Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 11

Qhubeka Ugqoka “Ubuntu Obusha” Ngemva Kokubhapathizwa

Qhubeka Ugqoka “Ubuntu Obusha” Ngemva Kokubhapathizwa

‘Gqokani ubuntu obusha.’​—KOL. 3:10.

INGOMA 49 Ukwenza Inhliziyo KaJehova Ijabule

AMAZWIBELA *

1. Yini ngokuyinhloko elolonga ubuntu bethu?

 KUNGAKHATHALISEKI ukuthi sinezinsukwana nje sibhapathiziwe noma sesineminyaka eminingi, sonke sifuna ukuba nobuntu obuthandwa uJehova. Ukuze sibe nalobo buntu, kudingeka silawule imicabango yethu. Kungani? Kungenxa yokuthi ubuntu bethu bulolongwa ikakhulukazi imicabango yethu. Uma sihlale sicabanga ngezinto ezithokozisa izifiso zenyama, sizosho futhi senze izinto ezimbi. (Efe. 4:17-19) Kodwa uma sihlale sicabanga ngezinto ezinhle, makhulu amathuba okuba sikhulume futhi senze ngendlela ethokozisa uBaba wethu, uJehova.​—Gal. 5:16.

2. Sizoxoxa ngamiphi imibuzo kulesi sihloko?

2 Njengoba kuveziwe esihlokweni esidlule, ngeke sikwazi ukuyivimba yonke imicabango emibi ukuba ingene engqondweni yethu. Kodwa singakhetha ukungenzi ngokuvumelana naleyo micabango. Ngaphambi kokuba sibhapathizwe, kudingeka siyeke ukukhuluma nokwenza ngendlela ezondwa uJehova. Yisinyathelo sokuqala nesibaluleke kunazo zonke leso sokuhlubula ubuntu obudala. Nokho, ukuze simjabulise ngokugcwele uJehova, kumelwe silalele nalo myalo: ‘Gqokani ubuntu obusha.’ (Kol. 3:10) Kulesi sihloko, sizophendula imibuzo elandelayo: Buyini “ubuntu obusha”? Singabugqoka kanjani ubuntu obusha futhi sihlale sibugqokile?

BUYINI “UBUNTU OBUSHA”?

3. NgokweyabaseGalathiya 5:22, 23, buyini “ubuntu obusha,” futhi umuntu ubugqoka kanjani?

3 “Ubuntu obusha” buwukucabanga nokwenza ngendlela eveza ubuntu bukaJehova. Umuntu ugqoka ubuntu obusha ngokubonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu, avumele umoya ongcwele ushintshe imicabango, imizwa nezenzo zakhe. (Funda eyabaseGalathiya 5:22, 23.) Ngokwesibonelo, umuntu onjalo uyamthanda uJehova nabantu baKhe. (Math. 22:36-39) Uyayilondoloza injabulo yakhe ngisho noma ebhekene novivinyo. (Jak. 1:2-4) Ungumenzi wokuthula. (Math. 5:9) Uyabekezela futhi unomusa lapho esebenzelana nabanye. (Kol. 3:13) Uyakuthanda okuhle bese eyakwenza. (Luka 6:35) Izenzo zakhe zifakazela ukuthi unokholo oluqinile kuYise osezulwini. (Jak. 2:18) Uhlale emnene lapho bemchukuluza, azithibe lapho elingwa.​—1 Kor. 9:25, 27; Thithu 3:2.

4. Ukuze sigqoke ubuntu obusha, singayihlakulela yini imfanelo eyodwa ngesikhathi ezimfanelweni ezikweyabaseGalathiya 5:22, 23? Chaza.

4 Ukuze sigqoke ubuntu obusha, kudingeka sizihlakulele zonke izimfanelo ezikweyabaseGalathiya 5:22, 23 nakwamanye amavesi eBhayibheli. * Lezi zimfanelo azifani nezingubo othi uma uzigqoka, ugqoke eyodwa ngesikhathi. Empeleni, ezinye izici zalezi zimfanelo uyazibona kwezinye izimfanelo. Ngokwesibonelo, uma umthanda ngempela umakhelwane wakho, uzombekezelela futhi ube nomusa kuye. Ukuze ube nemfanelo yobuhle, kumelwe ube mnene futhi uzithibe.

SINGABUGQOKA KANJANI UBUNTU OBUSHA?

Lapho siqhubeka sifunda ukucabanga njengoJesu, siyophumelela nakakhulu ekuboniseni ubuntu bakhe (Bheka izigaba 5, 8, 10, 12, 14)

5. Kusho ukuthini ukuba ‘nomqondo kaKristu,’ futhi kungani kufanele sifunde ngokuphila kwakhe? (1 Korinte 2:16)

5 Funda eyoku-1 Korinte 2:16. Ukuze sigqoke ubuntu obusha kudingeka sibe ‘nomqondo kaKristu.’ Ngamanye amazwi, kumelwe sifunde ukuthi uJesu ucabanga kanjani bese siyamlingisa. UJesu uzibonisa ngendlela ephelele izithelo zomoya kaNkulunkulu. Njengesibuko esihlanzekile, uJesu uzibonisa njengoba zinjalo izimfanelo zikaJehova. (Heb. 1:3) Uma sihlale sicabanga njengoJesu, siyokwazi nakakhulu ukumlingisa, bese siphumelela nakakhulu ekuboniseni ubuntu bakhe.—Fil. 2:5.

6. Yimaphi amaqiniso okufanele siwakhumbule lapho sizama ukugqoka ubuntu obusha?

6 Singakwazi ngempela yini ukulandela isibonelo sikaJesu? Singase sithi: ‘UJesu akanasono nje! Angisoze ngakwazi ukumlingisa ngokuphelele!’ Uma uzizwa kanjalo, khumbula la maqiniso: Okokuqala, wenziwe ngomfanekiso kaJehova noJesu. Ngakho, ungakhetha ukubalingisa, futhi ungaphumelela okungenani ngokwezinga elithile. (Gen. 1:26) Okwesibili, umoya ongcwele kaNkulunkulu unamandla amakhulu ukwedlula noma yini ezulwini nasemhlabeni. Ngosizo lwawo, ungafeza izinto obungasoze wakwazi ukuzifeza ngamandla akho. Okwesithathu, uJehova akalindele ukuba uzibonise ngokuphelele izithelo zomoya njengamanje. Empeleni, uBaba wethu onothando ubekele eceleni iminyaka engu-1 000 ukuze kuqedwe isono kubantu abanethemba lokuphila emhlabeni. (IsAm. 20:1-3) Okwamanje, uJehova ufuna sizame okusemandleni ethu futhi sincike kuye ukuze asisize.

7. Sizoxoxa ngani manje?

7 Singamlingisa kanjani uJesu? Sizohlola kafushane izici ezine zezithelo zomoya kaNkulunkulu. Esicini ngasinye sizobona ukuthi yini esingayifunda endleleni uJesu azibonisa ngayo lezo zimfanelo. Sizoxoxa nangemibuzo engasisiza sihlole ukuthi sesiphumelele kangakanani ekugqokeni ubuntu obusha.

8. UJesu walubonisa kanjani uthando?

8 Uthando olujulile uJesu ayenalo ngoJehova lwamenza wazidela ngenxa kaYise nangenxa yethu. (Joh. 14:31; 15:13) UJesu wafakazela ukuthi ubathanda ngokujulile abantu ngendlela aphila ngayo emhlabeni. Usuku ngalunye wayebonisa uthando nesihawu ngisho noma abanye bemphikisa. Indlela eyinhloko abonisa ngayo ukuthi uyabathanda abantu kwakuwukubafundisa ngoMbuso kaNkulunkulu. (Luka 4:43, 44) Wabonisa nokuthi uyamthanda uNkulunkulu nabantu ngokuba azidele, avume ukuhlushwa nokubulawa ngesihluku yizoni. Ngokwenza kanjalo, wasivulela ithuba lokuba sithole ukuphila okuphakade.

9. Singamlingisa kanjani uJesu ekuboniseni uthando?

9 Sazinikezela kuJehova futhi sabhapathizwa ngenxa yokuthi siyamthanda uBaba wethu osezulwini. Ngakho, kufanele sibonise ukuthi siyamthanda uJehova ngendlela esiphatha ngayo abantu, njengoba kwenza uJesu. Umphostoli uJohane wabhala: “Ongamthandi umfowabo ambonile, akakwazi ukuthanda uNkulunkulu angambonanga.” (1 Joh. 4:20) Singazibuza: ‘Sengikuhlakulele yini ukuthanda abantu ngokujulile? Ingabe nginesihawu lapho ngisebenzelana nabanye, ngisho noma bedelela? Ingabe uthando lungenza ngisebenzise isikhathi nezinto enginazo ukuze ngisize abanye bafunde ngoJehova? Ngizimisele yini ukwenza lokho ngisho noma iningi lingayazisi imizamo yami noma lingiphikisa? Ngingazithola yini izindlela zokuchitha isikhathi esengeziwe emsebenzini wokwenza abafundi?’​—Efe. 5:15, 16.

10. UJesu waba kanjani umenzi wokuthula?

10 UJesu wayenokuthula. Lapho abantu bemphatha kabi, akazange abuyisele okubi ngokubi. Wenza okuhlukile. Wathatha isinyathelo sokwenza ukuthula futhi wakhuthaza nabanye ukuba balungise ukungezwani. Ngokwesibonelo, wabafundisa ukuthi kumelwe benze ukuthula nabafowabo uma befuna uJehova ayamukele inkonzo yabo. (Math. 5:9, 23, 24) Wasiza nabafundi bakhe ngokuphindaphindiwe ukuba bayeke ukuphikisana ngokuthi ubani omkhulu phakathi kwabo.​—Luka 9:46-48; 22:24-27.

11. Singaba kanjani abenzi bokuthula?

11 Ukuze sibe abenzi bokuthula, kudingeka senze okungaphezu nje kokumane sigweme ukubangela izingxabano. Kudingeka sithathe isinyathelo sokwenza ukuthula nabanye, sikhuthaze nabafowethu nodadewethu ukuba balungise ukungaboni ngaso linye. (Fil. 4:2, 3; Jak. 3:17, 18) Singase sizibuze le mibuzo: ‘Yini engizimisele ukuyidela ukuze ngenze ukuthula nabanye? Uma umzalwane noma udade engizwisa ubuhlungu, ingabe ngimbambela igqubu? Ingabe ngilinda kube omunye umuntu owenza ukuthula nami, noma ingabe ngisithatha kuqala isinyathelo ngisho noma kunguye owenze iphutha? Uma kufaneleka, ngiyabakhuthaza yini labo abangaboni ngaso linye ukuba benze ukuthula?’

12. UJesu wawubonisa kanjani umusa?

12 UJesu wayenomusa. (Math. 11:28-30) Wabonisa umusa ngokuba mnene nangokucabangela, ngisho nasezimweni ezinzima. Ngokwesibonelo, lapho owesifazane ongumFenike emncenga ukuba elaphe ingane yakhe, uJesu waqale wasenqaba isicelo sakhe, kodwa lapho ebonisa ukholo olukhulu, ngomusa wayelapha ingane. (Math. 15:22-28) Nakuba ayenomusa, uJesu wayesinikeza iseluleko uma sidingeka. Ngezinye izikhathi wayebabonisa umusa abantu abathandayo ngokubanikeza iseluleko esiqinile. Ngokwesibonelo, lapho uPetru ezama ukuvimba uJesu ukuba enze intando kaJehova, uJesu wamkhuza phambi kwabanye abafundi. (Marku 8:32, 33) Wayengamhlazi uPetru, kodwa wayemqeqesha futhi wayexwayisa nabanye abafundi ukuba bangagabadeli. Akungabazeki ukuthi uPetru waba namahloni, kodwa samzuzisa isiyalo.

13. Singawubonisa kanjani umusa?

13 Ukuze ubabonise umusa abantu obathandayo, ngezinye izikhathi kungase kudingeke ubatshele amaqiniso njengoba enjalo. Lapho wenza kanjalo, lingisa uJesu ngokusekela iseluleko sakho ezimisweni eziseZwini likaNkulunkulu. Yiba mnene. Kholelwa ukuthi bayafuna ukwenza okulungile, wethembe ukuthi labo abathanda uJehova nabathanda wena bazosamukela kahle iseluleko sakho sothando. Zibuze le mibuzo: ‘Ingabe nginaso isibindi sokukhuza umuntu engimthandayo lapho enza into engalungile? Uma kudingeka nginikeze iseluleko, ingabe ngisinikeza ngomusa noma ngokhahlo? Siyini isisusa sami sokunikeza iseluleko? Ingabe ngisinikeza ngenxa yokuthi lowo muntu uyangicasula, noma ngenxa yokuthi ngifuna ukumsiza?’

14. UJesu wayibonisa kanjani imfanelo yobuhle?

14 UJesu akagcini nje ngokwazi okuhle kodwa uphinde akwenze. Uyamthanda uYise, ngakho uhlale enza okulungile ngezisusa ezifanele. Imfanelo yobuhle ibonakala endleleni esibaphatha ngayo abanye. Le mfanelo singayibonisa ngokwenzela abanye izinto ezinhle. Akwanele nje ukwazi ukuthi yini elungile okumelwe siyenze; kumelwe senze okulungile ngezisusa ezifanele. Othile angase abuze, ‘Kungenzeka yini senze okulungile ngezisusa ezingafanele?’ Yebo kungenzeka. Ngokwesibonelo, uJesu wakhuluma ngalabo ababenikeza abampofu izipho kodwa befuna nabanye bazi ngako. Leyo misebenzi eyayibonakala imihle, ayimjabulisanga uJehova.​—Math. 6:1-4.

15. Singayibonisa kanjani imfanelo yobuhle?

15 Imfanelo yobuhle siyibonisa kuphela uma senza okulungile ngokungenabugovu. Ngakho, ungase uzibuze: ‘Ingabe ngiyasithatha isinyathelo sokwenza okulungile, ngingagcini nje ngokwazi ukuthi kufanele ngikwenze? Siyini isisusa sami sokwenza okuhle?’

SINGABUGCINA KANJANI UBUNTU BETHU OBUSHA BUSESIMWENI ESIHLE?

16. Yini okufanele siyenze usuku ngalunye futhi kungani?

16 Masingaphethi ngokuthi umsebenzi ohilelekile lapho sigqoka ubuntu obusha uyaphela lapho sibhapathizwa. Kudingeka siyigcine isesimweni esihle “ingubo yethu entsha.” Okunye okungasisiza senze lokho ukufuna izindlela zokubonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu usuku ngalunye. Kungani? Kungoba uJehova unguNkulunkulu wezenzo, futhi umoya wakhe uyasebenza. (Gen. 1:2) Ngakho, zonke izici zezimfanelo zezithelo zomoya kumelwe zisenze sithathe isinyathelo. Ngokwesibonelo, umfundi uJakobe wabhala: ‘Ukholo ngaphandle kwemisebenzi lufile.’ (Jak. 2:26) Kungashiwo okufanayo nangazo zonke ezinye izimfanelo zezithelo zomoya kaNkulunkulu. Isikhathi ngasinye lapho sizibonisa, sinikeza ubufakazi bokuthi umoya kaNkulunkulu uyasebenza kithi.

17. Yini okufanele siyenze lapho sihluleka ukubonisa izithelo zomoya?

17 AmaKristu aseneminyaka eminingi ebhapathiziwe nawo ayahluleka ngezinye izikhathi ukubonisa izithelo zomoya. Nokho, into ebalulekile ukuqhubeka uzama. Cabanga ngalo mfanekiso. Uma ingubo yakho oyithanda kakhulu ibingadabuka, ubungavele uyilahle? Cha. Uma kungenzeka, cishe ubungayithunga. Ngemva kwalokho ubuyoqapha nakakhulu lapho uyigqokile. Ngendlela efanayo, uma ngezinye izikhathi uhluleka ukubonisa othile umusa, isineke noma uthando, ungadikibali. Ukuxolisa ngokusuka enhliziyweni kungasiza ekulungiseni umonakalo, kunenze niphinde nibe nobuhlobo obuhle. Zimisele nokwenza kangcono esikhathini esizayo.

18. Yini esingaqiniseka ngayo?

18 Siyabonga ngempela ngesibonelo esasibekelwa uJesu! Uma silokhu siqhubeka silingisa indlela yakhe yokucabanga, kuyoba lula ukwenza njengaye. Uma senza njengoJesu, kuyoba lula ukuba sigqoke ubuntu obusha. Kulesi sihloko, sixoxe ngezici ezine kuphela zezimfanelo zezithelo zomoya kaNkulunkulu. Kungani ungaziphi isikhathi sokuhlola ezinye izici zezimfanelo zezithelo zomoya, uhlole nokuthi uzibonisa kahle kangakanani? Uzothola ezinye izihloko ezikhuluma ngale ndaba encwadini ethi INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova ngaphansi kwesihloko esithi “Ukuphila KomKristu,” bese uya kwesithi “Izithelo Zomoya.” Ungaqiniseka ukuthi uma wenza lokho okufanele ukwenze, uJehova uzokusiza ugqoke ubuntu obusha futhi uhlale ubugqokile.

INGOMA 127 Uhlobo Lomuntu Okufanele Ngibe Yilo

^ Singakwazi ukugqoka “ubuntu obusha” kungakhathaliseki ukuthi sinasiphi isizinda. Ukuze senze kanjalo, kumelwe siqhubeke silungisa indlela yethu yokucabanga futhi silwele ukufana noJesu. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezibonelo zendlela uJesu ayecabanga nayenza ngayo. Sizobona nokuthi singaqhubeka kanjani simlingisa ngemva kokubhapathizwa.

^ EyabaseGalathiya 5:22, 23 ayizisho zonke izimfanelo ezinhle umoya kaNkulunkulu ongasisiza sizihlakulele. Ukuze uthole ingxoxo emayelana nalokhu, bheka isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda kaJuni 2020.