Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 8

Ingabe Iseluleko Sakho ‘Senza Inhliziyo Ijabule’?

Ingabe Iseluleko Sakho ‘Senza Inhliziyo Ijabule’?

“Amafutha nempepho kwenza inhliziyo ijabule; unjalo nomngane oweluleka ngobuqotho.”​—IZAGA 27:9.

INGOMA 102 “Nisize Ababuthakathaka”

AMAZWIBELA *

1-2. Umzalwane othile wafundani ngokunikeza iseluleko?

EMINYAKENI eminingi edlule abadala ababili bavakashela udade owayesenesikhathi ephutha emihlanganweni yebandla. Umdala owayehola ingxoxo wafunda imiBhalo eminingana ekhuluma ngokuba khona emihlanganweni. Wayecabanga ukuthi konke kwakuhambe kahle, kodwa njengoba yena nayehamba naye bephuma, udade wathi, “Uyazi bafowethu, anikwazi engibhekene nako.” Laba bazalwane babenikeze iseluleko bengambuzanga udade ngezinkinga nezimo zakhe. Umphumela waba ukuthi udade wacabanga ukuthi iseluleko asimsizanga.

2 Uma ekhumbula okwenzeka, lo mdala owayehola ingxoxo uthi: “Ngaleso sikhathi ngangicabanga ukuthi lo dade uyadelela. Kodwa ngathi uma ngicabanga, ngabona ukuthi ngangifike ngilungiselele yonke imiBhalo efanelekayo esikhundleni sokulungiselela imibuzo efanelekayo, enjengokuthi ‘Kuhamba kanjani?’ ‘Ngingasiza ngani?’” Lo mdala wafunda isifundo esibalulekile kulokho okwenzeka. Sikhuluma nje ungumalusi onozwela nowusizo.

3. Obani ebandleni abanganikeza iseluleko?

 3 Njengabelusi, abadala banomthwalo wokunikeza iseluleko uma kudingeka. Nokho, ngezinye izikhathi kungase kudingeke kube abanye ebandleni abanikeza iseluleko. Ngokwesibonelo, umzalwane noma udade angase anikeze umngane wakhe iseluleko esisekelwe eBhayibhelini. (IHu. 141:5; IzAga 25:12) Noma udade osekhulile angase “eluleke abesifazane abasebasha” ezindabeni ezinjengalezo okukhulunywa ngazo kuThithu 2:3-5. Kanti nabazali kuye kudingeke beluleke futhi bakhuze izingane zabo. Ngakho, nakuba lesi sihloko sibhekiswe kubadala ngokukhethekile, sonke singazuza ngokuhlola izindlela esinganikeza ngazo iseluleko esiwusizo nesikhuthazayo ‘esizokwenza inhliziyo ijabule.’​—IzAga 27:9.

4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

4 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngemibuzo emine ephathelene nokunikeza iseluleko: (1) Siyini isisusa esifanele? (2) Siyadingeka ngempela iseluleko? (3) Ubani okufanele anikeze iseluleko? (4) Ungasinikeza kanjani iseluleko esiwusizo?

SIYINI ISISUSA ESIFANELE?

5. Isisusa esihle singamsiza kanjani umdala anikeze iseluleko ngendlela enothando? (1 Korinte 13:4, 7)

5 Abadala bayabathanda abafowabo nodadewabo. Ngezinye izikhathi lolo thando balubonisa ngokweluleka umuntu othatha isinyathelo okungesona. (Gal. 6:1) Ngaphambi kokuba akhulume nalowo muntu, umdala angase acabangele izici zothando umphostoli uPawulu akhuluma ngazo. “Uthando luyabekezela futhi lunomusa. . . . Lubekezelela zonke izinto, lukholelwa yizo zonke izinto, luthemba zonke izinto, lukhuthazelela zonke izinto.” (Funda eyoku-1 Korinte 13:4, 7.) Ukuzindla ngalawo mavesi kuzosiza umdala ahlole izisusa zakhe zokunikeza iseluleko futhi aye kumfowabo enesimo sengqondo esihle. Uma umuntu owelulekwayo ebona ukuthi umdala uyamkhathalela, makhulu amathuba okuba asamukele iseluleko.​—Roma 12:10.

6. Umphostoli uPawulu wabeka siphi isibonelo esihle?

6 Umphostoli uPawulu wabeka isibonelo esihle ekubeni umdala. Ngokwesibonelo, lapho abazalwane baseThesalonika bedinga iseluleko, uPawulu akanqikazanga ukubanika. Noma kunjalo, ezincwadini ababhalela zona, waqale wabancoma ngomsebenzi wabo wokwethembeka, ukuzikhandla kwabo nokukhuthazela kwabo. Waphinde wacabangela nezimo zabo, wavuma ukuthi ukuphila kwabo kwakungelula nokuthi babekhuthazelela ushushiso. (1 Thes. 1:3; 2 Thes. 1:4) Waze wabatshela nokuthi bayisibonelo kwamanye amaKristu. (1 Thes. 1:8, 9) Kumelwe ukuba bajabula kakhulu lapho bethola incwadi kaPawulu ebancomayo. Akungabazeki ukuthi wayebathanda ngempela abafowabo. Yingakho akwazi ukunikeza iseluleko esiwusizo kuzo zombili izincwadi azibhalela abaseThesalonika.​—1 Thes. 4:1, 3-5, 11; 2 Thes. 3:11, 12.

7. Kungani umuntu engase angasamukeli kahle iseluleko?

7 Yini engenzeka uma iseluleko singasinikezanga ngendlela efanele? Umdala ongumakad’ ebona wathi, “Abanye abasamukeli kahle iseluleko, hhayi ngoba kukhona okungalungile ngaso, kodwa ngenxa yokuthi asinikezwanga ngendlela enothando.” Yini esingayifunda kulokhu? Kulula kakhulu ukwamukela iseluleko lapho umuntu esinikeza ngothando, hhayi ecasukile.

SIYADINGEKA NGEMPELA YINI ISELULEKO?

8. Yini umdala okufanele azibuze yona lapho enquma ukuthi asinikeze yini iseluleko?

8 Abadala akufanele bajahe ukunikeza iseluleko. Ngaphambi kokuba asinikeze, umdala kufanele azibuze: ‘Kuyadingeka ngempela ngisho okuthile? Ingabe ngiyaqiniseka ukuthi le nto ayenzayo ayilungile? Ukhona yini umyalo weBhayibheli ophuliwe? Ingabe kumane nje kuwukwehluka kwemibono?’ Ngokuhlakanipha abadala bayakugwema ukuba ‘namawala lapho bekhuluma.’ (IzAga 29:20) Uma umdala engaqiniseki ngokuthi kuyadingeka yini ameluleke othile, angase axoxe nomunye umdala babonisane ngokuthi kukhona yini okuphambene nemiBhalo okudinga ukulungiswa.​—2 Thim. 3:16, 17.

9. Yini esiyifunda kuPawulu ngendlela yokunikeza iseluleko ngokugqoka nokuzilungisa? (1 Thimothewu 2:9, 10)

9 Nasi isibonelo. Ake sithi umdala ukhathazeke ngendlela omunye akholwa naye agqoka nazilungisa ngayo. Umdala angase azibuze, ‘Sikhona yini isizathu esingokomBhalo sokusho okuthile?’ Eqaphela isidingo sokungasisekeli embonweni wakhe iseluleko, angase acele umbono womunye umdala noma wommemezeli ovuthiwe. Bangase bahlole iseluleko sikaPawulu esimayelana nokugqoka nokuzilungisa. (Funda eyoku-1 Thimothewu 2:9, 10.) UPawulu waveza izimiso ezibonisa ukuthi umKristu kufanele agqoke ngendlela efanelekayo, enesizotha nebonisa ukuhluzeka kwengqondo. Kodwa akazange abhale uhide lwezinto okufanele nokungafanele zenziwe. Waqaphela ukuthi amaKristu anelungelo lokuveza indlela ahluke ngayo kwamanye uma kuziwa endabeni yokugqoka, uma nje kuhambisana nemiBhalo. Ngakho, ukuze abadala banqume ukuthi siyadingeka yini iseluleko, kufanele bacabange ngokuthi ukukhetha komKristu kuyasibonisa yini isizotha nokuhluzeka kwengqondo.

10. Yini okumelwe siyikhumbule mayelana nezinqumo zabanye?

10 Senza kahle ngokuqaphela ukuthi amaKristu amabili avuthiwe angase enze izinqumo ezingefani, kodwa ezamukelekayo zombili. Akufanele siphoqelele imibono yethu yokulungile nokungalungile kwesikholwa nabo.​—Roma 14:10.

UBANI OKUFANELE ANIKEZE ISELULEKO?

11-12. Uma iseluleko sidingeka, yimiphi imibuzo umdala okufanele azibuze yona, futhi kungani?

11 Uma kusobala ukuthi iseluleko siyadingeka, umbuzo olandelayo uwukuthi, Ubani okufanele asinikeze? Ngaphambi kokweluleka udade oshadile noma ingane, umdala angaxoxa nenhloko yomndeni, engase ifise ukuzisingathela ngokwayo udaba. * Noma inhloko yomndeni ingase icele ukuba khona lapho umdala enikeza iseluleko. Njengoba kubonisiwe  esigabeni 3, ngezinye izikhathi kungase kube ngcono uma udade osekhulile eluleka udade osemusha.

12 Kunelinye iqiniso okufanele silicabangele. Umdala angase azibuze, ‘Ukhona yini umuntu ongcono onganikeza lesi seluleko? Ingabe singamukeleka kangcono uma sinikezwa omunye umuntu?’ Ngokwesibonelo, umuntu ozenyezayo angase asamukele kalula iseluleko esivela kumdala oye wabhekana nale nkinga. Cishe umdala oye wabhekana nenkinga efanayo angaba nozwela kakhudlwana futhi iseluleko sakhe singamukeleka kalula. Noma kunjalo, bonke abadala banomthwalo wokukhuthaza abafowabo nodadewabo ukuba benze noma yiluphi ushintsho oluvumelana nemiBhalo. Ngakho, uma kudingeka iseluleko, okubaluleke kakhulu ukuba sinikezwe.

UNGASINIKEZA KANJANI ISELULEKO ESIWUSIZO?

Kungani abadala abangamaKristu kufanele ‘basheshe ukulalela’? (Bheka izigaba 13-14)

13-14. Kungani kubalulekile ukuba umdala alalele?

13Kulungele ukulalela. Lapho umdala elungiselela ukunikeza iseluleko, kufanele azibuze: ‘Yini engiyaziyo ngezimo zomfowethu? Kwenzekani ekuphileni kwakhe? Ingabe ubhekene nezimo ezinzima engingazazi? Yini ayidinga kakhulu njengamanje?’

14 Isimiso esikuJakobe 1:19 siyasebenza ngempela kulabo abanikeza iseluleko. UJakobe wabhala: “Wonke umuntu kumelwe asheshe ukulalela, ephuze ukukhuluma, angasheshi ukuthukuthela.” Umdala angase acabange ukuthi uwazi wonke amaqiniso, kodwa ingabe kunjalo ngempela? IzAga 18:13 ziyasikhumbuza: “Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ezwe amaqiniso, lokho kungubuwula nokuhlazeka.” Kungcono kakhulu ukuzizwela amaqiniso kumnikazi wendaba. Lokho kuhilela ukulalela ngaphambi kokuba sikhulume. Khumbula isifundo esafundwa umdala ocashunwe ekuqaleni kwalesi sihloko. Waqaphela ukuthi kunokuba aqale ingxoxo ngemiBhalo ayeyilungiselele, kwakufanele abuze udade imibuzo enjengokuthi: “Kuhamba kanjani?” “Ngingasiza ngani?” Uma abadala bezinika isikhathi sokuthola amaqiniso, cishe bangakwazi ukusiza nokukhuthaza abafowabo nodadewabo.

15. Abadala bangasisebenzisa kanjani isimiso esisencwadini yezAga 27:23?

15Wazi umhlambi. Njengoba nje kushiwo ekuqaleni, ukunikeza iseluleko esiwusizo kuhilela okungaphezu kokumane nje ufunde imiBhalo embalwa noma usho amacebiso amabili amathathu. Abafowethu nodadewethu kudingeka babone ukuthi siyabakhathalela, siyabaqonda nokuthi siyafuna ukubasiza. (Funda izAga 27:23.) Abadala kufanele benze konke abangakwenza ukuze bakhe ubungane obuseduze nabafowabo nodadewabo.

Yini eyokwenza kube lula ngabadala ukunikeza iseluleko? (Bheka isigaba 16)

16. Yini engasiza abadala banikeze iseluleko esiwusizo?

16 Abadala akufanele benze abafowabo bacabange ukuthi beza kubo ngoba nakhu sekukhona okudinga ukulungiswa. Kunalokho, baxoxa njalo nabafowabo nodadewabo bababonise ukuthi bayabakhathalela lapho bebhekene nobunzima. Omunye umdala ongumakad’ ebona wathi: “Uma wenza kanjalo, niyoba abangane abakhulu. Kuyothi lapho usufuna ukunikeza iseluleko, kube lula.” Owelulekwayo naye uyokuthola kulula ukusamukela.

Kungani umdala kufanele abe nesineke nomusa lapho enikeza iseluleko? (Bheka isigaba 17)

17. Kunini lapho kufaneleka kakhulu ukuba umdala abonise isineke nomusa?

17Bonisa isineke nomusa. Isineke nomusa kudingeka kakhulu lapho ekuqaleni umuntu engasamukeli iseluleko esisekelwe eBhayibhelini. Umdala kumelwe aqaphe umkhuba wokusheshe acikeke uma iseluleko sakhe singamukelwa ngokushesha noma singasetshenziswa. Ngokuphathelene noJesu, kwaprofethwa: “Akukho mhlanga olimele ayowufohloza, akukho ntambo elokozayo ayoyicima.” (Math. 12:20) Ngakho, emithandazweni yakhe yangasese, umdala angase acele uJehova ukuba abusise lowo odinga iseluleko, amsize aqonde ukuthi kungani edinga iseluleko futhi asisebenzise. Umzalwane owelulekwayo angase adinge isikhathi sokucabanga ngokushiwo. Uma umdala enesineke futhi enomusa, lowo owelulekwayo ngeke aphazanyiswe indlela iseluleko esinikezwa ngayo, kodwa uyokwazi ukugxila eselulekweni ngokwaso. Kodwa iseluleko kufanele sihlale sisekelwe eZwini likaNkulunkulu.

18. (a) Yini okufanele siyikhumbule mayelana nokunikeza iseluleko? (b) Njengoba kubonisiwe esithombeni esisebhokisini, yini abazali abaxoxa ngayo?

18Funda emaphutheni akho. Uma nje sisenesono, ngeke sikwazi ukusebenzisa amacebiso akulesi sihloko ngokugcwele. (Jak. 3:2) Sizowenza amaphutha, kodwa lapho siwenza, kufanele sizame ukufunda kuwo. Uma abafowethu nodadewethu bebona ukuthi siyabathanda, cishe kuyoba lula ukuba basithethelele lapho sibacasula ngezinto esizishoyo noma esizenzayo.​—Bheka nebhokisi elithi “ Umyalezo Oya Kubazali.”

YINI ESIYIFUNDILE?

19. Singazenza kanjani izinhliziyo zabafowethu nodadewethu zijabule?

19 Njengoba sibonile, akulula ukunikeza iseluleko esiwusizo. Sinesono, nalabo esibelulekayo banesono. Khumbula izimiso esizifunde kulesi sihloko. Qiniseka ukuthi iseluleko sinikezwa ngesisusa esifanele. Qiniseka nangokuthi siyadingeka ngempela iseluleko nokuthi uwena okufanelekelayo ukusinikeza. Ngaphambi kokunikeza iseluleko, buza imibuzo futhi ulalelisise ukuze ukwazi ukuqonda lokho umuntu abhekene nakho. Zama ukuzifaka ezicathulweni zakhe. Yiba nomusa, ube umngane wabafowenu nodadewenu. Khumbula lo mgomo: Sifuna iseluleko sethu singagcini nje ngokuba usizo kodwa ‘senze nenhliziyo ijabule.’​—IzAga 27:9.

INGOMA 103 Abelusi​—Izipho Ezingabantu

^ par. 5 Akulula ngaso sonke isikhathi ukunikeza iseluleko. Lapho kudingeka sisinikeze, singasinikeza kanjani ngendlela ezuzisayo neqabulayo? Lesi sihloko sizosiza ikakhulukazi abadala ukuba banikeze iseluleko esithinta inhliziyo yomuntu owelulekwayo.

^ par. 11 Bheka isihloko esithi “Ukuqonda Indlela Ubunhloko Obusebenza Ngayo Ebandleni” kuyi-Nqabayokulinda kaFebhuwari 2021.