Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 39

Libhaliwe Yini Igama Lakho “Encwadini Yokuphila”?

Libhaliwe Yini Igama Lakho “Encwadini Yokuphila”?

“Kwabhalwa incwadi yenkumbulo phambi kwakhe ngokuphathelene nalabo abesaba uJehova.”​—MAL. 3:16.

INGOMA 61 Phambili, Nina BoFakazi!

AMAZWIBELA *

Kusukela kudala uJehova ubelokhu enezela amagama “encwadini yokuphila” (Bheka izigaba 1-2)

1. NgokukaMalaki 3:16, iyiphi incwadi uJehova abelokhu eyibhala, futhi yini ebhalwe kuyo?

 SEKUPHELE izinkulungwane zeminyaka uJehova ebhala incwadi ekhethekile. Le ncwadi inohlu lwamagama, igama lokuqala elikuyo elika-Abela, ufakazi wokuqala othembekile. * (Luka 11:50, 51) Kusukela kudala uJehova ubelokhu enezela amagama kule ncwadi futhi namuhla inezigidi zamagama. EBhayibhelini, leyo ncwadi ibizwa ngokuthi “incwadi yenkumbulo,” ‘incwadi yokuphila,’ nangokuthi ‘umqulu wokuphila.’ Kulesi sihloko sizoyibiza ngokuthi ‘incwadi yokuphila.’​—Funda uMalaki 3:16; IsAm. 3:5; 17:8.

2. Amagama obani abhalwe encwadini yokuphila, futhi yini okufanele siyenze ukuze abhalwe?

2 Le ncwadi ekhethekile inamagama abo bonke abakhonza uJehova ngokumesaba, noma ngenhlonipho ejulile, futhi abalithandayo igama lakhe. Basethubeni lokuthola ukuphila okuphakade. Namuhla amagama ethu angabhalwa kuleyo ncwadi uma siba nobungane obuseduze noJehova obusekelwe emhlatshelweni wesihlengo seNdodana yakhe, uJesu Kristu. (Joh. 3:16, 36) Sonke siyafuna ukuba amagama ethu abhalwe kuleyo ncwadi​—kungakhathaliseki ukuthi sinethemba lokuphila ezulwini noma emhlabeni.

3-4. (a) Ingabe siyophila phakade uma amagama ethu ebhaliwe njengamanje encwadini yokuphila? Chaza. (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko nakwesilandelayo?

3 Ingabe lokhu kusho ukuthi bonke labo amagama abo abhalwe kule ncwadi bazokuthola nakanjani ukuphila okuphakade? Impendulo yalo mbuzo siyithola emazwini uJehova awasho kuMose, acashunwe ku-Eksodusi 32:33. UJehova wathi: “Noma ubani owonile kimi, nguye engizomesula encwadini yami.” Ngakho, amagama akuleyo ncwadi njengamanje angesulwa noma akhishwe, njengokungathi uJehova waqale wawabhala ngepeni lomsizi. (IsAm. 3:5, mbhw.) Kumelwe siqikelele ukuthi amagama ethu ahlale ebhaliwe kuleyo ncwadi kuze kube sengathi abhalwe ngoyinki.

4 Lokho kungasenza sizibuze imibuzo ethile. Ngokwesibonelo, lithini iBhayibheli ngalabo abanamagama abhalwe encwadini yokuphila kanye nalabo amagama abo angabhaliwe kuleyo ncwadi? Labo abanamagama abhalwe kuleyo ncwadi bayokuthola nini ukuphila okuphakade? Kuthiwani ngalabo abafe bengakaze balithole ithuba lokwazi uJehova? Kungenzeka yini amagama abo abhalwe kuleyo ncwadi? Le mibuzo izophendulwa kulesi sihloko nakwesilandelayo.

AWOBANI AMAGAMA ASENCWADINI?

5-6. (a) Njengoba kuboniswe kweyabaseFilipi 4:3, awobani amagama aphakathi kwalawo abhalwe encwadini yokuphila? (b) Amagama abo ayobhalwa nini unomphela encwadini yokuphila?

5 Awobani amagama abhalwe kule ncwadi engokomfanekiso? Ukuze siphendule lo mbuzo, sizoxoxa ngamaqembu amahlanu abantu. Kula maqembu, amagama abanye abhaliwe encwadini yokuphila, awabanye awabhaliwe.

6 Iqembu lokuqala lakhiwa yilabo abakhethelwe ukuyobusa noJesu ezulwini. Ingabe amagama abo abhaliwe njengamanje encwadini yokuphila? Yebo. Ngokwamazwi umphostoli uPawulu awabhalela ‘izisebenzi ayekanye nazo’ eFilipi, amagama abagcotshiwe, labo abamenyelwe ukuyobusa noJesu, akhona encwadini yokuphila. (Funda eyabaseFilipi 4:3.) Kodwa ukuze amagama abo ahlale ebhaliwe kuleyo ncwadi engokomfanekiso, kumelwe bahlale bethembekile. Kuyothi lapho bebekwa uphawu lwabo lokugcina, kungakhathaliseki ukuthi kungaphambi kokuba bafe noma ngaphambi kokuqala kosizi olukhulu, amagama abo ayobhalwa unomphela kule ncwadi.​—IsAm. 7:3.

7. Incwadi yesAmbulo 7:16, 17 isisiza kanjani siqonde ukuthi amagama esixuku esikhulu sezinye izimvu ayobhalwa nini unomphela encwadini yokuphila?

7 Iqembu lesibili lakhiwa isixuku esikhulu sezinye izimvu. Ingabe amagama aso abhaliwe njengamanje encwadini yokuphila? Yebo. Amagama aso ayobe esekhona yini kuleyo ncwadi ngemva kokusinda e-Armagedoni? Yebo. (IsAm. 7:14) UJesu wathi laba abanjengezimvu bayothola “ukuphila okuphakade.” (Math. 25:46) Kodwa labo abayosinda e-Armagedoni ngeke bakuthole ngaso leso sikhathi ukuphila okuphakade. Kuyoba sengathi amagama abo asabhalwe ngepeni lomsizi. Phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane, uJesu ‘uyobelusa futhi abaqondise emithonjeni yamanzi okuphila.’ Labo abayokwamukela ukuqondiswa uKristu futhi bagcine behlulelwe ngokuthi bathembekile kuJehova, amagama abo ayobhalwa unomphela encwadini yokuphila.​—Funda isAmbulo 7:16, 17.

8. Awobani amagama angabhaliwe encwadini yokuphila, futhi kuyokwenzekani kubo?

8 Iqembu lesithathu lakhiwa izimbuzi, labo abayobhujiswa e-Armagedoni. Amagama abo awekho encwadini yokuphila. UJesu uthi “bayonqunywa phakade.” (Math. 25:46) Ephefumulelwe, uPawulu usitshela ukuthi “laba bayothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okuphakade.” (2 Thes. 1:9; 2 Pet. 2:9) Kungashiwo okufanayo ngalabo abaye bawona ngamabomu umoya ongcwele selokhu kwathi nhlo. Nabo bayothola ukubhujiswa okuphakade, hhayi ukuphila okuphakade. Ngokusobala ngeke bavuswe. (Math. 12:32; Marku 3:28, 29; Heb. 6:4-6) Manje, ake sihlolisise amaqembu amabili abantu abayovuswa emhlabeni.

ABAYOVUSWA

9. Njengoba kuboniswe encwadini yezEnzo 24:15, yimaphi amaqembu amabili azovuselwa emhlabeni, futhi imuphi umehluko okhona phakathi kwawo?

9 IBhayibheli likhuluma ngamaqembu amabili abantu abayovuswa benethemba lokuphila phakade emhlabeni, “abalungile nabangalungile.” (Funda izEnzo 24:15.) “Abalungile” yilabo ababekhonza uJehova ngokwethembeka besaphila. Kanti “abangalungile” abazange bamkhonze uJehova ngokwethembeka. Empeleni, ezimweni eziningi babenza okungalungile. Njengoba womabili la maqembu ezovuswa, singasho yini ukuthi amagama abo abhaliwe encwadini yokuphila? Ukuze siphendule lo mbuzo, ake sixoxe ngeqembu ngalinye.

10. Kungani “abalungile” beyovuswa, futhi abanye babo bayothola liphi ilungelo? (Bheka nesihloko esikulo magazini esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” esikhuluma ngovuko lwasemhlabeni.)

10 “Abalungile” bayiqembu lesine. Ngaphambi kokuba bafe, amagama abo ayebhaliwe encwadini yokuphila. Esulwa yini amagama abo kuleyo ncwadi lapho befa? Cha, ngoba “bayaphila” enkumbulweni kaJehova. UJehova “unguNkulunkulu wabaphilayo, akayena owabafile, ngoba bonke bayaphila kuye.” (Luka 20:38) Lokhu kusho ukuthi lapho abalungile bevuswa emhlabeni, amagama abo ayobe ebhaliwe encwadini yokuphila, nakuba kuyoba sengathi abhalwe ngepeni lomsizi ekuqaleni. (Luka 14:14) Akungabazeki ukuthi abanye balaba abavusiwe bayothola ilungelo lokukhonza ‘njengezikhulu emhlabeni wonke.’​—IHu. 45:16.

11. Yini “abangalungile” okuyodingeka bayifunde ngaphambi kokuba amagama abo abhalwe encwadini yokuphila?

11 Okokugcina, cabanga ngeqembu lesihlanu, “abangalungile.” Mhlawumbe ngenxa yokuthi babengazazi izinto uJehova azifunayo, abazange bazenze izinto ezilungile ngaphambi kokuba bafe. Ngakho amagama abo awazange abhalwe encwadini yokuphila. Kodwa ngokubavusa, uNkulunkulu ubanika ithuba lokuba amagama abo agcine ebhaliwe kuleyo ncwadi. Laba “abangalungile” bayodinga ukusizwa kakhulu. Ngaphambi kokuba bafe, abanye babo babenza izinto ezimbi kakhulu nezinyantisayo. Ngakho, kuyodingeka bafundiswe ukuphila ngendlela evumelana nemithetho kaJehova yokulunga. Ukuze kwenziwe lokho, uMbuso kaNkulunkulu uyoqondisa umsebenzi wokufundisa omkhulu kunayo yonke emlandweni wesintu.

12. (a) Obani abayofundisa abangalungile? (b) Kuyokwenzekani kulabo abenqabayo ukusebenzisa abakufundile?

12 Obani abayofundisa abangalungile? Yisixuku esikhulu nabalungile abavusiwe. Ukuze amagama abangalungile abhalwe encwadini yokuphila, kuyodingeka babe nobuhlobo noJehova futhi bazinikezele kuye. UJesu Kristu nalabo ahlulela nabo bayobe beyibhekile intuthuko yabo bonke abangalungile. (IsAm. 20:4) Noma ubani owenqaba lolo sizo ngeke avunyelwe ukuba aqhubeke ephila​—ngisho noma eseneminyaka eyikhulu. (Isaya 65:20) UJehova noJesu bayakwazi ukufunda izinhliziyo futhi bayoqikelela ukuthi akekho oyovunyelwa ukuba enze umonakalo ezweni elisha.​—Isaya 11:9; 60:18; 65:25; Joh. 2:25.

UVUKO LOKUPHILA NOVUKO LOKWAHLULELWA

13-14. (a) Esikhathini esidlule, besiwaqonda kanjani amazwi kaJesu akuJohane 5:29? (b) Yini okudingeka siyiphawule ngalawo mazwi?

13 UJesu wakhuluma nangalabo abayovuselwa lapha emhlabeni. Ngokwesibonelo, wathi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyolizwa izwi layo baphume, ababenza okuhle baphumele ovukweni lokuphila, ababenza okubi ovukweni lokwahlulelwa.” (Joh. 5:28, 29) Wayesho ukuthini uJesu?

14 Esikhathini esidlule, la mazwi kaJesu besiwaqonda njengabhekisela ezenzweni eziyokwenziwa abavusiwe ngemva kokuvuswa, okuwukuthi, abanye bayovuswa benze izinto ezinhle kuyilapho abanye beyovuswa benze izinto ezimbi. Nokho, phawula ukuthi uJesu akasho ukuthi labo abayobe besanda kuvuswa emathuneni bayokwenza izinto ezinhle noma bayokwenza izinto ezimbi. Usebenzisa inkathi edlule. Ukhuluma ngalabo “ababenza okuhle” nangalabo “ababenza okubi.” Lokhu kusho ukuthi lezi zinto bazenza ngaphambi kokuba bafe. Kunengqondo lokho, akunjalo? Vele akekho oyovunyelwa ukuba enze izinto ezimbi ezweni elisha. Ukuze babhekwe njengabangalungile kumelwe ukuba lezi zinto ezimbi bazenza ngaphambi kokuba bafe. Pho, kufanele siwaqonde kanjani amazwi kaJesu akhuluma ‘ngovuko lokuphila’ nakhuluma ‘ngovuko lokwahlulelwa’?

15. Obani abayothola ‘uvuko lokuphila’ futhi kungani?

15 Abalungile, okuyilabo ababenza izinto ezinhle ngaphambi kokuba bafe, bayothola ‘uvuko lokuphila’ ngoba amagama abo ayobe esebhaliwe kakade encwadini yokuphila. Lokhu kusho ukuthi uvuko lwalabo “ababenza okuhle” oluchazwe kuJohane 5:29 luyafana novuko “lwabalungile” okukhulunywa ngalo encwadini yezEnzo 24:15. Lokhu kuqonda kuyavumelana nalokho okushiwo kweyabaseRoma 6:7, ethi: “Lowo ofile ukhululiwe esonweni sakhe.” Izono zalabo abalungile zesulwa lapho befa kodwa umlando wabo wokwethembeka usekhona. (Heb. 6:10) Yiqiniso, laba abalungile abavusiwe kuyodingeka baqhubeke bethembekile ukuze amagama abo ahlale ebhaliwe encwadini yokuphila.

16. Lusho ukuthini ‘uvuko lokwahlulelwa’?

16 Kuthiwani ngalabo ababenza izinto ezimbi ngaphambi kokuba bafe? Nakuba izono zabo zesulwa lapho befa, abakabi nomlando wokwethembeka. Amagama abo awabhaliwe encwadini yokuphila. Yingakho uvuko lwalabo “ababenza okubi” lufana novuko ‘lwabangalungile’ okukhulunywa ngalo encwadini yezEnzo 24:15. Bona bayothola ‘uvuko lokwahlulelwa.’ * Abangalungile bayokwahlulelwa ngomqondo wokuthi uJesu uyobheka futhi ahlole intuthuko yabo. (Luka 22:30) Kuyothatha isikhathi ukunquma ukuthi bayakufanelekela yini ukuba amagama abo abhalwe encwadini yokuphila. Amagama abangalungile ayobhalwa encwadini yokuphila kuphela uma beyishiya indlela yabo yokuphila yangaphambili futhi bazinikezele kuJehova.

17-18. Yini bonke abavuselwe ukuphila emhlabeni okuyodingeka bayenze, futhi ziyini ‘izenzo’ okukhulunywa ngazo encwadini yesAmbulo 20:12, 13?

17 Kungakhathaliseki ukuthi babelungile noma babengalungile, abavusiwe kuyodingeka balalele imithetho etholakala emiqulwini emisha eyovulwa phakathi neminyaka engu-1 000. Umphostoli uJohane uchaza lokho akubona embonweni: “Ngabona abafile, izikhulu nabantukazana, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi, futhi imiqulu yavulwa. Kodwa kwavulwa nomunye umqulu; umqulu wokuphila. Abafile bahlulelwa ngokwalezo zinto ezazibhalwe emiqulwini ngokwezenzo zabo.”​—IsAm. 20:12, 13.

18 Abavusiwe bayokwahlulelwa ngokwaziphi ‘izenzo’? Ingabe kuyoba izenzo abazenze ngaphambi kokuba bafe? Cha! Khumbula, zesulwa izono zabo zangaphambili lapho befa. Ngakho-ke, inkulumo ethi ‘izenzo zabo’ ayisho izenzo abazenza bengakafi. Kunalokho, kumelwe ukuba ibhekisela ezenzweni ezibonisa indlela abayokwamukela ngayo lokho abayobe bekufundiswa ezweni elisha. Ngisho namadoda athembekile afana noNowa, uSamuweli, uDavide noDaniyeli kuyodingeka afunde ngoJesu Kristu futhi abonise ukholo emhlatshelweni wakhe. Kangakanani-ke ngabangalungile!

19. Kuyokwenzekani kulabo abalenqabayo leli thuba elimangalisa kangaka?

19 Kuyokwenzekani kulabo abalenqabayo leli thuba elimangalisa kangaka? IsAmbulo 20:15 siyasitshela: “Noma ubani ongatholakalanga ebhaliwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.” Impela nje, bayobhujiswa bangaphinde babe khona. Kubaluleke ngempela-ke ukuba siqiniseke ukuthi amagama ethu abhaliwe encwadini yokuphila futhi ahlale ebhaliwe!

Umzalwane uhlanganyela emsebenzini omkhulu wokufundisa oyokwenziwa phakathi neminyaka eyinkulungwane (Bheka isigaba 20)

20. Yimuphi umsebenzi omangalisayo oyokwenziwa phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

20 UkuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kuyoba isikhathi esimangalisa ngempela! Kuyokwenziwa nomsebenzi wokufundisa omkhulu kunayo yonke eyake yenziwa emhlabeni. Kodwa kuyoba nayisikhathi sokuhlolisiswa kokuziphatha kwabalungile nabangalungile. (Isaya 26:9; IzE. 17:31) Uyokwenziwa kanjani lo msebenzi wokufundisa? Isihloko sethu esilandelayo sizosisiza siliqonde futhi silazise leli lungiselelo elihle.

INGOMA 147 Ukuphila Okuphakade Kuthenjisiwe

^ Lesi sihloko silungisa indlela ebesiqonda ngayo amazwi kaJesu akuJohane 5:28, 29 ngokuphathelene ‘novuko lokuphila’ ‘novuko lokwahlulelwa.’ Sizofunda ukuthi lezi zinhlobo ezimbili zovuko zibhekiselaphi nokuthi obani abayothola uvuko ngalunye.

^ Le ncwadi yaqala ukubhalwa “ekusungulweni kwezwe,” okusho ukuthi, izwe labantu abangahlengwa esonweni. (Math. 25:34; IsAm. 17:8) Kubonakala sengathi u-Abela olungile uyena wokuqala onegama elibhalwe kule ncwadi yokuphila.

^ Esikhathini esidlule, igama elithi ‘ukwahlulelwa’ elisetshenziswe lapha besilichaza njengelisho isahlulelo esibi noma isinqumo sokulahlwa. Empeleni, igama elithi ‘ukwahlulela’ lingase libe naleyo ncazelo. Kodwa kulo mongo, kubonakala sengathi uJesu wasebenzisa igama elithi ‘ukwahlulela’ ngomqondo owenabile, ebhekisela ekuhlolisiseni othile, noma njengoba esinye isichazamazwi sesiGreki sikubeka, “ukuhlolisisa ukuziphatha.”