Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Usho ukuthini umyalo okuLevitikusi 19:16 othi “ungazami ukubulala omunye umuntu,” futhi singafundani kuwo?

UJehova wanxusa ama-Israyeli ukuba abe ngcwele. Ukuze awasize abe ngcwele, wathi: “Akumelwe uhambe usakaza inkulumo enyundelayo phakathi kwabantu bakini. Ungazami ukubulala omunye umuntu. NginguJehova.”​—Lev. 19:2, 16.

Inkulumo ethi “ungazami ukubulala” omunye umuntu iyihumusha kahle inkulumo yesiHebheru yokuqala, kodwa isho ukuthini? Incwadi yamaJuda echaza uLevitikusi ithi: “Le ngxenye yevesi . . . kunzima ukuyichaza ngenxa yezinkinga ezihambisana nokuqonda isisho sesiHebheru [esitholakala lapha] esithi ‘ungami ngaphezu noma eduze.’”

Ezinye izazi zihlobanisa le nkulumo nevesi elandulelayo elithi: “Akumelwe nahlulele ngendlela engenabulungisa. Ungambandlululi umuntu ohluphekayo noma ukhethe isicebi. Kufanele wahlulele omunye umuntu ngobulungisa.” (Lev. 19:15) Uma kuhlobana, kusho ukuthi umyalo osevesini 16 othi “ungazami ukubulala” omunye umuntu ungasho ukuthi abantu bakaNkulunkulu kwakungafanele benze ngokungabi nabulungisa enkantolo, kwezebhizinisi, ezindabeni zomndeni futhi bangenzi ngobuqili ukuze kuzuze bona. Kuyavunywa, akufanele sizenze lezo zinto, kodwa ikhona indlela engcono yokuqonda le nkulumo esevesini 16.

Cabanga ngengxenye yokuqala yalelo vesi. UNkulunkulu uyala abantu bakhe ukuba bangahambi besakaza inkulumo enyundelayo. Khumbula ukuthi ukunyundela akumane nje kuwukuhleba, nakuba nako ukuhleba kubanga izinkinga. (IzAga 10:19; UmSh. 10:12-14; 1 Thim. 5:11-15; Jak. 3:6) Ukunyundela kuvame ukuba inkulumo eshiwo ngenhloso ukuze yone idumela lomunye. Umnyundeli angase anikeze ubufakazi obungamanga ngomunye umuntu, ngisho noma ukwenza kanjalo kufaka ukuphila kwalowo muntu engozini. Khumbula ukuthi kunamadoda anyundela uNabhoti ngokunikeza ubufakazi obungamanga ngaye, kwaholela ekutheni uNabhoti ashaywe ngamatshe aze afe kungafanele. (1 AmaKh. 21:8-13) Yebo, umnyundeli angazama ukubulala omunye umuntu, njengoba kusho ingxenye yesibili kaLevitikusi 19:16.

Ngaphezu kwalokho, ukunyundela kungabonisa izinga elithile lenzondo. Kweyoku-1 Johane 3:15, siyafunda: “Wonke umuntu ozonda umfowabo ungumbulali, futhi niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.” Kuyaphawuleka ukuthi ngemva kwamazwi asevesini 16, uNkulunkulu wathi: “Ungamzondi umfowenu enhliziyweni yakho.”​—Lev. 19:17.

Ngakho, le nkulumo engavamile ekuLevitikusi 19:16 inikeza amaKristu isiyalo esiqinile. Kumelwe sikugweme ukuba nemicabango emibi ngomunye umuntu nokumnyundela. Kalula nje, uma ‘sizama ukubulala omunye umuntu’ ngokumnyundela ngoba singamthandi noma sinomona ngaye, lokho kungaba ubufakazi bokuthi siyamzonda. AmaKristu kumelwe akugweme ngokuphelele ukwenza kanjalo.—Math. 12:36, 37.