Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 31

Lazise Ilungelo Lakho Lokuthandaza

Lazise Ilungelo Lakho Lokuthandaza

“Kwangathi umthandazo wami ungaba njengempepho elungisiwe phambi kwakho.”​—IHU. 141:2.

INGOMA 47 Thandaza KuJehova Nsuku Zonke

AMAZWIBELA *

1. Kufanele silibheke kanjani ilungelo lokuthandaza kuJehova?

 SINIKWE ilungelo elimangalisayo​—lokusondela ngomthandazo kuMdali wezulu nomhlaba. Cabanga nje: Singamthululela isifuba uJehova nganoma yisiphi isikhathi nanganoma yiluphi ulimi, ngaphandle kokwenza isicelo kusengaphambili. Singathandaza kuye silele esibhedlela noma sisejele, siqiniseka ngokuthi uBaba wethu onothando uzosilalela. Asilithathi kalula leli lungelo.

2. INkosi uDavide yabonisa kanjani ukuthi iyalazisa ilungelo lokuthandaza?

2 INkosi uDavide yayilazisa ilungelo lokuthandaza. Yaculela uJehova: “Kwangathi umthandazo wami ungaba njengempepho elungisiwe phambi kwakho.” (IHu. 141:1, 2) Osukwini lukaDavide, impepho engcwele eyayisetshenziswa abapristi ekukhulekeleni kweqiniso, yayilungiselelwa ngokucophelela okukhulu. (Eks. 30:34, 35) Ukubhekisela empephweni kusikisela ukuthi uDavide wayefuna ukucabangisisa kahle ngalokho ayezokusho kuBaba wakhe osezulwini. Nathi sinesifiso esijulile sokwenza kanjalo. Sifuna imithandazo yethu imjabulise uJehova.

3. Kufanele sibe nasiphi isimo sengqondo lapho sisondela kuJehova ngomthandazo, futhi kungani?

3 Lapho sithandaza kuJehova, kufanele sigweme ukukhululeka ngokweqile. Kunalokho, kufanele sibonise inhlonipho ejulile. Cabanga ngemibono emangalisayo eyabonwa u-Isaya, uHezekeli, uDaniyeli noJohane. Leyo mibono ihlukahlukene kodwa inokuthile efana ngakho. Yonke iveza uJehova njengeNkosi ebabazekayo. U-Isaya ‘wabona uJehova ehlezi esihlalweni sobukhosi esiphakeme.’ (Isaya 6:1-3) UHezekeli wabona uJehova ehlezi enqoleni yakhe yasezulwini, ezungezwe “ukukhanya okukhulu . . . okunjengokothingo.” (Hez. 1:26-28) UDaniyeli wabona “oMdala Wezinsuku” egqoke izembatho ezimhlophe, kunamalangabi omlilo avela esihlalweni saKhe sobukhosi. (Dan. 7:9, 10) UJohane wabona uJehova ehlezi esihlalweni sobukhosi ezungezwe yinto enjengothingo oluhle olunjenge-emaraldi eluhlaza. (IsAm. 4:2-4) Njengoba sicabanga ngenkazimulo kaJehova engenakuqhathaniswa, sikhumbula ilungelo elimangalisayo lokusondela kuye ngomthandazo nokubaluleka kokwenza kanjalo ngenhlonipho ejulile. Kodwa kufanele sithandaze kanjani?

“KHONA-KE, KUMELWE NITHANDAZE NGALE NDLELA”

4. Sifundani emazwini okuqala asemthandazweni oyisibonelo akuMathewu 6:9, 10?

4 Funda uMathewu 6:9, 10. ENtshumayelweni YaseNtabeni, uJesu wafundisa abafundi bakhe ukuthi bangathandaza kanjani ngendlela ejabulisa uNkulunkulu. Ngemva kokuthi “khona-ke, kumelwe nithandaze ngale ndlela,” uJesu waqale wakhuluma ngezinto ezibalulekile ezihlobene ngokuqondile nenjongo kaJehova: ukungcweliswa kwegama laKhe; ukuza koMbuso oyobhubhisa bonke abamelene noNkulunkulu; nezibusiso zangesikhathi esizayo ayoziletha emhlabeni nakubantu. Ngokufaka lezi zinto emithandazweni yethu, sibonisa ukuthi intando kaNkulunkulu ibalulekile kithi.

5. Ingabe kuyafaneleka ukuthandazela izinto zomuntu siqu?

5 Engxenyeni elandelayo yomthandazo, uJesu wabonisa ukuthi kuhle ukuthandazela izinto zomuntu siqu. Singacela uJehova asiphe ukudla esikudingayo nsuku zonke, asithethelele izono zethu, asivikele ezilingweni futhi asikhulule komubi. (Math. 6:11-13) Lapho sicela lezi zinto kuJehova, sisuke sibonisa ukuthi sithembele kuye futhi sinesifiso sokwamukeleka kuye.

Yini umyeni angayithandazela lapho enomkakhe? (Bheka isigaba 6) *

6. Ingabe kufanele sithandazele izinto ezisemthandazweni oyisibonelo kuphela? Chaza.

6 UJesu wayengalindele ukuba abalandeli bakhe bawasho njengoba enjalo amagama asemthandazweni oyisibonelo. Kweminye imithandazo yakhe, uJesu wathandazela izinto ezihlukahlukene ezazibalulekile kuye ngaleso sikhathi. (Math. 26:39, 42; Joh. 17:1-26) Ngendlela efanayo, nathi singathandazela noma yini esikhathazayo. Lapho kunesinqumo okumelwe sisenze, singathandazela ukuhlakanipha nokuqonda. (IHu. 119:33, 34) Lapho sizoqala isabelo esinzima, singathandazela ulwazi nokuqonda. (IzAga 2:6) Abazali bangathandazela izingane zabo, izingane zingathandazela abazali futhi sonke kufanele sithandazele izifundo zethu zeBhayibheli nalabo esibashumayezayo. Kuyavunywa, imithandazo yethu akufanele ibe yizicelo kuphela.

Singamdumisa futhi simbonge ngani uJehova emithandazweni yethu? (Bheka izigaba 7-9) *

7. Kungani kufanele sidumise uJehova lapho sithandaza?

7 Kufanele sikhumbule ukudumisa uJehova emthandazweni yethu. Akekho ofanelwe udumo ukwedlula uNkulunkulu wethu. ‘Muhle futhi uhlale ekulungele ukuthethelela.’ Uphinde abe uNkulunkulu “onesihe nozwela, owephuza ukuthukuthela nochichima uthando oluqotho nokwethembeka.” (IHu. 86:5, 15) Ngokuqinisekile, sinezizathu ezinhle zokudumisa uJehova ngenxa yalokho ayikho nalokho akwenzayo.

8. Yiziphi ezinye zezinto esingambonga ngazo uJehova? (IHubo 104:12-15, 24)

8 Ngaphezu kokudumisa uJehova emithandazweni yethu, sishukumiseleka ukuba simbonge ngezinto ezimangalisayo asipha zona. Ngokwesibonelo, singambonga ngemibala emihle esiyibona ezimbalini, izinhlobonhlobo zokudla okwehla esiphundu nabangane esibathandayo abayisikhuthazo. UBaba wethu onothando usinika lokhu nokunye okuningi ukuze nje asijabulise. (Funda iHubo 104:12-15, 24.) Okubaluleke nakakhulu, siyambonga uJehova ngenala yokudla okungokomoya asinika kona nangethemba elimangalisayo ngekusasa.

9. Yini engasisiza sikhumbule ukumbonga uJehova? (1 Thesalonika 5:17, 18)

9 Kungaba lula ukukhohlwa ukumbonga uJehova ngazo zonke izinto asenzela zona. Yini engakusiza ukhumbule? Ungenza uhlu lwezinto ezithile oye wazicela, bese ulokhu ulihlola ukuze ubone ukuthi uJehova uye wakuphendula kanjani. Ngemva kwalokho ungathandaza, umbonge ngosizo lwakhe. (Funda eyoku-1 Thesalonika 5:17, 18.) Cabanga ngalokhu: Siyajabula futhi sizizwa sithandwa lapho abanye besibonga. Ngendlela efanayo, lapho sikhumbula ukumbonga uJehova ngokuphendula imithandazo yethu, uyajabula. (Kol. 3:15) Nokho, yisiphi esinye isizathu esibalulekile sokubonga uNkulunkulu wethu?

MBONGE UJEHOVA NGENDODANA YAKHE ETHANDEKAYO

10. Ngokweyoku-1 Petru 2:21, sinasiphi isizathu sokubonga uJehova ngokuthumela uJesu emhlabeni?

10 Funda eyoku-1 Petru 2:21. Kufanele simbonge uJehova ngokuthumela iNdodana yakhe ethandekayo ukuba izosifundisa. Ukufunda ngokuphila kukaJesu kusifundisa okuningi ngoJehova nokuthi singamjabulisa kanjani. Uma sibonisa ukholo emhlatshelweni kaKristu, singaba nobungane obuseduze noJehova uNkulunkulu futhi sibe nokuthula naYe.​—Roma 5:1.

11. UJesu unayiphi indima emithandazweni yethu eya kuJehova?

11 Siyambonga uJehova ngokuthi sikwazi ukuthandaza kuye egameni leNdodana yakhe. UJesu ungumzila osetshenziswa uJehova ukuze aphendule imithandazo yethu. UJehova ulalela futhi aphendule imithandazo eyenziwe egameni likaJesu. UJesu wachaza: “Noma yini eniyicela egameni lami, ngiyoyenza, ukuze uBaba akhazinyuliswe ngeNdodana.”​—Joh. 14:13, 14.

12. Sinasiphi esinye isizathu sokubonga uJehova ngeNdodana yakhe?

12 UJehova uthethelela izono zethu ngenxa yomhlatshelo wesihlengo sikaJesu. ImiBhalo ichaza uJesu ngokuthi ‘umpristi ophakeme [ohleli] phansi ngakwesokudla sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini.’ (Heb. 8:1) UJesu ‘ungumsizi wethu kuBaba.’ (1 Joh. 2:1) Simbonga ngempela uJehova ngokusinika uMpristi Ophakeme ozwelana nathi, obuqondayo ubuthaka bethu ‘nosincengelayo’! (Roma 8:34; Heb. 4:15) Singabantu abanesono, ngakho ngaphandle komhlatshelo kaJesu besingeke sikwazi ukusondela kuJehova ngomthandazo. Kuyinto engangabazeki ukuthi asisoze sambonga ngokwanele uJehova ngesipho esiyigugu asiphe sona​—iNdodana yakhe ethandekayo!

THANDAZELA ABAFOWENU NODADEWENU

13. Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu wabonisa kanjani ukuthi uyabathanda abafundi bakhe?

13 Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu wathandaza isikhathi eside, ethandazela abafundi bakhe, ecela uYise ukuba ‘ababheke ngenxa yomubi.’ (Joh. 17:15) UJesu wayebathanda ngempela! Wayesazobhekana novivinyo olunzima, noma kunjalo wayekhathazeke ngenhlalakahle yabaphostoli bakhe.

Yini esingayicela lapho sithandazela abafowethu nodadewethu? (Bheka izigaba 14-16) *

14. Singabonisa kanjani ukuthi siyabathanda abafowethu nodadewethu?

14 NjengoJesu, asigxili ezidingweni zethu kuphela. Kunalokho, sibathandazela njalo abafowethu nodadewethu. Lapho senza kanjalo, sisuke silalela umyalo kaJesu wokuba sithandane futhi sisuke sibonisa noJehova ukuthi sibathanda kangakanani esikholwa nabo. (Joh. 13:34) Sisuke singadlali ngesikhathi sethu lapho sithandazela abafowethu nodadewethu. IZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuthi “ukunxusa komuntu olungile kunamandla amakhulu.”​—Jak. 5:16.

15. Kungani esikholwa nabo beyidinga imithandazo yethu?

15 Esikholwa nabo bayayidinga imithandazo yethu ngoba babhekana nezinselele eziningi. Singacela uJehova abasize bakhuthazelele ukugula, izinhlekelele zemvelo, izimpi, ushushiso noma obunye ubunzima. Singathandazela nabafowethu nodadewethu abazidelayo ukuze basize labo ababhekene nezinkinga. Kungenzeka bakhona obaziyo ababhekene nezinselele ezifana nalezi. Ungakwazi yini ukubabala ngamagama emithandazweni yakho? Sibonisa uthando lobuzalwane ngokucela uJehova ukuba abasize bakhuthazele.

16. Kungani kufanele sibathandazele labo abaholayo

16 Abaholayo ebandleni bayazisa kakhulu imithandazo yabanye futhi iyabaqinisa. Kwaba njalo kumphostoli uPawulu. Wabhala: “Ngithandazeleni nami ukuze ngiphiwe amazwi lapho ngivula umlomo wami, ukuze ngikwazi ukukhuluma ngesibindi ngazise ngemfihlo engcwele yezindaba ezinhle.” (Efe. 6:19) Nanamuhla, sinabazalwane abaningi abaholayo abazikhandlayo emabandleni. Sibonisa ukuthi siyabathanda lapho sicela uJehova ukuba abusise umsebenzi wabo.

LAPHO SIMELELA ABANYE NGOMTHANDAZO

17-18. Kunini lapho singase sicelwe khona ukuba simelele abanye ngomthandazo, futhi yini okufanele siyikhumbule?

17 Ngezinye izikhathi, singase sicelwe ukuba simelele abanye ngomthandazo. Ngokwesibonelo, udade oqhuba isifundo seBhayibheli angase acele udade ahamba naye ukuba athandaze. Udade ophelezele angase angamazi kahle umfundi, ngakho angase akhethe ukwenza umthandazo wokuphetha. Ngaleyo ndlela, kungaba lula ukuba avumelanise umthandazo wakhe nezidingo zomfundi.

18 Umzalwane angase acelwe ukuba athandaze emhlanganweni wenkonzo noma emhlanganweni webandla. Abazalwane abanalelo lungelo kufanele bakhumbule ukuthi iyini injongo yalowo mhlangano. Umthandazo akufanele usetshenziselwe ukweluleka ibandla noma ukwenza izaziso. Emihlanganweni yebandla, ngokuvamile umthandazo nengoma kwabelwe imizuzu emihlanu, ngakho akudingeki ukuba umzalwane othandazayo asebenzise “amazwi amaningi,” ikakhulu lapho enza umthandazo wokuvula.​—Math. 6:7.

YENZA UMTHANDAZO UZE KUQALA EKUPHILENI KWAKHO

19. Yini ezosisiza silungele usuku lukaJehova lokwahlulela?

19 Njengoba usuku lukaJehova lokwahlulela lusondela, kudingeka senze umthandazo ubaluleke nakakhulu ekuphileni kwethu. Mayelana nalokhu, uJesu wathi: “Ngakho, hlalani niphapheme, ngaso sonke isikhathi ninxusa ukuba niphumelele ekuphunyukeni kuzo zonke lezi zinto okumelwe zenzeke.” (Luka 21:36) Yebo, ukuthandaza njalo kuzosisiza sihlale siphapheme ngokomoya ukuze usuku lukaNkulunkulu lungasizumi.

20. Imithandazo yethu ingaba kanjani njengempepho enephunga elimnandi?

20 Yini esixoxe ngayo? Silazisa kakhulu ilungelo lethu lokuthandaza. Imithandazo yethu kufanele igxile ezintweni ezihlobene ngokuqondile nenjongo kaJehova. Sibonisa nokuthi siyayazisa iNdodana kaNkulunkulu nokubusa kwayo eMbusweni. Siyabathandazela esikholwa nabo, kanti singathandazela izinto esizidingayo nezinto ezisisondeza kuJehova. Lapho sicabangisisa ngalokho esikushoyo emithandazweni yethu, sibonisa ukuthi siyalazisa leli lungelo elimangalisayo. Amazwi ethu ayoba njengempepho enephunga elimnandi kuJehova​—‘elimjabulisayo.’​—IzAga 15:8.

INGOMA 45 Ukuzindla Kwenhliziyo Yami

^ Silazisa ngempela ilungelo lokusondela kuJehova ngomthandazo. Sifuna imithandazo yethu ibe njengempepho enephunga elimnandi, elimjabulisayo. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinto esingazithandazela. Sizoxoxa nangamaphuzu ambalwa okufanele siwakhumbule lapho sicelwa ukuba simelele abanye ngomthandazo.

^ INCAZELO YEZITHOMBE: Indoda ithandaza nomkayo, bathandazela ukuba ingane yabo iphephe esikoleni, bathandazela umzali osekhulile ogulayo nentuthuko yomuntu ofundelwa iBhayibheli.

^ INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane osemusha ubonga uJehova ngomhlatshelo wesihlengo sikaJesu, ikhaya lethu elihle eliwumhlaba nokudla okunomsoco.

^ INCAZELO YEZITHOMBE: Udade uthandazela ukuba uJehova abusise iNdikimba Ebusayo ngomoya wakhe futhi asize labo abahluphekayo ngenxa yezinhlekelele noshushiso.