Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 13

Ukukhulekela Kweqiniso Kuzokwenezela Enjabulweni Yakho

Ukukhulekela Kweqiniso Kuzokwenezela Enjabulweni Yakho

“Kukufanele Jehova Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla.”​—ISAM. 4:11.

INGOMA 31 Hambani NoNkulunkulu!

AMAZWIBELA *

1-2. Yini ezokwenza uNkulunkulu amukele indlela esimkhulekela ngayo?

 UCABANGA ngani lapho uzwa igama elithi “ukukhulekela”? Mhlawumbe ucabanga ngomzalwane othobekile oguqe eduze kombhede wakhe njengoba ethandaza ngokusuka enhliziyweni. Noma mhlawumbe ucabanga ngomndeni ojabulela isifundo seBhayibheli.

2 Kuzo zombili lezi zimo, bakhulekela uJehova. Ingabe uJehova uzokwamukela ukumkhulekela kwabo? Uzokwamukela uma kuvumelana nenjongo yakhe futhi kwenziwa ngothando nangenhlonipho. Simthanda kakhulu uJehova. Siyazi ukuthi uyakufanelekela ukukhulekelwa, futhi sifuna isipho sethu sokumkhulekela sibe sezingeni eliphakeme.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela yokukhulekela uJehova ayeyamukela endulo, sixoxe nangezici ezingu-8 ezenza ukukhulekela kwethu kwamukeleke namuhla. Njengoba sifunda, singacabanga ngokuthi singakuthuthukisa kanjani ukukhulekela kwethu. Sizoxoxa nangezizathu ezenza ukukhulekela kweqiniso kusijabulise.

INDLELA YOKUKHULEKELA UJEHOVA AYEYAMUKELA ENDULO

4. Abakhulekeli bakaJehova bangezikhathi zangaphambi kobuKristu babonisa kanjani ukuthi bayamthanda nokuthi bayamhlonipha uJehova?

4 Ezikhathini zangaphambi kobuKristu, amadoda athembekile anjengo-Abela, uNowa, u-Abrahama noJobe abonisa ukuthi ayamhlonipha futhi ayamthanda uJehova. Kanjani? Ngokulalela, ngokholo nangemihlatshelo. IBhayibheli aliyisho imininingwane yendlela okwakufanele bamkhulekele ngayo. Kodwa kuyacaca ukuthi benza okusemandleni ukuze bakhazimulise uJehova futhi wakwamukela ukukhulekela kwabo. UJehova wabe esenika inzalo ka-Abrahama uMthetho KaMose. Lolu hlu lwemithetho lwaluneziqondiso zendlela yokukhulekela uJehova ngendlela ayamukelayo.

5. Ngemva kokufa nokuvuswa kukaJesu, yiluphi ushintsho olwenziwa endleleni yokukhulekela kweqiniso?

5 Ngemva kokufa nokuvuswa kukaJesu, uJehova wayengasalindele ukuba kulandelwe uMthetho KaMose. (Roma 10:4) AmaKristu kwakumelwe alandele umthetho omusha, “umthetho kaKristu.” (Gal. 6:2) Ayengalalela lo “mthetho” ngokulingisa isibonelo sikaJesu nangokulandela izimfundiso zakhe, hhayi ngokuwubamba ngekhanda nokulandela uhide lwezinto okufanele nokungafanele azenze. Nanamuhla amaKristu enza okusemandleni ukuze alandele umthetho kaKristu, ajabulise uJehova futhi ‘athole ukuqabuleka.’​—Math. 11:29.

6. Ungazuza kanjani kulesi sihloko?

6 Njengoba sixoxa ngesici ngasinye sokukhulekela kwethu, zibuze, ‘Ngenza kanjani kule ndaba?’ Ungase uzibuze nokuthi, ‘Ngingayithuthukisa yini indlela engimkhulekela ngayo uJehova?’ Kufanele ujabule ngentuthuko osuyenzile, kodwa kudingeka uyicabangele ngomthandazo noma iyiphi intuthuko okudingeka uyenze.

KUHLANGANISANI UKUKHULEKELA UJEHOVA?

7. UJehova uzizwa kanjani ngemithandazo yethu esuka enhliziyweni?

7 Sisuke sikhulekela uJehova lapho sithandaza kuye. ImiBhalo ihlobanisa imithandazo yethu nempepho elungiswe kahle eyayinikelwa etabernakele, kamuva yanikelwa ethempelini. (IHu. 141:2) Leyo mpepho yayinephunga elimnandi elalimjabulisa uNkulunkulu. Ngendlela efanayo, imithandazo yethu esuka enhliziyweni ‘iyamjabulisa’ uJehova, ngisho noma sisebenzisa amagama alula. (IzAga 15:8; Dut. 33:10) Sinezizathu ezinhle zokukholelwa ukuthi uJehova uyathanda ukusizwa simtshela ukuthi siyamthanda futhi siyamazisa. Ufuna simtshele izinto ezisikhathazayo, simtshele ngezinto esifisa ukuzenza nalokho esikulangazelelayo. Ngaphambi kokuthandaza kuJehova, kungani ungacabangisisi ngalokho ozokusho? Uma wenza kanjalo, uzobe unikela “ngempepho” enephunga elimnandi kakhulu kuBaba wakho osezulwini.

8. Yiliphi ithuba elihle esinalo lokudumisa uNkulunkulu?

8 Sisuke sikhulekela uJehova lapho simdumisa. (IHu. 34:1) Sidumisa uJehova ngokukhuluma ngendlela ebonisa ukwazisa ngezimfanelo zakhe ezimangalisayo nemisebenzi yakhe. Amazwi okudumisa avela enhliziyweni enokwazisa. Ngokuzinika isikhathi sokuzindla ngobuhle bukaJehova—okuyizo zonke izinto asenzele zona—asisoze saphelelwa izizathu zokumdumisa. Umsebenzi wokushumayela usinikeza ithuba elihle ngokukhethekile lokuba “sinikele kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa, okuwukuthi, amazwi aphuma emilonyeni yethu.” (Heb. 13:15) Njengoba nje kufanele sicabangisise ngalokho esizokusho ngaphambi kokuthandaza kuJehova, senza kahle ngokucabangisisa ngalokho esizokusho kulabo esishumayela kubo ensimini. Sifuna “umhlatshelo wokudumisa” esiwenzayo ube ongcono kakhulu. Sikhuluma ngokusuka enhliziyweni lapho sibafundisa iqiniso abanye.

9. Njengama-Israyeli asendulo, kusizuzisa kanjani ukuba khona emihlanganweni? Nikeza isibonelo sendlela ozuze ngayo.

9 Sisuke sikhulekela uJehova lapho sisemihlanganweni. Ama-Israyeli asendulo atshelwa: “Kathathu ngonyaka, bonke abantu bakho besilisa kufanele bavele phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayikhethayo.” (Dut. 16:16) Kwakufanele ashiye imizi yawo nezinto ayezitshalile kungagadiwe. Kodwa uJehova wawathembisa: “Akekho oyofisa izwe lakho lapho usakhuphukile uyobona ubuso bukaJehova uNkulunkulu wakho.” (Eks. 34:24) Emethemba ngokugcwele uJehova, lawo ma-Israyeli ayesaba uNkulunkulu ayeba khona emikhosini yaminyaka yonke. Ngenxa yalokho ayebusiswa ngokucebile; ayewuqonda kangcono uMthetho kaNkulunkulu, ayezindla ngobuhle bukaNkulunkulu futhi ayejabulela ubudlelwane obuhle nayekholwa nawo. (Dut. 16:15) Nathi sizuza ngendlela efanayo lapho sizidela ukuze sibe khona emihlanganweni yobuKristu. Cabanga nje ngokuthi uJehova ujabula kanjani lapho sifika silungiselele ukuze sinikeze izimpendulo ezimfushane, ezicatshangwe kahle.

10. Kungani ukucula kuyingxenye ebalulekile yokukhulekela kwethu?

10 Sisuke sikhulekela uJehova lapho sicula nabanye. (IHu. 28:7) Ama-Israyeli ayebheka ukucula njengengxenye ebalulekile yokukhulekela kwawo. INkosi uDavide yamisa amaLevi angu-288 ukuba abe abaculi ethempelini. (1 IziKr. 25:1, 6-8) Namuhla, singabonisa ukuthi siyamthanda uJehova lapho sicula izingoma zokumdumisa. Ukuba nephimbo elimtoti akuyona into ebaluleke kakhulu. Cabanga ngalokhu kuqhathanisa: Lapho sikhuluma, “sonke siyawenza amaphutha,” kodwa lokho akusivimbi ukuba sikhulume ebandleni nasenkonzweni. (Jak. 3:2, mbhw.) Ngendlela efanayo, akufanele sivumele ukukhathazeka ngamaphimbo ethu kusenze singamculeli uJehova izingoma zokumdumisa.

11. Njengoba kuchazwe kuyiHubo 48:13, kungani kufanele sihlele isikhathi sokutadisha iBhayibheli ndawonye njengomndeni?

11 Sisuke sikhulekela uJehova lapho sitadisha iZwi lakhe futhi sifundisa izingane zethu ngaye. ISabatha lalinika ama-Israyeli ithuba lokuba angenzi imisebenzi yansuku zonke, agxile ebuhlotsheni bawo noJehova. (Eks. 31:16, 17) Lawo aqotho ayefundisa izingane zawo ngoJehova nangobuhle bakhe. Nathi kufanele sihlele isikhathi sokufunda nokutadisha iZwi likaNkulunkulu. Lokhu kuyingxenye yokukhulekela kwethu uJehova futhi kusisiza sisondele nakakhulu kuye. (IHu. 73:28) Lapho sitadisha ndawonye njengomndeni, sisiza isizukulwane esisha—okuyizingane zethu—ukuba sibe nobuhlobo obuseduze nobufudumele noBaba wethu osezulwini onothando.​—Funda iHubo 48:13.

12. Yini oyifundayo endleleni uJehova ayebheka ngayo umsebenzi walabo ababenza impahla yetabernakele?

12 Sisuke sikhulekela uJehova lapho sakha futhi sinakekela izindawo zokukhulekela. IBhayibheli lithi umsebenzi wokwenza itabernakele nempahla yalo ‘kwakuwumsebenzi ongcwele.’ (Eks. 36:1, 4) Nanamuhla, uJehova ubheka umsebenzi wokwakha amaHholo OMbuso kanye nezinye izakhiwo zoMbuso njengenkonzo engcwele. Abanye abafowethu nodadewethu bachitha isikhathi esiningi benza le misebenzi. Asiyazisi yini le nkonzo ebalulekile esekela umsebenzi woMbuso? Yiqiniso, bayahlanganyela nasemsebenzini wokushumayela. Abanye babo kungenzeka bafisa ngisho nokuba amaphayona. Abadala ebandleni bangabonisa ukuthi bayayisekela imisebenzi yokwakha ngokunganqikazi ukuwamisa njengamaphayona la madoda nabesifazane abayizisebenzi ezikhuthele lapho sebefaneleka. Kungakhathaliseki ukuthi sinamakhono okwakha noma cha, sonke singaba nengxenye ekugcineni lezo zakhiwo zihlanzekile futhi zisesimweni esihle.

13. Kufanele siyibheke kanjani iminikelo esiyenzayo ukuze sisekele umsebenzi woMbuso?

13 Sisuke sikhulekela uJehova lapho sisekela umsebenzi woMbuso ngeminikelo yethu. Ama-Israyeli kwakungafanele avele phambi kukaJehova engaphethe lutho. (Dut. 16:16) Kwakufanele alethe izipho, kuye ngezimo zawo. Ngokwenza kanjalo, ayebonisa ukwazisa ngawo wonke amalungiselelo ayenzelwe wona ukuze azuze ngokomoya. Thina singabonisa kanjani ukuthi siyamthanda nokuthi siyamazisa uJehova ngamalungiselelo angokomoya esiwatholayo? Enye yezindlela esingabonisa ngazo iwukusekela ngezimali emabandleni esikuwo nasemsebenzini womhlaba wonke, kuye ngezimo zethu. Umphostoli uPawulu wakubeka kanje: “Uma umuntu ezimisele ukupha, kwamukeleka ngokukhethekile ngokwalokho umuntu anakho, hhayi ngokwalokho umuntu angenakho.” (2 Kor. 8:4, 12) UJehova uyayazisa noma yimiphi iminikelo esuka enhliziyweni esiyenzayo, kungakhathaliseki ukuthi mincane kangakanani.​—Marku 12:42-44; 2 Kor. 9:7.

14. Ngokusho kwezAga 19:17, uJehova ulubheka kanjani usizo esilunikeza abafowethu?

14 Sisuke sikhulekela uJehova lapho sisiza amanye amaKristu adinga usizo. UJehova wathembisa ukuwabusisa ama-Israyeli ayebonisa umusa kwabampofu. (Dut. 15:7, 10) Isikhathi ngasinye lapho sisiza esikholwa naye odinga usizo, uJehova ukubheka njengesipho esiya kuYe. (Funda izAga 19:17.) Ngokwesibonelo, lapho amaKristu aseFilipi ethumela isipho kuPawulu ngesikhathi eboshiwe, wasibiza ngokuthi “umhlatshelo owamukelekayo, ojabulisa kakhulu kuNkulunkulu.” (Fil. 4:18) Awuthi qala qala ebandleni bese uyazibuza, ‘Ukhona yini engingamsiza?’ UJehova uyajabula lapho esibona sisebenzisa isikhathi sethu, amandla, amakhono nezinto esinazo ukuze sisize labo abadinga usizo. Ubheka lokho njengengxenye yethu yokukhulekela.​—Jak. 1:27.

UKUKHULEKELA KWEQINISO KUYASIJABULISA

15. Ukukhulekela kweqiniso kudinga isikhathi nomzamo, kodwa kungani kungewona umthwalo?

15 Ukukhulekela kweqiniso kudinga isikhathi nomzamo. Kodwa akuwona umthwalo. (1 Joh. 5:3) Kungani? Yingoba sikhonza uJehova ngoba simthanda. Cabanga ngengane encane efuna ukupha uyise okuthile. Ingase ichithe isikhathi esiningi imdwebela isithombe. Le ngane ayisikhaleli isikhathi esichithe idweba leso sithombe. Iyamthanda uyise futhi kuyayijabulisa ukumupha leso sipho. Ngokufanayo, ngenxa yokuthi nathi siyamthanda uJehova, kuyasijabulisa ukusebenzisa isikhathi namandla ethu ukuze sihlanganyele ekukhulekeleni kweqiniso.

16. EyamaHebheru 6:10, ithi uJehova uyibheka kanjani imizamo yethu yokumjabulisa?

16 Abazali abanothando abalindeli ukuthola isipho esifanayo esivela enganeni ngayinye. Bayazi ukuthi ingane ngayinye ihlukile futhi izingane zinamakhono angefani. Ngendlela efanayo, uBaba wethu osezulwini uyaziqonda izimo zomuntu ngamunye. Kungenzeka ukuthi wena ukwazi ukwenza okwengeziwe kunabantu obaziyo nobathandayo. Noma, ungase ungakwazi ukwenza okulingana nokwabanye mhlawumbe ngenxa yokukhula, impilo noma imithwalo yasekhaya. Ungadikibali. (Gal. 6:4) UJehova ngeke awukhohlwe umsebenzi wakho. Uma nje wenza okusemandleni ngezisusa ezifanele, uJehova uzojabula. (Funda eyamaHebheru 6:10.) UJehova ubona ngisho nezinhloso ezisenhliziyweni yakho. Ufuna ujabule futhi waneliseke ngendlela okwazi ukumkhulekela ngayo.

17. (a) Uma ukuthola kunzima ukwenza ezinye izici zokukhulekela kwethu, yini ongayenza? (b) Sikusize kanjani isici esithile esivezwe ebhokisini elithi “ Yenezela Enjabulweni Yakho”?

17 Kuthiwani-ke uma sikuthola kunzima ukwenza ezinye izici zokukhulekela kwethu, njengesifundo somuntu siqu noma inkonzo yasobala? Kungenzeka siphawule ukuthi lapho sizenza ngokwengeziwe lezo zinto, kuba yilapho sizijabulela khona ngokwengeziwe futhi sizuza kuzo. Singase sifanise ukukhulekela kwethu nokwenza into ethile, njengokuzivocavoca noma ukuprakthiza insimbi yomculo. Uma singayenzi njalo leyo nto, singase singayiboni intuthuko. Kodwa ake sithi sinquma ukuyenza zonke izinsuku. Singase siqale ukuyenza kancane kancane, bese siyasandisa isikhathi esisichitha kuyo. Lapho sibona imiphumela emihle yemizamo yethu, cishe siyosilangazelela leso sikhathi futhi sisijabulele. Uyayibona yini indlela esingakusebenzisa ngayo lokhu ekukhulekeleni kwethu?

18. Iyini injongo yokuphila kwethu, futhi kuyokwenzekani uma siphila ngokuvumelana nayo?

18 Injongo yokuphila kwethu iwukukhulekela uJehova ngenhliziyo yonke. Ngenxa yalokho, sijabulela ukuphila okunenjongo nokwanelisayo futhi sinethemba lokukhulekela uJehova phakade. (IzAga 10:22) Kakade sinokuthula kwengqondo ngenxa yokuthi siyazi ukuthi uJehova uyabasiza abakhulekeli bakhe lapho benezinkinga. (Isaya 41:9, 10) Ngokuqinisekile sinezizathu ezinhle zokujabula njengoba sikhulekela uBaba wethu onothando, okufanelekelayo “ukwamukela inkazimulo nodumo” kuyo yonke indalo yakhe!​—IsAm. 4:11

INGOMA 24 Wozani Entabeni KaJehova

^ NjengoMdali wazo zonke izinto, uJehova uyakufanelekela ukukhulekelwa. Uyazamukela izenzo zethu zokumkhulekela lapho silalela imithetho yakhe futhi siphila ngokuvumelana nezimiso zakhe. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezici ezingu-8 zendlela yokukhulekela uJehova. Njengoba ucabanga ngengxenye yakho kuzo, bona ukuthi zizokwenezela kanjani enjabulweni yakho.