Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 9

Lingisa UJesu Ngokukhonza Abanye

Lingisa UJesu Ngokukhonza Abanye

“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”​—IZE. 20:35.

INGOMA 17 “Ngiyathanda”

AMAZWIBELA *

1. Yimuphi umoya omuhle esiwubona kubantu bakaJehova?

ENDULO iBhayibheli labikezela ukuthi abantu bakaNkulunkulu ‘babeyozinikela ngokuzithandela’ enkonzweni kaJehova beqondiswa iNdodana yakhe. (IHu. 110:3) Siyagcwaliseka ngempela leso siprofetho namuhla. Unyaka ngamunye, izinceku zikaJehova ezishisekayo zichitha izigidi zamahora emsebenzini wokushumayela. Lokhu zikwenza ngokuzithandela nangezindleko zazo. Ziphinde zisekele ezikholwa nabo ngezinto abazidingayo, ngokomzwelo nangokomoya. Abazalwane abamisiwe bachitha amahora amaningi belungiselela imihlangano futhi belusa abakholwa nabo. Yini ebaqhuba ukuba benze wonke lo msebenzi? Uthando​—uthando ngoJehova nangomakhelwane.​—Math. 22:37-39.

2. Njengoba kuboniswe kweyabaseRoma 15:1-3, yisiphi isibonelo esabekwa uJesu?

2 UJesu wabeka isibonelo esivelele sokubeka izidingo zabanye ngaphambi kwezakhe. Sizama ngamandla ethu wonke ukulandela izinyathelo zakhe. (Funda eyabaseRoma 15:1-3.) Abamlingisayo bayozuza. UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”​—IzE. 20:35.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Kulesi sihloko, sizohlola ezinye zezinto uJesu azenza ukuze akhonze abanye, sixoxe nangokuthi singasilingisa kanjani isibonelo sakhe. Sizoxoxa nangokuthi singasikhulisa kanjani isifiso sokukhonza abanye.

LINGISA ISIBONELO SIKAJESU

Nakuba uJesu ayekhathele, yini ayenza lapho isixuku siza kuye? (Bheka isigaba 4)

4. UJesu wazibeka kanjani izidingo zabanye ngaphambi kwezakhe?

4UJesu wazinikela ekusizeni abanye ngisho noma ayekhathele. Cabanga ngalokho akwenza lapho uquqaba lwabantu luya kuye cishe eduze kwaseKapernawume. UJesu wayechithe ubusuku bonke ethandaza. Kumelwe ukuba wayekhathele eyimvithi, kodwa lapho ebona izixuku, wahawukela abahluphekayo nababegula ababekulezo zixuku. Akagcinanga nje ngokubelapha kodwa wabeka inkulumo ekhuthaza kunazo zonke ezake zabekwa​—iNtshumayelo Yasentabeni.​—Luka 6:12-20.

Singawulingisa ngaziphi izindlela umoya kaJesu wokuzidela? (Bheka isigaba 5)

5. Izinhloko zemindeni zikulingisa kanjani ukuzidela kukaJesu lapho zikhathele?

5Indlela izinhloko zemindeni ezilingisa ngayo uJesu. Cabanga ngalesi simo: Inhloko yomndeni iyagoduka ngemva kosuku olukhandlayo emsebenzini, ikhathele iyingcuba. Nakuba kuthi ayingakwenzi ukuKhulekela Komkhaya kwangalelo langa, icela uJehova ukuba ayiphe amandla okukwenza. UJehova uyawuphendula umthandazo wayo, ukuKhulekela Komkhaya kuba khona njengenjwayelo. Ngalobo busuku, izingane zifunda isifundo esibalulekile sokuthi izinto ezingokomoya zibaluleke ukwedlula noma yini enye kubazali bazo.

6. Nikeza isibonelo sendlela uJesu adela ngayo isikhathi sakhe sokuba yedwa ukuze asize abanye.

6UJesu wadela isikhathi sakhe sokuba yedwa ukuze asize abanye. Ungayicabanga nje indlela uJesu azizwa ngayo lapho ezwa ukuthi umngane wakhe uJohane uMbhapathizi ubulewe? Kumelwe ukuba uJesu wayedabuke kakhulu. IBhayibheli lithi: “Lapho ezwa [ngokufa kukaJohane], uJesu wasuka lapho ngesikebhe waya endaweni engenabantu ukuze abe yedwa.” (Math. 14:10-13) Siyaqonda ukuthi kungani ayefuna ukuba yedwa. Abaningi kithi bakhetha ukuba bodwa lapho bedabukile. Kodwa kuJesu akubanga njalo. Isixuku esikhulu sasifike kuqala kuleyo ndawo. Wenzenjani uJesu? Wacabanga ngezidingo zesixuku, “waba nesihawu” ngaso. Wayebona ukuthi sasidinga ukuqabuleka ngokomoya futhi washesha ukwanelisa leso sidingo. Empeleni, “wasifundisa izinto eziningi, [hhayi ezimbalwa].”​—Marku 6:31-34; Luka 9:10, 11.

7-8. Nikeza isibonelo sendlela abadala abanothando abalingisa ngayo uJesu.

7Indlela abadala abanothando abalingisa ngayo uJesu. Siwazisa kakhulu umsebenzi esiwenzelwa abadala abazidelayo! Omningi walowo msebenzi awubonwa ibandla. Ngokwesibonelo, lapho kunesimo esiphuthumayo sezokwelapha, amalungu eKomiti Yokubonisana Nezibhedlela ayaphuthuma ayosiza akholwa nabo. Ngokuvamile izimo ezifana nalezi zenzeka phakathi kwamabili! Labo badala esibathandayo kanye nemindeni yabo babeka izidingo zabakholwa nabo ngaphambi kwezabo, beqhutshwa isihawu abanaso ngomfowabo nodadewabo ocindezelekile.

8 Abadala basiza nasemsebenzini wokwakha amaHholo OMbuso nezinye izakhiwo, babuye basize lapho kunezinhlekelele. Asisayiphathi-ke eyamahora amaningi abadala abawachitha besifundisa, besikhuthaza futhi besisekela emabandleni esikuwo. Kufanele sibancome ngempela bonke laba bazalwane nemindeni yabo. Kwangathi uJehova angawubusisa umoya wabo wokuzidela! Nokho, njengabo bonke abantu, abadala kudingeka balinganisele. Akufanele bachithe isikhathi esiningi kakhulu ezintweni ezingokomoya baze bangabi nesikhathi semindeni yabo.

INDLELA YOKUHLAKULELA UMOYA WOKUZIDELA

9. NgokweyabaseFilipi 2:4, 5, yisiphi isimo sengqondo okufanele wonke amaKristu abe naso?

9 Funda eyabaseFilipi 2:4, 5. Kuyavunywa ukuthi abanye bethu ababona abadala, kodwa sonke singafunda ukulingisa umoya kaJesu wokuzidela. IBhayibheli lithi “waba njengesigqila.” (Fil. 2:7) Cabanga ukuthi yini esiyifunda kulelo vesi. Isigqila noma inceku eyaziswayo iyofuna amathuba okujabulisa inkosi yayo. Njengesigqila sikaJehova nenceku yabafowenu, akungabazeki ukuthi ufisa ukuba usizo nakakhulu kuJehova nakokholwa nabo. Ukucabanga ngamacebiso alandelayo kungakusiza ukwazi ukwenza kanjalo.

10. Yimiphi imibuzo esingazibuza yona?

10Hlaziya isimo sakho sengqondo. Zibuze imibuzo efana nale: ‘Ngizimisele kangakanani ukuzidela ukuze ngisize abanye? Ngokwesibonelo, ngingenzenjani uma ngicelwa ukuba ngivakashele umzalwane osekhulile ekhaya elinakekela asebekhulile noma ngihambise udade osekhulile emihlanganweni yebandla? Ingabe ngiyashesha ukusiza lapho kudingeka amavolontiya azohlanza indawo yomhlangano noma azonakekela iHholo LoMbuso?’ UJehova uyajabula lapho sizidela, sinikela ngesikhathi sethu nangezinto zethu—okuyizinto esizinikele kuye vele​—ukuze sisize abanye. Uma sibona isidingo sokuthuthukisa, yini esingayenza?

11. Umthandazo ungasisiza kanjani sihlakulele umoya wokuzidela?

11Thandaza ngobuqotho kuJehova. Ake sithi uyabona ukuthi kudingeka uthuthukise esicini esithile, kodwa awunawo umdlandla wokwenza ushintsho oludingekayo. Uma kunjalo, thandaza ngobuqotho kuJehova. Mtshele konke. Tshela uJehova indlela ozizwa ngayo futhi umcele akunikeze “isifiso sokwenza namandla okwenza.”​—Fil. 2:13.

12. Yisiphi isidingo esingafezwa umzalwane osemusha obhapathiziwe?

12 Uma ungumzalwane osemusha obhapathiziwe, cela uJehova akusize uhlakulele isifiso sokwenza okwengeziwe ebandleni. Kwamanye amazwe, kunabadala abaningi kunezinceku ezikhonzayo, eziningi zazo sezikhulile ngeminyaka. Njengoba inhlangano iqhubeka ikhula, sidinga abazalwane abasebasha abengeziwe abazosiza ekunakekeleni abantu bakaJehova. Uyojabula uma uzimisele ukukhonza noma yikuphi lapho udingeka khona. Kungani? Kungoba uyojabulisa uJehova, uyoba nedumela elihle futhi uyothola ukwaneliseka ngokusiza abanye.

AmaKristu avela eJudiya abaleka awela uMfula iJordani aya edolobheni lasePhela. Lawo ayefike kuqala edolobheni anika amaKristu asanda kufika ukudla (Bheka isigaba 13)

13-14. Yiziphi izinto esingazenza ukuze sisize abafowethu nodadewethu? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

13Qaphela izidingo zabanye. Umphostoli uPawulu wayala amaHebheru: “Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye ezintweni eninazo, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.” (Heb. 13:16) Kwakuyiseluleko esihle leso! Akubanga sikhathi esingakanani ngemva kokuthola leyo ncwadi, amaKristu aseJudiya kwadingeka ashiye imizi yawo, amabhizinisi nezihlobo zawo ezingakholwa, “abalekele ezintabeni.” (Math. 24:16) Ngaleso sikhathi, akungabazeki ukuthi kwakunesidingo esiphuthumayo sokusizana. Kwakuyoba lula ukuzivumelanisa nokuphila kwawo okusha uma, ngaphambi kwalokhu, ayesisebenzisile iseluleko sikaPawulu sokuba aphane.

14 Abafowethu nodadewethu bangase bangasitsheli ngezidingo zabo ngaso sonke isikhathi. Ngokwesibonelo, udade uyashona ashiye umyeni wakhe elusizi. Ingabe umfowethu udinga usizo lokuthola ukudla, into yokuhamba noma lokwenzelwa imisebenzi yasendlini? Angase angasho lutho ngoba engafuni ukuba uhlupho. Kodwa angase ajabule kakhulu uma sithatha isinyathelo sokumnikeza usizo aludingayo. Akufanele sicabange ukuthi ngandlela-thile izinto zizovele zihambe kahle noma ukuthi lowo odinga usizo uzohlale esitshela ukuthi uyaludinga. Zibuze, ‘Ukube bengikulesi simo, yiluphi usizo ebengingajabulela ukuluthola?’

15. Ukuze sikwazi ukuzidela, yini okumelwe sizimisele ukuyenza?

15Ngeneka. Cishe uyabazi abafowethu nodadewethu abahlale belungele ukusiza abanye ebandleni. Abasenzi sizizwe sengathi siyabahlupha. Siyazi ukuthi singathembela kubo lapho kunesidingo, futhi singathanda ukuba njengabo! U-Alan, umdala oneminyaka engu-45, uyathanda ukuba umuntu ongenekayo. Ecabanga ngesibonelo sikaJesu, uthi: “UJesu wayematasa, kodwa abantu abaneminyaka engalingani babethanda ukuya kuye futhi bekhululekile ukucela usizo kuye. Babembheka njengomuntu owayebakhathalela kakhulu. Ngifuna ukulingisa isimo sengqondo sikaJesu ngenhliziyo yami yonke, ngaziwe njengomuntu ongenekayo, onothando nokhathalelayo.”

16. Ukusebenzisa iHubo 119:59, 60 kungasisiza kanjani sikwazi ukusilandela eduze isibonelo sikaJesu?

16 Akufanele sidikibale uma sehluleka ukulingisa uJesu ngokugcwele. (Jak. 3:2) Umdwebi osafunda ngeke akwazi ukumlingisa ngokuphelele umdwebi osewumpetha. Kodwa njengoba lo mfundi efunda emaphutheni akhe futhi ezama ukulingisa umdwebi owumpetha ngazo zonke izindlela, uzoqhubeka ethuthuka. Ngokufanayo, uma sikwenza lokho esikufunde esifundweni seBhayibheli somuntu siqu, senza okusemandleni ukuze silungise amaphutha okungenzeka sinawo, singasilingisa ngokuphumelelayo isibonelo esasishiyelwa uJesu.​—Funda iHubo 119:59, 60.

IZINZUZO ZOKUZIDELA

Ngokulingisa isimo sengqondo sikaJesu sokuzidela, abadala babekela abasebasha isibonelo (Bheka isigaba 17) *

17-18. Yiziphi izinzuzo esizozithola uma silingisa isimo sengqondo sikaJesu sokuzidela?

17 Ukubonisa isimo sengqondo sokuzidela kungenza nabanye bafune ukusilingisa. UTim ongumdala uthi: “Sinabazalwane abasebasha abaye bathuthuka bamiswa njengezinceku ezikhonzayo​—abanye besebancane kakhulu—​esinye isizathu salokho ukuthi balingisa isimo sengqondo sokuzimisela ukukhonza abasibona kwabanye. Imizamo yabo engenabugovu isiza ibandla lethu, isize nasekusekeleni abadala.”

18 Siphila ezweni elibuswa ubugovu. Kodwa abantu bakaJehova bahlukile. Isibonelo sikaJesu sokubonisa umoya wokuzidela sisifundise okuningi futhi sizimisele ukusilandela. Asikwazi ukulandela izinyathelo zakhe ngokuphelele, kodwa ‘singazilandela izinyathelo zakhe eduze.’ (1 Pet. 2:21) Lapho senza konke esingakwenza ukuze silingise isimo sengqondo sikaJesu sokuzidela, nathi siyojabulela ukwamukelwa uJehova.

INGOMA 13 UKristu, Isibonelo Sethu

^ par. 5 UJesu wayehlale ebeka izidingo zabanye ngaphambi kwezakhe. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezindlela esingalingisa ngazo isibonelo sakhe. Sizoxoxa nangendlela ukulingisa umoya kaJesu wokuzidela okungasilethela ngayo izinzuzo ezihlala njalo.

^ par. 57 INCAZELO YESITHOMBE: UDan, umzalwane osemusha, ubuka abadala bevakashele uyise esibhedlela. Uyafunda esibonelweni sokubonisa uthando esibekwa abadala. Simenza naye aqaphele izidingo zabanye ebandleni. Omunye umzalwane osemusha, uBen, ubona uDan ekhathalela abanye. Isibonelo sikaDan sikhuthaza uBen ukuba asize lapho kuhlanzwa iHholo LoMbuso.