Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 1

Qiniseka Ngokuthi “Izwi” LikaNkulunkulu “Liyiqiniso”

Qiniseka Ngokuthi “Izwi” LikaNkulunkulu “Liyiqiniso”

ISIHLOKO SETHU SONYAKA KA-2023: “Izwi lakho lilonke liyiqiniso.”​—IHU. 119:160.

INGOMA 96 Incwadi KaNkulunkulu​—IGugu

AMAZWIBELA a

1. Kungani abaningi namuhla bengalethembi iBhayibheli?

 ABANINGI namuhla abazi ukuthi ubani abangamethemba. Bayazibuza ukuthi abantu ababethembayo​—abezepolitiki, ososayensi nosomabhizinisi—​babakhathalela ngempela yini. Ngaphezu kwalokho, ababahloniphi kangako abefundisi beLobukholwa. Ngakho, akumangazi ukuthi bayayingabaza incwadi labo baholi benkolo abathi bayayimelela​—iBhayibheli.

2. Ngokuvumelana neHubo 119:160, yini okumele siqiniseke ngayo?

2 Njengezinceku zikaJehova, siyaqiniseka ukuthi ‘unguNkulunkulu weqiniso’ nokuthi uhlale esifunela okuhle kodwa. (IHu. 31:5; Isaya 48:17) Siyazi ukuthi singakwethemba lokho esikufunda eBhayibhelini—ukuthi “izwi [likaNkulunkulu] lilonke liyiqiniso.” (Funda iHubo 119:160.) Siyavumelana nalokho okwabhalwa esinye isazi seBhayibheli: “Awekho namancane amanga kulokho uNkulunkulu akushilo noma akunakwenzeka ukuba lokho akushilo kungaphumeleli. Abantu bakaNkulunkulu bangakwethemba lokho akushoyo ngoba bayamethemba uNkulunkulu okushilo.”

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Singabasiza kanjani abanye balethembe njengathi iZwi likaNkulunkulu? Ake sixoxe ngezizathu ezintathu ezingasenza silethembe iBhayibheli. Sizoxoxa ngokunemba kwemiBhalo, ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli namandla alo okushintsha ukuphila.

UMYALEZO WEBHAYIBHELI UYE WALONDOLOZWA NGOKUNEMBILE

4. Kungani abanye abantu bekungabaza ukunemba kweBhayibheli?

4 UJehova uNkulunkulu wasebenzisa cishe amadoda angu-40 ukuba abhale izincwadi zeBhayibheli. Noma kunjalo, ayikho imibhalo yokuqala eyayibhalwe ngesandla eye yalondolozwa kwaze kwaba usuku lwethu. Esinakho nje amakhophi akotshelwa kwamanye amakhophi. Lokhu kwenza abanye abantu bazibuze ukuthi abakufunda eBhayibhelini namuhla kukuveza ngokunembile yini okwakubhalwe emibhalweni yokuqala. Wake wazibuza yini ukuthi thina singaqiniseka kanjani ukuthi kunembile?

Abakopishi abaqeqeshiwe bemiBhalo YesiHebheru bacophelela ukuze baqiniseke ukuthi amakhophi abo eZwi likaNkulunkulu anembile (Bheka isigaba 5)

5. Yayikopishwa kanjani imiBhalo YesiHebheru? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

5 Ukuze alondoloze umyalezo wakhe ophefumulelwe, uJehova waqondisa abantu bakhe ukuba bawukopishe. Wayala amakhosi akwa-Israyeli ukuba azenzele awawo amakhophi oMthetho, wamisa namaLevi ukuba afundise abantu lowo Mthetho. (Dut. 17:18; 31:24-26; Neh. 8:7) Ngemva kokuba amaJuda ethunjelwe eBhabhiloni, iqembu labakopishi abasemthethweni laqala ukwenza amakhophi amaningi emiBhalo YesiHebheru. (Ezra 7:6, mbhw.) La madoda ayecophelela. Ngokuhamba kwesikhathi abakopishi abagcinanga nje ngokubala amagama kodwa babala ngisho nezinhlamvu zawo ukuze baqiniseke ukuthi konke kwakukopishwe ngokunembile. Nokho, ngenxa yokuthi babenesono, aba khona amaphutha amancane emakhophini eBhayibheli. Noma kunjalo, maningi amakhophi aleyo mibhalo enziwa, ngakho lawo maphutha atholakala kamuva. Kanjani?

6. Ayetholakala kanjani amaphutha emakhophini eBhayibheli?

6 Izazi zanamuhla zinendlela ethembekile yokuthola amaphutha enziwa yilabo ababekopisha imibhalo yeBhayibheli. Cabanga ngalokhu: Ake sithi amadoda angu-100 acelwe ukuba akopishe ngesandla okuthile okubhalwe ekhasini elilodwa. Eyodwa kula madoda yenza iphutha elincane ekhophini yayo. Ukuze sithole iphutha layo, singase siqhathanise ikhophi yayo nawo wonke amanye amakhophi. Ngendlela efanayo, ngokuqhathanisa imibhalo yesandla ehlukahlukene yeBhayibheli, izazi ziyakwazi ukuthola amaphutha noma izinto okungenzeka zeqiwe omunye umkopishi.

7. Abakopishi beBhayibheli abaningi babenembe kangakanani lapho bekopisha?

7 Labo ababekopisha imibhalo yesandla yeBhayibheli bacophelela ukuze babhale okunembile. Cabanga ngesibonelo esifakazela leli phuzu. Umbhalo wesandla wemiBhalo YesiHebheru ophelele omdala kunayo yonke wenziwa ngo-1008 noma ngo-1009 C.E. Ubizwa ngokuthi iLeningrad Codex. Kodwa muva nje, kuye kwatholakala imibhalo yesandla yeBhayibheli nezingxenye zayo eziningana ezindala kuneLeningrad Codex ngeminyaka ecishe ibe ngu-1 000. Omunye umuntu angase acabange ukuthi ngemva kokuba leyo mibhalo yesandla ikopishiwe yaphinde yakopishwa phakathi neminyaka engu-1 000, imibhalo yeLeningrad Codex yayingahluka kakhulu kuleyo mibhalo yesandla emidala. Kodwa akunjalo. Izazi ezaqhathanisa imibhalo yesandla yakudala nale yamuva zathola ukuthi nakuba ukhona umehluko omncane endleleni amagama abekwe ngayo, umyalezo weBhayibheli wona walondolozwa ngokunembile.

8. Uyini umehluko phakathi kwamakhophi emiBhalo YamaKristu YesiGreki nemibhalo yasendulo yezincwadi ezivamile?

8 AmaKristu okuqala alandela isiko labakopishi bemiBhalo YesiHebheru. Ngokucophelela nawo enza amakhophi ezincwadi zemiBhalo YesiGreki ezingu-27, ayewasebenzisa emihlanganweni yawo nalapho eshumayela. Ngemva kokuqhathanisa imibhalo yesandla yemiBhalo YesiGreki eyasinda nezinye izincwadi ezenziwa ngenkathi efanayo, esinye isazi saphetha ngalokhu: “[Kunamakhophi emiBhalo YesiGreki] amaningi kunawezinye izincwadi, . . . futhi wona avame ukuphelela. Incwadi ethi Anatomy of the New Testament ithi: “Singaqiniseka ukuthi esikufunda enguqulweni enembile yanamuhla [yemiBhalo YesiGreki] kudlulisela umyalezo ofanayo nowawubhalwe ababhali basendulo.”

9. U-Isaya 40:8 uveza liphi iqiniso ngomyalezo weBhayibheli?

9 Imizamo yokucophelela eyenziwa abakopishi abaningi phakathi namakhulu eminyaka edlule ibe nesandla ekutheni kube neBhayibheli elinembile esilifundayo namuhla. b Akungabazeki ukuthi nguJehova owaqikelela ukuthi umyalezo wakhe oya kubantu ulondolozwa ngokunembile. (Funda u-Isaya 40:8.) Abanye-ke kodwa bangase bathi, ukuthi umyalezo weBhayibheli ulondoloziwe akufakazeli ukuthi laphefumulelwa uNkulunkulu. Manje ake sihlole obunye bobufakazi bokuthi iBhayibheli liphefumulelwe.

IZIPROFETHO ZEBHAYIBHELI ZINOKWETHENJELWA

Left: C. Sappa/​DeAgostini/​Getty Images; right: Image © Homo Cosmicos/Shutterstock

Iziprofetho zeBhayibheli ziye zagcwaliseka futhi zisagcwaliseka kwamanje (Bheka izigaba 10-11) d

10. Nikeza isibonelo sesiprofetho esagcwaliseka esifakazela ukuba yiqiniso kweye-2 Petru 1:21. (Bheka izithombe.)

10 IBhayibheli lineziprofetho eziningi ezagcwaliseka, ezinye zazo zagcwaliseka ngemva kwamakhulu eminyaka zabhalwa. Umlando uyasiqinisekisa ukuthi lezi ziprofetho zagcwaliseka ngempela. Lokho akusimangazi ngoba siyazi ukuthi uMlobi weziprofetho zeBhayibheli nguJehova. (Funda eyesi-2 Petru 1:21.) Cabanga ngeziprofetho ezimayelana nokuwa kwedolobha lasendulo iBhabhiloni. Ngekhulu lika-8 B.C.E., umprofethi u-Isaya waphefumulelwa ukuba abikezele ukuthi lelo dolobha elinezivikelo eziqinile lalizonqotshwa. Waze washo negama lomuntu owayezolinqoba, uKoresi, futhi wabikezela ngokunembile ukuthi lalizonqotshwa kanjani. (Isaya 44:27–45:2) Wabikezela nokuthi ekugcineni iBhabhiloni lalizokwenziwa incithakalo, kungabi namuntu ohlala kulo. (Isaya 13:19, 20) Yilokho kanye okwenzeka. IBhabhiloni lanqotshwa amaMede NamaPheresiya ngo-539 B.C.E., futhi sekungamanxiwa endaweni elalikuyo.—Bheka ividiyo ethi IBhayibheli Labikezela Ukunqotshwa KweBhabhiloni encwadini esemshinini ethi Phila Kuze Kube Phakade!, isifundo 03 iphuzu 5.

11. Chaza indlela uDaniyeli 2:41-43 agcwaliseka ngayo namuhla.

11 Iziprofetho zeBhayibheli azigcinanga nje ngokugcwaliseka endulo; siyazibona zigcwaliseka nanamuhla. Ngokwesibonelo, cabanga ngokugcwaliseka okuphawulekayo kwesiprofetho sikaDaniyeli esiphathelene noMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika. (Funda uDaniyeli 2:41-43.) Leso siprofetho sabikezela ngokunembile ukuthi “ingxenye” yalo mbuso wezwe ombaxambili “iyoba namandla” njengensimbi, enye “ingxenye ibe buthaka” njengobumba. Kuyiqiniso ngempela lokho. IBrithani neMelika iye yabonisa amandla anjengensimbi, yadlala indima ebalulekile ekunqobeni zombili iZimpi Zomhlaba futhi la mazwe asaqhubeka ebonisa ukuthi anamandla amakhulu kwezempi. Noma kunjalo, izakhamuzi zakula mazwe ziwenze buthaka amandla alo mbuso, ziye zalwela amalungelo azo zisebenzisa izinyunyana zabasebenzi, imikhankaso yokulwela amalungelo abantu nemibhikisho yokulwela inkululeko. Esinye isazi sezepolitiki yomhlaba sisanda kuthi: “Namuhla alikho izwe elibuswa ngentando yeningi elihlukene phakathi nelingahlelekile kwezepolitiki njenge-United States.” IBrithani yona-ke, engenye ingxenye yalo mbuso wezwe, iye yahlukana ngendlela ephawulekayo eminyakeni yamuva, ihlukaniswa imibono ephikisanayo ngokuphathelene nokuthi imaphi amazwe okufanele ibe nobudlelwane nawo kuyi-European Union. Lokhu kwehlukana kwenze kwaba nzima ngoMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika ukuba wenze izinqumo eziwujuqu.

12. Zisiqinisekisa ngani iziprofetho zeBhayibheli?

12 Iziprofetho eziningi zeBhayibheli esezigcwalisekile zisenza siqiniseke ngokuthi izithembiso zikaNkulunkulu zekusasa zinokwethenjelwa. Sizizwa ngendlela umhubi azizwa ngayo lapho ethandaza kuJehova, ethi: “Ngilangazelela insindiso yakho, ngoba ngithembele ezwini lakho.” (IHu. 119:81) Esebenzisa iBhayibheli, ngomusa uJehova usinike ‘ikusasa elihle nethemba.’ (Jer. 29:11) Ithemba lethu ngekusasa lisekelwe ezithembisweni zikaJehova, hhayi emizamweni yabantu. Kwangathi singaqhubeka silethemba iZwi likaNkulunkulu ngokuba abafundi abazimisele beziprofetho zeBhayibheli.

ISELULEKO SEBHAYIBHELI SISIZA IZIGIDI

13. Ngokuvumelana neHubo 119:66, 138, ibuphi obunye ubufakazi obubonisa ukuthi singalethemba iBhayibheli?

13 Obunye ubufakazi obubonisa ukuthi singalethemba iBhayibheli, imiphumela emihle eba khona lapho abantu besilalela iseluleko salo. (Funda iHubo 119:66, 138.) Ngokwesibonelo, abashadile okwase kusele kancane badivose, bajabule manje ngenxa yokuthi basebenzisa iseluleko seBhayibheli. Izingane zabo zijabulela ukukhuliswa emndenini wamaKristu onothando, zizizwa zilondekile futhi zithandwa.​—Efe. 5:22-29.

14. Nikeza isibonelo esibonisa ukuthi ukusebenzisa amaqiniso eBhayibheli kuyakushintsha ukuphila kwabantu.

14 Ngokusebenzisa iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile ngisho nezigebengu eziyingozi ziye zashintsha ukuphila kwazo. Cabanga ngendlela iseluleko salo esasiza ngayo isiboshwa okuthiwa uJack. c Wayeyisigebengu esinodlame, esasaziwa ngokuba esinye seziboshwa eziyingozi kakhulu ezazithole isigwebo sokufa. Kodwa ngolunye usuku uJack waba khona lapho kuqhutshelwa othile isifundo seBhayibheli. Umusa owaboniswa ngabazalwane ababeqhuba leso sifundo wamthinta ngokujulile, ngakho naye waqala ukufundelwa iBhayibheli. Njengoba ayekusebenzisa lokho akufunde eBhayibhelini, yashintsha indlela ayeziphatha ngayo, kwashintsha ngisho nobuntu bakhe. Ngokuhamba kwesikhathi, uJack wafanelekela ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe futhi wabhapathizwa. Ngentshiseko, washumayela ngoMbuso kaNkulunkulu kwezinye iziboshwa, wasiza okungenani ezine zafunda iqiniso. Lapho kufika usuku uJack ayezobulawa ngalo, wayeseshintshile. Omunye wabameli bakhe wathi: “UJack akaseyena lowa muntu engangimazi eminyakeni engu-20 edlule. Izimfundiso zoFakazi BakaJehova zikushintshile ukuphila kwakhe.” Nakuba uJack agcina ebulewe ngenxa yokuthi wayethole isigwebo sokufa, ngokuqinisekile isibonelo sakhe siwubufakazi bokuthi singalethemba iZwi likaNkulunkulu nokuthi linamandla okushintsha ukuphila kwabantu.​—Isaya 11:6-9.

Iseluleko seBhayibheli sishintshe ukuphila kwabantu abaningi abanezizinda ezihlukahlukene (Bheka isigaba 15) e

15. Ukusebenzisa amaqiniso eBhayibheli kubenza kanjani abantu bakaJehova behluke namuhla? (Bheka isithombe.)

15 Abantu bakaJehova banobunye ngenxa yokuthi basebenzisa amaqiniso eBhayibheli. (Joh. 13:35; 1 Kor. 1:10) Ukuthula nobunye esinabo kuphawuleka ngokukhethekile uma kuqhathaniswa nokwabantu baleli zwe abahlukaniswe ezepolitiki, uhlanga namazinga okuphila. Ukubona ubunye obukhona phakathi kwabantu bakaJehova kwayithinta kakhulu insizwa okuthiwa uJean. Wakhulela ezweni lase-Afrika. Lapho kugqashuka impi yombango waba isosha, kodwa kamuva wabalekela ezweni elingumakhelwane. Kulelo zwe wahlangana noFakazi BakaJehova. UJean uthi: “Ngafunda ukuthi abalandeli benkolo yeqiniso abazihlanganisi nezepolitiki futhi abahlukene phakathi. Kunalokho, bayathandana.” Uyaqhubeka: “Ngangiphilela ukuvikela izwe lami. Kodwa lapho ngifunda iqiniso leBhayibheli, nganikezela ukuphila kwami kuJehova.” UJean washintsha ngokuphelele. Kunokuba alwe nabantu abanesizinda esihlukile kwesakhe, manje usexoxela wonke umuntu ahlangana naye amaqiniso eBhayibheli akhuthaza abantu ukuba babe nobunye. Iqiniso lokuthi iseluleko seBhayibheli sisiza abantu abaningi abanezizinda ezihlukahlukene, liwubufakazi obunamandla bokuthi singalethemba iZwi likaNkulunkulu.

QHUBEKA ULETHEMBA IZWI LIKANKULUNKULU ELIYIQINISO

16. Kungani kubalulekile ukuba silethembe iZwi likaNkulunkulu?

16 Njengoba leli zwe lisuka kokubi liya kokubi nakakhulu, ukwethemba kwethu iqiniso kuzovivinywa. Abantu bangase bazame ukusenza singabaze​—singabaze ukuba yiqiniso kweBhayibheli noma singabaze ukuthi uJehova usebenzisa inceku ethembekile neqondayo ukuze aqondise izikhonzi zakhe namuhla. Kodwa uma siqiniseka ngokuthi iZwi likaJehova lihlale liyiqiniso, sizokwazi ukumelana nalokho kuhlaselwa kokholo lwethu. ‘Sizonquma ukulalela iziqondiso [zikaJehova] ngaso sonke isikhathi, kuze kube sekugcineni.’ (IHu. 119:112) ‘Ngeke sibe namahloni’ okuxoxela abanye iqiniso futhi sibakhuthaze ukuba baphile ngokuvumelana nalo. (IHu. 119:46) Sizokwazi nokuzikhuthazelela “ngokubekezela nangenjabulo” izimo ezinzima kakhulu, ezihlanganisa noshushiso.​—Kol. 1:11; IHu. 119:143, 157.

17. Yini isihloko sethu sonyaka esizosikhumbuza yona?

17 Simbonga ngempela uJehova ngokuthi usambulele iqiniso! Iqiniso lisenza sizole, lisifundise nokuthi singaphila kanjani kuleli zwe elinesiyaluyalu nokudideka okulokhu kwanda. Lisinikeza ithemba lekusasa elingcono ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu. Kwangathi isihloko sethu sonyaka ka-2023 singasisiza sihlale siqiniseka ngokuthi iZwi likaNkulunkulu lilonke liyiqiniso!—IHu. 119:160.

INGOMA 94 Ukubonga NgeZwi LikaNkulunkulu

a Kukhethwe isihloko sonyaka ka-2023 esiqinisa ukholo, esithi: “Izwi lakho lilonke liyiqiniso.” (IHu. 119:160) Akungabazeki ukuthi uyavumelana nalokhu. Kodwa abantu abaningi abakholelwa ukuthi iBhayibheli liyiqiniso nokuthi lingasinika isiqondiso esithembekile. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinto ezintathu eziwubufakazi esingabusebenzisa ukuze siqinisekise abanezinhliziyo eziqotho ukuthi bangalethemba iBhayibheli neseluleko salo.

b Ukuze uthole okwengeziwe ngokulondolozwa kweBhayibheli, ngena ku-jw.org/zu uthayiphe ukuthi “IBhayibheli Nomlando” ebhokisini okubhalwe kulo ukuthi “Funa.”

c Amanye amagama ashintshiwe.

d INCAZELO YEZITHOMBE: UNkulunkulu wabikezela ukuthi idolobha lasendulo eliwubukhazikhazi, iBhabhiloni, ekugcineni lalizokwenziwa incithakalo.

e INCAZELO YEZITHOMBE: Umfanekiso obonisa okwenzeka ngokoqobo​—Kunokuba ilwe nabantu, insizwa ethile ifunda eBhayibhelini ukuthi ingaphila kanjani ngokuthula, isize nabanye benze okufanayo.