Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

3 | Zuza Ezibonelweni EziseBhayibhelini

3 | Zuza Ezibonelweni EziseBhayibhelini

IBHAYIBHELI LIKHULUMA . . . Ngamadoda nabesifazane abanokholo ‘ababenemizwa efana neyethu.’​—JAKOBE 5:17.

Lokho Okukushoyo

IBhayibheli likhuluma ngezindaba ezenzeka ngempela zamadoda nabesifazane ababenemizwa engafani. Lapho sifunda ngezibonelo zabo, singathola abanye ababenemizwa efana neyethu.

Indlela Lokhu Okungasiza Ngayo

Sonke siyadinga ukuthi abanye bayiqonde indlela esizizwa ngayo. Lokhu kuyiqiniso nakakhulu uma silwisana nesifo sokuphazamiseka kwengqondo. Lapho sifunda ngendaba ethile eseBhayibhelini, singase sithole abanye ababezizwa futhi becabanga njengathi. Lokhu kungasenza sibone ukuthi asisodwa, kunciphise nemizwa yokukhathazeka kakhulu.

  • IBhayibheli linamazwi ashiwo abantu ababezizwa bengelusizo lwalutho. Ingabe wake wawasho amazwi athi, ‘sekwanele, akusavumi’? UMose, u-Eliya noDavide bake bazizwa ngaleyo ndlela.​—Numeri 11:14; 1 AmaKhosi 19:4; IHubo 55:4.

  • IBhayibheli lisixoxela ngowesifazane okuthiwa uHana ‘owayedabuke kakhulu’ ngoba wayengabatholi abantwana futhi umfazi owayeyimbangi yakhe wayehlale emgcona.​—1 Samuweli 1:6, 10.

  • IBhayibheli lisixoxela ngendoda okuthiwa uJobe okungenzeka sisesimweni esifana nesayo. Nakuba ayeyindoda enokholo, wacindezeleka kakhulu waze wathi: “Ngiyakwenyanya ukuphila kwami; angisafuni ukuphila.”​—Jobe 7:16.

Singathola amandla okubhekana nokucindezeleka esinakho, ngokufunda indlela la madoda nabesifazane okukhulunywa ngabo eBhayibhelini ababhekana ngayo ngokuphumelelayo nemizwa engemihle.