Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uzifunde ngokucophelela izihloko zalo nyaka ze-Nqabayokulinda? Ake sibone ukuthi ungakwazi yini ukuphendula le mibuzo elandelayo:

UJakobe 5:11 usiqinisekisa ngani uma uthi uJehova “unothando olukhulu nesihe”?

Siyazi ukuthi uJehova uyawathethelela amaphutha ethu ngoba unesihe. UJakobe 5:11 usiqinisekisa ngokuthi uzosisiza ngoba uyasithanda. Senza kahle ngokuba simlingise.—w21.01, k. 21.

Kungani uJehova amisa ubunhloko?

Wabumisa ngoba uyasithanda. Leli lungiselelo lenza umndeni wakhe oqotho usebenze ngendlela enokuthula nehlelekile. Ilungu lomndeni ngalinye elibambisana naleli lungiselelo liyazi ukuthi ubani owenza izinqumo zokugcina noholayo ekuqinisekiseni ukuthi ziyenziwa.—w21.02, k. 3.

Kungani amaKristu kufanele aqaphe lapho esebenzisa ama-app emiyalezo?

Uma umuntu ekhetha ukusebenzisa ama-app anjalo, kudingeka abakhethe kahle abangane. Kunzima ukwenza kanjalo uma ama-app emiyalezo enamaqembu anabantu abaningi. (1 Thim. 5:13) Kukhona nanezingozi zokusakaza imibiko engenabo ubufakazi bokuthi iyiqiniso nokubheka abafowethu nodadewethu njengabantu esingagaya ngabo imali.—w21.03, k. 31.

Yiziphi ezinye zezizathu ezenza uNkulunkulu wavumela ukuba uJesu ahlupheke futhi afe?

Isizathu sokuqala siwukuthi ngokulengiswa kukaJesu esigxotsheni, amaJuda akhululwa esiqalekisweni. (Gal. 3:10, 13) Isizathu sesibili ukuthi uJehova wayeqeqesha uJesu ukuze akwazi ukufeza indima yokuba uMpristi Ophakeme. Esesithathu siwukuthi ukuba qotho kukaJesu aze afe kwafakazela ukuthi abantu bangathembeka naphezu kokuvivinywa kanzima. (Jobe 1:9-11)—w21.04, kk. 16-17.

Yini ongayenza uma abantu bengatholakali kalula emakhaya?

Ungazama ukubathola ngesikhathi abavame ukutholakala ngaso emakhaya. Ungazama nokushumayela ezindaweni ezihlukahlukene. Ungazama nendlela ehlukile, njengokubhala izincwadi.—w21.05, kk. 15-16.

Wayesho ukuthini umphostoli uPawulu lapho ethi: “Mina ngafa ngokuqondene nomthetho”? (Gal. 2:19)

UMthetho KaMose wenza kwaba sobala ukuthi abantu banesono futhi waholela ama-Israyeli kuKristu. (Gal. 3:19, 24) Lokhu kwenza uPawulu wamukela uKristu. Ngokwenza kanjalo, uPawulu ‘wafa ngokuqondene nomthetho’; wawungasambambile.—w21.06, k. 31.

UJehova usibekele siphi isibonelo ekuboniseni ukukhuthazela?

UJehova ukhuthazelele ukuhlanjalazwa kwegama lakhe, ukuphikiswa kobukhosi bakhe, ukuhlubuka kwezinye zezingane zakhe, amanga kaSathane, ukuhlupheka kwezinceku zakhe eziyigugu, ukuhlukaniswa nabangane bakhe asebafa, abantu ababi abacindezela abanye kanye nokucekelwa phansi kwendalo yakhe.—w21.07, kk. 9-12.

UJosefa usibekele siphi isibonelo ekuboniseni isineke?

Wakhuthazelela ukuphathwa kabi abafowabo. Lokho kwaholela ekutheni amangalelwe ngamanga futhi aboshwe iminyaka eminingi eGibhithe.—w21.08, k. 12.

UHagayi 2:6-9, 20-22 ubikezela kuphi ukuzamazama okungokomfanekiso?

Izizwe aziwamukeli umyalezo woMbuso, kodwa abantu abaningi baye badonseleka eqinisweni. Maduze izizwe zizozanyazanyiswa okokugcina lapho zibhujiswa.—w21.09, kk. 15-19.

Kungani kufanele singayeki ukufeza inkonzo yethu?

UJehova uyayibona imizamo yethu futhi iyamjabulisa. Uma singayeki futhi singakhathali, sizothola ukuphila okuphakade.—w21.10, kk. 25-26.

ULevitikusi isahluko 19 usisiza kanjani ukuba sisebenzise iseluleko esithi: “Yibani ngcwele kukho konke ukuziphatha kwenu”? (1 Pet. 1:15)

Cishe lelo vesi licashunwe kuLevitikusi 19:2. Isahluko 19 sinezibonelo eziningi zendlela esingasebenzisa ngayo eyoku-1 Petru 1:15 ekuphileni kwethu kwansuku zonke.—w21.12, kk. 3-4.