Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 8

“Hlalani Nisangulukile, Qaphani!”

“Hlalani Nisangulukile, Qaphani!”

“Hlalani nisangulukile, qaphani!”​—1 PET. 5:8.

INGOMA 144 Bheka Njalo Umvuzo!

AMAZWIBELA a

1. Yini uJesu ayitshela abafundi bakhe mayelana nokufika kwesikhathi sokuphela, futhi yisiphi isixwayiso abanika sona?

 EZINSUKWINI ezimbalwa ngaphambi kokufa kukaJesu, abafundi bakhe abane bambuza: “Luyoba yini uphawu . . . lwesiphelo sesimiso sezinto?” (Math. 24:3) Labo bafundi kungenzeka babezibuza ukuthi babeyobona ngani lapho isimiso zezinto samaJuda sesizophela. Empendulweni yakhe, uJesu akakhulumanga nje kuphela ngokuphela kwesimiso samaJuda, kodwa wakhuluma ‘nangesiphelo sesimiso sezinto’ esiphila kuso manje. Mayelana nokufika kwesikhathi sokuphela, uJesu wathi: “Ngokuphathelene nalolo suku noma lelo hora, akekho owaziyo, nazingelosi ezulwini naNdodana, ngaphandle kukaBaba.” Wabe esexwayisa bonke abafundi bakhe ukuba ‘bahlale bephapheme’ futhi ‘bahlale belindile.’​—Marku 13:32-37.

2. Kungani kwakubalulekile ngalabo ababephila ngenkathi yesimiso sezinto samaJuda ukuba bahlale beqaphile?

2 AmaKristu angekhulu lokuqala kwakudingeka ahlale eqaphile; ukuphila kwawo kwakuncike kulokho. UJesu watshela abalandeli bakhe ukuthi yini okwakudingeka bayibheke ukuze babone lapho isimiso sezinto samaJuda sesizophela. Wathi: “Lapho nibona iJerusalema lihaqwe amabutho akanisile, yazini ukuthi ukubhujiswa kwalo sekusondele.” Ngaleso sikhathi kwakuyodingeka alalele isixwayiso sikaJesu ‘sokubalekela ezintabeni.’ (Luka 21:20, 21) Labo abasilalela lesi sixwayiso basinda lapho amaRoma ehlasela iJerusalema.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Namuhla siphila ezinsukwini zokugcina zalesi simiso sezinto esibi. Ngakho nathi kumele sihlale sisangulukile futhi siqaphile. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi singaba kanjani abalinganiselayo sibe sizinakisisile izinto ezenzeka ezweni, singahlala kanjani siziqaphile thina nokuthi singasisebenzisa kanjani kahle isikhathi esisele.

YIBA OLINGANISELAYO LAPHO UBONA IZINTO EZENZEKA EZWENI

4. Kungani kufanele sikuthande ukubona indlela izinto ezenzeka ezweni ezizigcwalisa ngayo iziprofetho zeBhayibheli?

4 Sinezizathu ezinhle zokufuna ukubona ukuthi izinto ezenzeka ezweni zizigcwalisa kanjani iziprofetho eziseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, uJesu wakhuluma ngezinto ezazizokwenzeka ukuze asisize sibone lapho sekusondele ukuphela kwezwe likaSathane. (Math. 24:3-14) Umphostoli uPetru wasikhuthaza ukuba sihlale sikuqaphile ukugcwaliseka kweziprofetho ukuze ukholo lwethu luhlale luqinile. (2 Pet. 1:19-21) Incwadi yokugcina yeBhayibheli iqala ngala mazwi: “Isambulo sikaJesu Kristu, asinikwa uNkulunkulu, ukuze abonise izinceku zakhe izinto okumele zenzeke maduzane.” (IsAm. 1:1) Ngakho siyathanda ukwazi ngezinto ezenzeka ezweni namuhla nendlela ezingase zizigcwalise ngayo iziprofetho zeBhayibheli. Singase sibe magange nokuxoxa nabanye ngalezi zenzakalo.

Lapho sixoxa ngeziprofetho zeBhayibheli, yini okufanele siyigweme, yini okufanele siyenze? (Bheka isigaba 5) b

5. Yini okufanele siyigweme kodwa yini okufanele siyenze? (Bheka nezithombe.)

5 Nokho, lapho sixoxa ngeziprofetho zeBhayibheli, kufanele sigweme ukuqagela. Kungani? Kungoba asifuni ukusho noma yini engase ibangele ukwahlukana ebandleni. Ngokwesibonelo, singase sizwe abaholi bezwe bekhuluma ngokuthi bangayixazulula kanjani inkinga ethile, balethe ukuthula nokulondeka. Kunokuba silokhu siqagela sithi leyo nkulumo igcwalisa isiprofetho esikweyoku-1 Thesalonika 5:3, kudingeka sihambisane nokwaziswa kwakamuva.” Iyona ndlela uJesu ayisebenzisayo ukuze asinikeze “ukudla” okungokomoya “ngesikhathi esifanele.” Lapho sisekela izingxoxo zethu ezintweni ezinyatheliswe inhlangano kaJehova, siba nesandla ekugcineni ibandla linobunye “endleleni efanayo yokucabanga.”​—1 Kor. 1:10; 4:6.

6. Yiziphi izifundo esingazifunda kweyesi-2 Petru 3:11-13?

6 Funda eyesi-2 Petru 3:11-13. Umphostoli uPetru usisiza sibe nombono olinganiselayo lapho sihlola iziprofetho zeBhayibheli. Usinxusa ukuba ‘sikukhumbule njalo ukufika kosuku lukaJehova.’ Kungani? Kungenxa yokuthi sifuna ukusebenzisa isikhathi esisele ukuze senze ‘izenzo zokuziphatha ezingcwele nezenzo zokuzinikela kuNkulunkulu,’ hhayi ngoba sizama ukuthola ‘usuku nehora’ uJehova ayoletha ngalo i-Armagedoni. (Math. 24:36; Luka 12:40) Ngamanye amazwi, sifuna ukuziphatha ngendlela efanele futhi siqiniseke ukuthi imizamo yethu enkonzweni kaJehova ibonisa uthando olujulile esinalo ngaye. Ukuze sihlale sigxilile, kumele siziqaphe thina.

KUSHO UKUTHINI UKUZIQAPHA THINA?

7. Sibonisa kanjani ukuthi siziqapha thina? (Luka 21:34)

7 UJesu watshela abafundi bakhe ukuthi bangagcini nje ngokuqapha izinto ezenzeka ezweni, kodwa baziqaphe nabo. Lelo phuzu licacisiwe esixwayisweni esikuLuka 21:34. (Yifunde.) Phawula amazwi kaJesu athi: Qaphelani.” Umuntu oziqaphayo uhlale ephaphamele noma yiziphi izingozi ezisongela ubuhlobo bakhe noJehova, bese ethatha izinyathelo zokuzigwema. Ngokwenza kanjalo uzigcina esothandweni lukaNkulunkulu.​—IzAga 22:3; Jude 20, 21.

8. Umphostoli uPawulu wayala amaKristu ukuba enzeni?

8 Umphostoli uPawulu wayala amaKristu ukuba aziqaphe wona. Ngokwesibonelo, watshela amaKristu ase-Efesu: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphile.” (Efe. 5:15, 16) Ubungani bethu noJehova buhlale busengozini, ngakho iBhayibheli liseluleka ukuba ‘siqhubeke siqonda ukuthi iyini intando kaJehova’ ukuze sikwazi ukubhekana nanoma iyiphi ingozi.​—Efe. 5:17.

9. Singayiqonda kanjani intando kaJehova ngathi?

9 IBhayibheli alizisho zonke izingozi ezingasongela ubungani bethu noJehova. Ngokuvamile, kumele senze izinqumo ezintweni okungakhulunywa ngazo ngokuqondile emiBhalweni. Ukuze senze izinqumo ezihlakaniphile kudingeka siyiqonde noma siyazi “intando kaJehova.” Lokhu singakwenza ngokutadisha nangokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu njalo. Lapho siyiqonda kangcono intando kaJehova futhi sizama ukuba ‘nomqondo kaKristu,’ cishe siyohamba ‘njengabantu abahlakaniphile’ ngisho noma singenayo imithetho eqondile esitshela ukuba siziphathe kanjani. (1 Kor. 2:14-16) Ezinye izingozi kulula ukuzibona; ezinye akulula.

10. Yiziphi ezinye zezingozi okumele sizigweme?

10 Ezinye izingozi okumele sizigweme zihlanganisa ukudlala ngothando, ukuphuza ngokweqile, ukuminza, ukusho izinto ezilimaza abanye, ukubukela ezokuzilibazisa ezinobudlova nokubukela izithombe zocansi ezingcolile nezinye izinto ezifana nalezi. (IHu. 101:3) Isitha sethu, uDeveli, sihlale sifuna amathuba okulimaza ubungani bethu noJehova. (1 Pet. 5:8) Uma singaqaphile, uSathane angatshala imbewu yomona, yokungathembeki, yokuhaha, yenzondo, yokuqhosha neyokubamba amagqubu enhliziyweni nasengqondweni yethu. (Gal. 5:19-21) Ekuqaleni, le mizwa ingase ingabi namandla kangako. Kodwa uma singathathi izinyathelo zokuyisiphula ngokushesha, izoqhubeka ikhula njengesitshalo esinobuthi, idale umonakalo.​—Jak. 1:14, 15

11. Iyiphi ingozi ecashile okumele siyigweme, futhi kungani?

11 Enye yezingozi ecashile ukuba nabangani ababi? Cabanga ngalesi simo. Emsebenzini usebenza nomuntu ongeyena uFakazi KaJehova. Ufuna lo muntu osebenza naye abe nombono omuhle ngoFakazi BakaJehova, ngakho umbonisa umusa futhi umsize. Ngezikhathi ezithile ungase uvume ngisho nokudla naye ngekhefu. Ekuhambeni kwesikhathi, uqala ukudla naye njalo. Ngezinye izikhathi yena uxoxa ngezinto ezingcolile, kodwa wena uzame ukungaphawuli. Ngokuhamba kwesikhathi, iyajwayeleka le ngxoxo kangangokuba ayibe isakuphatha kabi. Kuthi ngolunye usuku akumeme ukuba niyozitholela isiphuzo ngemva komsebenzi, bese uyavuma. Ekugcineni, ugcina usucabanga njengaye lo muntu osebenza naye. Njengoba usuqalile ukucabanga njengaye, kuzokuthatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba wenze izinto azenzayo? Yiqiniso, sibabonisa umusa futhi sibahloniphe bonke abantu, kodwa kumele sikhumbule ukuthi abantu esikhetha ukuchitha nabo isikhathi bayoba nethonya elikhulu kithi. (1 Kor. 15:33) Uma siziqapha, njengoba uJesu asinxusa, siyogwema ukuzihlanganisa ngokungenasidingo nabantu abangaphili ngemithetho kaJehova. (2 Kor. 6:15) Siyoyibona ingozi bese siyayibalekela.

SISEBENZISE KAHLE ISIKHATHI SAKHO

12. Kwakufanele benzeni abafundi bakaJesu njengoba belinde isiphelo sesimiso sezinto?

12 Abafundi bakaJesu kwakungafanele bahlale nje bangenzi lutho njengoba belinde isiphelo sesimiso sezinto. UJesu wabanika umsebenzi ababezowenza. Wabayala ukuba bashumayele izindaba ezinhle “eJerusalema, kulo lonke elaseJudiya naseSamariya, nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:6-8) Wawumkhulu ngempela umsebenzi owanikwa abalandeli bakaJesu! Basisebenzisa kahle isikhathi sabo ngokuwenza ngenkuthalo lowo msebenzi.

13. Kungani kudingeka sisisebenzise kahle isikhathi sethu? (Kolose 4:5)

13 Funda eyabaseKolose 4:5. Ukuze siziqaphe thina, kudingeka sicabangisise ngokuthi sisisebenzisa kanjani isikhathi sethu. ‘Izenzakalo ezingalindelekile’ zingasehlela sonke. (UmSh. 9:11) Singashona kungalindelekile.

Singasisebenzisa kanjani kahle isikhathi sethu? (Bheka izigaba 14-15)

14-15. Singasisebenzisa kanjani kahle isikhathi sethu? (Hebheru 6:11, 12) (Bheka nesithombe.)

14 Singasisebenzisa kahle isikhathi sethu ngokwenza intando kaJehova nangokuqinisa ubungani bethu naye. (Joh. 14:21) Kudingeka ‘sibe abagxilile, abangenakunyakaziswa, ngaso sonke isikhathi sinokuningi esingakwenza emsebenzini weNkosi.’ (1 Kor. 15:58) Kuyothi lapho ukuphela kufika​—kungakhathaliseki ukuthi ukuphela kokuphila kwethu noma ukuphela kwalesi simiso esibi—​ngeke sizisole.​—Math. 24:13; Roma 14:8.

15 Namuhla, uJesu uyaqhubeka eqondisa abafundi bakhe njengoba beshumayela ngoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke. Useyifezile eyakhe ingxenye. Esebenzisa inhlangano kaJehova, uJesu usifundisa indlela yokushumayela futhi usinikeza amathuluzi esiwadingayo ukuze sishumayele izindaba ezinhle. (Math. 28:18-20) Ingxenye yethu-ke thina siyifeza ngokwenza umsebenzi wokushumayela nokufundisa ngenkuthalo nangokuhlala siqaphile njengoba silindele uJehova ukuba aqede lesi simiso sezinto. Ngokusebenzisa iseluleko esikweyamaHebheru 6:11, 12, siyobambelela ngokuqinile ethembeni lethu “kuze kube sekupheleni.”​—Yifunde.

16. Yini esizimisele ukuyenza?

16 UJehova uselubekile usuku nehora ayoqeda ngalo isimiso sikaSathane. Lapho lufika lolo suku, nakanjani uJehova uyozigcwalisa iziprofetho ayala ukuba zibhalwe eZwini lakhe. Okwamanje, kungase kubukeke sengathi ukuphela kwalesi simiso sezinto kuyephuza ukufika. Kodwa usuku lukaJehova ‘ngeke lwephuze!’ (Hab. 2:3) Ngakho, kwangathi singazimisela ‘ukuhlala sibheke uJehova,’ sibonise ukuthi ‘simlinde ngesineke uNkulunkulu wensindiso yethu.’​—Mika 7:7.

INGOMA 139 Zibone Lapho Konke Sekukusha

a Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi singaba kanjani abalinganiselayo endleleni esibheka ngayo izinto futhi sihlale siqaphile. Ngaphezu kwalokho, sizobona ukuthi singaziqapha kanjani thina nokuthi singasisebenzisa kanjani kahle isikhathi sethu.

b INCAZELO YEZITHOMBE: (Esiphezulu) Indoda nomkayo babukela izindaba. Kamuva, lapho sekuphele umhlangano webandla batshela abanye imibono yabo eqinile ngabakubone ezindabeni nokuthi kusho ukuthini. (Esingezansi) Indoda nomkayo babukela umbiko weNdikimba Ebusayo ukuze bahambisane nokuqonda kwakamuva kweziprofetho zeBhayibheli. Banikeza abanye izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezilungiselelwa inceku ethembekile.