Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Uma umKristu edivosa umkakhe ngaphandle kwesizathu esingokomBhalo bese eshada nomunye umuntu, ibandla liwubheka kanjani umshado wangaphambili nomshado omusha?

Esimweni esinjalo, ibandla liyobheka umshado wangaphambili njengosuphelile lapho umuntu ephinde eshada, umshado omusha liyowubheka njengokuyiwona osebenzayo. Ukuze siziqonde kahle izizathu zalokhu, ake sicabange ngalokho uJesu akusho ngedivosi nokuphinde ushade.

KuMathewu 19:9, uJesu wakhuluma ngesizathu esingokomBhalo okuwukuphela kwaso esingaqeda umshado. Wathi: “Noma ubani odivosa umkakhe, ngaphandle kwesizathu sokuziphatha kabi ngokocansi, ashade nomunye, uyaphinga.” Emazwini kaJesu, sifunda (1) ukuthi ukuziphatha kabi ngokocansi kuwukuphela kwesizathu esingokomBhalo esingenza abantu baqede umshado ngokudivosa (2) nokuthi indoda edivosa umkayo ngaphandle kwesizathu esingokomBhalo ishade nomunye, iyaphinga. *

Ingabe amazwi kaJesu asho ukuthi indoda eziphatha kabi ngokocansi bese idivosa umkayo, ikhululekile ngokomBhalo ukuphinde ishade? Cha. Uma kukhona ophingile emshadweni, umuntu ongaphinganga nguye onqumayo ukuthi uzomxolela yini ophingile noma uzomshiya. Uma emshiya badivose, bobabili bakhululekile ukuphinde bashade uma idivosi isiphothuliwe.

Ngakolunye uhlangothi, ongaphinganga angase abe nesifiso esiqotho sokulondoloza umshado, angase aveze ukuthi uzimisele ukuthethelela umyeni wakhe. Kumiswa kanjani-ke, uma umyeni ophingile engakwamukeli lokho kuthethelelwa, adivose umkakhe bengavumelananga? Ngenxa yokuthi umkakhe uzimisele ukumthethelela umshado wabo uqhubeke, umyeni uyobe engakhululekile ngokomBhalo ukuphinde ashade. Uma ephikelela kuleyo nkambo engasekelwe emBhalweni, ashade omunye umuntu ebe engakhululekile ngokomBhalo ukwenza kanjalo, uyobe uyaphinga futhi, ibandla kuyodingeka liphinde limthathele isinyathelo sokwahlulela.​—1 Kor. 5:1, 2; 6:9, 10.

Lapho indoda iphinde ishada ibe ingakhululekile ngokomBhalo, ibandla liwubheka kanjani umshado wangaphambili nomshado omusha? NgokweBhayibheli, ingabe umshado wangaphambili usasebenza? Inkosikazi engaphinganga, isuke isenganquma yini ukumthethelela noma ukumshiya umyeni wayo? Ingabe ibandla liyobheka umshado omusha njengowokuphinga?

Esikhathini esedlule, ibandla belibheka umshado omusha njengomshado wokuphinga, uma nje lowo ongaphinganga esaphila, engakashadi, futhi engakaze aziphathe kabi ngokocansi. Kodwa uJesu akakhulumanga ngomuntu ongenacala emazwini akhe amayelana nokudivosa nokuphinde ushade. Kunalokho, wathi indoda edivosa umkayo ngaphandle kwesizathu esingokomBhalo bese ishada nomunye, iyaphinga. Esimweni esinjalo, leyo divosi nomshado omusha, uJesu athi kuwukuphinga, kuyawuqeda umshado omdala.

“Noma ubani odivosa umkakhe, ngaphandle kwesizathu sokuziphatha kabi ngokocansi, ashade nomunye, uyaphinga.”​—Math. 19:9

Lapho umshado uqedwa yidivosi nokushada kabusha, ongenacala akabe esakwazi ukuthethelela owonile noma ukumlahla. Ngakho, akabi nawo umthwalo wokunquma ukuthi uzomthethelela yini lowo owayengumyeni wakhe noma uzomlahla. Ngaphezu kwalokho, indlela ibandla eliwubheka ngayo umshado omusha ngeke incike ekutheni ongenacala ushonile, uphinde washada noma ube necala lokuziphatha kabi ngokocansi. *

Kulesi sibonelo esixoxe ngaso ngenhla, umyeni uphingile, okubangele ukuba badivose nomkakhe. Bekuzokwenzekani ukube umyeni akazange aphinge kodwa uvele wadivosa umkakhe wabe eseshada nomunye? Noma bekuzokwenzekani ukube umyeni akazange aziphathe kabi ngokocansi ngaphambi kokudivosa kodwa uziphathe kabi ngemva kokudivosa, ngemva kwalokho washada nomunye nakuba umkakhe ayezimisele ukumthethelela? Kuzo zonke lezi zibonelo, idivosi nokuphinda komuntu ashade, okuwukuphinga, kuyawuqeda umshado wangaphambili. Umshado omusha sekuyiwona oyisibopho esisemthethweni. Kunjengoba kwashiwo kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi, kaNovemba 15, 1979, ikhasi 32, “manje usengene emshadweni omusha ngakho ngeke avele awuqede bese izinto zibuyela kulokho ebeziyikho ekuqaleni; umshado wangaphambili waqedwa yidivosi, ukuphinga nokushada kabusha.”

Lolu shintsho endleleni esiqonda ngayo alubululazi ubungcwele bomshado noma lunciphise ubukhulu besono sokuphinga. Indoda edivosa umkayo ngaphandle kwesizathu esingokomBhalo bese ishada nomunye umuntu ibe ingakhululekile ngokomBhalo ukwenza kanjalo, izothathelwa isinyathelo sokwahlulela ngenxa yokuthi iphingile. (Uma kuwukuthi umuntu eshade naye kulo mshado omusha ungumKristu, naye uzovela ekomitini yokwahlulela ngecala lokuphinga.) Nakuba umshado omusha ungeke ubhekwe njengomshado wokuphinga, kuzodlula iminyaka eminingi umyeni engawafanelekeli amalungelo enkonzo akhethekile ebandleni futhi ngeke awafanelekele kuze kube yilapho indlela yakhe yokuphila yenza kulibaleke isihlamba noma idumela elibi elihambisana nesono asenza. Ngaphambi kokuba athole amalungelo, abadala bayocabanga ngezimo zangaleso sikhathi zomuntu ayeshade naye owakhohliswa, nanoma yiziphi izingane ezincane okungenzeka zashiywa dengwane owonile.​—Mal. 2:14-16.

Ngenxa yokuthi idivosi engasekelwe emiBhalweni nokushada kabusha komuntu kunemiphumela ebucayi, ngokuhlakanipha amaKristu amukela umbono kaJehova abheke umshado njengongcwele.​—UmSh. 5:4, 5; Heb. 13:4.

^ Ukuze kube lula, sizobhekisela kowesilisa lapho sikhuluma ngophingayo, bese sibhekisela kowesifazane lapho sikhuluma ngongenacala. Kodwa njengoba kubhaliwe kuMarku 10:11, 12, uJesu wenza kwacaca ukuthi akushoyo kule ndaba kusebenza ngendlela efanayo kwabesilisa nabesifazane.

^ Lokhu kulungisa indlela ebesiqonda ngayo esikhathini esidlule ukuthi lowo mshado uzobhekwa njengomshado wokuphinga kuze kube yilapho ongenacala eshona, ephinde eshada noma eba necala lokuziphatha kabi ngokocansi.