsebenzi wokushumayela wawungasavinjelwe kulelo zwe. Sahlala khona iminyaka engu-26, sase sibuyela eKenya.

Ukusiza abantu baseMpumalanga Afrika bafunde iBhayibheli kwenze mina nomkami sajabula kakhulu

Ukusiza abantu abanokwazisa bafunde amaqiniso eBhayibheli kwenze ukuphila kwethu kwaba nenjongo. Ngokwesibonelo, umuntu wokuqala engafunda naye iBhayibheli eMombasa ngamthola lapho ngishumayela obala. Lapho ngimnika omagazini ababili wathi, “Ngenzenjani uma sengiqedile ukubafunda?” Ngeviki elilandelayo saqala ukufunda incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, eyayisanda kukhululwa ngesiSwahili. Wabhapathizwa ngonyaka olandelayo, waba iphayona elivamile. Kusukela ngaleso sikhathi, yena nomkakhe sebesize abantu abacishe babe ikhulu ukuba bazinikezele futhi babhapathizwe.

Mina no-Ineke siye sayibona indlela uJehova abusisa ngayo izinceku zakhe ngokuphila okunenjongo

Lapho sengiqala ukuyiqonda injongo yokuphila, ngazizwa njengomthengisi owathola ipharele elikhethekile, wangafuna limlahlekele. (Math. 13:45, 46) Ngangifuna ukusebenzisa ukuphila kwami ukuze ngisize abanye babe nenjongo ekuphileni. Ngikanye nomkami engimthandayo, ngiye ngazibonela mathupha indlela uJehova abusisa ngayo abantu bakhe ngokuphila okunenjongo.