Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Obani abayovuselwa emhlabeni futhi yiluphi uhlobo lovuko abayoluthola?

Awuzwe ukuthi iBhayibheli liyiphendula kanjani le mibuzo.

IzEnzo 24:15 zisitshela ukuthi kuyoba khona “uvuko lwabalungile nabangalungile.” Abalungile yilabo abalalela uNkulunkulu ngaphambi kokuba bafe, ngakho amagama abo abhaliwe encwadini yokuphila. (Mal. 3:16) Abangalungile yilabo abafa bengalitholanga ithuba elanele lokufunda ngoJehova, ngakho amagama abo awabhaliwe encwadini yokuphila.

UJohane 5:28, 29 ubhekisela emaqenjini afanayo amabili okukhulunywa ngawo encwadini yezEnzo 24:15. UJesu uthi labo ababenza okuhle bayophumela ovukweni lokuphila , labo ababenza okubi ovukweni lokwahlulelwa.” Abalungile babenza izinto ezinhle ngaphambi kokuba bafe. Bayothola uvuko lokuphila ngoba amagama abo asabhaliwe encwadini yokuphila. Nokho, abangalungile babenza izinto ezimbi ngaphambi kokuba bafe. Bayothola uvuko lokwahlulelwa. Amagama abo awakabhalwa encwadini yokuphila, futhi bayoba nesikhathi sokwahlulelwa noma sokuhlolisiswa. Phakathi naleso sikhathi bayoba nethuba lokufunda ngoJehova nelokuba amagama abo abhalwe encwadini yokuphila.

IsAmbulo 20:12, 13 sichaza ukuthi bonke abavusiwe kuyodingeka balalele ‘izinto ezibhalwe emiqulwini,’ okuyimithetho emisha eyobe isebenza ezweni elisha. Abangalaleli bayobhujiswa.​—Isaya 65:20.

UDaniyeli 12:2 ubikezela ukuthi abanye kulabo abafile bayovukela “ekuphileni okuphakade abanye bavukele esihlambeni nasekuhlazekeni phakade.” Leli vesi likhuluma ngalokho okuyogcina kwenzekile kubo njengoba beyobe bevusiwe​—‘ukuphila okuphakade’ noma ‘ukuhlazeka phakade.’ Ngakho ekupheleni kweminyaka engu-1 000, abanye bayothola ukuphila okuphakade, abanye babhujiswe phakade.​—IsAm. 20:15; 21:3, 4.

Cabanga ngalo mfanekiso. Isimo sala maqembu amabili ayovuswa singafaniswa nesabantu abafuna ukuyophila kwelinye izwe. Abalungile bafana nalabo abathola i-visa yokusebenza kulelo zwe noma yokuhlala kulo, ebanika inkululeko nokuqashelwa ngezinga elithile. Kanti abangalungile bafana nalabo abangase bathole i-visa yesikhashana noma yezivakashi. Laba abane-visa yesikhashana kungadingeka bazibonise ukuthi bayakufanelekela ukuphila kuleli zwe elisha ngaphambi kokuvunyelwa ukuba baqhubeke behleli kulo. Ngendlela efanayo, abangalungile abavusiwe kuyodingeka balalele imithetho kaJehova futhi bazibonise belungile ukuze bahlale ePharadesi. Kungakhathaliseki ukuthi abantu bathole uhlobo olunjani lwe-visa lapho befika kwelinye izwe, abanye bangase bagcine beyizakhamuzi kanti abanye bangase baphindiswe ezweni abavela kulo. Ukuthi kuyogcina kwenzekeni kubo kuyoxhomeka esimweni sabo sengqondo nasekuziphatheni kwabo kulelo zwe elisha. Ngendlela efanayo, ukuthi kuyogcina kwenzekeni kubo bonke abavusiwe kuyoxhomeka ekwethembekeni kwabo nasekuziphatheni kwabo ezweni elisha.

UJehova akagcini ngokuba uNkulunkulu wesihawu, uphinde abe uNkulunkulu wobulungisa. (Dut. 32:4; IHu. 33:5) Uthando lwakhe uyolubonisa ngokuvusa abalungile nabangalungile. Ngesikhathi esifanayo, uyobe elindele ukuba bonke bayigcine imithetho yakhe ephakeme yokuziphatha. Yilabo abamthandayo nabaphila ngemithetho yakhe kuphela abayovunyelwa ukuba baqhubeke bephila ezweni elisha.