Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 9

Sazise Isipho SikaNkulunkulu Esiwukuphila

Sazise Isipho SikaNkulunkulu Esiwukuphila

“Ngaye siyaphila, siyanyakaza futhi sikhona.”​—IZE. 17:28.

INGOMA 141 Isimangaliso Sokuphila

AMAZWIBELA a

1. Kuyigugu kangakanani ukuphila kwethu kuJehova?

 AKE sithi umngani wakho ukuphe indlu. Upende wayo usugqwalile futhi iyavuza. Naphezu kwalezi zinkinga, inani lale ndlu liyizigidi zamarandi. Akungabazeki ukuthi ubungayazisa futhi uyiphathe kahle. Ngokufanayo, uJehova usiphe isipho esiyigugu, esiwukuphila. Empeleni, uJehova ubonisa ukuthi kuyigugu kangakanani ukuphila kwethu kuye ngokunikela ngeNdodana yakhe ibe yisihlengo sethu.​—Joh. 3:16.

2. Njengoba kuboniswe kweyesi-2 Korinte 7:1, yini uJehova ayilindele kithi?

2 UJehova unguMthombo wokuphila. (IHu. 36:9) Umphostoli uPawulu walivuma leli qiniso lapho ethi: “Ngaye siyaphila, siyanyakaza futhi sikhona.” (IzE. 17:25, 28) Ngakho, kuyafaneleka ukuba sithi ukuphila kwethu kuyisipho esivela kuNkulunkulu. Ngenxa yokuthi uyasithanda usinikeza esikudingayo ukuze siphile. (IzE. 14:15-17) Kodwa uJehova akazenzi izimangaliso ukuze asigcine siphila. Kunalokho, ulindele ukuba senze konke esingakwenza ukuze sinakekele impilo yethu nengokomoya lethu. (Funda eyesi-2 Korinte 7:1.) Kungani kufanele sivikele impilo yethu nokuphila kwethu futhi singakwenza kanjani lokho?

SAZISE ISIPHO ESIWUKUPHILA

3. Yisiphi esinye sezizathu zokuba sizame ukuhlala sinempilo enhle?

3 Esinye sezizathu sokuba sizame ukuhlala sinempilo enhle ukuthi singakhonza uJehova ngawo wonke amandla ethu. (Marku 12:30) Sifisa ukunikela ‘imizimba yethu ibe umhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu,’ ngakho siyakugwema ukwenza izinto esaziyo ukuthi zizosigulisa. (Roma 12:1) Kuyavunywa, kulinganiselwe esingakwenza ukuze singaguli. Kodwa senza konke esingakwenza ngoba sifuna ukubonisa uBaba wethu osezulwini ukuthi siyasazisa isipho esiwukuphila.

4. Yini iNkosi uDavide eyayifuna ukuyenza?

4 INkosi uDavide yachaza ukuthi kungani yayisazisa isipho sikaNkulunkulu esiwukuphila lapho ibhala: “Kunanzuzoni ukufa kwami, ukwehlela kwami egodini? Ingabe uthuli luyokudumisa? Ingabe luyolandisa ngokwethembeka kwakho?” (IHu. 30:9) Kungenzeka ukuthi uDavide wawabhala esezofa lawo mazwi. Kodwa wayezimisele ukuqhubeka ephila ukuze akhonze uJehova. Akungabazeki ukuthi sonke sizimisele ukwenza okufanayo.

5. Kungakhathaliseki ukuthi sikhule noma sigula kangakanani, yini esingayenza?

5 Ukugula nokukhula kungasenza singabe sisakwazi ukwenza izinto esasikwazi ukuzenza. Lokho kungase kusicasule futhi kusiphathe kabi. Kodwa akufanele kusiqede amandla bese siyayeka ukunakekela impilo. Kungani? Kungenxa yokuthi kungakhathaliseki ukuthi sikhule noma sigula kangakanani, sisengamdumisa uJehova njengoba kwenza iNkosi uDavide. Kuthinta inhliziyo ngempela ukwazi ukuthi siyigugu kuNkulunkulu wethu nakuba sinesono! (Math. 10:29-31) Ngisho noma singafa, uyolangazelela ukusivusa. (Jobe 14:14, 15) Njengoba sisaphila, sifuna ukwenza konke esingakwenza ukuze sivikele impilo yethu nokuphila kwethu.

GWEMA IMIKHUBA ELIMAZAYO

6. Yini uJehova ayilindele kithi ngokuqondene nemikhuba yethu yokudla nokuphuza?

6 Nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi ekhuluma ngokunakekela impilo noma esitshela ukuthi kufanele sidle kanjani, kodwa liyasho ukuthi uJehova ucabangani ngalezo zinto. Ngokwesibonelo, usinxusa ukuba ‘sigweme izinto ezilimazayo’ ezingase zone imizimba yethu. (UmSh. 11:10) IBhayibheli liyakulahla ukuminza nokudakwa, kokubili okungafaka ukuphila kwethu engozini. (IzAga 23:20) UJehova ulindele ukuba sizithibe lapho sinquma ukuthi sizodlani futhi siphuzeni, nokuthi lokho sizokwenza ngezinga elingakanani.​—1 Kor. 6:12; 9:25.

7. Iseluleko esisencwadini yezAga 2:11 sisisiza kanjani senze izinqumo ezinhle ngempilo yethu?

7 Izinqumo ezibonisa ukuthi sisazisa ngokujulile isipho sikaNkulunkulu esiwukuphila singazenza ngokusebenzisa ikhono lethu lokucabanga. (IHu. 119:99, 100; funda izAga 2:11.) Ngokwesibonelo, sibonisa ukwahlulela okuhle lapho sikhetha uhlobo lokudla esiludlayo. Uma sithanda ukudla okuthile kodwa sazi kahle ukuthi kuyasigulisa, ukuhluzeka kwengqondo kusenza sigweme ukukudla. Sibonisa nokuthi sihluzekile engqondweni lapho silala ngokwanele, sizivocavoca njalo, sigcina imizimba yethu ihlanzekile nangokugcina imizi esihlala kuyo ihlanzekile.

ZAMA UKUGWEMA IZINGOZI

8. IBhayibheli lembulani ngoNkulunkulu mayelana nokuphepha?

8 UMthetho uJehova ayewunike isizwe sakwa-Israyeli wawuhlanganisa neziqondiso ezazingawasiza agweme izingozi ezazingase zenzeke emakhaya nasemsebenzini. (Eks. 21:28, 29; Dut. 22:8) Lapho umuntu ebulala omunye umuntu engahlosile, wayebhekana nemiphumela emibi yaleso senzo. (Dut. 19:4, 5) UMthetho wawufuna ukuba bajeziswe abantu abalimaze ingane engakazalwa bengahlosile. (Eks. 21:22, 23) ImiBhalo yenza kucace ukuthi uJehova ufuna sigweme izingozi.

Singabonisa kanjani ukuthi siyakwazisa ukuphila kulezi zimo? (Bheka isigaba 9)

9. Yini esingayenza ukuze sigweme izingozi? (Bheka nezithombe.)

9 Sibonisa ukuthi siyasazisa isipho sikaNkulunkulu esiwukuphila ngokuzama ukugwema izingozi ekhaya nasemsebenzini. Ngokwesibonelo, izinto ezicijile, amakhemikhali ayingozi, noma imithi sikulahla ngendlela engeke ilimaze abanye, futhi izinto ezinjalo sizigcina lapho izingane zingeke zizithole khona. Siyaqapha lapho sibase umlilo, siphethe izinto ezishisayo eziwuketshezi namathuluzi asebenza ngogesi, asizishiyi zingagadiwe izinto ezinjalo. Asiyishayeli imoto uma singeke sikwazi ukwenza izinqumo ezinhle ngenxa yemithi esiyiphuzile, utshwala noma ukungalali kahle, futhi asiyiphathi ngesandla ifoni ngesikhathi sishayela.

LAPHO KUVELA ISIMO ESIPHUTHUMAYO

10. Yini esingayenza lapho kuvela isimo esiphuthumayo nangemva kwaso?

10 Ngezinye izikhathi asikwazi ukugwema izimo ezifaka ukuphila kwethu engozini. Lokhu kuyiqiniso nakakhulu uma kugadla izinhlekelele zemvelo, kuqubuka izifo eziwumshayabhuqe noma imibhikisho eyingozi. Nokho, lapho kuvela izimo eziphuthumayo, singazama ukunciphisa izingozi nokwandisa amathuba okusinda ngokuba silalele imithetho yewashi, iziqondiso zokuba sihambe endaweni nemingcele ebekiwe. (Roma 13:1, 5-7) Ezinye izimo eziphuthumayo ziyahlelelwa zingakenzeki, ngakho kuhle silandele noma yiziphi iziqondiso ezikhishwa iziphathimandla ukuze zisisize silungele inhlekelele. Ngokwesibonelo, kungasisiza ukuhlala sinamanzi, ukudla okungaboli nezinto zosizo lokuqala.

11. Yini okufanele siyenze uma kunesifo esithathelwanayo?

11 Yini okufanele siyenze uma kunesifo esithathelwanayo endaweni esihlala kuyo? Kufanele silalele imithetho esebenza ezimweni eziphuthumayo, njengokugeza izandla, ukuqhelelana, ukufaka isifonyo nokungahlali nabanye uma sigula. Ukwenza lezi zinto ngokwethembeka kubonisa ukuthi siyasazisa isipho sikaNkulunkulu esiwukuphila.

12. Isimiso esisencwadini yezAga 14:15 sisisiza kanjani singalaleli noma yini esakazwayo lapho kunesimo esiphuthumayo?

12 Lapho kuvela izimo eziphuthumayo, kungase kusakazeke ukwaziswa okunganembile phakathi kwabangani, omakhelwane nakwabezindaba. Kunokuba sikholwe ‘konke esikuzwayo,’ kuhle silalele imithombo kahulumeni neyabezokwelapha ethembeke ngempela. (Funda izAga 14:15.) INdikimba Ebusayo namahhovisi egatsha enza konke angakwenza ukuze athole imininingwane enembile ngaphambi kokuba akhiphe iziqondiso mayelana nemihlangano yebandla nokushumayela. (Heb. 13:17) Uma silalela lezo ziqondiso sizivikela thina nabanye. Singenza nebandla libe nedumela elihle emphakathini.​—1 Pet. 2:12.

KULUNGELE UKUDEDA EGAZINI

13. Sibonisa kanjani ukuthi siyasazisa isipho sikaNkulunkulu esiwukuphila uma kuziwa endabeni yegazi?

13 OFakazi BakaJehova baziwa kahle ngokuhlonipha ubungcwele begazi. Siyawulalela umthetho kaJehova ophathelene negazi ngokwenqaba ukufakwa igazi ngisho noma kunesimo esiphuthumayo sezokwelapha. (IzE. 15:28, 29) Kodwa lokho akusho ukuthi sifuna ukufa. Kunalokho, siyasazisa isipho sikaNkulunkulu esiwukuphila. Siye sifune usizo kodokotela abazimisele ukuselapha ngendlela esezingeni eliphezulu kodwa engahileli ukufakwa igazi.

14. Singawanciphisa kanjani amathuba okuba kudingeke sihlinzwe noma selashwe ngendlela ebucayi?

14 Singawanciphisa amathuba okuba kudingeke sihlinzwe noma selashwe ngendlela ebucayi ngokulandela amacebiso okunakekela impilo okukhulunywe ngawo kulesi sihloko. Uma siphile kahle, siyolulama ngokushesha lapho kudingeka sihlinzwe. Singawanciphisa futhi amathuba okuba kudingeke sihlinzwe ngokuphuthumayo ngokungazibeki obala izinto ezingabangela ingozi ekhaya nasemsebenzini nangokugcina imithetho yomgwaqo ngokwethembeka.

Ngenxa yokuthi siyasazisa isipho esiwukuphila, sigcwalisa ikhadi legazi futhi sihlale siliphethe (Bheka isigaba 15) d

15. (a) Kungani kubalulekile ukuphatha ikhadi legazi elinemininingwane yamuva? (Bheka nesithombe.) (b) Njengoba kuboniswe kuyividiyo, singazenza kanjani izinqumo ezihlakaniphile ngokusetshenziswa kwegazi lapho selashwa?

15 Ngenxa yokuthi siyasazisa isipho esiwukuphila, sigcwalisa ikhadi legazi i-durable power of attorney (advance health-care directive) futhi sihlala siliphethe. b Leli khadi libonisa lokho esikufisayo mayelana nokufakwa igazi nezinye izindlela zokwelashwa. Ingabe ikhadi lakho legazi linemininingwane yamuva? Uma kudingeka uligcwalise noma ufake imininingwane yamuva, ungalokhu ukuhlehlisa ukwenza kanjalo. Ukukubhala phansi ngokucacile lokho esikufisayo kuyosisiza sigweme ukubambezeleka ngokungenasidingo lapho selashwa. Lokhu kuyosiza nalabo abaselaphayo bangaselaphi ngendlela engasilimaza. c

16. Yini ongayenza uma ungaqiniseki ukuthi ligcwaliswa kanjani ikhadi legazi?

16 Kungakhathaliseki ukuthi sibasha noma sinempilo enhle kangakanani, sonke singehlelwa izingozi noma sigule. (UmSh. 9:11) Ngakho, kungaba ukuhlakanipha ngempela ukugcwalisa ikhadi legazi. Uma ungaqiniseki ngokuthi ligcwaliswa kanjani, cela abadala basebandleni okulo bakusize. Bayazi ukuthi ligcwaliswa kanjani kodwa ngeke bakwenzele izinqumo zokuthi uzokwelashwa kanjani. Uwena okufanele uzenzele lezo zinqumo. (Gal. 6:4, 5) Kodwa bona bangakusiza uqonde lokho okubhalwe ekhadini futhi ukwazi nokukubhala phansi lokho okufisayo.

VUMELANA NEZIMO

17. Singabonisa kanjani ukuthi sivumelana nezimo ezindabeni zempilo?

17 Izinqumo eziningi esizenzayo eziphathelene nempilo nokwelashwa ziqondiswa unembeza wethu oqeqeshwe ngeBhayibheli, futhi kube kufanele. (IzE. 24:16; 1 Thim. 3:9) Lapho senza izinqumo futhi sixoxa ngazo nabanye, senza kahle ngokusebenzisa isimiso esisembhalweni waphansi kweyabaseFilipi 4:5: “Ukuvumelana kwenu nezimo makwaziwe yibo bonke abantu.” Lapho sivumelana nezimo, asikhathazeki ngokweqile ngempilo yethu; kanti futhi asibacindezeli abanye ukuba babe nombono ofana nowethu. Siyabathanda futhi siyabahlonipha abafowethu nodadewethu, ngisho noma izinqumo abazenzayo zihlukile kwezethu.​—Roma 14:10-12.

18. Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngesipho esiwukuphila?

18 Sibonisa ukuthi siyambonga uJehova, uMthombo wokuphila, ngokuvikela ukuphila kwethu nangokumenzela okusemandleni ethu. (IsAm. 4:11) Okwamanje kumele sibhekane nokugula nezimo eziphuthumayo. Kodwa uMdali wethu wayengafuni siphile kanje. Maduze uzosinikeza ukuphila okuphakade okungenazinhlungu nokungenakufa. (IsAm. 21:4) Okwamanje, kujabulisa ngempela ukuphila nokukhonza uBaba wethu osezulwini onothando, uJehova!

INGOMA 140 Ukuphila Okungenasiphelo​—Ekugcineni!

a Lesi sihloko sizosisiza sisazise isipho sikaNkulunkulu esiwukuphila. Sizobona ukuthi iziphi izinyathelo esingazithatha ukuze sivikele impilo yethu nokuphila kwethu lapho kugadla inhlekelele futhi sigweme izingozi ezingasilimaza. Sizoxoxa nangokuthi yini okumele siyenze ukuze silungele isimo esiphuthumayo sezokwelapha.

b Leli khadi libizwa nangokuthi i-DPA.

d INCAZELO YESITHOMBE: Umzalwane osemusha ugcwalisa ikhadi lakhe legazi futhi uyaqikelela ukuthi uhlale eliphethe.