Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 49

Lokho ULevitikusi Asifundisa Kona Ngokuphatha Abanye

Lokho ULevitikusi Asifundisa Kona Ngokuphatha Abanye

“Kumelwe uthande omunye umuntu njengoba uzithanda wena.”​—LEV. 19:18.

INGOMA 109 Thanda Kakhulu Ngokusuka Enhliziyweni

AMAZWIBELA *

1-2. Sifundeni esihlokweni esidlule, futhi sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

ESIHLOKWENI esidlule, sixoxe ngeseluleko esiwusizo esikuLevitikusi isahluko 19. Ngokwesibonelo, uJehova wayala ama-Israyeli ukuba ahloniphe abazali, njengoba kusho ivesi 3. Sixoxe ngokuthi thina namuhla singasisebenzisa lesi seluleko ngokusiza abazali bethu ngokomoya, ngokomzwelo nangezinto abazidingayo. Evesini elifanayo, abantu bakaNkulunkulu bakhunjuzwa ngokubaluleka kokugcina iSabatha. Sifunde ukuthi nakuba singaboshiwe umthetho weSabatha namuhla, singasisebenzisa isimiso esikuwo ngokubekela eceleni isikhathi sokwenza izinto ezihlobene nokukhonza uNkulunkulu. Ngokwenza kanjalo, siyobonisa ukuthi sisebenza kanzima ukuze sibe ngcwele, njengoba kusho uLevitikusi 19:2 neyoku-1 Petru 1:15.

2 Kulesi sihloko, sizoqhubeka sixoxa ngoLevitikusi isahluko 19. Lesi sahluko singasifundisani ngokucabangela labo abakhubazekile, ngokwethembeka kwezamabhizinisi nangokubonisa uthando kwabanye? Sifuna ukuba ngcwele ngoba noNkulunkulu ungcwele, ngakho ake sibone ukuthi yini esingayifunda.

UKUCABANGELA ABAKHUBAZEKILE

ULevitikusi 19:14 usikhuthaza ukuba simphathe kanjani umuntu oyisithulu noma oyimpumputhe? (Bheka izigaba 3-5) *

3-4. ULevitikusi 19:14 uthi izithulu nezimpumputhe kwakufanele ziphathwe kanjani?

3 Funda uLevitikusi 19:14. UJehova wayelindele ukuba abantu bakhe bacabangele abakhubazekile. Ngokwesibonelo, ama-Israyeli kwakungafanele aqalekise umuntu oyisithulu. Ukuqalekisa kwakusho ukusongela umuntu. Kwakuyinto embi kabi leyo owawungayenza kumuntu oyisithulu! Wayengakwazi ukuzwa lokho okwakushiwo kuye, ngakho wayengeke akwazi ukuziphendulela.

4 Ngaphezu kwalokho, evesini 14 sifunda ukuthi izinceku zikaNkulunkulu kwakungafanele ‘zibeke isikhubekiso phambi kwempumputhe.’ Ngokuqondene nabantu abakhubazekile, enye incwadi ithi: “EMpumalanga Ephakathi yasendulo babexhashazwa futhi behlukunyezwa.” Kungenzeka ukuthi umuntu ononya wayebeka into engaba isikhubekiso phambi kwempumputhe ngoba edelela noma efuna ukuhlekisa ngayo. Isihluku esingaka! Ngalo myalo, uJehova wayesiza abantu bakhe babone ukuthi kufanele babonise uzwela kwabakhubazekile.

5. Singalubonisa kanjani uzwela kwabakhubazekile?

5 UJesu wayebabonisa uzwela abakhubazekile. Khumbula umbiko awuthumela kuJohane uMbhapathizi: “Izimpumputhe seziyabona nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanzwa nezithulu ziyezwa, abafile bayavuswa.” Ngenxa yalezo zimangaliso zikaJesu, “bonke abantu badumisa uNkulunkulu.” (Luka 7:20-22; 18:43) AmaKristu ayakujabulela ukulingisa uzwela uJesu ayelubonisa abakhubazekile. Ngakho sibabonisa umusa, sibacabangele futhi sibabekezelele abantu abanjalo. Kuyavunywa, uJehova akasiphanga amandla okwenza izimangaliso. Noma kunjalo, sinalo ilungelo lokubatshela izindaba ezinhle labo abayizimpumputhe ngokomoya noma ngokoqobo. Lezi zindaba ezinhle zikhuluma ngepharadesi lapho wonke umuntu eyobe esephila kahle ngokomoya nasemzimbeni. (Luka 4:18) Lezi zindaba ezinhle zisiza abaningi badumise uNkulunkulu.

UKWETHEMBEKA KWEZAMABHIZINISI

6. ULevitikusi isahluko 19 usisiza kanjani sikuqonde kangcono okushiwo eMiyalweni Eyishumi?

6 Amanye amavesi akuLevitikusi isahluko 19 anezela kulokho okwakushiwo eMiyalweni Eyishumi. Ngokwesibonelo, umyalo ka-8 umane nje uthi: “Ungebi.” (Eks. 20:15) Umuntu wayengase aphethe ngokuthi uma nje engayithathi into okungeyona eyakhe, uyobe uyawulalela lowo myalo. Kodwa wawungase uthole ukuthi uyantshontsha ngezinye izindlela.

7. Umthengisi wayengaweqa kanjani umyalo ka-8 omayelana nokweba?

7 Umthengisi wayengase azishaye isifuba athi yena akakaze athathe into yomunye umuntu. Kodwa kuthiwani ngendlela ayeqhuba ngayo ibhizinisi? KuLevitikusi 19:35, 36 uJehova wathi: “Akumelwe ningathembeki lapho nikala ubude, isisindo noma ubuningi bento. Kufanele nisebenzise izikali ezinembile, izisindo ezinembile, isilinganiso esinembile sezinto ezomile nesilinganiso esinembile sezinto eziwuketshezi.” Umthengisi owayesebenzisa izikali noma izilinganiso ezinganembile ukuze akhohlise abathengi, empeleni wayentshontsha. Amanye amavesi akuLevitikusi isahluko 19 ayakucacisa lokho.

Esebenzisa uLevitikusi 19:11-13, umKristu angenza kuphi ukuzihlola ngokuqondene nebhizinisi? (Bheka izigaba 8-10) *

8. Imininingwane ekuLevitikusi 19:11-13 yawasiza kanjani amaJuda ukuba asebenzise isimiso somyalo ka-8, futhi thina singazuza kanjani?

8 Funda uLevitikusi 19:11-13. ULevitikusi 19:11 uqala ngokuthi: “Ningebi.” Ivesi 13 lihlobanisa ukweba nokuqhuba ibhizinisi ngendlela engathembekile, lithi: “Ungamphambi omunye umuntu.” Ngakho ukuqhuba ibhizinisi ngendlela engathembekile kuhlotshaniswa nokweba nokuphanga. Nakuba umyalo ka-8 wawukhuluma ngokweba, imininingwane ekuLevitikusi yayingasiza amaJuda aqonde ukuthi ayengasisebenzisa kanjani isimiso salowo mthetho. Kungasizuzisa ukucabanga ngendlela uJehova akubheka ngayo ukungathembeki nokuntshontsha. Singase sizibuze: ‘Uma ngicabanga ngalokho okushiwo kuLevitikusi 19:11-13, kukhona yini okufanele ngikushintshe ekuphileni kwami? Kuyadingeka yini ngilungise indleIa engiqhuba ngayo ibhizinisi noma indlela engisebenza ngayo?’

9. Wawusiza ngani umthetho okuLevitikusi 19:13?

9 Kunesinye isici esimayelana nokwethembeka umKristu onebhizinisi okufanele asicabangele. ULevitikusi 19:13 uphetha ngala mazwi: “Akufanele uwugodle ubusuku bonke kuze kube sekuseni umholo wesisebenzi esiqashiwe.” Emphakathini wakwa-Israyeli owawulima, izisebenzi eziqashiwe kwakufanele ziholelwe njalo ekupheleni kosuku. Ukugodla umholo wesisebenzi kwakuyosenza singabi nemali yokondla umndeni waso ngalelo langa. UJehova wachaza: “Sihluphekile futhi sithembele kulo mholo ukuze siphile.”​—Dut. 24:14, 15; Math. 20:8

10. Yisiphi isifundo esingasifunda kuLevitikusi 19:13?

10 Namuhla izisebenzi eziningi zihola kanye noma kabili ngenyanga, aziholi ngosuku. Noma kunjalo, isimiso esikuLevitikusi 19:13 sisasebenza. Abanye abaqashi badlala ngezisebenzi ngokuziholela imali encane kakhulu engalingani nomsebenzi eziwenzayo. Bayazi ukuthi ayikho into ezingayenza lezi zisebenzi ngaphandle kokuqhubeka zisebenzela utiki. Kufana nokuthi laba baqashi ‘bagodla umholo wesisebenzi esiqashiwe.’ UmKristu onebhizinisi kufanele acabangisise ngaleli phuzu. Manje ake sibone ukuthi yini enye esingayifunda kuLevitikusi isahluko 19.

THANDA ABANYE NJENGOBA UZITHANDA WENA

11-12. Yini uJesu ayeyigcizelela ngokucaphuna uLevitikusi 19:17, 18?

11 Endabeni yendlela esiphatha ngayo abantu, uNkulunkulu akagcini nje ngokusitshela ukuthi singabalimazi. Siyakubona lokhu kuLevitikusi 19:17, 18. (Yifunde.) Phawula umyalo ocacile othi: “Kumelwe uthande omunye umuntu njengoba uzithanda wena.” Ukwenza kanjalo kubalulekile kumKristu ofuna ukujabulisa uNkulunkulu.

12 Cabanga ngendlela uJesu akubonisa ngayo ukubaluleka komyalo okuLevitikusi 19:18. UmFarisi wake wabuza uJesu wathi: “Yimuphi umyalo omkhulu kunayo yonke eMthethweni?” UJesu waphendula wathi ‘umyalo omkhulu kunayo yonke futhi ongowokuqala’ uwukuthanda uJehova ngayo yonke inhliziyo yethu, ngawo wonke umphefumulo wethu nangayo yonke ingqondo yethu. UJesu wabe esecaphuna uLevitikusi 19:18 wathi: “Owesibili onjengawo yilo: ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’” (Math. 22:35-40) Ziningi izindlela zokubonisa umakhelwane uthando, kodwa singaphinde sifunde ezinye kuLevitikusi isahluko 19.

13. Indaba eseBhayibhelini emayelana noJosefa iliveza kanjani iphuzu elabhalwa kuLevitikusi 19:18 kamuva?

13 Enye indlela yokubonisa umakhelwane uthando ukusebenzisa iseluleko esikuLevitikusi 19:18. Uthi: ‘Ungaphindiseli noma ubambe igqubu.’ Iningi lethu liyamazi umuntu owake wabamba igqubu ebambela umuntu asebenza naye, afunda naye, isihlobo noma ilungu lomndeni​—kuze kuphele iminyaka! Khumbula ukuthi abafowabo bakaJosefa ngamzali munye bambambela igqubu, okwagcina kubenze benza isenzo esibonisa inzondo. (Gen. 37:2-8, 25-28) Akeve enza ngendlela ehlukile uJosefa! Lapho esesesikhundleni esiphakeme futhi esenethuba lokuziphindiselela kubafowabo ngamzali munye, wababonisa isihe. UJosefa akalibambanga igqubu. Kunalokho, wenza ngokuvumelana neseluleko kamuva esabhalwa kuLevitikusi 19:18.—Gen. 50:19-21.

14. Yini ebonisa ukuthi izimiso ezikuLevitikusi 19:18 zisasebenza?

14 Ukuthethelela kukaJosefa kunokuba abambe igqubu noma aphindisele kuwabekela isibonelo amaKristu afuna ukuthokozisa uNkulunkulu. Kuvumelana nanomthandazo oyisibonelo ngoba uJesu wasinxusa ukuba sithethelele abasonayo. (Math. 6:9, 12) Umphostoli uPawulu naye weluleka amanye amaKristu: “Ningaziphindiseleli bathandekayo.” (Roma 12:19) Waphinde wawakhuthaza: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile, ngisho noma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye.” (Kol. 3:13) Izimiso zikaJehova azishintshi. Izimiso okusekelwe kuzo umthetho okuLevitikusi 19:18 zisasebenza nanamuhla.

Njengoba nje kungekuhle ukulokhu uvula inxeba, akukuhle nokulokhu ucabanga ngezinto ezibuhlungu ezenziwe kuwe. Kufanele uzame ukuzidlulisa (Bheka isigaba 15) *

15. Singase sisifanekise kanjani isidingo sokudlulisa okwenzeka?

15 Cabanga ngalo mfanekiso. Imizwa elimele ingafaniswa namanxeba. Amanye mancane; amanye makhulu. Ngokwesibonelo, lapho siqoba silungiselela ukupheka singase sisikeke kancane emunweni. Kungase kube buhlungu kodwa kungasheshe kuphole. Ngemva kwezinsukwana sisuke singasakhumbuli nokuthi besisikekephi. Ngendlela efanayo, ezinye izinto abantu abazenza kithi ziwubala. Ngokwesibonelo, umngane angase asho noma enze into esizwisa ubuhlungu, kodwa simthethelela kalula. Kodwa uma sinenxeba elikhulu, kungase kudingeke ukuba udokotela alithunge bese eyalibhandisha. Uma silokhu silithinta noma silivula siyazithunuka. Ngokudabukisayo, lapho umuntu ephatheke kabi kakhulu angase enze okufanayo. Angalokhu ecabanga ngobuhlungu abuzwayo nokuthi walinyazwa kakhulu kangakanani. Kodwa labo ababamba igqubu bazilimaza bona. Kungcono ngempela ukulalela iseluleko esikuLevitikusi 19:18!

16. ULevitikusi 19:33, 34 ubonisa ukuthi kwakufanele ziphathwe kanjani izifiki kwa-Israyeli, futhi singafundani kulokho?

16 Lapho uJehova eyala ama-Israyeli ukuba athande omunye umuntu, wayengasho ukuthi kufanele athande abantu bohlanga lwawo noma besizwe sawo kuphela. Atshelwa nokuba athande nezifiki ezaziphakathi kwawo. Lowo myalo ocacile utholakala kuLevitikusi 19:33, 34. (Yifunde.) Isifiki kwakufanele siphathwe njengomuntu “wokuzalwa,” ama-Israyeli kwakufanele ‘asithande’ njengoba ezithanda wona. Ngokwesibonelo, kwakufanele avumele izifiki kanye nabampofu bazuze elungiselelweni lokukhothoza. (Lev. 19:9, 10) Isimiso sokuthanda izifiki siyasebenza nakumaKristu namuhla. (Luka 10:30-37) Kanjani? Kunezigidigidi zabantu abavela kwamanye amazwe, cishe bakhona abahlala eduze kwalapho uhlala khona. Kubalulekile ukuba siphathe la madoda, abesifazane nezingane ngenhlonipho nangendlela engabehlisi isithunzi.

OKUNYE OKUNGAXOXWANGA NGAKO OKUKULEVITIKUSI ISAHLUKO 19

17-18. (a) ULevitikusi 19:2 neyoku-1 Petru 1:15 kufanele isithinte kanjani? (b) Yimuphi umsebenzi obalulekile umphostoli uPetru asikhuthaza ukuba siwenze?

17 ULevitikusi 19:2 neyoku-1 Petru 1:15 inxusa abantu bakaNkulunkulu ukuba babe ngcwele. Maningi amanye amavesi kuLevitikusi isahluko 19 angasisiza sibone ukuthi singenzani ukuze samukelwe uJehova. Sixoxe ngamavesi akhuluma ngezinye izinto ezinhle esingazenza nezinye ezimbi okufanele sizigweme. * ImiBhalo YamaKristu YesiGreki ikhuluma ngesidingo sokuziphatha ngendlela efanayo. Kodwa umphostoli uPetru wenezela okuthile.

18 Nakuba singahlanganyela emisebenzini eminingi engokomoya futhi senze izinto eziningi ezinhle, uPetru uqokomisa into eyodwa ebalulekile. Ngaphambi kokuba asikhuthaze ukuba sibe ngcwele kukho konke ukuziphatha kwethu, uPetru wasinxusa: “Lungisani izingqondo zenu ngenjongo yokusebenza.” (1 Pet. 1:13, 15) Yimuphi lowo msebenzi? UPetru wathi abafowabo bakaKristu abagcotshiwe ‘babeyomemezela kabanzi ubuhle baLowo owababiza.’ (1 Pet. 2:9) Empeleni, wonke amaKristu namuhla anelungelo lokwenza lo msebenzi obaluleke kakhulu, ofeza okuningi okuhle. Njengabantu abangcwele sinelungelo elikhetheke ngempela lokuhlanganyela njalo nangentshiseko emsebenzini wokushumayela nokufundisa. (Marku 13:10) Lapho sizisebenzisa ngenkuthalo izimiso ezikuLevitikusi isahluko 19, sifakazela ukuthi siyamthanda uNkulunkulu wethu nomakhelwane. Sibonisa nokuthi sifuna ‘ukuba ngcwele’ kukho konke ukuziphatha kwethu.

INGOMA 111 Sinezizathu Zokujabula

^ par. 5 AmaKristu awekho ngaphansi koMthetho KaMose, kodwa lowo Mthetho ukhuluma ngezinto eziningi okufanele nokungafanele sizenze. Ukufunda ngalezi zinto kungasisiza sibonise uthando kwabanye sijabulise noNkulunkulu. Lesi sihloko sikhuluma ngokuthi singazuza kanjani kwezinye izifundo ezitholakala kuLevitikusi isahluko 19.

^ par. 17 Amavesi okungazange kuxoxwe ngawo kulezi zihloko akhuluma ngokukhetha, ukuhleba ngabanye, ukudla igazi, ukusebenzelana nemimoya, ukubikezela ikusasa nokuziphatha kabi ngokocansi.—Lev 19:15, 16, 26-29, 31.​—Bheka esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kulo magazini.

^ par. 52 INCAZELO YEZITHOMBE: UFakazi usiza umzalwane oyisithulu njengoba ekhuluma nodokotela.

^ par. 54 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane onebhizinisi lokupenda uholela isisebenzi.

^ par. 56 INCAZELO YEZITHOMBE: Udade angasheshe akhohlwe ukusikeka okuncane. Ingabe uzokwenza okufanayo ngenxeba elikhulu?