Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 51

Qhubekani ‘Niyilalela’

Qhubekani ‘Niyilalela’

“Le yiNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele. Yilaleleni.”​—MATH. 17:5.

INGOMA 54 “Nansi Indlela”

AMAZWIBELA *

1-2. (a) Abaphostoli bakaJesu abathathu bayalwa ukuba benzeni, futhi basabela kanjani? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

NGEMVA kwePhasika lika-32 C.E., abaphostoli uPetru, uJakobe noJohane babona umbono omangalisayo. Besentabeni ethile ephakeme, okungenzeka kwakuyiNtaba iHermoni, uJesu waguqulwa isimo bebuka. “Ubuso bakhe bakhanya njengelanga, nezingubo zakhe zangaphandle zakhazimula njengokukhanya.” (Math. 17:1-4) Ngasekupheleni kombono, abaphostoli bezwa uNkulunkulu ethi: “Le yiNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele. Yilaleleni.” (Math. 17:5) Laba baphostoli abathathu bakufakazela ngendlela abaphila ngayo ukuthi babemlalela uJesu. Sifuna ukubalingisa.

2 Esihlokweni esidlule sifunde ukuthi ukulalela izwi likaJesu kusho ukuthi kufanele siyeke ukwenza izinto ezithile. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinto ezimbili uJesu athi kufanele sizenze.

“NGENANI NGESANGO ELINCANE”

3. NgokukaMathewu 7:13, 14, yini okufanele siyenze?

3 Funda uMathewu 7:13, 14. Phawula ukuthi uJesu wakhuluma ngamasango amabili aholela ezindaweni ezimbili ezihlukile, elinye liholela emgwaqweni ‘ovulekile’ elinye liholela endleleni ‘enyinyekile.’ Awukho umgwaqo noma indlela yesithathu. Kumelwe sizikhethele ukuthi sizohamba kumuphi umgwaqo. Lesi yisinqumo esibaluleke kunazo zonke esiyoke sizenze​—ukuphila kwethu okuphakade kuncike kuso.

4. Ungawuchaza kanjani umgwaqo ‘ovulekile’?

4 Kudingeka sikhumbule umehluko phakathi kwale migwaqo emibili. Umgwaqo ‘ovulekile’ uthandwa abantu abaningi ngoba kulula ukuhamba kuwo. Ngokudabukisayo, abaningi bakhetha ukuqhubeka behamba kulowo mgwaqo nokulandela isixuku esihamba kuwo. Abaqapheli ukuthi nguSathane uDeveli obakhuthaza ukuba bahambe kuwo futhi umgwaqo wakhe uholela ekufeni.​—1 Kor. 6:9, 10; 1 Joh. 5:19.

5. Yimiphi imizamo abanye abayenzile ukuze bathole indlela ‘enyinyekile’ bese behamba kuyo?

5 Ngokuphambene nomgwaqo ‘ovulekile,’ enye indlela “inyinyekile” futhi uJesu wathi bambalwa abayitholayo. Kungani? Kungoba evesini elilandelayo uJesu uxwayisa abalandeli bakhe ngabaprofethi bamanga. (Math. 7:15) Abanye abantu bathi kunezinkolo eziningi kakhulu futhi iningi lazo lithi lifundisa iqiniso. Abantu abaningi badikibele futhi badideke kangangokuba abazami nokuzama ukufuna indlela eholela ekuphileni. Kodwa leyo ndlela iyatholakala. UJesu wathi: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Joh. 8:31, 32) Siyakuncoma ngokuthi wena awuzange ulandele isixuku; kunalokho walifuna iqiniso. Waqale watadisha iZwi likaNkulunkulu ngokucophelela ukuze ufunde ukuthi yini ayifunayo kithi, wabe usulalela izimfundiso zikaJesu. Phakathi kwezinye izimfundiso owazifunda, wafunda ukuthi uJehova ulindele ukuba senqabe izimfundiso zenkolo yamanga, siyeke nokugubha amaholide anomsuka wobuqaba. Wafunda nokuthi kungase kungabi lula ukwenza lokho uJehova akulindele nokugqashula emikhubeni angayithandi. (Math. 10:34-36) Kungenzeka kwakunzima ukwenza ushintsho. Noma kunjalo, waphikelela ngoba uyamthanda uBaba wakho osezulwini futhi ufuna akwamukele. Kumelwe ukuba ave ejabula ngawe!​—IzAga 27:11.

SINGAQHUBEKA KANJANI SIHAMBA ENDLELENI ENYINYEKILE?

Iseluleko sikaNkulunkulu nemithetho yakhe kusisiza sihambe endleleni ‘enyinyekile’ (Bheka izigaba 6-8) *

6. NgokweHubo 119:9, 10, 45, 133, yini engasisiza siqhubeke sihamba endleleni enyinyekile?

6 Lapho sesiqale ukuhamba endleleni enyinyekile, yini engasisiza siqhubeke sihamba kuyo? Cabanga ngalo mfanekiso. Izinsimbi ezibiyele umgwaqo omncane ogudla iwa zivikela umshayeli nemoto yakhe. Lezi zinsimbi zenzelwe ukuvikela abashayeli​—ziyabasiza bangasondeli kakhulu onqenqemeni lwewa noma bakhalakathele eweni. Abekho abashayeli abangakhonondela ukuthi lezi zinsimbi ziyabavimba bangakwazi ukukhalakathela eweni balimale noma bafe! Imithetho kaJehova etholakala eBhayibhelini ifana nalezo zinsimbi. Imithetho yakhe isisiza ukuba siqhubeke sihamba endleleni enyinyekile.​—Funda iHubo 119:9, 10, 45, 133.

7. Abasha kufanele bayibheke kanjani indlela enyinyekile?

7 Basha, ingabe ngesinye isikhathi ninomuzwa wokuthi imithetho kaJehova inincisha injabulo? USathane ufuna nizizwe kanjalo. Ufuna nigxile kulokho okwenziwa yilabo abahamba emgwaqweni ovulekile, ababukeka sengathi bakujabulela ngempela ukuphila. Angase asebenzise lokho okwenziwa ontanga yenu esikoleni noma lokho enikubona kuyi-inthanethi ukuze anenze nizizwe sengathi niyaphuthelwa. USathane ufuna nicabange ukuthi imithetho kaJehova inincisha injabulo yangempela. * Kodwa khumbulani lokhu: USathane akafuni ukuba labo abahamba emgwaqweni wakhe babone ukuthi balindelwe yini ekugcineni. Ngakolunye uhlangothi, uJehova ubabonise ngokucacile labo abaqhubeka behamba endleni eholela ekuphileni ukuthi ikusasa libaphatheleni.—IHu. 37:29; Isaya 35:5, 6; 65:21-23.

8. Abasha bangafundani esibonelweni sika-Olaf?

8 Cabanga ngalokho ongakufunda kulokho okwenzeka kumzalwane osemusha u-Olaf. * Ayefunda nabo babemcindezela ukuba aziphathe kabi ngokocansi. Lapho echaza ukuthi oFakazi BakaJehova baphila ngemithetho yeBhayibheli yokuziphatha ephakeme, amanye amantombazane ekilasini lakhe azama ngisho nakakhulu ukumenza alale nawo. Kodwa u-Olaf wabambelela ngokuqinile kokulungile. Waphinde wabhekana nenye ingcindezi. U-Olaf uthi: “Othisha bazama ukungicindezela ukuba ngiye eyunivesithi ukuze abantu bangihloniphe. Bathi ngeke ngiphumelele uma ngingayi.” Yini eyasiza u-Olaf wamelana nalokho kucindezela? Uthi: “Ngaba nobungane obuseduze nalabo abasebandleni engikulo. Bafana nomndeni kimi. Ngaqala nokuzimisela ukutadisha iBhayibheli. Njengoba ngangilokhu ngitadisha, ngaqiniseka nakakhulu ukuthi engikufundayo kuyiqiniso. Ngenxa yalokho, ngazimisela ukukhonza uJehova.”

9. Yini elindelekile kulabo abafuna ukuqhubeka behamba endleleni enyinyekile?

9 USathane angathanda ukukubona ushiya indlela eya ekuphileni. Ufuna wenze lokho okwenziwa iningi labantu abahamba emgwaqweni “oholela ekubhujisweni.” (Math. 7:13) Kodwa sizoqhubeka sihamba endleleni enyinyekile uma singayeki ukulalela uJesu futhi siyibheka njengeyisivikelo. Manje ake sihlole okunye uJesu athi asikwenze.

YENZA UKUTHULA NOMFOWENU

10. NgokukaMathewu 5:23, 24, uJesu wathi yini okufanele siyenze?

10 Funda uMathewu 5:23, 24. UJesu wakhuluma ngento eyayibalulekile ezikhonzini ezingamaJuda ezazimlalele. Cabanga ngomuntu osethempelini oselungele ukunika umpristi umhlatshelo wesilwane. Uma ngaleso sikhathi engakhumbula ukuthi umfowabo unokuthile ngaye, kwakufanele ashiye umhlatshelo ‘ahambe.’ Kungani? Yini eyayingase ibaluleke ukwedlula umhlatshelo oya kuJehova? UJesu washo ngokucacile: “Qale wenze ukuthula nomfowenu.”

Ingabe uzosilingisa isibonelo sikaJakobe, owenza ukuthula nomfowabo ngokuthobeka? (Bheka izigaba 11-12) *

11. Yimiphi imizamo uJakobe ayenza ukuze enze ukuthula no-Esawu?

11 Singafunda izifundo ezibalulekile mayelana nokwenza ukuthula ngokuhlola okwenzeka ekuphileni kwenhloko yomndeni uJakobe. UNkulunkulu wasebenzisa ingelosi ukuze ayale uJakobe ukuba aphindele ezweni ayezalelwe kulo ngemva kweminyaka engu-20 ahamba. (Gen. 31:11, 13, 38) Kodwa kwakunenkinga. U-Esawu, umfowabo omdala, wayekade ethe uzombulala. (Gen. 27:41) UJakobe “wesaba kakhulu, wakhathazeka” ngokuthi kungenzeka umfowabo usambambele igqubu. (Gen. 32:7) Yini uJakobe ayenza ukuze enze ukuthula nomfowabo? Waqale wathandaza ngokujulile kuJehova ngaleyo ndaba. Wabe esethumela isipho ku-Esawu. (Gen. 32:9-15) Ekugcineni lapho sebehlangana, uJakobe wabonisa u-Esawu inhlonipho. Wakhothama phambi kwakhe​—hhayi kanye noma kabili, kodwa kasikhombisa! Ngesenzo sakhe sokuthobeka nenhlonipho, uJakobe wenza ukuthula nomfowabo.​—Gen. 33:3, 4.

12. Sifundani esibonelweni sikaJakobe?

12 Sifunda isifundo endleleni uJakobe alungiselela ngayo ukuyohlangana nomfowabo u-Esawu, nasendleleni enza ngayo lapho ehlangana naye. Ngokuthobeka, uJakobe wacela usizo kuJehova. Ngemva kwalokho, wenza ngokuvumelana nomthandazo wakhe ngokwenza konke okusemandleni ukuze lapho ehlangana nomfowabo kube nokuthula. Lapho behlangana, uJakobe akazange aphikisane no-Esawu ngokuthi ubani owayesephutheni. Umgomo kaJakobe wawuwukwenza ukuthula nomfowabo. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJakobe?

INDLELA YOKWENZA UKUTHULA NABANYE

13-14. Yini okufanele siyenze uma sikhube esikholwa naye?

13 Thina esihamba endleleni eholela ekuphileni sifuna ukuhlala sinokuthula nabafowethu. (Roma 12:18) Yini okufanele siyenze uma siqaphela ukuthi sikhube esikholwa naye? NjengoJakobe, kufanele sithandaze ngobuqotho kuJehova. Singamcela abusise imizamo yethu yokuzuza umfowethu.

14 Kufanele sizihlole nathi. Singase sizibuze imibuzo efana nale: ‘Ingabe ngizimisele ukuzehlisa, ngokuthobeka ngixolise bese ngenza ukuthula? UJehova noJesu bayozizwa kanjani uma ngithatha isinyathelo sokwenza ukuthula nomfowethu noma nodadewethu?’ Izimpendulo zethu zingasenza silalele uJesu, ngokuthobeka siye kwesikholwa naye ukuze senze ukuthula. Uma senza kanjalo siyobe silandela isibonelo sikaJakobe.

15. Ukusebenzisa isimiso esitholakala kweyabase-Efesu 4:2, 3 kungasisiza kanjani senze ukuthula nomfowethu?

15 Ake ucabange nje ukube uJakobe akazange azehlise lapho ehlangana nomfowabo! Cishe kwakuyoba nesiphetho esihlukile. Lapho siya kumfowethu ukuze siyolungisa ukungaboni ngaso linye, kudingeka sikwenze ngokuthobeka. (Funda eyabase-Efesu 4:2, 3.) IzAga 18:19 zithi: “Kulula ukuthumba idolobha elinezivikelo eziqinile kunokunqanda ulaka lomfowenu owoniwe, futhi kukhona izingxabano ezinjengemigoqo yenqaba.” Ukuxolisa ngokuthobeka kungasisiza sikwazi ukungena kuleyo “nqaba.”

16. Yini okufanele sicabange ngayo futhi kungani?

16 Kudingeka sicabangisise nangalokho esizokusho nokuthi sizokusho kanjani. Lapho sesikulungele ukukhuluma, kufanele siye kwesimkhubile sinomgomo wokupholisa noma ibuphi ubuhlungu obusenhliziyweni yakhe. Ekuqaleni, kungenzeka asho izinto ezikuphatha kabi. Kungalula ukuthukuthela noma ukuzama ukuzivikela, kodwa ingabe ukwenza kanjalo kungasisiza sixazulule inkinga ngokuthula? Lutho neze. Khumbula ukuthi ukwenza ukuthula nomfowenu kubaluleke ukwedlula ukuthola ukuthi ubani owenze iphutha.​—1 Kor. 6:7.

17. Ungafundani esibonelweni sikaGilbert?

17 Umzalwane okuthiwa uGilbert wasebenza kanzima ukuze abe umenzi wokuthula. Uthi: “Mina nelungu lomndeni eliseduze sasingezwani. Kwaphela iminyaka emibili ngizama ukukhuluma nalo ngendlela eqotho nenokuthula ukuze siphinde sizwane.” Yini enye uGilbert ayenza? “Ngaphambi kokuba ngikhulume naleli lungu lomndeni ngangithandaza ukuze ngilungise isimo sami sengqondo uma kwenzeka lisho amazwi ahlabayo. Kwakudingeka ngikulungele ukuthethelela. Ngafunda ukuthi asikho isidingo sokuveza ukuthi akumina onephutha ngaqonda nokuthi umgomo wami wawuwukwenza ukuthula.” Yaba yini imiphumela? UGilbert uthi: “Namuhla nginokuthula kwengqondo ngenxa yobuhlobo obuhle enginabo nawo wonke amalungu omndeni wami.”

18-19. Uma sikhube othile, yini okufanele sizimisele ukuyenza futhi kungani?

18 Ngakho, yini okufanele uzimisele ukuyenza lapho uqaphela ukuthi ukhube umKristu okanye naye? Landela isiqondiso sikaJesu sokwenza ukuthula. Thandaza kuJehova ngendaba, bese uthembela emoyeni wakhe ongcwele ukuba ukusize ube umenzi wokuthula. Uma wenza kanjalo uyojabula futhi uyobonisa ukuthi ulalela uJesu.​—Math. 5:9.

19 Siyajabula ngokuthi uJehova usinikeza isiqondiso esinothando esebenzisa “inhloko yebandla,” uJesu Kristu. (Efe. 5:23) Kwangathi singazimisela ‘ukumlalela’ njengoba kwenza umphostoli uPetru, uJakobe noJohane. (Math. 17:5) Siyibonile indlela esingakwenza ngayo lokho ngokwenza ukuthula nomKristu esimkhubile. Ngokwenza kanjalo nangokuqhubeka sihamba endleleni enyinyekile eholela ekuphileni, sizothola izibusiso eziningi manje nenjabulo engapheli esikhathini esizayo.

INGOMA 130 Yiba Othethelelayo

^ par. 5 UJesu usinxusa ukuba singene ngesango elincane eliholela endleleni eya ekuphileni. Usiyala nokuba senze ukuthula nabantu esikholwa nabo. Singabhekana naziphi izinselele lapho sizama ukusebenzisa iseluleko sakhe futhi singazinqoba kanjani?

^ par. 7 Bheka umbuzo 6 encwajaneni ethi Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha, Ngingamelana Kanjani Nokucindezela Kontanga?” nengxenye yokufunda ngemidwebo ethi Melana Nokucindezela Kontanga! kuyiwebusayithi ethi www.pr418.com/zu. (Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > INTSHA.)

^ par. 8 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 56 INCAZELO YEZITHOMBE: Ngokuqhubeka sihamba endleleni ‘enyinyekile’ enezinsimbi eziyisivikelo ezivela kuNkulunkulu, sigwema izingozi ezifana nokubuka izithombe zocansi ezingcolile, ukuziphatha kabi ngokocansi nengcindezi yokubeka kuqala imfundo ephakeme ekuphileni.

^ par. 58 INCAZELO YEZITHOMBE: Ukuze enze ukuthula, uJakobe wakhothama kaningi phambi kuka-Esawu umfowabo.