Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 50

Lalela Izwi LikaMalusi Omuhle

Lalela Izwi LikaMalusi Omuhle

‘Ziyolalela izwi lami.’​—JOH. 10:16.

INGOMA 3 Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe

AMAZWIBELA *

1. Yisiphi isizathu okungenzeka senza uJesu wafanisa abalandeli bakhe nezimvu?

UJESU wafanisa ubuhlobo anabo nabalandeli bakhe nobuhlobo obuseduze umalusi anabo nezimvu zakhe. (Joh. 10:14) Lesi sifaniso siyafaneleka. Izimvu ziyamazi umalusi wazo futhi ziyalilalela izwi lakhe. Isivakashi esithile sazibonela lokhu ngokwaso. Sathi: “Sasifuna ukuthatha izithombe zezimvu, sazama ukuzibiza ukuze zisondele kithi. Kodwa azizange zisondele ngenxa yokuthi zazingawazi amazwi ethu. Kwabe sekuqhamuka umfana omncane ongumalusi, wathi angazibiza nje zamlandela.”

2-3. (a) Abalandeli bakaJesu babonisa kanjani ukuthi bayalilalela izwi lakhe? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko nakwesilandelayo?

2 Okwenzeka kuleso sivakashi kusikhumbuza amazwi kaJesu mayelana nezimvu zakhe​—abafundi bakhe. Wathi: ‘Ziyolalela izwi lami.’ (Joh. 10:16) Kodwa uJesu usezulwini. Singasho kanjani ukuthi siyamlalela? Indlela eyinhloko esingabonisa ngayo ukuthi siyalilalela izwi leNkosi yethu iwukusebenzisa izimfundiso zakhe ekuphileni kwethu.​—Math. 7:24, 25.

3 Kulesi sihloko nakwesilandelayo, sizoxoxa ngezinye zezimfundiso zikaJesu. Njengoba sizobona, uJesu wasifundisa ukuthi kunezinto ezithile okufanele siyeke ukuzenza nezinto okufanele sizenze. Sizoqale sixoxe ngezinto ezimbili umalusi omuhle asiyala ukuba siyeke ukuzenza.

“YEKANI UKUHLALA NIKHATHAZEKILE”

4. NgokukaLuka 12:29, yini engasenza ‘sihlale sikhathazekile’?

4 Funda uLuka 12:29. UJesu wanxusa abalandeli bakhe ukuba ‘bayeke ukuhlala bekhathazeke’ ngezinto abazidingayo. Siyazi ukuthi iseluleko sikaJesu sihlale sinembile futhi sihlakaniphile. Siyafuna ukusisebenzisa kodwa ngezinye izikhathi kungase kube nzima ukwenza kanjalo. Kungani?

5. Kungani abanye bengase bakhathazeke ngezinto abazidingayo?

 5 Abanye bangase bakhathazeke ngezinto abazidingayo​—ukudla, okokugqoka nendawo yokuhlala. Kungenzeka bahlala ezweni elinezimo zomnotho ezingezinhle. Kungase kube nzima ukuba bathole imali eyanele ukuze banakekele umndeni wabo. Noma kungenzeka ukuthi umuntu owondla umndeni washona, washiya umndeni ungasekelwa muntu ngokwezimali. Kungenzeka ubhubhane lweCOVID-19 lwenze abantu balahlekelwa imisebenzi nendlela yokuzisekela. (UmSh. 9:11) Uma sike sabhekana nenye yalezi zinselele noma sabhekana nezinye izinselele, singasilandela kanjani isiqondiso sikaJesu sokuyeka ukukhathazeka?

Kunokuba ucwile ngokomfanekiso ngenxa yokukhathazeka ngezinto ozidingayo, thembela kuJehova (Bheka izigaba 6-8) *

6. Chaza lokho okwenzeka kumphostoli uPetru ngelinye ilanga.

6 Ngelinye ilanga lapho kunesivunguvungu, umphostoli uPetru nabanye abaphostoli babesesikebheni oLwandle LwaseGalile, babona uJesu ehamba phezu kwamanzi. UPetru wathi: “Nkosi, uma kunguwe, ngiyale ukuba ngize kuwe ngihambe phezu kwamanzi.” Ngemva kokuba uJesu ethe kuye “woza,” uPetru waphuma esikebheni “wahamba phezu kwamanzi waya ngakuJesu.” Phawula okwabe sekwenzeka. “Ebheka isivunguvungu, wesaba. Lapho eqala ukucwila wamemeza wathi: ‘Nkosi, ngisindise!’” UJesu welula isandla sakhe wamsindisa. Ngokuphawulekayo, uPetru wayekwazi ukuhamba phezu kwamanzi agubhayo uma nje ayesagxilise amehlo akhe kuJesu. Kodwa lapho uPetru ebheka isivunguvungu, wakhungathwa ukwesaba nokungabaza, waqala ukucwila.​—Math. 14:24-31.

7. Singafundani esibonelweni sikaPetru?

7 Singafunda esibonelweni sikaPetru. Lapho uPetru ephuma esikebheni ehamba phezu kolwandle, wayengalindele ukuphazanyiswa isivunguvungu aqale ukucwila. Wayefuna ukuqhubeka ehamba phezu kwamanzi aze afike eNkosini yakhe. Kodwa wehluleka ukwenza kanjalo. Kuyavunywa ukuthi thina asikwazi ukuhamba phezu kwamanzi, kodwa siyabhekana nezinto ezivivinya ukholo lwethu. Uma nathi siyeka ukugxila kuJehova nasezithembisweni zakhe, sizoqala ukucwila ngokomoya. Kungakhathaliseki ukuthi sibhekana naziphi izivunguvungu ezingokomfanekiso ekuphileni kwethu, kumelwe sigxile kuJehova nasemandleni akhe okusisiza. Singakwenza kanjani lokho?

8. Yini engasisiza sigweme ukukhathazeka kakhulu ngezinto esizidingayo?

8 Kuzosisiza ukuba sithembele kuJehova kunokuba sikhathazeke ngezinkinga zethu. Khumbula ukuthi uBaba wethu onothando, uJehova, uthembisa ukuthi uzosinika izinto esizidingayo uma sibeka kuqala izinto ezingokomoya. (Math. 6:32, 33) Unomlando omuhle wokusigcina leso sithembiso. (Dut. 8:4, 15, 16; IHu. 37:25) Uma uJehova ezinakekela izinyoni nezimbali, ngokuqinisekile akudingeki sikhathazeke ngokuthi sizodlani noma sizogqokani! (Math. 6:26-30; Fil. 4:6, 7) Njengoba nje uthando lwenza abazali abakhathalelayo banike izingane zabo ezikudingayo, uthando lwenza noBaba wethu osezulwini anakekele izidingo zabantu bakhe. Impela, singaqiniseka ukuthi uJehova uzosinakekela!

9. Ungafundani kulokho okwenzeka kwenye indoda nomkayo?

9 Cabanga ngesibonelo esibonisa indlela uJehova asinakekela ngayo ngezinto esizidingayo. Indoda nomkayo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele bahamba ngemoto yabo endala isikhathi esingaphezu kwehora, beyolanda odade abahlala endaweni yababaleki ukuze babayise emhlanganweni webandla. Umzalwane wachaza: “Ngemva komhlangano samemela lab’ odade ekhaya ukuba bazodla nathi, kodwa sakhumbula ukuthi sasingenakho abazokudla.” Babezokwenzenjani? Umzalwane uyaqhubeka: “Lapho sifika ekhaya kwakukhona izikhwama ezimbili ezinkulu ezinokudla phambi komnyango. Sasingazi ukuthi zazilethwe ubani. UJehova wasinakekela.” Ngemva kwesikhathi esithile, imoto yabo yafa. Babeyidinga ukuze bayisebenzise ensimini, kodwa babengenayo imali yokuyilungisa. Ngesikhathi besayibheka egaraji ukuthi inani, kwafika umuntu wathi: “Ekabani le moto?” Umzalwane wathi eyakhe kodwa idinga ukulungiswa. Lo muntu wathi: “Akunankinga. Umkami ufuna imoto enje, enombala onje. Ungangidayisela ngamalini?” Umzalwane wathola imali eyanele ukuthenga enye imoto. Waphetha ngokuthi: “Akudingeki ngichaze ukuthi sazizwa kanjani ekupheleni kwalolo suku. Sasazi ukuthi kwakungekona ukuqondana kwezinto. Kwakuyisandla sikaJehova.”

10. IHubo 37:5 lisikhuthaza kanjani ukuba singakhathazeki ngezinto esizidingayo?

10 Lapho silalela umalusi omuhle futhi siyeka ukukhathazeka kakhulu ngezinto esizidingayo, singaqiniseka ngokuthi uJehova uzosinakekela. (Funda iHubo 37:5; 1 Pet. 5:7) Cabanga ngezimo okukhulunywe ngazo  esigabeni 5. Kuze kube manje, kungenzeka uJehova ubelokhu esebenzisa inhloko yomndeni noma umqashi ukuze anakekele izidingo zethu zansuku zonke. Uma inhloko yomndeni ingasakwazi ukwenza kanjalo noma uma silahlekelwa umsebenzi, uJehova uzosinakekela ngenye indlela. Yena uyosinakekela, kumnyama kubomvu! Manje ake sixoxe ngokunye umalusi omuhle asinxusa ukuba sikuyeke.

“YEKANI UKWAHLULELA”

Ukubheka ngale kokubukeka komuntu kungasisiza singabahluleli abanye (Bheka izigaba 11, 14-16) *

11. NgokukaMathewu 7:1, 2, yini uJesu athi asiyeke ukuyenza, futhi kungani kungaba inselele lokho?

11 Funda uMathewu 7:1, 2UJesu wayazi ukuthi abantu abanesono ababemlalele babevame ukubagxeka abanye. Phawula ukuthi wathi: “Yekani ukwahlulela.” Singase sizame kanzima ukungabahluleli esikholwa nabo. Nokho, sonke sinesono. Uma sithola ukuthi ngezinye izikhathi siyabagxeka abanye, kufanele senzeni? Kufanele silalele uJesu, sisebenze kanzima ukuze siyeke ukwahlulela.

12-13. Ukuzindla ngendlela uJehova ayebheka ngayo iNkosi uDavide kungasisiza kanjani siyeke ukwahlulela abanye?

12 Singazuza ngokuzindla ngesibonelo sikaJehova. Ugxila kokuhle kubantu. Siyakubona lokho endleleni asebenzelana ngayo neNkosi uDavide, umuntu owenza amaphutha amakhulu. Ngokwesibonelo, waphinga noBhati-sheba, waze wabangela nokuba umyeni wakhe abulawe. (2 Sam. 11:2-4, 14, 15, 24) Ngenxa yalokho, uDavide akalimazanga nje yena kuphela, walimaza nomndeni wakhe kuhlanganise namanye amakhosikazi akhe. (2 Sam. 12:10, 11) Ngesinye isikhathi, uDavide wahluleka ukubonisa ukuthi umethemba ngokugcwele uJehova lapho eyala ukuba kubalwe abantu bakwa-Israyeli. Kungenzeka wayethembele ebuthweni lakhe elikhulu eqhutshwa nawukuqhosha. Waba yini umphumela? Ama-Israyeli acishe abe ngu-70 000 abulawa isifo esiwumshayabhuqe!​—2 Sam. 24:1-4, 10-15.

13 Ukube wawuhlala kwa-Israyeli ngaleso sikhathi, wawuyozizwa kanjani ngoDavide? Ingabe wawuyomahlulela ngokuthi asimfanele isihe sikaJehova? UJehova wayengacabangi kanjalo. Wagxila kuwo wonke umlando kaDavide wokwethembeka nasekuphendukeni kwakhe ngobuqotho. Ngenxa yalokho, uJehova wamthethelela uDavide. UJehova wayazi ukuthi uDavide umthanda kakhulu futhi wayefuna ukwenza okuhle. Awubongi yini ngokuthi uNkulunkulu wethu ubheka okuhle kithi?​—1 AmaKh. 9:4; 1 IziKr. 29:10, 17.

14. Yini esize amaKristu ukuba ayeke ukwahlulela abanye?

14 Uma uJehova ebabonelela abantu abanesono, ngokuqinisekile nathi singababonelela abanye, sibheke okuhle kubo. Ngokuvamile kulula kakhulu ukubona amaphutha abanye nokubagxeka. Noma kunjalo, umuntu ongokomoya uyakwazi ukusebenzelana nabantu abanamaphutha yize ewabona lawo maphutha. Idayimane elingakapholishwa lingase lingabukeki kahle, kodwa umuntu ohlakaniphile uyobheka ngale kwengaphandle lalo elingasheleli, abone ukuthi liyoba igugu kangakanani uma selisikiwe lapholishwa. NjengoJehova noJesu, kudingeka sibheke okungale kokubukeka kwabantu, sibone izimfanelo zabo ezinhle.

15. Ukuzifaka ezicathulweni zabanye kungasisiza kanjani singabahluleli?

15 Ngaphandle kokugxila ezimfanelweni zabanye ezinhle, yini engasisiza ukuba singabahluleli? Zama ukuzifaka ezicathulweni zabo. Cabanga ngalesi sibonelo. Ngolunye usuku ethempelini, uJesu wabona umfelokazi ohluphekayo efaka izinhlamvu zemali ezimbili zenani elincane ebhokisini lomnikelo. Akazange athi: “Kungani engafakanga imali eningi?” Kunokugxila enanini umfelokazi anikela ngalo, uJesu wacabangela izisusa nezimo zakhe, wamncoma ngokwenza konke ayengakwenza.​—Luka 21:1-4.

16. Ungafundani kulokho okwenzeka kuVeronica?

16 Singabona ukubaluleka kokucabangela izimo zabanye ngokuhlola lokho okwenzeka kudadewethu uVeronica. Ebandleni ayekulo kwakunomama ongayedwa nendodana yakhe. UVeronica wathi: “Mina ngangibona sengathi bayenqena ukwenza izinto ezenziwa ibandla. Ngenxa yalokho ngangingabathandisisi. Kodwa ngabe sengiya ensimini nalo dade. Wabe esengichazela ngobunzima ayebhekene nabo ngenxa yomfana wakhe owayenesifo sokuphazamiseka kwengqondo. Wayenza konke angakwenza ukuze bathole izinto abazidingayo futhi babe nobuhlobo obuhle noJehova. Ngenxa yokugula kwendodana yakhe, ngezinye izikhathi wayeya emihlanganweni yelinye ibandla.” UVeronica waphetha: “Ngangingazi ukuthi ubhekene nesimo esinzima kangaka. Manje ngiyamthanda futhi ngimhlonipha kakhulu lo dade ngenxa yakho konke akwenzayo ukuze akhonze uJehova.”

17. UJakobe 2:8 usiyala ukuba senzeni, futhi singakwenza kanjani lokho?

17 Yini okufanele siyenze uma siqaphela ukuthi siye sahlulela esikholwa naye? Kumelwe sikhumbule ukuthi kufanele sibathande abafowethu. (Funda uJakobe 2:8.) Kufanele siphinde sithandaze ngobuqotho kuJehova, simcele asisize siyeke ukwahlulela. Singenza ngokuvumelana nemithandazo yethu ngokuchitha isikhathi nomuntu esiye samgxeka. Lokho kuyosisiza simazi kangcono. Singase simcele ukuba sisebenze naye enkonzweni yasensimini noma simmemele isidlo. Njengoba siya simazi kangcono, singazama ukulandela isibonelo sikaJehova noJesu sokubheka okuhle kuye. Ngaleyo ndlela, siyobe sibonisa ukuthi siyawulalela umyalo kamalusi omuhle wokuba siyeke ukwahlulela.

18. Singabonisa kanjani ukuthi siyalilalela izwi likamalusi omuhle?

18 Njengoba nje izimvu zilalela izwi likamalusi wazo, nabalandeli bakaJesu balalela izwi lakhe. Uma silwela ukuyeka ukukhathazeka ngezinto esizidingayo ukuze siphile futhi siyeka ukwahlulela abanye, uJehova noJesu bazoyibusisa imizamo yethu. Kungakhathaliseki ukuthi siyingxenye ‘yomhlambi omncane’ noma ‘yezinye izimvu,’ kwangathi singaqhubeka silalela izwi likamalusi omuhle. (Luka 12:32; Joh. 10:11, 14, 16) Esihlokweni esilandelayo sizofunda ngezinto ezimbili uJesu atshela abalandeli bakhe ukuthi kufanele bazenze.

INGOMA 101 Ukusebenza Ndawonye Ngobunye

^ par. 5 Lapho uJesu ethi izimvu zakhe zaziyolalela izwi lakhe, wayeqonde ukuthi abafundi bakhe babeyolalela izimfundiso zakhe futhi bazisebenzise ekuphileni kwabo. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezimfundiso zikaJesu ezimbili eziphawulekayo; ukuyeka ukukhathazeka ngezinto esizidingayo nokuyeka ukwahlulela abanye. Sizoxoxa ngokuthi singasisebenzisa kanjani iseluleko sakhe.

^ par. 51 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane uphelelwe umsebenzi, uswele imali yokuthenga izidingo zomndeni futhi kudingeka athole indawo yokuhlala. Kungaba lula ukuba akhathazeke kakhulu bese ukukhonza uNkulunkulu kuza kamuva.

^ par. 53 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane ufika isiqalile imihlangano. Kodwa ubonisa izimfanelo ezinhle njengoba eshumayela ngokwethukela, esiza osekhulile futhi esiza ekugcineni iHholo LoMbuso lisesimweni esihle.