Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 15

Ingabe ‘Uyisibonelo’ Endleleni ‘Okhuluma’ Ngayo?

Ingabe ‘Uyisibonelo’ Endleleni ‘Okhuluma’ Ngayo?

“Yiba isibonelo kwabathembekile ngokukhuluma.”​—1 THIM. 4:12.

INGOMA 90 Khuthazanani

AMAZWIBELA *

1. Kwenzeka kanjani ukuba sikwazi ukukhuluma?

 UKUKWAZI ukukhuluma kuyisipho esivela kuNkulunkulu wethu onothando. Ngokushesha nje lapho umuntu wokuqala u-Adamu esedaliwe, wakwazi ukusebenzisa amagama ukuze akhulume noYise wasezulwini. Wayengawandisa la magama ngokuqamba amasha. U-Adamu wasebenzisa leso sipho ukuze afeze isabelo sakhe sokuqamba izilwane. (Gen. 2:19) Kumelwe ukuba wafa yinjabulo lapho ekhuluma okokuqala nomunye umuntu​—umkakhe oyisiphalaphala, u-Eva!—Gen. 2:22, 23.

2. Isipho sokukhuluma sasetshenziswa kanjani kabi endulo, futhi sisetshenziswa kanjani kabi namuhla?

2 Kungakabiphi, isipho sokukhuluma sasetshenziswa kabi. USathane uDeveli waqamba amanga ku-Eva, lawo manga aholela ekutheni abantu babe nesono. (Gen. 3:1-4) U-Adamu wasisebenzisa kabi isipho sakhe sokukhuluma lapho esola u-Eva​—ngisho noJehova—​ngenxa yamaphutha akhe. (Gen. 3:12) UKhayini waqamba amanga kuJehova ngemva kokubulala umfowabo u-Abela. (Gen. 4:9) Kamuva, umzukulu kaKhayini, uLameka, waqamba inkondlo eyayikhuluma ngobudlova bangesikhathi ayephila ngaso. (Gen. 4:23, 24) Zinjani izimo namuhla? Siye sizwe abaholi bezepolitiki bethuka inhlamba emphakathini kungabi zindaba zalutho. Kanti ayikho into enzima njengokuthola imuvi engenayo inkulumo engcolile. Esikoleni izingane zizwa inhlamba, abantu abadala bona bayizwa emsebenzini. Ngokudabukisayo, ukusetshenziswa kolimi olungcolile kumane nje kubonisa ukuwohloka kwesimilo nokuwohloka kwendlela yokukhuluma esikubona ezweni esiphila kulo.

3. Iyiphi ingozi okudingeka siyiqaphele, futhi sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Ukujwayela ukuzwa inkulumo engcolile kungasenza nathi sigcine sesiyisebenzisa uma singanakile. Kuyiqiniso ukuthi njengamaKristu sifuna ukujabulisa uJehova, futhi lokho kuhilela okungaphezu nje kokugwema inkulumo engcolile. Sifuna ukusisebenzisa kahle lesi sipho esimangalisayo​—sisisebenzisele ukudumisa uNkulunkulu wethu. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela esingakwenza ngayo lokho (1) ensimini, (2) emihlanganweni yebandla (3) nalapho sixoxa nabanye. Kodwa ake siqale sixoxe ngokuthi kungani indlela esikhuluma ngayo ibalulekile kuJehova.

ESIKUSHOYO KUBALULEKILE KUJEHOVA

Okushoyo kwembulani ngokusenhliziyweni yakho? (Bheka izigaba 4-5) *

4. NgokukaMalaki 3:16, kungani esikushoyo kubalulekile kuJehova?

4 Funda uMalaki 3:16. Ungasicabanga yini isizathu esenza uJehova abhale ‘encwadini’ yakhe “yenkumbulo” amagama alabo inkulumo yabo ebonisa ukuthi bayamesaba futhi bazindla ngegama lakhe? Esikushoyo kuveza lokho okusenhliziyweni yethu. UJesu wathi: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Math. 12:34) Lokho esikhetha ukuxoxa ngakho kwembula ukuthi simthanda kangakanani uJehova. UJehova ufuna ukuba labo abamthandayo baphile phakade ezweni elisha.

5. (a) Ukukhulekela kwethu uJehova kuhlobene kanjani nalokho esikushoyo? (b) Njengoba kuboniswe esithombeni, yini okumelwe siyiqaphe ngendlela esikhuluma ngayo?

5 Indlela esikhuluma ngayo inganquma ukuthi uJehova uzokwamukela yini ukumkhulekela kwethu. (Jak. 1:26) Abanye balabo abangamthandi uNkulunkulu bakhuluma ngendlela enokhahlo, elimazayo nebonisa ukuqhosha. (2 Thim. 3:1-5) Asifuni neze ukufana nabo. Sifuna ukujabulisa uJehova ngesikushoyo. UJehova angajabula yini ngathi uma sisebenzisa amazwi anomusa emihlanganweni yobuKristu noma ensimini, kodwa sikhulume namalungu omndeni ngendlela elimazayo nengenalo uthando lapho singabonwa muntu?​—1 Pet. 3:7.

6. Ukukhuluma ngomusa kukaKimberly kwaba namiphi imiphumela emihle?

6 Lapho sisisebenzisa kahle isipho sokukhuluma, sibonisa ukuthi siyizikhonzi zikaJehova. Sisiza abasizungezile bawubone ngokucacile umehluko “phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.” (Mal. 3:18) Cabanga ukuthi kwenzeka kanjani lokhu kudade okuthiwa uKimberly. * Wayabelwe ukuba enze umsebenzi wesikole nomfundi ayefunda naye ekilasini. Ngemva kokusebenza ndawonye, lo mfundi waqaphela ukuthi uKimberly wayehlukile kwezinye izingane. Wayengahlebi ngabantu, ekhuluma ngomusa, engayithuki inhlamba. Lo mfundi wahlabeka umxhwele, ekugcineni wavuma ukufundelwa iBhayibheli. UJehova uyajabula lapho sikhuluma ngendlela edonsela abantu eqinisweni.

7. Yini ofuna ukuyenza ngesipho sokukhuluma osiphiwe uNkulunkulu?

7 Sonke sifuna ukukhuluma ngendlela eletha udumo kuJehova nesisondeza kubafowethu. Ngakho, ake sicabange ngezindlela ezingokoqobo esingaqhubeka ngazo ‘siyisibonelo’ endleleni ‘esikhuluma’ ngayo.

YIBA ISIBONELO ENSIMINI

Ukukhuluma nabantu ngomusa ensimini kuyamjabulisa uJehova (Bheka izigaba 8-9)

8. UJesu wasibekela siphi isibonelo endleleni ayekhuluma ngayo enkonzweni?

8 Khuluma ngomusa nangenhlonipho lapho bekuchukuluza. Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wamangalelwa ngamanga kwathiwa uyisidakwa, uyisiminzi, uyinxusa likaDeveli, wephula iSabatha nangokuthi uhlambalaza uNkulunkulu. (Math. 11:19; 26:65; Luka 11:15; Joh. 9:16) Noma kunjalo, uJesu akazange aphendule ngamazwi abonisa ukucasuka. NjengoJesu, nathi akufanele nanini siphendule kabi ngisho noma kukhulunywe nathi ngendlela ehlabayo. (1 Pet. 2:21-23) Kuyavunywa, akulula ukuzibamba. (Jak. 3:2) Yini engasisiza?

9. Yini engasisiza silawule indlela esikhuluma ngayo ensimini?

9 Zama ukubheka ngale kwempendulo yomninikhaya engenamusa. Umzalwane okuthiwa uSam uthi, “Ngizama ukugxila ekutheni umninikhaya kudingeka ezwe iqiniso nasekutheni angase ashintshe.” Ngezinye izikhathi umninikhaya angase acasulwe nje ukuthi sifike ngesikhathi esingamlungele. Lapho siqondana nomuntu ocasukile, singenza lokho okwenziwa udadewethu okuthiwa uLucia. Singasho umthandazo omfushane, sicele uJehova asisize sihlale sizolile, sizibambe singasho lutho olubonisa ukwedelela nokungahloniphi.

10. Ngokweyoku-1 Thimothewu 4:13, yimuphi umgomo okufanele sibe nawo?

10 Yiba umfundisi ophumelelayo. UThimothewu wayeyisikhonzi esingumKristu esinolwazi, kodwa kwadingeka aqhubeke ethuthuka ngokomoya. (Funda eyoku-1 Thimothewu 4:13.) Singaba kanjani abafundisi abaphumelelayo? Kumelwe silungiselele kahle. Siyabonga ngokuthi sinamathuluzi amaningi angasisiza sibe abafundisi abangcono. Kuzosisiza ukubheka incwajana ethi Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni nengxenye ethi “Yiba Umshumayeli Nomfundisi Ongcono Ensimini” kuyi-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu. Uwasebenzisa ngokugcwele la mathuluzi? Lapho silungiselele kahle, uvalo luyehla bese sikhuluma ngokuqiniseka.

11. Amanye amaKristu abe kanjani abafundisi abangcono?

11 Singaba abafundisi abangcono nangokubuka abanye ebandleni nokufunda kubo. USam, ocashunwe ekuqaleni, uye azibuze ukuthi yini eyenza amanye amaKristu abe abafundisi abakahle. Ulalela indlela abafundisa ngayo bese ezama ukubalingisa. Udade okuthiwa uTalia, ulalelisisa indlela izikhulumi ezinesipiliyoni ezibeka ngayo izinkulumo. Ngokwenza kanjalo, ufunde indlela yokuxoxa ngezihloko okuvame ukukhulunywa ngazo ensimini.

YIBA ISIBONELO EMIHLANGANWENI YEBANDLA

Ukucula ngenhliziyo yonke kuyamdumisa uJehova (Bheka izigaba 12-13)

12. Yini abanye abayithola kunzima ukuyenza?

12 Sonke singahlanganyela empumelelweni yemihlangano yebandla ngokuhlanganyela ngokuzimisela ekuculeni nangokunikeza izimpendulo ezilungiselelwe kahle. (IHu. 22:22) Abanye bakuthola kunzima ukucula noma ukuphendula uma bephakathi kwabantu. Ingabe nawe unjalo? Uma unjalo, uzothanda ukwazi ukuthi yini esize abanye banqoba ukwesaba.

13. Yini engakusiza ucule ngenhliziyo yonke emihlanganweni yebandla?

13 Cula ngenhliziyo yonke. Lapho sicula izingoma zethu zoMbuso, umgomo wethu oyinhloko kufanele ube ukudumisa uJehova. Udade ogama lakhe nguSara uthi akalona igagu emculweni. Noma kunjalo, uyafuna ukudumisa uJehova ngokucula. Ukuze enze kanjalo, uthi kuyamsiza ukulungiselela izingoma esesekhaya, njengoba nje enza uma elungiselela ezinye izingxenye zemihlangano yebandla. Uprakthiza izingoma azame ukuthola ukuthi amagama azo ahlobana kanjani nendaba okuxoxwa ngayo. Uthi: “Lokhu kungisiza ngigxile kakhulu emagameni hhayi ekhonweni lami lokucula.”

14. Uma wesaba ukuphendula emihlanganweni yebandla, yini engakusiza?

14 Phendula njalo. Kuyavunywa, lokho kungaba inselele kwabanye. UTalia, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Kuyangicindezela ukuba phakathi kwabantu, yize abanye bengakuqapheli lokho ngoba ngokwemvelo ngikhulumela phansi. Ngakho, ukuphendula kunzima kakhulu kimi.” Noma kunjalo, uTalia uyaphendula. Lapho elungiselela imihlangano, uyakhumbula ukuthi impendulo yokuqala kufanele ibe mfushane, ishaye emhloleni. Uthi: “Lokho kusho ukuthi kulungile uma impendulo yami imfushane, ilula futhi ishaya emhloleni ngoba vele umqhubi usuke elindele impendulo enjalo.”

15. Yini okufanele siyikhumbule ngezimpendulo zethu?

15 Ngisho namaKristu angenawo amahloni noma angesabi, nawo ngezinye izikhathi ayazigodla angaphenduli. Kungani? Udade okuthiwa uJuliet uyachaza, “Ngezinye izikhathi ngiyanqikaza ukuphendula ngoba ngisuke ngesaba ukuthi impendulo yami ilula kakhulu futhi ayigculisi.” Nokho, khumbula ukuthi uJehova ufuna sinikeze izimpendulo ezinhle kuye ngamakhono ethu. * Ukwazisa kakhulu ukuzimisela kwethu ukumdumisa emihlanganweni yebandla, singavumeli ukwesaba kusenze sizigodle.

YIBA ISIBONELO LAPHO UXOXA NABANYE NSUKU ZONKE

16. Yinkulumo enjani okumelwe siyigweme?

16 Gwema zonke izinhlobo ‘zenkulumo elimazayo.’ (Efe. 4:31) Njengoba kushiwo ekuqaleni, umKristu akumelwe athuke inhlamba. Kodwa kunezinhlobo ezicashile zenkulumo elimazayo okudingeka siziqaphe. Ngokwesibonelo, kudingeka siqaphele ukuthi asikhulumi kabi ngabantu bolunye uhlanga, bezinye izizwe namasiko. Ngaphezu kwalokho, asifuni nanini ukulimaza abanye ngamazwi ahlabayo. Omunye umzalwane uyavuma: “Kuye kwenzeka ngasho amazwi abuhlungu nabhuqayo engangicabanga ukuthi ayahlekisa futhi awalimazi kodwa empeleni ayemlimaza omunye umuntu. Kule minyaka edlule, umkami uye wangisiza kakhulu ngokungitshela ngasese lapho ngisho into engasile nemlimazayo yena nabanye.”

17. Ngokuvumelana neyabase-Efesu 4:29, singabakha kanjani abanye?

17 Khuluma ngendlela eyakha abanye. Shesha ukuncoma kunokuba ugxeke noma ukhononde. (Funda eyabase-Efesu 4:29.). Ama-Israyeli ayenokuningi ayengakubonga, kodwa ayenomkhuba wokukhononda. Umoya wokukhononda uyathelelana. Khumbula ukuthi umbiko omubi wezinhloli eziyishumi wabangela ukuba ‘wonke ama-Israyeli abubule ngoMose.’ (Num. 13:31–14:4) Ngakolunye uhlangothi, ukuncoma kungabakhuthaza abanye. Singaqiniseka ukuthi isikhuthazo indodakazi kaJefta eyayisithola kubangane bayo besifazane, sayikhuthaza kakhulu ukuba iqhubeke esabelweni sayo. (AbaHl. 11:40) USara, ocashunwe ekuqaleni, uthi, “Lapho sincoma abanye, sibenza bezwe ukuthi uJehova uyabathanda nokuthi banendawo enhlanganweni yakhe.” Ngakho, bheka amathuba okuncoma abanye ngobuqotho.

18. IHubo 15:1, 2 lithi kungani kumelwe sikhulume iqiniso, futhi lokho kuhlanganisani?

18 Khuluma iqiniso. Ngeke simjabulise uJehova uma sikhuluma amanga. Uyawazonda amanga. (IzAga 6:16, 17) Nakuba abantu abaningi namuhla bebheka ukuqamba amanga njengento evamile nje, thina sinamathela embonweni kaJehova ngale ndaba. (Funda iHubo 15:1, 2.) Yiqiniso, siyakugwema ukuqamba amanga ngamabomu, kodwa futhi siyakugwema nokwenza abanye bafinyelele iziphetho okungezona ngenxa yokubagodlela ukwaziswa okuthile.

Ukushintsha inkulumo engakhi sikhulume eyakhayo kwenza uJehova asamukele (Bheka isigaba 19)

19. Yini enye okufanele siyiqaphele?

19 Gwema ukusakaza inhlebo elimazayo. (IzAga 25:23; 2 Thes. 3:11) UJuliet, ocashunwe ngenhla, uchaza indlela inhlebo emthinta ngayo. Uthi: “Ukulalela inhlebo kuyadikibalisa futhi kungenza ngingamethembi lowo muntu ohlebayo. Ngazi ngani ukuthi ngeke ahlebe ngami komunye umuntu?” Uma ubona ukuthi ingxoxo isiphenduka inhlebo elimazayo, yishintshe indaba uxoxe ngento ekhuthazayo.​—Kol. 4:6.

20. Yini ozimisele ukuyenza ngalokho okushoyo?

20 Njengoba siphila ezweni eligcwele inkulumo engcolile, kumelwe sisebenze kanzima ukuze siqiniseke ukuthi esikushoyo kujabulisa uJehova. Khumbula, ukukwazi ukukhuluma kuyisipho esivela kuJehova futhi kubalulekile kuye ukuthi sisisebenzisa kanjani. Uzoyibusisa imizamo yethu yokusisebenzisa kahle isipho sokukhuluma enkonzweni, emihlanganweni yebandla nalapho sixoxa nabanye nsuku zonke. Lapho liphela ithonya laleli zwe elingamesabi uNkulunkulu, kuyoba lula ukudumisa uJehova ngalokho esikushoyo. (Jude 15) Okwamanje, zimisele ukujabulisa uJehova ‘ngamazwi omlomo [wakho].’​—IHu. 19:14.

INGOMA 121 Kudingeka Sizithibe

^ UJehova usiphe isipho esihle kakhulu​—isipho sokukhuluma. Ngokudabukisayo, iningi labantu alisisebenzisi lesi sipho ngendlela uJehova ayefuna ngayo. Yini engasisiza sikhulume izinto ezihlanzekile nezakhayo kuleli zwe elingenasimilo? Singamjabulisa kanjani uJehova ngendlela esikhuluma ngayo lapho sisenkonzweni, sisemihlanganweni yebandla nalapho sixoxa nabanye? Lesi sihloko sizoxoxa ngezimpendulo zale mibuzo.

^ Amanye amagama ashintshiwe.

^ Ukuze uthole okwengeziwe mayelana nokuphendula, bheka isihloko esithi “Dumisa UJehova Ebandleni” kuyi-Nqabayokulinda kaJanuwari 2019.

^ INCAZELO YESITHOMBE: Umzalwane umphendula ngokhahlo umninikhaya othukuthele; umzalwane uyazigodla angaculi ebandleni; udade uhlanganyela enhlebweni elimazayo.