Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 12

Funda Okwengeziwe NgoJehova Ngokubuka Indalo Yakhe

Funda Okwengeziwe NgoJehova Ngokubuka Indalo Yakhe

“Izimfanelo zakhe ezingabonakali, . . . zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe.”​—ROMA 1:20.

INGOMA 6 Amazulu Amemezela Inkazimulo KaNkulunkulu

AMAZWIBELA a

1. Iyiphi enye yezindlela uJobe amazi ngayo kangcono uJehova?

 KUZO zonke izingxoxo uJobe ake aba nazo ekuphileni kwakhe, kumele ukuba kuneyodwa angayikhohlwanga​—ingxoxo aba nayo noJehova uNkulunkulu. Ukuze uJehova asize uJobe athembele ekuhlakanipheni nasekhonweni laKhe lokunakekela izinceku zaKhe, wathi makabheke izinto ezimangalisayo azidalile. Ngokwesibonelo, uJobe wakhunjuzwa ukuthi uNkulunkulu uyazinakekela izilwane, ngakho angamnakekela noJobe. (Jobe 38:39-41; 39:1, 5, 13-16) Ngokubuka indalo, uJobe wafunda okuningi ngezimfanelo zikaNkulunkulu wakhe.

2. Kungani kungase kube nzima ukunakisisa indalo kaJehova?

2 Nathi singafunda okwengeziwe ngoNkulunkulu wethu lapho sihlola izinto azidalile. Nokho, kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi ukwenza kanjalo. Uma sihlala edolobheni, singase singayiboni kangako imvelo ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Ngisho noma sihlala emaphandleni singase singabi naso isikhathi sokunakisisa imvelo. Ngakho, ake sixoxe ngokuthi kusizuzisa ngani ukuma kancane sizinike isikhathi sokunakisisa indalo. Sizoxoxa ngokuthi uJehova noJesu bayisebenzise kanjani indalo ukuze basifundise nokuthi yini esingayenza ukuze sifunde okwengeziwe ngemvelo.

KUNGANI KUFANELE SIYINAKISISE INDALO?

UJehova wayefuna u-Adamu ayijabulele indalo futhi ayiqambe amagama (Bheka isigaba 3)

3. Yini ebonisa ukuthi uJehova wayefuna u-Adamu ayithokozele indalo?

3 UJehova wayefuna umuntu wokuqala ayithokozele indalo yaKhe. Lapho uNkulunkulu edala u-Adamu, wamnika ipharadesi elihle ukuze ahlale kulo, wamyala ukuba alinakekele futhi alinwebe. (Gen. 2:8, 9, 15) Cabanga ukuthi u-Adamu wajabula kanjani lapho ebona imbewu imila nezimbali ziqhakaza. Kwakuyilungelo elikhulu ngempela lelo u-Adamu ayenalo lokunakekela insimu yase-Edene! UJehova wamcela nokuba aqambe izilwane ezihlukahlukene amagama. (Gen. 2:19, 20) UJehova wayengaziqamba yena izilwane; kodwa wawunika u-Adamu lowo msebenzi. Akungabazeki ukuthi ngaphambi kokuba u-Adamu aziqambe, wazibhekisisa ebuka indlela ezibukeka ngayo nemikhuba yazo. Kumele ukuba u-Adamu wayewujabulela lo msebenzi. Nakanjani kumele ukuba kwamnika ithuba lokubonisa ukuthi uyakwazisa ukuhlakanipha, ikhono lokusungula nelokudala likaBaba wakhe.

4. (a) Yisiphi isizathu esenza sibhekisise indalo? (b) Yini oyithanda ngokukhethekile endalweni?

4 Esinye isizathu sokuba sibhekisise indalo ukuthi uJehova ufuna senze kanjalo. Uyasimema, uthi:“ Phakamiselani amehlo enu ezulwini nibone.” Ube esebuza: “Ngubani odale lezi zinto?” Impendulo icacile. (Isaya 40:26) UJehova akagcinanga nje ngokugcwalisa amazulu ngezinto ezimangalisayo azidalile, kodwa wagcwalisa nomhlaba nolwandle ngezinto esingafunda kuzo. (IHu. 104:24, 25) Cabanga nangendlela uNkulunkulu asidale ngayo. Wasenza sakwazi ukujabulela ukubuka izinto ezinhle emvelweni. Wasenza sakwazi nokujabulela indalo yakhe ehlukahlukene sisebenzisa izinzwa zethu ezinhlanu​—eyokubona, eyokuzwa, eyokuthinta, eyokunambitha neyokuhogela.

5. NgokweyabaseRoma 1:20, sizuza kanjani ngokubhekisisa indalo kaJehova?

5 IBhayibheli lisinikeza nesinye isizathu esibalulekile sokubhekisisa indalo. Lisifundisa ngezimfanelo zikaJehova. (Funda eyabaseRoma 1:20.) Ngokwesibonelo, cabanga ngezinto ezidaliwe, ubone ukuthi ziklanywe kahle kanjani. Azikuvezi yini ukuhlakanipha kukaNkulunkulu? Cabanga nangezinhlobonhlobo zokudla esizijabulelayo. Ziwubufakazi obucacile bokuthi uyabathanda abantu. Lapho sibona izimfanelo zikaJehova ezintweni azenzile, simazi kangcono bese sisondela nakakhulu kuye. Manje ake sibheke ezinye zezindlela uJehova asebenzise ngazo indalo ukuze afundise abantu izifundo ezibalulekile.

UNKULUNKULU USEBENZISA INDALO UKUZE SIMAZI

6. Yisiphi isifundo esisifunda ezinyonini ezifudukayo?

6 UJehova ubeke isikhathi sokwenza izinto. Njalo ngonyaka kusukela ekupheleni kukaFebhuwari kuze kube phakathi noMeyi, ama-Israyeli ayebona onogolantethe bendiza njengoba befudukela enyakatho. UNkulunkulu watshela ama-Israyeli: ‘Unogolantethe esibhakabhakeni uyasazi isikhathi sawo.’ (Jer. 8:7) Njengoba nje uJehova ehlele isikhathi sokuba lezi zinyoni zifuduke, usesihlelile nesikhathi azokhipha ngaso izahlulelo. Namuhla lapho sibona izinyoni zifuduka, lokho kufanele kusikhumbuze ukuthi uJehova ‘unesikhathi esimisiwe’ sokuqeda leli zwe elibi.​—Hab. 2:3.

7. Ukubuka inyoni indiza kusiqinisekisa ngani? (Isaya 40:31)

7 UJehova uzinika amandla izinceku zakhe. Esebenzisa u-Isaya, uJehova wathembisa abantu bakhe ukuthi wayezobanika amandla ‘okukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi’ lapho bezizwa bephelelwa amandla noma bedikibele. (Funda u-Isaya 40:31.) Ama-Israyeli ayejwayele ukubona izinkozi zindiza ngaphandle kokushaya amaphiko zisizwa umoya osuke ukhuphuka uya phezulu. Lokhu kuyisikhumbuzo esihle ngempela sokuthi njengoba nje uJehova enike lezo zinyoni amandla, angakwazi nokunika izinceku zakhe amandla! Lapho ubona inyoni enkulu indizela phezulu ngaphandle kokushaya amaphiko, khumbula ukuthi uJehova angakunika amandla okubhekana nezinkinga zakho, ungacwili kuzo.

8. Yini uJobe ayifunda lapho ebuka indalo kaNkulunkulu, futhi thina yini esingayifunda?

8 UJehova uyakufanelekela ukuba simethembe. UJehova wasiza uJobe ukuba amethembe nakakhulu. (Jobe 32:2; 40:6-8) Lapho exoxa noJobe, wakhuluma ngezinto eziningi azidalile, njengezinkanyezi, amafu nemibani. Wakhuluma nangezilwane ezinjengenkunzi yasendle nehhashi. (Jobe 38:32-35; 39:9, 19, 20) Zonke lezi zinto azinikanga ubufakazi bokuthi uNkulunkulu unamandla amangalisayo nje kuphela, kodwa zafakazela nokuthi unothando nokuhlakanipha okukhulu. Ngenxa yale ngxoxo, uJobe wafunda ukwethemba uJehova ngendlela ayengakaze amethembe ngayo. (Jobe 42:1-6) Ngendlela efanayo, lapho sibhekisisa indalo, kusikhumbuza ukuthi uJehova uhlakaniphe ngendlela engachazeki futhi unamandla kakhulu kunathi. Angakwazi nokuqeda lonke uvivinyo lwethu futhi uzoluqeda. Leli qiniso lingasisiza simethembe nakakhulu.

UJESU WASEBENZISA INDALO UKUZE ASIFUNDISE NGOYISE

9-10. Ilanga nemvula kusifundisani ngoJehova?

9 UJesu wayeyazi kahle indalo. ‘Njengesisebenzi esiyingcweti,’ wayenelungelo lokusebenza noYise lapho kudalwa okusezulwini nokusemhlabeni. (IzAga 8:30) Kamuva lapho esemhlabeni, wasebenzisa indalo ukuze afundise abafundi bakhe ngoYise. Cabanga ngezifundo ezimbalwa azifundisa.

10 UJehova uthanda wonke umuntu. ENtshumayelweni YaseNtabeni, uJesu wasiza abafundi bakhe ukuba banakisise izinto ezimbili ezidaliwe abantu abaningi abazithatha kalula: ilanga nemvula. Zombili lezi zinto zibalulekile ukuze siqhubeke siphila. UJehova wayengabancisha lezi zinto abantu abangamkhonzi. Esikhundleni sokubancisha, unika bonke abantu ilanga nemvula. (Math. 5:43-45) UJesu wasebenzisa lesi sifundo ukuze afundise abafundi bakhe ukuthi uJehova ufuna sithande wonke umuntu. Noma nini lapho sijabulela ukubuka ukushona kwelanga noma sibona imvula epholisayo, singacabanga ngothando lukaJehova olungakhethi. Isibonelo sakhe singasenza sibonise uthando olufanayo ngokushumayeza bonke abantu.

11. Yisiphi isikhuthazo esisithola ngokunakisisa izinyoni zezulu?

11 UJehova usinikeza izinto esizidingayo ukuze siphile. Entshumayelweni efanayo, uJesu wathi: “Bukisisani izinyoni zezulu; azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni, nokho uYihlo osezulwini uyazondla.” Kungenzeka ukuthi ababelalele uJesu babezibona izinyoni zindiza phezulu lapho ebabuza: “Nina anibalulekile yini ngaphezu kwazo?” (Math. 6:26) Yindlela enothando ngempela leyo yokusiqinisekisa ngokuthi uJehova uzosinika izinto esizidingayo ukuze siphile. (Math. 6:31, 32) Lesi sifundo esisifunda endalweni siyaqhubeka sikhuthaza izinceku ezithembekile. Udade osemusha oyiphayona eSpain wayesephelelwe amandla ngoba engayitholi indawo efanele yokuhlala. Kodwa ngemva kokubona izinyoni zicoshacosha ukudla okusanhlamvu, wakhuthazeka. Uthi, “Lezo zinyoni zangikhumbuza ukuthi uJehova uyazinakekela nokuthi nami uzonginakekela.” Nangempela, lo dade wayithola indawo yokuhlala.

12. NgokukaMathewu 10:29-31, ondlunkulu basifundisani ngoJehova?

12 Umuntu ngamunye uyigugu kuJehova. Ngaphambi kokuba athume abaphostoli bakhe ukuba bayoshumayela, uJesu wabasiza banqoba ukwesaba ukuphikiswa. (Funda uMathewu 10:29-31.) Lokho wakwenza ngokuba akhulume ngenye yezinyoni ezivame kakhulu kwa-Israyeli: undlunkulu. Lezo zinyoni zazingabalulekile ngosuku lukaJesu. Noma kunjalo, watshela abafundi bakhe: “Ngeke kuwele phansi namunye wabo uYihlo angazi.” Wabe esenezela: “Nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.” Ngalawo mazwi, uJesu wayeqinisekisa abafundi bakhe ngokuthi uJehova wayebheka umuntu ngamunye kubo njengoyigugu, ngakho sasingekho isizathu sokwesaba ukushushiswa. Ngokuqinisekile lapho abafundi beshumayela emadolobheni amancane namakhulu, babewakhumbula amazwi kaJesu lapho bebona ondlunkulu. Noma nini lapho ubona inyoni encane, khumbula ukuthi uyigugu kuJehova ngoba nawe ‘ubaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.’ Akudingeki wesabe lapho uphikiswa ngoba uzokusiza.​—IHu. 118:6.

SINGAKUFUNDA KANJANI OKWENGEZIWE NGONKULUNKULU SISEBENZISA INDALO?

13. Yini ezosisiza sifunde endalweni?

13 Ziningi nezinye izifundo esingazifunda ngoJehova sisebenzisa indalo. Singakwenza kanjani lokho? Okokuqala, kudingeka sizinike isikhathi sokubhekisisa indalo. Okulandelayo, kudingeka sicabange ngokuthi isifundisani ngoJehova. Kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi ukwenza lokho. UGéraldine, udade waseCameroon, uthi, “Mina ngakhulela edolobheni, ngenxa yalokho ngiyaqaphela ukuthi kudinga umzamo omkhulu ukubukisisa indalo.” U-Alfonso ongumdala uyachaza, “Ngifunde ukuthi kudingeka ngihlele isikhathi sokuba ngedwa ukuze ngibukisise indalo kaJehova futhi ngizindle ngalokho engifundisa kona ngaye.”

Lapho uDavide ebuka indalo, wazindla ngalokho emfundisa kona ngoJehova (Bheka isigaba 14)

14. Yini uDavide ayifunda lapho ezindla ngendalo kaNkulunkulu?

14 UDavide wayecabanga ajule ngendalo kaNkulunkulu. Wathi kuJehova: “Lapho ngibona amazulu akho, imisebenzi yezandla zakho, inyanga nezinkanyezi okudalile, uyini umuntu ofayo ukuba umkhumbule?” (IHu. 8:3, 4) Yebo, njengoba uDavide ayebuka isibhakabhaka ebusuku, wenza okungaphezu kokujabulela ukubuka izinkanyezi. Wayezindla nangalokho ezazimfundisa kona ngoNkulunkulu. Wafunda ukuthi uJehova mkhulu kangakanani. Ngezinye izikhathi uDavide wayecabanga ngendlela umzimba wakhe owawubumbeke ngayo esibelethweni sikanina. Njengoba ayezindla ngalezi zinto ezimangalisayo, wakwazisa nakakhulu ukuhlakanipha kukaJehova.​—IHu. 139:14-17.

15. Iyiphi indalo kaJehova obone kuyo izimfanelo zakhe? (IHu. 148:7-10)

15 NjengoDavide, akudingeki uyifune kude kakhulu indalo kaJehova ongazindla ngayo. Uma uqalaza eduze kwakho, kukhona ongakubona okungakufundisa ngezimfanelo zikaJehova. Ngokwesibonelo, lapho uzwa ukushisa kwelanga esikhunjeni sakho, cabanga ngamandla kaJehova. (Jer. 31:35) Lapho ubona inyoni yakha isidleke, cabanga ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Lapho ubona umdlwane ujaha umsila wawo, cabanga ngokuthi uJehova uyazithanda izinto ezihlekisayo. Noma nini lapho ubona umama edlalisa umntanakhe, bonga uJehova ngothando lwakhe. Sinamathuba amaningi kakhulu okufunda ngoJehova ngenxa yokuthi yonke indalo yakhe​—encane nenkulu, ekude neseduze—​iyamdumisa.​—Funda iHubo 148:7-10.

16. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

16 UNkulunkulu wethu uhlakaniphile, uyakhathalela, unekhono lokusungula futhi unamandla ngendlela engenakuqhathaniswa. Lezi zimfanelo nezinye eziningi zibonakala kalula endalweni, uma nje siyinakisisa. Kwangathi sonke singasenza njalo isikhathi sokujabulela indalo nokuzindla ngalokho esifundisa kona ngoJehova. Uma senza kanjalo, sizosondela nakakhulu kuMdali wethu. (Jak. 4:8) Esihlokweni esilandelayo, sizobona indlela abazali abangasebenzisa ngayo indalo ukuze basize izingane zabo zisondele kuJehova.

INGOMA 5 Imisebenzi KaNkulunkulu Emangalisayo

a Indalo kaJehova isishiya sikhexile. Kusukela emandleni amangalisayo elanga kuye ezimbalini ezintekenteke, imisebenzi yakhe iyasimangaza. Izifundo esizifunda endalweni zingasisiza nokuba siqonde ubuntu bukaNkulunkulu. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi kungani kufanele sizinike isikhathi sokunakisisa indalo nokuthi ukwenza lokho kungasisiza kanjani sisondele nakakhulu kuNkulunkulu wethu.