Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 18

Indlela Yokubeka Nokufinyelela Imigomo Engokomoya

Indlela Yokubeka Nokufinyelela Imigomo Engokomoya

“Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale ngokucacile kubo bonke abantu.”​—1 THIM. 4:15.

INGOMA 84 Siyazinikela

AMAZWIBELA *

1. Yimiphi imigomo engokomoya esingazibekela yona?

 NJENGAMAKRISTU eqiniso, simthanda kakhulu uJehova. Sifuna ukumenzela inkonzo esezingeni eliphezulu. Kodwa ukuze sikwazi ukumkhonza ngokugcwele, kudingeka sizibekele imigomo engokomoya enjengokuhlakulela izimfanelo zobuKristu, ukufunda amakhono awusizo nokubheka izindlela zokukhonza abanye. *

2. Kungani kufanele sizibekele imigomo engokomoya bese sisebenza kanzima ukuze siyifinyelele?

2 Kungani kufanele sithande ukwenza intuthuko engokomoya? Ngokuyinhloko, sifuna ukujabulisa uBaba wethu osezulwini onothando. Kuyamjabulisa uJehova ukusibona siwasebenzisa ngokugcwele amakhono ethu enkonzweni yakhe. Ngaphezu kwalokho, sifuna ukwenza intuthuko engokomoya ukuze sibe usizo olukhulu kubafowethu nodadewethu. (1 Thes. 4:9, 10) Kungakhathaliseki ukuthi sesinesikhathi esingakanani siseqinisweni, sonke singathuthuka ngokomoya. Ake sibone ukuthi singakwenza kanjani lokho.

3. Njengoba kuboniswe kweyoku-1 Thimothewu 4:12-16, yini umphostoli uPawulu akhuthaza uThimothewu ukuba ayenze?

3 Lapho umphostoli uPawulu ebhalela uThimothewu incwadi yakhe yokuqala, leyo nsizwa yayisingumdala onolwazi oluningi. Nokho, uPawulu wamkhuthaza ukuba aqhubeke ethuthuka ngokomoya. (Funda eyoku-1 Thimothewu 4:12-16.) Njengoba ucabanga ngamazwi kaPawulu, uzophawula ukuthi wayefuna ukuba uThimothewu enze intuthuko ngezindlela ezimbili: ngokuhlakulela izimfanelo zobuKristu ezinjengothando, ukholo nobumsulwa nangokuthuthukisa amakhono anjengokufundela iningi, ukukhuthaza nokufundisa. Sicabanga ngesibonelo sikaThimothewu, ake sibone ukuthi ukuzibekela imigomo efinyelelekayo kungasisiza kanjani sithuthuke ngokomoya. Sizofunda nangezinye izindlela esingandisa ngazo inkonzo yethu.

HLAKULELA IZIMFANELO ZOBUKRISTU

4. NgokweyabaseFilipi 2:19-22, yini eyenza uThimothewu waba inceku kaJehova ewusizo?

4 Yini eyenza uThimothewu waba inceku kaJehova ewusizo? Yizimfanelo zakhe ezinhle zobuKristu. (Funda eyabaseFilipi 2:19-22.) Ngokwendlela uPawulu amchaza ngayo uThimothewu, siyabona ukuthi wayethobekile, eqotho, ekhuthele futhi enokwethenjelwa. Wayenothando, ebakhathalela ngokujulile abafowabo. Ngenxa yalokho, uPawulu wayemthanda uThimothewu futhi akangabazanga ukumphathisa izabelo eziyinselele. (1 Kor. 4:17) Ngokufanayo, lapho sihlakulela izimfanelo ezithandwa uJehova, simenza asithande futhi siba usizo nakakhulu ebandleni.​—IHu. 25:9; 138:6.

Funa imfanelo yobuKristu ongathanda ukuyithuthukisa (Bheka izigaba 5-6)

5. (a) Ungazibekela kanjani umgomo wokuhlakulela imfanelo ethile yobuKristu? (b) Njengoba kuboniswe esithombeni, yini udade osemusha ayenzayo ukuze afinyelele umgomo wakhe wokubonisa uzwela kwabanye?

5 Khetha umgomo othile ngokukhethekile. Ngomthandazo, cabanga ngokuthi yiziphi izici zobuntu bakho ezidinga ukuthuthukiswa. Khetha imfanelo eyodwa ongathanda ukugxila kuyo. Ngokwesibonelo, kunganjani uhlakulele ukuba nozwela kakhudlwana noma isifiso esijulile sokusekela okholwa nabo? Ingabe kudingeka ube nokuthula futhi uthethelele ngokwengeziwe? Ungakuthola kuwusizo ukucela umngane omethembayo asho lapho kudingeka uthuthukise khona.—IzAga 27:6.

6. Yini ongayenza ukuze ufinyelele umgomo wakho wokuhlakulela imfanelo ethile?

6 Sebenzela ukufinyelela umgomo wakho. Ungakwenza kanjani lokho? Enye indlela ukuyitadisha ngokucophelela imfanelo ofuna ukuyithuthukisa. Ake sithi ufuna ukuthuthukisa imfanelo yokuthethelela abanye. Ungase uqale ngokufunda nangokuzindla ngezibonelo eziseBhayibhelini zalabo abaye bathethelela abanye ngokukhululekile nalabo abangazange. Cabanga ngesibonelo sikaJesu. Wabathethelela ngokukhululekile abanye. (Luka 7:47, 48) Akazange awanake amaphutha abo, wabona okuhle abangakwenza. Kanti abaFarisi bangosuku lukaJesu bona ‘babebheka abanye njengabangelutho.’ (Luka 18:9) Ngemva kokuzindla ngalezi zibonelo, zibuze: ‘Ngibabheka kanjani abanye? Yiziphi izimfanelo zabo engikhetha ukugxila kuzo?’ Uma ukuthola kunzima ukuxolela othile, zama ukubhala phansi izimfanelo eziningi ezinhle zalowo muntu. Uma usukwenzile lokho, zibuze: ‘UJesu umbheka kanjani lo muntu? Ubengamthethelela yini?’ Ukutadisha okunjalo kungayilungisa indlela esicabanga ngayo. Ekuqaleni, kungase kudingeke sisebenze kanzima ukuze sixolele umuntu osonile. Kodwa uma siqhubeka sikusebenzela, ngokuhamba kwesikhathi kuyoba lula ukuxolela.

FUNDA AMAKHONO AWUSIZO

Volontiyela ukufunda ukwenza umsebenzi wokunakekela iHholo LoMbuso (Bheka isigaba 7) *

7. Ngokuvumelana nezAga 22:29, uJehova uzisebenzisa kanjani izisebenzi ezinamakhono namuhla?

7 Omunye umgomo ongazibekela wona ukufunda ikhono eliwusizo. Cabanga ngenqwaba yabantu abadingeka ekwakheni izakhiwo zaseBethel, amaHholo OMhlangano nawoMbuso. Iningi lalezi zisebenzi zifunde amakhono ngokusebenza nabafowethu abanawo lawo makhono. Njengoba kuboniswe esithombeni, abazalwane nodade bafunda amakhono adingeka ekugcineni amaHholo OMhlangano nawoMbuso esesimweni esihle. Ngalezi zindlela nezinye, uJehova uNkulunkulu, ‘iNkosi engunaphakade,’ noKristu Jesu, ‘iNkosi yamakhosi,’ bafeza izimanga besebenzisa izisebenzi ezinamakhono. (1 Thim. 1:17; 6:15; funda izAga 22:29.) Sifuna ukusebenza kanzima, sisebenzise namakhono ethu ukuze sikhazimulise uJehova, singazikhazimulisi thina.​—Joh. 8:54.

8. Yini ongayenza ukuze uzibekele umgomo wokufunda ikhono?

8 Khetha umgomo othile ngokukhethekile. Yiliphi ikhono ongagxila kulo? Buza abadala ebandleni okulo noma mhlawumbe umbonisi wesigodi ukuthi iliphi ikhono abacabanga ukuthi ungalithuthukisa. Ngokwesibonelo, uma besikisela ukuba uthuthukise ikhono lokukhuluma nelokufundisa, bacele bakusize ubone ukuthi iyiphi indlela yokukhuluma okudingeka uthuthuke kuyo. Yibe usuthatha izinyathelo ezidingekayo ukuze uthuthuke. Kungafezwa kanjani lokhu?

9. Yini ongayenza ukuze ufinyelele umgomo wokufunda ikhono?

9 Sebenzela ukufinyelela umgomo wakho. Ake sithi ufuna ukuthuthukisa ikhono lokufundisa. Ungatadisha ngokucophelela incwajana ethi Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni. Lapho uthola isabelo emhlanganweni waphakathi neviki, ungase ucele umzalwane ofanelekayo ukuba alalele inkulumo yakho ngaphambi kokuba uyenze, bese ekunikeza amacebiso okuthi ungathuthukisa kuphi. Ungaziwa nje kuphela ngokuba nekhono kodwa mawaziwe nangokuthi usebenza kanzima futhi unokwethenjelwa.​—IzAga 21:5;2 Kor. 8:22.

10. Nikeza isibonelo salokho esingakwenza ukuze sithuthukise ikhono.

10 Kuthiwani uma ikhono ofuna ukulithuthukisa lihilela into ongayenzi kahle ngokwemvelo nje? Ungayeki ukuzama! Umzalwane okuthiwa uGarry wayengakwazi ukufunda kahle. Ukhumbula ukuthi waba namahloni kangakanani lapho ezama ukufunda ngokuzwakalayo emihlanganweni yebandla. Kodwa akayekanga ukuzama. Manje uthi ngenxa yokuthi uye waqeqeshwa, useyakwazi ukubeka izinkulumo emaHholo OMbuso nasemihlanganweni emikhulu nemincane!

11. NjengoThimothewu, yini ezosisiza sikwazi ukwenza imisebenzi engeziwe?

11 Ingabe uThimothewu waba isikhulumi esihle noma umfundisi ophumelelayo? IBhayibheli alisho. Kodwa akungabazeki ukuthi uThimothewu wathuthuka nakakhulu ekufezeni izabelo zakhe njengoba ayelalela iseluleko sikaPawulu. (2 Thim. 3:10) Ngokufanayo, uma siwathuthukisa amakhono ethu kuyoba lula ukuba senze imisebenzi eyengeziwe.

FUNA IZINDLELA ZOKUKHONZA ABANYE

12. Uzuze kanjani osizweni lwabanye?

12 Sonke siyazuza lapho abanye besisiza. Uma sisesibhedlela, siyakwazisa ukuvakashelwa abadala abakhonza emaKomitini Okubonisana Nezibhedlela noma emaQenjini Avakashela Iziguli. Uma sibhekene nesimo esinzima, siyajabula lapho umdala onothando edela isikhathi sakhe ukuze asilalele futhi asiduduze. Lapho sidinga usizo lokuqhuba isifundo seBhayibheli, siyajabula lapho iphayona elingumakad’ ebona livuma ukusiqhuba nathi isifundo, lisinikeze namacebiso. Bonke laba bafowethu nodadewethu bayakujabulela ukusisiza. Nathi singaba nenjabulo efanayo uma sihlale sikulungele ukusiza abafowethu. UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzE. 20:35) Uma ufuna ukwandisa inkonzo yakho ngalezi zindlela noma ngezinye, yini ezokusiza ufinyelele imigomo yakho?

13. Lapho sizibekela umgomo, yini okufanele siyikhumbule?

13 Gwema ukubeka umgomo ongacacile. Ngokwesibonelo, ungase uthi, ‘Ngifisa ukwenza okwengeziwe ebandleni.’ Kodwa kungase kube nzima ukwazi ukuthi ungawufinyelela kanjani lowo mgomo, kungase kube nzima nokubona lapho usuwufinyelele. Ngakho, zibekele umgomo ocacile. Ungaze uwubhale naphansi, ubhale nokuthi uzowufinyelela kanjani.

14. Lapho sizibekela imigomo, kungani kudingeka sizivumelanise nezimo?

14 Lapho sibeka imigomo kudingeka sizivumelanise nezimo. Kungani? Kungenxa yokuthi asikwazi ukuzilawula ngokuphelele izimo zethu. Ngokwesibonelo: Umphostoli uPawulu wasiza ekumisweni kwebandla elisha edolobheni laseThesalonika. Akungabazeki ukuthi wayenomgomo wokuhlala khona, asize lawo maKristu amasha. Kodwa uPawulu waphoqeleka ukuba ahambe kulelo dolobha ngenxa yabaphikisi. (IzE. 17:1-5, 10) Ukube uPawulu wahlala, wayeyofaka abafowabo engozini. Kodwa akazange aphele amandla. Kunalokho, wazivumelanisa nezimo ezase zishintshile. Kamuva, wathumela uThimothewu ukuba ayonakekela izidingo ezingokomoya zamaKristu amasha aseThesalonika. (1 Thes. 3:1-3) Kumelwe ukuba abaseThesalonika bajabula lapho uThimothewu ebasiza noma nini lapho bedinga usizo!

15. Izimo ezingaphezu kwamandla ethu zingayiphazamisa kanjani imigomo yethu?Nikeza isibonelo.

15 Singafunda kulokho okwenzeka kuPawulu eThesalonika. Kungenzeka sizama ukufinyelela ilungelo elithile lenkonzo, kodwa izimo ezingaphezu kwamandla ethu zenza singakwazi ukulifinyelela. (UmSh. 9:11) Uma ubhekene nesimo esinjalo, zimisele ukukhetha omunye umgomo ongawufinyelela. Yilokho okwenziwa uTed nomkakhe uHiedi. Kwadingeka bahambe eBethel ngenxa yokugula. Kodwa uthando lwabo ngoJehova lwabenza bafuna ezinye izindlela zokwandisa inkonzo yabo. Baqala ngokuba amaphayona avamile. Ngokuhamba kwesikhathi, bamiswa njengamaphayona akhethekile, uTed waqeqeshelwa ukuba umbambeli wombonisi wesigodi. Kwabe sekushintsha iminyaka yobudala ababonisi besigodi okudingeka babe nayo. UTed noHiedi babona ukuthi babengeke besakwazi ukuqhubeka nesabelo sabo. Nakuba babedumazekile, baqaphela ukuthi bangamkhonza uJehova nangezinye izindlela. UTed uthi, “Sifunde ukuthi akufanele sigxile ohlotsheni olulodwa lwenkonzo.”

16. Yiziphi izifundo esingazifunda encwadini yabaseGalathiya 6:4?

16 Asikwazi ukulawula yonke into eyenzeka ekuphileni kwethu. Ngakho, kubalulekile ukukhumbula ukuthi amalungelo esinawo akuwona asenza sibaluleke futhi akufanele siqhathanise amalungelo esinawo nawabanye. UHiedi uyachaza, “Awubi nokuthula uma uqhathanisa ukuphila kwakho nokwabanye.” (Funda eyabaseGalathiya 6:4.) Kubalulekile ukufuna izindlela esingaba usizo ngazo. *

17. Yini ongayenza ukuze ufanelekele amalungelo enkonzo?

17 Kulungele ukuthola amalungelo enkonzo ngokwenza ukuphila kwakho kube lula nangokugwema izikweletu ezingadingeki. Zibekele imigomo emincane ezokusiza ukwazi ukufinyelela imigomo yakho emikhulu. Ngokwesibonelo, uma umgomo wakho omkhulu uwukuba iphayona elivamile, ungakwazi yini okwamanje ukuba iphayona elisizayo lesikhathi esiqhubekayo? Uma umgomo wakho uwukuba inceku ekhonzayo, ungakwazi yini ukuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni yasensimini futhi uvakashele abagulayo nasebekhulile ebandleni okulo? Ulwazi oluthola manje lungase lukuvulele amathuba okuthola amalungelo enkonzo esikhathini esizayo. Zimisele ukwenza okusemandleni akho kunoma yisiphi isabelo ositholayo.​—Roma 12:11.

Khetha umgomo othile ngokukhethekile ozokwazi ukuwufinyelela (Bheka isigaba 18) *

18. Njengoba kuboniswe esithombeni, sifundani esibonelweni sikaBeverley?

18 Asisoze sathi sesibadala kakhulu ukuba sizibekele futhi sifinyelele imigomo engokomoya. Cabanga ngesibonelo sikaBeverley, udade oneminyaka engu-75. Wayenesifo esibi kakhulu esasenza kube nzima ukuba ahambe. Kodwa wayefisa ukuhlanganyela ngokugcwele emkhankasweni weSikhumbuzo. Ngakho, wazibekela imigomo ethile ecacile. UBeverley wajabula kakhulu lapho efinyelela imigomo yakhe. Imizamo yakhe yafundisa nabanye ukuba bazikhandle enkonzweni. UJehova uyawazisa umsebenzi wabafowethu nodadewethu asebekhulile, ngisho noma izimo zabo zingabavumeli ukuba benze okwengeziwe.​—IHu. 71:17, 18.

19. Yimiphi eminye imigomo engokomoya esingazibekela yona?

19 Zibekele imigomo ongayifinyelela. Hlakulela izimfanelo ezizokwenza uthandeke kuJehova. Funda amakhono azokwenza uNkulunkulu wethu akusebenzise, ube usizo nakakhulu enhlanganweni yakhe. Funa izindlela zokukhonza abafowenu ngokwengeziwe. * NjengoThimothewu, isibusiso sikaJehova sizokwenza “intuthuko yakho ibonakale ngokucacile kubo bonke abantu.”​—1 Thim. 4:15.

INGOMA 38 Uyonenza Nibe Namandla

^ UThimothewu wayengumshumayeli wezindaba ezinhle ofanelekayo. Noma kunjalo, umphostoli uPawulu wamkhuthaza ukuba aqhubeke ethuthuka ngokomoya. Ngokulalela iseluleko sikaPawulu, uThimothewu wayezoba usizo olukhulu kuJehova nakubafowabo nodadewabo. Ingabe nawe ufana noThimothewu, ukulungele ukumkhonza ngokugcwele uJehova kanye nabanye? Akungabazeki ukuthi ukulungele. Imiphi imigomo engakusiza wenze kanjalo? Yini ehilelekile ekuzibekeleni nasekufinyeleleni imigomo?

^ INCAZELO YAMAGAMA: Imigomo engokomoya ihlanganisa noma yini esisebenza kanzima kuyo ukuze sikhonze uJehova ngokugcwele futhi simjabulise.

^ Bheka isihloko esithi “Ukukhonza Lapho Kunendingeko Enkulu Khona” encwadini ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, isahluko 10, izig. 6-9.

^ Bheka isifundo 60 esithi “Qhubeka Uthuthuka,” encwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade!

^ INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane uqeqesha odade ababili ukuba benze umsebenzi wokunakekela iHholo LoMbuso, balisebenzisa kahle leli khono labo elisha.

^ INCAZELO YESITHOMBE: Udade ongasakwazi ukuphuma endlini ushumayela ngocingo ngokuphumelelayo, umemela abantu eSikhumbuzweni.