Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 24

UJehova​—UMthetheleli Obedlula Bonke

UJehova​—UMthetheleli Obedlula Bonke

“Wena Jehova, umuhle futhi uhlale ukulungele ukuthethelela; uthando lwakho oluqotho kubo bonke abakubizayo luyachichima.”​—IHU. 86:5.

INGOMA 42 Umthandazo Wenceku KaNkulunkulu

AMAZWIBELA *

1. Yiliphi iqiniso elabhalwa iNkosi uSolomoni kumShumayeli 7:20?

 INKOSI uSolomoni yabhala: “Akekho umuntu olungile emhlabeni owenza okuhle njalo ongalokothi one.” (UmSh. 7:20) Yiqiniso elimsulwa lelo! Sonke siyona. (1 Joh. 1:8) Ngakho, sonke siyadinga ukuthethelelwa uNkulunkulu nabanye abantu.

2. Uzizwa kanjani lapho uthethelelwe umngane oseduze?

2 Akungabazeki ukuthi wake wamphatha kabi umngane wakho oseduze. Wawufuna ukulungisa umonakalo ukuze niphinde nibe abangane, ngakho waxolisa ngokusuka enhliziyweni. Wazizwa kanjani lapho umngane wakho ekuthethelela ngokukhululekile? Ingabe waqala ukuzizwa kangcono? Cishe kunjalo, futhi wajabula ngempela!

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Sifuna uJehova abe uMngane wethu omkhulu, kodwa kunezikhathi lapho siyosho noma senze izinto ezimphatha kabi. Nokho, kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova uyafuna ukusithethelela? Indlela uJehova athethelela ngayo ihluke kanjani endleleni thina esithethelela ngayo? Obani abathethelelwa uNkulunkulu?

UJEHOVA UKULUNGELE UKUTHETHELELA

4. Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova ukulungele ukuthethelela?

4 IZwi likaNkulnkulu liyasiqinisekisa ukuthi uJehova ukulungele ukuthethelela. Lapho uJehova ezichaza kuMose eNtabeni iSinayi, wathumela ingelosi ukuba ithi: “NguJehova, nguJehova, uNkulunkulu onesihe nozwela, owephuza ukuthukuthela nochichima uthando oluqotho neqiniso, obonisa abayizinkulungwane uthando oluqotho, oxolela isiphambeko nesono.” (Eks. 34:6, 7) UJehova unguNkulunkulu onomusa nesihe, ohlale ekulungele ukuthethelela izoni eziphendukayo.​—Neh. 9:17; IHu. 86:15.

UJehova ukwazi konke okusenze saba abantu esiyibo (Bheka isigaba 5)

5. NgokweHubo 103:13, 14, ukubazi kahle abantu kumshukumisela ukuba enzeni uJehova?

5 Njengoba enguMdali wethu, uJehova wazi konke ngathi. Cabanga nje! Wazi yonke into ngawo wonke umuntu osemhlabeni. (IHu. 139:15-17) Ngakho, uyakubona konke ukushiyeka esakuzuza kubazali bethu. Ngaphezu kwalokho, ukwazi kahle konke esibhekane nakho okuye kwabumba ubuntu bethu. Ukubazi kahle kangaka abantu kumshukumisela ukuba enzeni uJehova? Kumenza asibonise umusa.​—IHu. 78:39; funda iHubo 103:13, 14.

6. UJehova uye wabonisa kanjani ukuthi uyafuna ukuthethelela?

6 UJehova uye wabonisa ukuthi uyafuna ukuthethelela. Uyaqonda ukuthi ngenxa yezenzo zomuntu wokuqala, u-Adamu, sonke saqalekiswa ngesono nokufa. (Roma 5:12) Yayingekho indlela esasingazikhulula ngayo noma esasingakhulula ngayo omunye umuntu kuleso siqalekiso. (IHu. 49:7-9) Kodwa uNkulunkulu wethu onothando wabonisa isihe, wahlela ukuba sikhululwe. Yini ayenza? Njengoba uJohane 3:16 ubonisa, uJehova wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba izosifela. (Math. 20:28; Roma 5:19) UJesu wahlupheka​—wathola isigwebo sokufa—​esikhundleni sethu, ukuze akhulule noma ubani obonisa ukholo kuye. (Heb. 2:9) Kumelwe ukuba kwamzwisa ubuhlungu ngempela uJehova ukubona iNdodana yakhe ethandekayo ifa ngendlela ebuhlungu nehlazisayo! Ngokuqinisekile, ukube uJehova wayengafuni ukusithethelela, wayengeke avumele ukuba iNdodana yakhe ife.

7. Yiziphi ezinye izibonelo zabantu eziseBhayibhelini uJehova abathethelela ngokukhululekile?

7 IBhayibheli linezibonelo eziningi zabantu abathethelelwa uJehova ngokukhululekile. (Efe. 4:32) Ukhona omkhumbulayo? Mhlawumbe ucabanga ngeNkosi uManase. Leyo ndoda ekhohlakele yona kakhulu kuJehova. Yahola ekukhulekeleni kwamanga. Yabulala izingane zayo, yazenza umhlatshelo konkulunkulu bamaqaba. Yaze ngisho yabeka isithixo esibaziwe sikankulunkulu wamanga ethempelini likaJehova elingcwele. IBhayibheli lithi ngayo: ‘Yenza okubi kakhulu emehlweni kaJehova, yamcasula.’ (2 IziKr. 33:2-7) Noma kunjalo, lapho uManase ebonisa ukuthi uphenduke ngempela, uJehova wamthethelela ngokukhululekile. UNkulunkulu waze ngisho wambuyisela nasesikhundleni sakhe sokuba inkosi. (2 IziKr. 33:12, 13) Mhlawumbe ucabanga nangeNkosi uDavide, eyamona kakhulu uJehova, yaphinga futhi yabulala. Noma kunjalo, lapho uDavide ephenduka ngobuqotho futhi evuma amaphutha akhe, uJehova wamthethelela naye. (2 Sam. 12:9, 10, 13, 14) Impela, singaqiniseka ngokuthi uJehova uyafuna ukuthethelela. Kanti njengoba sizobona, indlela athethelela ngayo ihlukile kunendlela abantu abathethelela ngayo.

UJEHOVA UTHETHELELA NGENDLELA EHLUKILE KWEYABANTU

8. Isikhundla sikaJehova esikhethekile njengomaHluleli, siyithinta kanjani indlela athethelela ngayo?

8 UJehova ‘ungumaHluleli womhlaba wonke,’ (Gen. 18:25) Umahluleli omuhle kudingeka awuqonde kahle kakhulu umthetho. Yilokho kanye uJehova ayikho ngoba ngaphezu kokuba umaHluleli wethu, uphinde abe uMniki-mthetho wethu. (Isaya 33:22) Akekho umuntu okwazi ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile ukwedlula uJehova. Yini enye umahluleli omuhle okudingeka akwazi ukuyenza? Kudingeka akwazi ukucabangela wonke amaqiniso ahilelekile ecaleni ngaphambi kokuba akhiphe isahlulelo. Kulokhu, uJehova ungumaHluleli ofaneleka ngokukhethekile.

9. Yiziphi izinto uJehova asuke ezazi lapho enquma ukuthi uzothethelela yini noma cha?

9 Ngokungefani nabahluleli abangabantu, uJehova uhlale ewaqonda ngokuphelele wonke amaqiniso ahilelekile kunoma iliphi icala. (Gen. 18:20, 21; IHu. 90:8) Akahluleli ngokwalokho okubonwa nokuzwiwa abantu. UJehova ukuqonda ngokuphelele ukuthi ufuzo, indlela umuntu akhule ngayo, indawo umuntu ahlala kuyo, imizwa kanye nokusebenza kwengqondo kungathonya indlela enza ngayo. UJehova ukwazi nokuhlola inhliziyo. Uzazi kahle izisusa, izinhloso kanye nezifiso zomuntu ngamunye. Ayikho into angafihlelwa yona. (Heb. 4:13) Ngakho, lapho ethethelela usuke esewazi wonke amaqiniso ngendaba.

UJehova unobulungisa futhi akakhethi. Akafumbathiseki (Bheka isigaba 10)

10. Kungani singathi izahlulelo zikaJehova zihlale zinobulungisa? (Duteronomi 32:4)

10 Izahlulelo zikaJehova zihlale zinobulungisa. Akakhethi nhlobo. Akalokothi asekele intethelelo yakhe endleleni umuntu abukeka ngayo, esimweni sakhe sezimali, ekutheni uvelele yini noma emakhonweni akhe. (1 Sam. 16:7; Jak. 2:1-4) Akekho ongaphoqa noma afumbathise uJehova. (2 IziKr. 19:7) Izinqumo zakhe azilokothi zithonywe ukucasuka noma imizwa. (Eks. 34:7) Ngokungangabazeki, ukuqonda kukaJehova nokwazi yonke into kumenza abe umaHluleli ofaneleka ukubedlula bonke.​—Funda uDuteronomi 32:4.

11. Ihluke kanjani indlela uJehova athethelela ngayo?

11 Ababhali bemiBhalo YesiHebheru baqaphela ukuthi indlela uJehova athethelela ngayo ihlukile. Kwezinye izimo basebenzisa igama lesiHebheru enye incwadi elichaza ngokuthi “lisetshenziswa ngokukhethekile ukuze lichaze intethelelo uNkulunkulu ayinika isoni futhi alilokothi lisetshenziselwe ukuchaza intethelelo engatheni abantu ababonisana yona.” NguJehova kuphela onamandla okuthethelela isoni esiphenduke ngokuphelele. Kwenzekani lapho uJehova esithethelela?

12-13. (a) Yini umuntu ayijabulelayo lapho esethethelelwe uJehova? (b) Izinzuzo zokuthethelelwa uJehova zihlala isikhathi esingakanani?

12 Lapho samukela ukuthi uJehova usithethelele, sijabulela “izinkathi zokuqabuleka,” ukuthula kwengqondo nonembeza ohlanzekile. Intethelelo enjalo ayikwazi ukuvela kubantu, kodwa kumelwe ivele “kuJehova uqobo.” (IzE. 3:19) Lapho uJehova esithethelela ubuvuselela ngokuphelele ubungane bethu naye, kube sengathi asikaze sone.

13 Ngemva kokuba uJehova esesithethelele akasoze asisola noma asijezisela leso sono. (Isaya 43:25; Jer. 31:34) Izono zethu uzibeke kude “njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga.” * (IHu. 103:12) Ukuzindla ngobukhulu bentethelelo kaJehova kusishiya simangele futhi sinokwazisa. (IHu. 130:4) Kodwa obani abathethelelwa uJehova?

OBANI ABATHETHELELWA UJEHOVA?

14. Yini esesiyifundile kuze kube manje ngesinqumo sikaJehova sokuthethelela?

14 Njengoba sibonile, isinqumo sikaJehova sokuthethelela asisekelwe ekutheni isono sikhulu noma sincane kangakanani. Sifunde nokuthi uJehova usebenzisa ulwazi lwakhe njengoMdali, uMniki-mthetho nomaHluleli wethu lapho enquma ukuthi uzothethelela yini noma cha. Yiziphi izinto uJehova azicabangelayo?

15. Njengoba kuboniswe kuLuka 12:47, 48, iyiphi enye yezinto uJehova azicabangelayo?

15 Enye yezinto uJehova azicabangelayo ukuthi isoni besazi yini ukuthi lokho esikwenzile akufanele sikwenze. UJesu wakwenza kwacaca lokho, njengoba kubhalwe kuLuka 12:47, 48. (Yifunde.) Umuntu ohlela ukwenza okubi ngamabomu ebe azi kahle ukuthi akwenzayo kuzomphatha kabi uJehova, wenza isono esikhulu. Umuntu owenza kanjalo usengcupheni yokungathethelelwa. (Marku 3:29; Joh. 9:41) Kumelwe sivume nokho, ukuthi ngezinye izikhathi sisuke sazi ukuthi into esiyenzile yimbi. Esimweni esinjalo, ingabe likhona ithemba lokuthi siyothethelelwa? Yebo likhona! Lokhu kusiletha kwenye into uJehova ayicabangelayo.

Singathemba ukuthi uJehova uyosithethelela lapho siphenduka ngobuqotho (Bheka izigaba 16-17)

16. Kusho ukuthini ukuphenduka futhi kungani kubalulekile uma sifuna uJehova asithethelele?

16 Enye yezinto uJehova azicabangelayo ukuthi isoni siphenduke ngobuqotho yini noma cha. Kusho ukuthini ukuphenduka? Kusho “ukushintsha indlela yokucabanga, isimo sengqondo noma izinhloso.” Kuhlanganisa nokuba umuntu azisole futhi adabuke ngokujulile ngezinto ezimbi azenzile noma ngokuthi akazenzanga izinto ezilungile obekufanele azenze. Umuntu ophendukile akagcini nje ngokudatshukiswa ububi abenzile, kodwa udatshukiswa nayisimo esingokomoya esingesihle esiholele ekwenzeni lobo bubi. Khumbula ukuthi iNkosi uManase neNkosi uDavide benza izono ezinkulu, noma kunjalo, uJehova wabathethelela ngenxa yokuthi baphenduka ngobuqotho. (1 AmaKh. 14:8) Yebo, ukuze uJehova athethelele kumelwe abone ubufakazi bokuphenduka. Kodwa akwanele ukumane sizizwe kabi ngenkambo yesono noma ngesono esisenzile. Kumelwe sikulungele ukwenza okuthile. * Lokhu kusiletha kwenye into uJehova ayicabangelayo.

17. Kusho ukuthini ukuguquka futhi kungani kubalulekile uma sifuna ukugwema ukuphinda amaphutha afanayo? (Isaya 55:7)

17 Ukuguquka kungenye into ebalulekile uJehova ayicabangelayo. Kusho ukushintsha umuntu esinguye. Ngamanye amazwi, umuntu kumelwe ashintshe indlela enza ngayo, ayeke ukwenza okubi, aqale ukuphila ngendlela efunwa uJehova. (Funda u-Isaya 55:7.) Kumelwe aguqule ingqondo yakhe ukuze akwazi ukuqondiswa ukucabanga kukaJehova. (Roma 12:2; Efesu 4:23) Indlela yakhe embi yokucabanga nokwenza kumelwe azimisele ukuyishiya. (Kol. 3:7-10) Yiqiniso, ukholo lwethu emhlatshelweni kaKristu oluyisisekelo sangempela esenza uJehova akwazi ukusithethelela futhi asihlanze esonweni. UJehova uyosithethelela ngenxa yalowo mhlatshelo lapho ebona ukuthi senza umzamo oqotho wokushintsha indlela esiziphatha ngayo.​—1 Joh. 1:7.

THEMBA UKUTHI UJEHOVA UZOKUTHETHELELA

18. Sifundeni ngentethelelo kaJehova?

18 Ake sibukeze kafushane amaphuzu ayinhloko esesixoxe ngawo. Ngempela, uJehova unguMthetheleli obadlula bonke emhlabeni nasezulwini. Kungani singasho kanjalo? Okokuqala, uhlale ekulungele ukuthethelela. Okwesibili, wazi konke ngathi. Ukwazi kahle ukwakheka kwethu futhi usesimweni esingcono kakhulu sokubona ukuthi siphenduke ngempela yini. Okwesithathu, lapho uJehova esithethelela kuba sengathi asikaze sone. Lokhu kusenza sibe nonembeza ohlanzekile futhi sijabulele ukwamukelwa nguye.

19. Nakuba sinesono futhi sizolokhu siwenza amaphutha, kungani singajabula?

19 Yiqiniso, uma nje sisenesono, sizolokhu siwenza amaphutha. Nokho, singaduduzwa amazwi atholakala kuyi-Insight on the Scriptures, Umqulu 2, ikhasi 771: “Ngenxa yokuthi uJehova unomusa, uyabucabangela ubuthakathaka bezinceku zakhe, ngakho akudingeki zihlale zizisola ngamaphutha awumphumela wesono ezisizuze njengefa. (IHu. 103:8-14; 130:3) Uma zihamba endleleni kaNkulunkulu ngokuqapha, ziyojabula. (Fil. 4:4-6; 1 Joh. 3:19-22).” Kukhuthaza ngempela lokho!

20. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

20 Siyakwazisa ukuthi uJehova ukulungele ukusithethelela uma sizisola ngempela ngezono esizenzile. Nokho, thina singayilingisa kanjani indlela kaJehova yokuthethelela? Indlela esithethelela ngayo ifana kanjani nendlela kaJehova yokuthethelela, kodwa ihluke ngaziphi izindlela? Kungani kubalulekile ukuqonda lowo mehluko. Isihloko esilandelayo sizophendula leyo mibuzo.

INGOMA 45 Ukuzindla Kwenhliziyo Yami

^ EZwini lakhe, uJehova usiqinisekisa ngokuthi ukulungele ukuthethelela izoni eziphendukayo. Nokho, ngezinye izikhathi singase sibe nomuzwa wokuthi ayisifanele intethelelo yakhe. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi kungani singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu wethu uhlale ekulungele ukusithethelela lapho sizisola ngempela ngezono esizenzile.

^ INCAZELO YEGAMA: “Ukuphenduka” kusho ukushintsha umqondo okuhambisana nokuzisola okusuka enhliziyweni ngenxa yokuziphatha komuntu kwangaphambili, izenzo ezingalungile noma lokho umuntu ahluleke ukukwenza. Ukuphenduka kweqiniso kuveza izithelo, ushintsho endleleni yokwenza.