Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amacebiso Okusebenzisa Iwebusayithi

Amacebiso Okusebenzisa Iwebusayithi

Ukuthola Izihloko Ezikhangisiwe

Abafowethu nodadewethu abaningi bazisebenzisa enkonzweni izihloko ezikhangiswa ekhasini lokuqala ku-jw.org. Kulula ukuzithumela ngomshini wezobuchwepheshe futhi zivame ukuchaza indlela izenzakalo ezenzeka manje ezigcwalisa ngayo iziprofetho zeBhayibheli. Omunye umzalwane wabhala ukuthi izihloko ezisekhasini lokuqala kuwebusayithi zibe “yilokho kanye esikudingayo manje njengoba sesenza inkonzo yethu ngale ndlela.”

Kodwa lezi zihloko zishintsha njalo, ngakho ungazithola kanjani izihloko ezingasaveli ekhasini lokuqala kuwebusayithi?

  • Ekhasini lokuqala ku-jw.org/zu, cindezela ilinki ebhalwe ukuthi “Vula Okunye” ngezansi kwesihloko esikhangisiwe. Le linki ivula ikhasi elithi “Obekufakwe Ekhasini Lokuqala,” lapho uzothola khona izihloko ebezisanda kukhangiswa.

  • Ku-jw.org/zu noma ku-JW Library®, iya kwesithi “Umtapo,” bese ungena kwesithi “Izihloko Eziwuchungechunge,” ekugcineni ungene kwesithi “Izihloko Ezengeziwe.” Le ngxenye inezihloko eziningi eziye zafakwa ekhasini lokuqala.