Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

Ngikujabulele Ukufunda Nokufundisa NgoJehova

Ngikujabulele Ukufunda Nokufundisa NgoJehova

NGAKHULELA e-Easton, ePennsylvania, e-U.S.A., futhi mina ngangifuna ukuziyela eyunivesithi, ngizimisele ukuba yisifundiswa. Ngangikujabulela ukufunda futhi ngiziphasa kahle izibalo nesayensi. Ngo-1956 inhlangano yamalungelo abantu yanginika ama-dollar angu-25 ngoba ngangithole amamaki aphezulu kubafundi abansundu. Kamuva imigomo yami yashintsha. Kungani?

INDLELA ENGAMAZI NGAYO UJEHOVA

Ekuqaleni kwawo-1940, abazali bami batadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Leso sifundo asizange siqhubeke kodwa umama waqhubeka eyamukela INqabayokulinda ne-Phaphama!. Ngo-1950 kwaba nomhlangano wezizwe eNew York City, umndeni wakithi waya kulowo mhlangano.

Ngokushesha ngemva kwalokho, uMfoweth’ uLawrence Jeffries waqala ukusivakashela. Wangisiza ngafunda iqiniso. Ekuqaleni angivumelananga naye endabeni yokuthi oFakazi BakaJehova abahlanganyeli kwezepolitiki nakwezempi. Ngamtshela ukuthi uma wonke umuntu eMelika enqaba ukuya empini, izitha zingafika zilithathe lonke izwe. UMfoweth’ uJeffries wabonisana nami ngesineke, wathi: “Ucabanga ukuthi uJehova uNkulunkulu angenzani ukube bonke abantu eMelika bebemkhonza bese kufika izitha zibahlasele?” Lokho akusho kule ndaba nakwezinye kwangisiza ngabona ukuthi ngangingenasizathu sokumphikisa. Kwangenza ngafuna ukwazi okwengeziwe.

Lapho ngibhapathizwa

Ngangichitha amahora amaningi ngifunda omagazini abadala be-Nqabayokulinda ne-Phaphama!. Ngokuhamba kwesikhathi, ngaqaphela ukuthi ngangifunda iqiniso, ngakho ngasamukela isicelo sikaMfoweth’ uJeffries sokuba angiqhubele isifundo seBhayibheli. Ngaqala nokuya njalo emihlanganweni yebandla. Ngakuthanda engangikufunda, ngase ngiba ummemezeli wezindaba ezinhle. Imigomo yami yashintsha lapho ngiqonda ukuthi “usuku olukhulu lukaJehova luseduze!” (Zef. 1:14) Esikhundleni sokuba ngiye eyunivesithi, ngase ngifuna ukusiza abanye bafunde iqiniso leBhayibheli.

Ngaphothula esikoleni samazinga aphezulu ngoJuni 13, 1956, ngemva kwezinsuku ezintathu, ngabhapathizwa emhlanganweni wesigodi. Ngangingazi ukuthi ngizothola izibusiso eziningi kangaka ngokugxila ekufundeni nasekufundiseni ngoJehova.

UKUFUNDA NOKUFUNDISA NGOJEHOVA NGESIKHATHI NGIYIPHAYONA

Ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngibhapathiziwe, ngaba iphayona elivamile. INkonzo YoMbuso kaDisemba 1956 yayinesihloko esithi “Ingabe Ungakhonza Lapho Kunesidingo Esikhulu Khona?” Leso simemo sasibhekiswe nakimi. Ngangifuna ukusiza endaweni enabantu abambalwa abashumayela izindaba ezinhle.​—Math. 24:14.

Ngathuthela e-Edgefield, eSouth Carolina. Ibandla lalapho lalinabamemezeli abane kuphela. Baba yisihlanu ngami. Imihlangano sasiyenzela ekamelweni elingaphambili lendlu yomzalwane. Inyanga ngayinye ngangichitha amahora ayikhulu enkonzweni yasensimini. Ngangihola enkonzweni yasensimini ngenza nezinkulumo ebandleni. Lapho ngizikhandla ebandleni, ngangifunda okwengeziwe ngoJehova.

Omunye umama engangifunda naye iBhayibheli wayenebhizinisi lokungcwaba eJohnston, idolobha elaliqhele ngamakhilomitha ambalwa. Ngomusa, wanginika itoho engangilidinga futhi wasivumela ukuba sisebenzise isakhiwo esincane sibe iHholo LoMbuso.

UMfoweth’ uJolly Jeffries, oyindodana yomzalwane owayengifundela, wathutha eBrooklyn, eNew York, wazophayona nami. Umzalwane othile wasiboleka ikharaveni sahlala kuyo.

Endaweni esasihlala kuyo kwakuholwa imali encane. Sasihola ama-dollar amabili noma amathathu ngosuku. Ngelinye ilanga, ngathenga ukudla ngemali yokugcina enganginayo. Lapho ngiphuma esitolo, omunye ubaba wathi: “Uyawufuna umsebenzi? Ngizokuholela i-dollar ngehora.” Wanginika umsebenzi wezinsuku ezintathu ngihlanza indawo okwakwakhiwa kuyo. Kwacaca ukuthi uJehova wayengisiza ukuze ngiqhubeke ngise-Edgefield. Kodwa ngaya emhlanganweni wezizwe eNew York City ngo-1958.

Ngosuku lwethu lomshado

Ngosuku lwesibili lomhlangano, kwenzeka into emnandi. Ngabona uRuby Wadlington owayeyiphayona elivamile eGallatin, eTennessee. Njengoba sobabili sasifuna ukuba yizithunywa zevangeli, saya emhlanganweni wabanesifiso sokuya eGileyadi. Kamuva, saqala ukubhalelana izincwadi. Ngabe sengimenywa eGallatin ukuba ngiyonikeza inkulumo yeningi. Ngasebenzisa lelo thuba ngamcela ukuba sishade. Ngathuthela ebandleni ayekulo, sashada ngo-1959.

UKUFUNDA NOKUFUNDISA NGOJEHOVA EBANDLENI

Lapho ngineminyaka engu-23, ngamiswa njengenceku yebandla (manje ebizwa ngokuthi umxhumanisi wendikimba yabadala) eGallatin. Sasiyibandla lokuqala elahanjelwa uCharles Thompson lapho esengumbonisi wesigodi. Wayenolwazi oluningi ngezinto zenhlangano; noma kunjalo, wayebuza mina ukuthi abazalwane badingani nokuthi abanye abajikelezi babezinakekela kanjani lezo zidingo. Ngafunda kuye ukuthi kubalulekile ukubuza imibuzo, uthole amaqiniso ngaphambi kokuba wenze izinqumo.

NgoMeyi 1964, ngamenywa ukuba ngiye eSikoleni Senkonzo SoMbuso esasizothatha inyanga eSouth Lansing, eNew York. Abazalwane ababefundisa kulesi sikole bangenza ngaba nesifiso sokufunda okwengeziwe nesokukhula ngokomoya.

UKUFUNDA NOKUFUNDISA LAPHO SENGINGUMBONISI WESIGODI NOWESIFUNDA

NgoJanuwari 1965 mina noRuby sathola isimemo sokuba sijikeleze. Sabelwa isigodi esikhulu, esisuka eKnoxville, eTennessee, size sicishe sifike eRichmond, eVirginia. Sasihlanganisa amabandla aseNorth Carolina, eKentucky naseWest Virginia. Ngangikhonza amabandla abantu abansundu kuphela ngoba ngaleso sikhathi kwakunobandlululo eningizimu ye-United States, ngakho abantu abansundu babengakwazi ukuhlangana nabamhlophe. Abazalwane babehlupheka, safunda ukubapha lokho esasinakho. Umbonisi wesigodi ongumakad’ ebona wangifundisa isifundo esibalulekile: “Abamemezeli babheke njengezingane zakini. Ungafiki ube ubasi ebandleni. Ungakwazi ukubasiza uma bekubheka njengomfowabo.”

Ngesikhathi sihambele ibandla elincane, uRuby waqala isifundo nowesifazane osemusha owayenengane yentombazane enonyaka owodwa. Njengoba kwakungekho muntu ebandleni owayengasiqhuba lesi sifundo, uRuby wasiqhuba ngokubhala izincwadi. Lapho siphindela kuleli bandla, lona wesifazane weza kuyo yonke imihlangano. Amaphayona amabili athuthela kuleli bandla, aqhubeka nokufunda naye, ngokushesha lo mama wabhapathizwa. Ngo-1995, ngemva kweminyaka engaba ngu-30, kwafika udade osemncane wazethula kuRuby eBethel YasePatterson. Kwakuyindodakazi yalowaya wesifazane uRuby ayefunda naye. Le ndodakazi nomyeni wayo babesekilasini lekhulu leSikole SaseGileyadi.

Isigodi sethu sesibili sasiseFlorida emaphakathi. Sase sidinga imoto manje, ngakho sayithenga futhi yayingabizi. Kodwa iphampu yamanzi yafa ngesonto lokuqala. Sasingenayo imali yokuyilungisa. Ngafonela umzalwane engangicabanga ukuthi angakwazi ukusisiza. Wacela esinye sezisebenzi zakhe ukuba sisikhandele imoto, kodwa wangasikhokhisa. Wavele wathi, “Ungakhathazeki.” Waze wasipha nemali! Kwakuyisibonelo esihle leso sendlela uJehova anakekela ngayo izinceku zakhe. Kwasikhumbuza ukuthi kufanele sibe abantu abaphanayo nathi.

Sasithi uma sivakashele ibandla, sihlale emizini yabazalwane. Ngenxa yalokho, sakwazi ukuba nabangane abaningi abahle. Ngelinye ilanga ngashiya umbiko webandla engangingakaqedi ukuwubhala ngomshini wokuthaypha. Lapho ngibuya kusihlwa, ngathola ukuthi umfanyana oneminyaka emithathu wala kulo muzi waganga ngomshini wokuthaypha wawuqedela lowo mbiko. Kwaphela iminyaka eminingi ngimgcona ngalokho.

Ngo-1971, ngathola incwadi eyayingabela ukuba ngiyokhonza njengombonisi wesifunda eNew York City. Sethuka! Ngesikhathi sithuthela lapho, ngangineminyaka engu-34 kuphela. Abazalwane bangamukela ngezandla ezifudumele nakuba ngangingumbonisi wesifunda wabo wokuqala onsundu.

Njengombonisi wesifunda, ngangikujabulela ukufundisa ngoJehova njalo ngezimpelasonto emihlanganweni yesigodi. Ababonisi besigodi abaningi babenolwazi oluningi kunami. Omunye wabo wayenikeze inkulumo yobhapathizo ngesikhathi ngibhapathizwa. Omunye, uTheodore Jaracz, kamuva waba ilungu leNdikimba Ebusayo. Kwakukhona nabazalwane abaningi abangomakad’ ebona ababekhonza eBethel YaseBrooklyn. Kwangijabulisa kakhulu ukuthi ababonisi besigodi nezikhonzi zaseBethel bangenza ngazizwa ngisekhaya. Ngazibonela ngokoqobo ukuthi babengabelusi abanothando, ababethembele eZwini likaNkulunkulu futhi besekela inhlangano yakhe ngokwethembeka. Ukuthobeka kwabo kwenza kwaba lula ukuba ngikhonze njengombonisi wesifunda.

NGAPHINDELA EKUBENI UMBONISI WESIGODI

Ngo-1974 iNdikimba Ebusayo yabela iqembu elisha lababonisi besigodi ukuba babe ababonisi besifunda, mina ngaphindela ekubeni umbonisi wesigodi​—kodwa manje eSouth Carolina. Okujabulisayo ukuthi ngaleso sikhathi amabandla nezigodi kwase kungahlangana ndawonye, okuyinto eyabathokozisa abazalwane.

Ekupheleni kuka-1976, ngabelwa esigodini esiseGeorgia phakathi kwe-Atlanta neColumbus. Ngikhumbula kahle nginikeza inkulumo yomngcwabo wezingane ezinhlanu ezinsundu ezashona lapho abantu abathile beshisa umuzi wakubo. Umama wazo wangeniswa esibhedlela ngoba wayelimele. OFakazi BakaJehova abansundu nabamhlophe babefika befikile esibhedlela bezoduduza abazali. Ngabona ukuthi abazalwane babethandana kakhulu. Uzwela olunjalo lungasiza izikhonzi zikaNkulunkulu zikwazi ukubhekana nezikhathi ezinzima kunazo zonke.

UKUFUNDA NOKUFUNDISA EBETHEL

Ngo-1977 sacelwa ukuba size eBethel YaseBrooklyn izinyangana ezimbalwa sizosiza ngomsebenzi othile. Lapho usuzophela lowo msebenzi, amalungu amabili eNdikimba Ebusayo angibiza abuza ukuthi mina noRuby singathanda yini ukuqhubeka sikhonza eBethel. Savuma.

Ngasebenza eMnyango Wenkonzo iminyaka engu-24, kulowo mnyango abazalwane bavame ukusiza ekuphenduleni imibuzo enzima nebucayi. Sekuyiminyaka iNdikimba Ebusayo inikeza isiqondiso esisekelwe ezimisweni zeBhayibheli. Ziyasiza lapho kuphendulwa imibuzo, kodwa zisetshenziselwa nokuqeqesha ababonisi besigodi, abadala namaphayona. Lezi zimiso zisize abaningi bakhula ngokomoya. Lokho kwenze inhlangano kaJehova yaqina.

Kusukela ngo-1995 kuya ku-2018, ngavakashela amahhovisi egatsha ahlukahlukene njengommeleli wendlunkulu, owayebizwa ngokuthi umbonisi wamagatsha. Ngangixoxa namaKomiti Egatsha, izikhonzi zaseBethel nezithunywa zevangeli ukuze ngibakhuthaze bonke futhi ngibasize ngezinto ezibakhathazayo. Nathi kuye kwasikhuthaza ukuzwa izinto ezehlele abafowethu nodadewethu. Ngokwesibonelo, savakashela eRwanda ngo-2000. Kwasithinta kakhulu ukuzwa indlela abafowethu nomkhaya waseBethel owasinda ngayo ekuqothulweni kohlanga ngo-1994. Abaningi bashonelwa abantu ababathandayo. Naphezu kwezinto ezabavelela, babejabule futhi bebonisa ukholo nethemba.

Sikhumbula unyaka ka-50 sishadile

Manje sesineminyaka engaphezu kuka-80 ubudala. Sekuphele iminyaka engu-20 ngikhonza eKomitini Yegatsha Yase-United States. Angizange ngiyithole imfundo yaseyunivesithi; nokho ngiyitholile imfundo ephakeme kunayo yonke kuJehova nasenhlanganweni yakhe. Le mfundo ingiqeqeshele ukuba ngifundise abanye amaqiniso eBhayibheli angabazuzisa phakade. (2 Kor. 3:5; 2 Thim. 2:2) Ngiyibonile indlela umyalezo weBhayibheli osize ngayo abantu ukuba bathuthukise ukuphila kwabo futhi babe nobuhlobo noMdali wabo. (Jak. 4:8) Noma nini uma ithuba livela, mina noRuby siyaqhubeka sikhuthaza abanye ukuba balazise ilungelo lokufunda ngoJehova nelokufundisa abanye amaqiniso eBhayibheli​—ilungelo elikhulu kunawo wonke inceku kaJehova engaba nalo!