Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Usebenzisana Kahle Nabanye?

Ingabe Usebenzisana Kahle Nabanye?

“NGANGISECELENI kwakhe ngiyisisebenzi esiyingcweti. . . . Ngangijabula phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi.” (IzAga 8:30) Yileyo ndlela iBhayibheli eliyichaza ngayo iNdodana kaNkulunkulu phakathi neminyaka eminingi isebenza noYise ngaphambi kokuba ize emhlabeni. Phawula nokuthi leli vesi lisitshela indlela uJesu ayezizwa ngayo njengoba ayesebenza noNkulunkulu; ‘wayejabula’ phambi kwakhe.

UJesu wafunda izimfanelo ezinhle kamuva ezamenza waba isibonelo esivelele sokusebenzisana kahle nabanye esasiyolandelwa yilabo ababezihlanganisa naye. Singazuza kanjani esibonelweni sikaJesu? Ngokuhlolisisa isibonelo sakhe, singakwazi ukubona izimiso ezintathu ezingasisiza sisebenzisane kahle nabanye. Lezi zimiso zizosisiza sibe nomoya wobunye nowokubambisana.

Ucabanga ngesibonelo sikaJehova noJesu, kulungele ukwabela abantu osebenza nabo ulwazi

ISIMISO SOKUQALA: ‘BONISANANI UDUMO’

Isisebenzi esisebenzisana kahle nabanye sithobekile futhi siyabazisa labo esisebenza nabo, asizami ukubukisa. UJesu wayifunda kuYise leyo ndlela yokusebenzisana nabanye ngokuthobeka. Nakuba kunguJehova kuphela ofanelwe ukubizwa ngoMdali, waveza indima eyadlalwa iNdodana yakhe, isisebenzi esasikanye naye. Siyakubona lokho emazwini kaNkulunkulu athi: “Masenze umuntu ngomfanekiso wethu.” (Gen. 1:26) Cishe lawo mazwi enza uJesu wakuqaphela ukuthobeka kukaJehova.​—IHu. 18:35.

Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wakubonisa ngendlela efanayo ukuthobeka. Lapho enconywa ngezinto ayezenzile, wayisa udumo kuLowo olwalumfanele. (Marku 10:17, 18; Joh. 7:15, 16) UJesu wenza kwaba nokuthula phakathi kwakhe nabafundi bakhe, wayebabheka njengabangane hhayi njengezinceku. (Joh. 15:15) Waze wabageza nezinyawo ukuze abafundise isifundo sokuthobeka. (Joh. 13:5, 12-14) Nathi kufanele sibabonise udumo esisebenza nabo, izinto abazithandayo zize kuqala kunezithandwa yithi. Lapho ‘sibonisana udumo’ futhi singakhathazeki ngokuthi ubani ozonconywa, kuningi esingakufeza.​—Roma 12:10.

Umuntu othobekile uyaqonda nokuthi “kuba khona okufezwayo uma abeluleki bebaningi.” (IzAga 15:22) Kungakhathaliseki ukuthi sinolwazi olungakanani noma amakhono angakanani, kumelwe sikhumbule ukuthi akekho umuntu owazi yonke into. Ngisho noJesu wavuma ukuthi kunezinto ayengazazi. (Math. 24:36) Wayethanda nokwazi lokho abafundi bakhe abanesono ababekwazi nababekucabanga. (Math. 16:13-16) Yingakho nje izisebenzi ezazikanye naye zazikhululeka uma zinaye! Ngendlela efanayo, uma ngokuthobeka sikhumbula ukulinganiselwa kwethu sivumele abanye baveze imibono yabo, senza kube nokuthula bese ‘kuba khona esikufezayo.’

Kubaluleke nakakhulu ukuba abadala balingise isibonelo sikaJesu sokuthobeka lapho besebenza ndawonye. Kudingeka bakhumbule ukuthi umoya ongcwele ungasiza noma yimuphi umdala ukuba asho okuthile okuzoyisiza yonke indikimba. Lapho abadala benemihlangano, bazama ukuba wonke umuntu azizwe ekhululekile ukuveza uvo lwakhe, ukuze bakwazi ukwenza izinqumo ezizuzisa lonke ibandla.

ISIMISO SESIBILI: “UKUCABANGELA KWENU MAKWAZIWE”

Umuntu osebenzisana kahle nabanye uyabacabangela abantu asebenza nabo. Uyabonelela. UJesu wayenamathuba amaningi okubona ukucabangela kukaYise. Ngokwesibonelo, uJehova wamthuma ukuba asindise abantu esigwebweni sokufa okwakufanele basithole.​—Joh 3:16.

UJesu wayebonelela uma kudingeka noma kufaneleka. Khumbula indlela asiza ngayo owesifazane ongumFenike ngisho noma ayethunyelwe endlini ka-Israyeli. (Math. 15:22-28) Wayebonisa ukucabangela nakulokho eyekulindele kubafundi bakhe. Ngemva kokuba umngane wakhe oseduze, uPetru, emphike phambi kwabantu, uJesu wayekulungele ukumthethelela. Kamuva wanika uPetru imithwalo eyengeziwe. (Luka 22:32; Joh. 21:17; IzE. 2:14; 8:14-17; 10:44, 45) Isibonelo sikaJesu sibonisa ngokucacile ukuthi kumelwe ‘ukucabangela [kwethu] kwaziwe yibo bonke abantu’ ngokuba ababonelelayo.​—Fil. 4:5.

Ukucabangela kuzosenza siphinde sivumelane nezimo ukuze sisebenze ngokuzwana nazo zonke izinhlobo zabantu. UJesu wayebaphatha kahle abantu ababenaye kangangokuba izitha zakhe ezinomona zammangalela ngokuba “umngane wabaqoqi bentela nezoni,” okuyibo ababelalela umyalezo wakhe. (Math. 11:19) NjengoJesu, singakwazi yini nathi ukusebenzisana kahle nabanye? ULouis, umzalwane ochithe isikhathi esiningi emsebenzini wokujikeleza naseBethel esebenza nabantu abanezizinda ezingefani, uthi: “Iqembu ngalinye engisebenza nalo ngiye ngiliqhathanise nodonga olwakhiwe ngamatshe ami ngendlela engafani. Ngokushintsha indlela amanye amatshe abekwa ngayo, ungagcina usunodonga oluqondile. Nami ngiye ngenza ushintsho oludingekayo ukuze ngibe nesandla ekutheni udonga luqonde.” Yisimo sengqondo esihle ngempela leso!

Isisebenzi esisebenzisana kahle nabanye asibagodleli ulwazi ukuze nje sihlale singaphezu kwabo

Singawubonisa nini umoya wokubambisana ebandleni esikulo? Singawubonisa lapho sisebenza neqembu lenkonzo yasensimini esikulo. Kungenzeka sisebenze nabamemezeli abanemithwalo yemindeni engafani neyethu noma abangalingani nathi ngeminyaka. Singalwela yini ukuba abacabangelayo ngokushintsha ijubane esihamba ngalo noma indlela yokushumayela ukuze bayijabulele ngokwengeziwe inkonzo?

ISIMISO SESITHATHU: ‘KULUNGELE UKWABELANA IZINTO NABANYE’

Isisebenzi esisebenzisana kahle nabanye ‘sikulungele ukwabelana izinto’ nabo. (1 Thim. 6:18) Lapho esebenza eceleni kukaYise, kumelwe ukuba uJesu waphawula ukuthi uJehova akafihli lutho. Lapho uJehova “ehlela amazulu,” uJesu ‘wayekhona’ futhi wayengafunda kuye. (IzAga 8:27) Kamuva, uJesu naye wakujabulela ukutshela abafundi bakhe ‘izinto ayezizwe’ kuYise. (Joh. 15:15) Sinaleso sibonelo engqondweni, nathi kufanele sikulungele ukwabela abantu esisebenza nabo ulwazi. Ngokuqinisekile, isisebenzi esisebenzisana kahle nabanye ngeke sigodlele abanye ulwazi oludingekayo noma oluwusizo ukuze nje sihlale singaphezu kwabo. Siyokujabulela ukwabela abanye izinto ezinhle esizifundile.

Singabakhuthaza nangamazwi abantu esisebenzisana nabo. Lapho othile eqaphela imizamo yethu futhi esincoma ngokusuka enhliziyweni, asijabuli yini? UJesu wabatshela abanye izinto ezinhle ayezibona kubo. (Qhathanisa noMathewu 25:19-23; Luka 10:17-20.) Waze wabatshela nokuthi ‘babeyokwenza imisebenzi emikhulu’ kuneyakhe. (Joh. 14:12) Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, wancoma abaphostoli bakhe abathembekile wathi: “Nina aningishiyanga ekulingweni kwami.” (Luka 22:28) Cabanga nje ukuthi amazwi akhe abathinta kanjani izinhliziyo, abenza bakhwela phezu komsebenzi. Uma nathi sibancoma abantu esisebenza nabo nakanjani bayojabula futhi basebenze ngokuzikhandla.

UNGAKWAZI UKUSEBENZISANA KAHLE NABANYE

Umzalwane okuthiwa uKayode uthi: “Umuntu osebenzisana kahle nabanye uyawenza amaphutha kodwa uphinde enze kube nomoya wentokozo futhi wenza umsebenzi ungabi umthwalo kubantu asebenza nabo.” Ingabe unjalo nawe? Kungani ungabuzi amaKristu osebenza nawo ukuthi acabangani ngawe uma kuziwa kule ndaba? Uma ekujabulela ukusebenza nawe, njengoba nje nabafundi bakaJesu babekujabulela ukusebenza naye, ungasho njengoba kwasho umphostoli uPawulu: “Siyizisebenzi ezikanye nani ukuze nijabule.”​—2 Kor. 1:24.