Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 6

Lokho IBhayibheli Elisembulela Kona NgoMbhali Walo

Lokho IBhayibheli Elisembulela Kona NgoMbhali Walo

“Bhala encwadini wonke amazwi engiwakhuluma kuwe.”​—JER. 30:2.

INGOMA 96 INcwadi KaNkulunkulu​—IGugu

AMAZWIBELA a

1. Kungani umbonga uJehova ngeBhayibheli?

 ASIVE simbonga uJehova uNkulunkulu ngeBhayibheli! Esebenzisa lona, usinikeza izeluleko ezihlakaniphile ezingasisiza sibhekane ngokuphumelelayo nezinkinga zethu namuhla. Usinikeza nethemba elihle ngekusasa. Okubaluleke nakakhulu, usebenzise iBhayibheli ukuze asambulele izici eziningi zobuntu bakhe. Lapho sizindla ngezimfanelo zakhe ezinhle, izinhliziyo zethu zithinteka ngokujulile bese sifuna ukusondela kuNkulunkulu wethu ngokwakha ubungani naye.​—IHu. 25:14.

2. Yiziphi izindlela ezihlukahlukene uJehova azembule ngazo kubantu?

2 UJehova ufuna abantu bamazi. Ezikhathini zasendulo, wazembula ngamaphupho, imibono, ngisho nangezingelosi. (Num. 12:6; IzE. 10:3, 4) Kodwa sasingafunda kanjani ngala maphupho, imibono noma imiyalezo yezingelosi ukube konke akubhalwanga phansi? Yingakho uJehova enza ukuba abantu ‘bakubhale encwadini’ lokho ayefuna sikwazi. (Jer. 30:2) Ngenxa yokuthi “indlela kaNkulunkulu weqiniso iphelele,” singaqiniseka ukuthi le ndlela yokukhuluma nathi yinhle kakhulu futhi iyazuzisa.​—IHu. 18:30.

3. Yini uJehova ayenza ukuze aqikelele ukuthi iBhayibheli liyalondolozwa? (Isaya 40:8)

3 Funda u-Isaya 40:8. Sekuphele izinkulungwane zeminyaka iZwi likaNkulunkulu linikeza amadoda nabesifazane abathembekile isiqondiso esiwusizo. Kwenzeke kanjani lokho? Phela, imiBhalo yabhalwa kudala ezintweni ezigugayo, ngakho ayikho imibhalo yokuqala okwaziwa ukuthi isekhona namuhla. Kodwa uJehova waqikelela ukuthi ayenziwa amakhophi emibhalo engcwele. Nakuba abakopishi babenesono, babecophelela kakhulu. Ngokwesibonelo, ngokuphathelene nemiBhalo YesiHebheru, esinye isazi sabhala: “Kungashiwo kugcwale umlomo ukuthi ayikho enye incwadi yakudala ekopishwe ngendlela enembe kangaka.” Ngakho, naphezu kwesikhathi eside esesidlulile, izinto ezigugayo okwakubhalwe kuzo nokuba nesono kwabakopishi, singaqiniseka ukuthi esikufunda emaBhayibhelini ethu namuhla kudlulisela imicabango yoMbhali walo, uJehova.

4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

4 UJehova unguMthombo wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.” (Jak. 1:17) IBhayibheli lingesinye sezipho ezinhle kakhulu uJehova asiphe zona. Isipho sisitshela okuthile ngomuntu osiphe sona​—ukuthi usazi kahle kangakanani nokuthi yini esiyidingayo. Kungashiwo okufanayo nangoMuntu osiphe iBhayibheli. Lapho sisibhekisisa lesi sipho, sifunda okuningi ngoJehova. Sifunda ukuthi usazi kahle kangakanani nokuthi yini esiyidingayo. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela iBhayibheli elembula ngayo izimfanelo zikaJehova ezintathu: ukuhlakanipha, ubulungisa nothando lwakhe. Ake siqale sixoxe ngezindlela iBhayibheli elembula ngazo ukuhlakanipha kukaNkulunkulu.

IBHAYIBHELI LEMBULA UKUTHI UNKULUNKULU UHLAKANIPHILE

5. Iyiphi indlela iBhayibheli elifakazela ngayo ukuthi uNkulunkulu uhlakaniphile?

5 UJehova uyazi ukuthi siyasidinga iseluleko sakhe esihlakaniphile. Isipho sakhe, iBhayibheli, sigcwele ukuhlakanipha kwakhe. Uma abantu besebenzisa iseluleko salo, kuba nemiphumela emihle. IBhayibheli lishintsha ukuphila. Lapho uMose ebhala izincwadi zeBhayibheli zokuqala, watshela abantu bakaNkulunkulu, ama-Israyeli: “Lawa akuwona amazwi angelona usizo kuwe kodwa awukuphila kwakho.” (Dut. 32:47) Labo ababekulalela okwakushiwo imiBhalo babengaphumelela futhi bajabule. (IHu. 1:2, 3) Ngisho noma sekudlule isikhathi eside labhalwa, iZwi likaNkulunkulu lisenawo amandla okuthuthukisa ukuphila kwabantu. Ngokwesibonelo, ochungechungeni lwezihloko ezithi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” ku-jw.org/zu, uzothola izibonelo ezingaphezu kuka-50 ezichaza indlela iBhayibheli eliye ‘lasebenza’ ngayo ngendlela enamandla kulabo ‘abalikholelwayo’ namuhla.​—1 Thes. 2:13.

6. Kungani sithi iBhayibheli alifani nenye incwadi?

6 Ayikho enye incwadi enjengeZwi likaNkulunkulu. Kungani kunjalo? Kungenxa yokuthi uMbhali walo, uJehova uNkulunkulu, unawo wonke amandla, akafi futhi unokuhlakanipha okungenakuqhathaniswa. Ezinye izincwadi eziningi ziyaqhubeka zifundwa ngisho noma sebafa abantu abazibhala, kodwa izeluleko ezikulezo zincwadi azibe zisasiza ngalutho ekuhambeni kwesikhathi. Ngakolunye uhlangothi, izimiso ezihlakaniphile eziseBhayibhelini ziyohlale zisebenza; zibazuzisile abantu kungakhathaliseki ukuthi baphila ngayiphi inkathi. Lapho sifunda leyo ncwadi engcwele futhi sizindla ngalokho esikufunda kuyo, uMbhali wayo usebenzisa umoya wakhe ongcwele onamandla ukuze asisize sibone ukuthi singazisebenzisa kanjani izeluleko ezikuyo ekuphileni kwethu. (IHu. 119:27; Mal. 3:16; Heb. 4:12) Yebo, uMbhali weBhayibheli osaphila namanje uzimisele ukukusiza. Lokho kufanele kukwenze ufune ukulifunda njalo iBhayibheli!

IBhayibheli libenze kanjani abantu bakaJehova baba munye esikhathini esidlule nasosukwini lwethu? (Bheka izigaba 7-8)

7. IBhayibheli labenza kanjani abantu bakaNkulunkulu baba nobunye esikhathini esidlule?

7 Enye indlela ephawulekayo iBhayibheli elifakazela ngayo ukuthi uNkulunkulu uhlakaniphile ukuthi lenza abantu bakhe babe nobunye. Lapho ama-Israyeli efika eZweni Lesithembiso, ahlala ezindaweni ezihlukahlukene. Amanye aba abadobi, amanye afuya izinkomo, kanti amanye alima. Kwakungaba lula ngama-Israyeli ayehlala kwenye indawo ukuba angabi nandaba namanye ayehlala kwezinye izindawo. Kodwa uJehova wahlela ukuba ama-Israyeli ahlangane ndawonye ngezikhathi ezihlukahlukene azolalela iZwi lakhe elibhaliwe lifundwa futhi lichazwa. (Dut. 31:10-13; Neh. 8:2, 8, 18) Awucabange nje ukuthi kumele ukuba umIsrayeli othembekile wayezizwa kanjani lapho efika eJerusalema abone izigidi zabanye abakhulekeli bevela kuzo zonke izingxenye zezwe! Ngokwenza kanjalo, uJehova wayesiza abantu bakhe ukuba bahlale benobunye. Kamuva, lapho kusungulwa ibandla lobuKristu, lakhiwa abesilisa nabesifazane abakhuluma izilimi eziningi futhi bevela ezizindeni ezihlukahlukene. Kodwa ngenxa yokuthi babeyithanda imiBhalo, babekhonza uNkulunkulu weqiniso ngobunye. Labo ababa amakholwa babengaliqonda kuphela iZwi likaNkulunkulu ngosizo lwabanye ababekholwa nabo nangokuhlangana ndawonye nabo.​—IzE. 2:42; 8:30, 31.

8. IBhayibheli libenza kanjani abantu bakaJehova babe nobunye?

8 UNkulunkulu wethu ohlakaniphile uyaqhubeka efundisa futhi enza abantu bakhe babe nobunye esebenzisa iBhayibheli. Imfundo engokomoya esiyijabulela kakhulu kangaka ivela kulo. Sihlangana njalo ndawonye emihlanganweni yebandla, emikhulu nemincane ukuze silalele imiBhalo ifundwa, ichazwa futhi kuxoxwa ngayo. Ngakho iBhayibheli lifeza indima ebalulekile enjongweni kaJehova ewukuba izinceku zakhe “zimkhonze ngobunye.”​—Zef. 3:9.

9. Iyiphi imfanelo edingekayo ukuze siqonde umyalezo weBhayibheli? (Luka 10:21)

9 Cabanga ngobunye ubufakazi obubonisa ukuthi uJehova uhlakaniphile. Wenza ukuba izingxenye eziningi zemiBhalo zibhalwe ngendlela ezoqondwa abantu abathobekile kuphela. (Funda uLuka 10:21.) Kuzo zonke izindawo abantu bayalifunda iBhayibheli. Esinye isazi sathi, iBhayibheli “liye laba incwadi efundwa kakhulu kunazo zonke futhi lafundwa ngokucophelela kunazo zonke.” Kodwa ngabantu abathobekile kuphela abaliqonda ngempela futhi bakusebenzise elikushoyo.​—2 Kor. 3:15, 16.

10. Iyiphi enye indlela iBhayibheli elifakazela ngayo ukuthi uJehova uhlakaniphile?

10 Ikhona nenye indlela esikubona ngayo ukuhlakanipha kukaJehova eBhayibhelini. UJehova akagcini nje ngokusebenzisa imiBhalo ukuze asifundise njengeqembu kodwa futhi uyayisebenzisa ukuze asifundise aphinde asiduduze njengabantu ngabanye. Lapho umuntu efunda iZwi laKhe, uye abone ukuthi uJehova uyamthanda. (Isaya 30:21) Lapho unenkinga ethile, kukangaki nje uvula iBhayibheli ufunda ivesi okubonakala sengathi libhalelwe wena? Nokho, iBhayibheli lisiza izigidi zabantu. Uma kunjalo, kwenzeka kanjani-ke ukuba libe namaphuzu angasiza wena? Kwenzeka kuphela ngoba iBhayibheli labhalwa uMbhali ohlakaniphe ngendlela emangalisayo.​—2 Thim. 3:16, 17.

IBHAYIBHELI LEMBULA UKUTHI UNKULUNKULU UNOBULUNGISA

11. UNkulunkulu wakubonisa kanjani ukungakhethi ngesikhathi kubhalwa iBhayibheli?

11 Ubulungisa bungenye yezimfanelo zikaJehova. (Dut. 32:4) Ubulungisa buhlobene eduze nokungakhethi futhi uJehova akakhethi. (IzE. 10:34, 35; Roma 2:11) Lokho sikubona ezilimini ezasetshenziswa lapho kubhalwa iBhayibheli. Iningi lezincwadi zeBhayibheli zokuqala ezingu-39 zazibhalwe ngesiHebheru, ulimi abantu bakaNkulunkulu ababeluqonda kalula ngaleso sikhathi. Nokho, ngekhulu lokuqala C.E., ulimi lwesiGreki lwalukhulunywa ezindaweni eziningi, ngakho iningi lezincwadi zeBhayibheli ezingu-27 zokugcina zabhalwa ngalolo limi. UJehova akazange enze ukuba iZwi lakhe libhalwe ngolimi olulodwa kuphela. Namuhla, abantu abacishe babe izigidi eziyizinkulungwane ezingu-8 bakhuluma izilimi ezihlukahlukene. Abantu abaningi kangaka bangafunda kanjani ngoJehova?

12. UDaniyeli 12:4 uye wagcwaliseka kanjani kulezi zinsuku zokugcina?

12 Ngomprofethi uDaniyeli, uJehova wathembisa ukuthi esikhathini sokuphela, “ulwazi lweqiniso” olutholakala eBhayibhelini lwaluyoba “luningi.” Baningi ababeyoluqonda. (Funda uDaniyeli 12:4.) Okunye okwenze lolu lwazi lwaba luningi umsebenzi wokuhumusha, ukunyathelisa nokusakaza amaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo. Ayikho enye incwadi ehunyushelwe ezilimini eziningi nesakazwe kakhulu ukwedlula iBhayibheli. AmaBhayibheli akhiqizwa izinkampani avame ukubiza kakhulu ngezinye izikhathi. Kuze kube manje abantu bakaJehova bahumushe iZwi likaNkulunkulu, liphelele noma liyingxenye, ngezilimi ezingaphezu kuka-240, futhi noma ubani angathola ikhophi ngaphandle kokuba akhokhiswe. Ngenxa yalokho, abantu bazo zonke izizwe bayazamukela ‘izindaba ezinhle zoMbuso’ ngaphambi kokuba ukuphela kufike. (Math. 24:14) UNkulunkulu wethu onobulungisa ufuna ukunikeza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ithuba lokuba bamazi ngokufunda iZwi lakhe. Lokho ukwenza ngoba uyasithanda kakhulu.

IBHAYIBHELI LIFAKAZELA UKUTHI UNKULUNKULU UNOTHANDO

13. Kungani sithi iBhayibheli lifakazela ukuthi uJehova unothando? (Johane 21:25)

13 IBhayibheli libonisa imfanelo evelele kunazo zonke yoMbhali walo​—uthando. (1 Joh. 4:8) Cabanga ngalokho uJehova akufaka eBhayibhelini nalokho angazange akufake. Wasinika lokho kanye esasikudinga ukuze sibe abangani bakhe, siphile ukuphila okujabulisayo manje futhi sithole ukuphila okuphakade. Kodwa ngenxa yokuthi uyasithanda, akazange asinike imininingwane engaphezu kwaleyo esingayithwala.​—Funda uJohane 21:25.

14. IBhayibheli liphinde libonise kanjani ukuthi uNkulunkulu uyasithanda?

14 UJehova wabonisa nokuthi uyasithanda ngokukhuluma nathi ngendlela ebonisa ukuthi uyasihlonipha. EBhayibhelini akasinikezi uhide lwemithetho, elokhu elawula yonke into esiyenzayo ekuphileni. Kunalokho, usebenzisa izindaba ezingokoqobo, iziprofetho ezivusa amadlingozi nezeluleko eziwusizo ukuze asisize senze izinqumo ezinhle. Ngalezi zindlela, iZwi likaNkulunkulu lisenza simthande futhi simlalele ngokusuka enhliziyweni.

Kungani kufanele sizindle ngendlela uJehova asebenzelana ngayo nezikhonzi zakhe esikhathini esedlule? (Bheka isigaba 15)

15. (a) UJehova ubonise kanjani ukuthi uyabakhathalela labo abafunda iZwi lakhe? (b) Esithombeni, yibaphi abantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini intombazane encane, umzalwane osemusha nodade osekhulile abazindla ngabo? (Gen. 39:1, 10-12; 2 AmaKh. 5:1-3; Luka 2:25-38)

15 IBhayibheli lembula ukuthi uJehova usikhathalela ngempela. Kanjani? IZwi lakhe linezindaba eziningi eziveza indlela abantu ababezizwa ngayo. Singakwazi ukuqonda indlela ababezizwa ngayo abantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini ngenxa yokuthi ‘babenemizwa efana neyethu.’ (Jak. 5:17) Okubaluleke nakakhulu, lapho sibona indlela asebenzelana ngayo nabantu abafana nathi, kusicacela nakakhulu ukuthi “uJehova unothando olukhulu nesihe.”​—Jak. 5:11.

16. Yini esiyifunda ngoJehova lapho sifunda eBhayibhelini ngamaphutha enziwa abanye? (Isaya 55:7)

16 IBhayibheli lembula enye indlela uJehova abonisa ngayo ukuthi uyasithanda. ImiBhalo isiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu wethu akasoze asilahla lapho senza amaphutha. Ama-Israyeli ona kuJehova ephindelela, kodwa lapho ephenduka ngobuqotho uNkulunkulu wayewathethelela. (Funda u-Isaya 55:7.) AmaKristu ekhulu lokuqala nawo ayazi ukuthi uNkulunkulu uwathanda kakhulu. Ephefumulelwe, umphostoli uPawulu wanxusa ayekholwa nabo ukuba ‘bamthethelele’ futhi ‘bamduduze’ umuntu owayephishekela inkambo yokwenza isono esikhulu kodwa waphenduka. (2 Kor. 2:6, 7; 1 Kor. 5:1-5) Kuyaphawuleka ngempela ukuthi uJehova akazange azilahle izikhonzi zakhe ngoba nje zonile! Kunalokho, wazibonisa uthando ngokuzisiza, wazilungisa futhi wazimema ukuba zibuyele kuye. Uthembisa ukwenza okufanayo kuzo zonke izoni eziphendukayo.​—Jak. 4:8-10.

SAZISE ‘ISIPHO ESIHLE’ ESIYIZWI LIKANKULUNKULU

17. Kungani iBhayibheli liyisipho esimangalisa kangaka?

17 UJehova usiphe isipho esihle. Kungani iZwi lakhe limangalisa kangaka? Njengoba sesifundile, iBhayibheli lembula ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, ubulungisa bakhe nothando lwakhe. Le ncwadi inikeza ubufakazi bokuthi uJehova ufuna simazi. Ufuna sibe abangani bakhe.

18. Singabonisa kanjani ukuthi siyasazisa ‘isipho’ sikaJehova ‘esihle,’ iBhayibheli?

18 Asifuni ukusithatha kalula ‘isipho esihle’ esiyiZwi likaNkulunkulu. (Jak. 1:17) Ngakho, masiqhubeke sibonisa ukwazisa ngalo. Singakwenza lokho ngokuthandaza lapho silifunda futhi sizindle ngalokho esikufundayo. Lapho senza kanjalo, singaqiniseka ngokuthi uMbhali walo omkhulu uyoyibusisa imizamo yethu nokuthi ‘siyoluthola ulwazi ngoNkulunkulu.’​—IzAga 2:5.

INGOMA 98 ImiBhalo​—Iphefumulelwe UNkulunkulu

a IBhayibheli liyasisiza sisondele kuJehova. Singafundani kuleyo ncwadi engcwele ngokuhlakanipha, ubulungisa nothando lukaNkulunkulu? Esikufundayo kungasisiza sijulise ukwazisa kwethu ngeZwi likaNkulunkulu futhi siqonde lokho iBhayibheli eliyikho ngempela​—isipho esivela kuBaba wethu osezulwini.