Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 35

Qhubeka Ubekezela

Qhubeka Ubekezela

‘Gqokani ukubekezela.’​—KOL. 3:12.

INGOMA 114 “Ukubekezela”

AMAZWIBELA a

1. Kungani sibathanda abantu ababekezelayo?

 SONKE siyabathanda abantu ababekezelayo. Kungani? Siyabahlonipha abantu abakwazi ukulinda okuthile ngaphandle kokucasuka. Siyajabula ngokuthi abanye bayasibekezelela uma senza amaphutha. Siyabonga nangokuthi lowo owatadisha nathi iBhayibheli wasibekezelela lapho sikuthola kunzima ukufunda, ukwamukela noma ukwenza lokho okufundiswa iBhayibheli. Ngaphezu kwakho konke, siyabonga ngokuthi uJehova uNkulunkulu uyasibekezelela!​—Roma 2:4.

2. Kungaphansi kwaziphi izimo lapho singakuthola kunzima khona ukubekezela?

2 Nakuba sijabula lapho abanye besibekezelela, thina singase singakutholi kulula ngaso sonke isikhathi ukubekezela. Ngokwesibonelo, singase sikuthole kunzima ukubekezela lapho kunesiminyaminya emgwaqweni, ikakhulukazi uma sijahile. Singase sithukuthele lapho abanye besicasula. Kanti ngezinye izikhathi singase sikuthole kunzima ukuqhubeka silinde izwe elisha uJehova alithembisile. Ungathanda yini ukubekezela kakhudlwana? Kulesi sihloko sizoxoxa ngokuthi kusho ukuthini ukubekezela nokuthi kungani kubaluleke kangaka. Sizoxoxa nangokuthi yini engasisiza sibekezele kakhudlwana.

KUSHO UKUTHINI UKUBEKEZELA?

3. Umuntu obekezelayo wenzenjani lapho ecasulwa?

3 Cabanga ngezindlela ezine esingabonisa ngazo ukuthi siyabekezela. Eyokuqala, umuntu obekezelayo uyephuza ukuthukuthela. Uzama ukuhlala ezolile futhi uyazibamba angaphindiseli lapho abanye bemcasula noma lapho ecindezelekile. Inkulumo ethi “owephuza ukuthukuthela” iqala ukuvela eBhayibhelini lapho uJehova echazwa ngokuthi “uNkulunkulu onesihe nozwela, owephuza ukuthukuthela nochichima uthando oluqotho neqiniso.”​—Eks. 34:6.

4. Wenzenjani umuntu obekezelayo uma kudingeka alinde?

4 Eyesibili, umuntu obekezelayo uyakwazi ukulinda azole. Uma into ithatha isikhathi eside kunalokho okulindelekile, umuntu obekezelayo uzama ukugwema ukungahlaliseki noma ukucikeka. (Math. 18:26, 27) Ziningi izimo ezidinga ukuba silinde sizole. Ngokwesibonelo, kudingeka silalelisise ngesineke lapho omunye ekhuluma, singamngeni emlonyeni. (Jobe 36:2) Singase sidinge isineke nalapho sisiza esifunda naye iBhayibheli ukuba aqonde imfundiso yeBhayibheli noma anqobe umkhuba othile omubi.

5. Iyiphi enye indlela umuntu angabonisa ngayo ukuthi uyabekezela?

5 Eyesithathu, umuntu obekezelayo akaxhamazeli. Kuyiqiniso ukuthi ezinye izimo zidinga ukuba uthathe isinyathelo ngokushesha. Noma kunjalo, umuntu obekezelayo uma kunomsebenzi obalulekile okufanele awenze, akaxhamazeli lapho ewenza futhi akajahi ukusheshe awuqede. Kunalokho, ubekela eceleni isikhathi esanele sokuhlela lokho azokwenza. Ube esewenza kahle lowo msebenzi ngesikhathi esiwulingene.

6. Wenzenjani umuntu obekezelayo lapho ebhekene novivinyo noma ubunzima?

6 Eyesine, umuntu obekezelayo wenza konke okusemandleni ukuze akhuthazelele uvivinyo ngaphandle kokukhononda. Ngaleyo ndlela ukubekezela kuhlobene eduze nokukhuthazela. Yiqiniso, akukubi ukuxoxela umngani oseduze indlela esizizwa ngayo ngovivinyo esibhekene nalo. Noma kunjalo, umuntu obekezelayo wenza okusemandleni ukuze aqhubeke ekhuthazela ebe ekhonza uJehova ngenjabulo. (Kol. 1:11) NjengamaKristu, kudingeka sibonise ukubekezela ngazo zonke lezi zindlela. Kungani? Ake sixoxe ngezizathu ezimbalwa.

OKWENZA UKUBEKEZELA KUBALULEKE

Njengoba nje nomlimi ebekezela alinde, enethemba lokuthi uzovuna ngesikhathi esifanele, nathi siyabekezela silinde, siqiniseka ngokuthi uJehova uzozigcwalisa zonke izithembiso zakhe ngesikhathi esifanele (Bheka isigaba 7)

7. NgokukaJakobe 5:7, 8, kungani ukubekezela kubaluleke kangaka? (Bheka nesithombe.)

7 Ukubekezela kubalulekile uma sifuna ukusinda. Njengezinceku zikaNkulunkulu zangesikhathi esidlule, kudingeka simlinde ngesineke ukuba agcwalise izithembiso zakhe. (Heb. 6:11, 12) IBhayibheli liqhathanisa isimo sethu nesomlimi. (Funda uJakobe 5:7, 8.) Umlimi usebenza kanzima ukuze atshale futhi anisele izitshalo zakhe, kodwa akazi ngempela ukuthi ziyokhula nini. Ngakho ulinda ngesineke, enethemba lokuthi uzovuna. Ngendlela efanayo, nathi sihlale simatasa ngezinto zikaNkulunkulu, ngisho noma ‘singazi ukuthi iNkosi yethu iza ngaluphi usuku.’ (Math. 24:42) Silinda ngesineke, siqiniseka ngokuthi ngesikhathi sakhe esifanele, uJehova uyogcwalisa zonke izithembiso zakhe. Uma singase siyeke ukubekezela, singase sikhathale ukulinda bese siyaqhela kuJehova kancane kancane. Singase siqale nokufuna izinto ezizosenza sijabule manje. Kodwa uma sibekezela, singakwazi ukukhuthazela kuze kube sekugcineni, sisindiswe.​—Mika 7:7; Math. 24:13.

8. Ukubekezela kusisiza kanjani lapho sisebenzelana nabanye? (Kolose 3:12, 13)

8 Ukubekezela kuyasisiza lapho sisebenzelana nabanye. Kuyasisiza silalelisise lapho abanye bekhuluma. (Jak. 1:19) Ukubekezela kusenza sibe nokuthula nabanye. Kusenza singaphenduli ngamawala, singasho into engenamusa lapho sicindezelekile. Uma sibekezela, siyokwephuza ukuthukuthela lapho kukhona osizwisa ubuhlungu. Kunokuba siphindisele, ‘siyoqhubeka sibekezelelana futhi sithethelelana ngokukhululekile.”​—Funda eyabaseKolose 3:12, 13.

9. Ukubekezela kusisiza kanjani lapho kudingeka senze izinqumo? (IzAga 21:5)

9 Ukubekezela kungasisiza senze nezinqumo ezingcono. Esikhundleni sokuxhamazela nokuthatha izinto ngamawala, siyozinika isikhathi sokucwaninga nokubheka ukuthi yisiphi isinqumo esizosenza. (Funda izAga 21:5.) Ngokwesibonelo, uma sicinga umsebenzi, singase silingeke ukuba sithathe umsebenzi wokuqala esiwutholayo, ngisho noma lowo msebenzi uyophazamisa indlela esikhonza ngayo uJehova. Kodwa uma sibekezela, siyozinika isikhathi sokucabanga ngezinto ezinjengokuthi ukuphi lowo msebenzi, kuzothatha isikhathi esingakanani ukuya khona, amahora esizowasebenza nokuthi uzowuthinta kanjani umndeni wethu nobuhlobo bethu noJehova. Uma sibekezela, singase sikugweme ukwenza isinqumo esizosilimaza.

YINI ESINGAYENZA UKUZE SIBEKEZELE NAKAKHULU

10. Yini umKristu okumele ayenze ukuze abekezele futhi aqhubeke ebekezela?

10 Thandazela ukuba ubekezele nakakhulu. Ukubekezela kuyisici sesithelo somoya. (Gal. 5:22, 23) Ngakho, singawuthandazela umoya ongcwele, sicele uJehova asisize sihlakulele isithelo sawo. Uma sibhekana nesimo esenza kube nzima ukubekezela, ‘siyaqhubeka’ sicela ukuba umoya ongcwele usisize sibekezele. (Luka 11:9, 13) Singacela noJehova asisize sibheke izinto ngendlela azibheka ngayo. Ngemva kokuthandaza, kudingeka senze okusemandleni ukuze sibekezele usuku nosuku. Uma siqhubeka sithandazela ukubekezela futhi silwela ukukubonisa, le mfanelo iyogxila ezinhliziyweni zethu futhi ibe segazini.

11-12. UJehova ukubonise kanjani ukubekezela?

11 Zindla ngezibonelo eziseBhayibhelini. IBhayibheli linezibonelo eziningi zabantu ababekezela. Ngokuzindla ngalezi zibonelo, singafunda izindlela zokubonisa ukubekezela. Ngaphambi kokuba sifunde ngalezi zibonelo, ake siqale ngokubheka isibonelo esivelele kunazo zonke sokubekezela​—isibonelo sikaJehova.

12 Ensimini yase-Edene, uSathane wanyundela igama likaJehova wahlasela nedumela laKhe lokuba uMbusi onobulungisa nonothando. Kunokuba ambhubhise ngaso leso sikhathi lo mnyundeli, uJehova wabekezela futhi wazibamba, azi ukuthi kwakuzothatha isikhathi ukubonisa ukuthi indlela yakhe yokubusa yinhle kunazo zonke. Njengoba esalindile, uye wakhuthazelela ukuhlanjalazwa kwegama lakhe. Ngaphezu kwalokho, uJehova ubelokhu ebekezele elindile ukuze abantu abengeziwe bathole ithuba lokuphila phakade. (2 Pet. 3:9, 15) Ngenxa yalokho, izigidi zabantu seziyamazi. Uma sigxila ezinzuzweni zokubekezela kukaJehova, cishe siyokuthola kulula ukulinda isikhathi sakhe esifanele sokuletha ukuphela.

Ukubekezela kuzosisiza sephuze ukuthukuthela lapho othile esicasula (Bheka isigaba 13)

13. UJesu wakulingisa kanjani ngokuphelele ukubekezela kukaYise? (Bheka nesithombe.)

13 UJesu ukulingisa ngokuphelele ukubekezela kukaYise futhi wayibonisa le mfanelo ngesikhathi esemhlabeni. Kumele ukuba kwakungelula ngaso sonke isikhathi ukubonisa ukubekezela, ikakhulukazi ukubekezelela ababhali nabaFarisi abangabazenzisi. (Joh. 8:25-27) Kodwa njengoYise, uJesu wayephuza ukuthukuthela. Akaphindiselanga lapho ethukwa noma echukuluzwa. (1 Pet. 2:23) Wabekezela, wakhuthazelela izilingo ngaphandle kokukhononda. Yingakho iBhayibheli lithi ‘asicabangisise ngalowo okhuthazelele inkulumo enjalo yezoni ephikisayo’! (Heb. 12:2, 3) Ngosizo lukaJehova, nathi singabekezela sikhuthazelele noma yiluphi uvivinyo esibhekana nalo.

Uma silingisa ukubekezela kuka-Abrahama, singaqiniseka ngokuthi uJehova uzosivuza manje, asivuze nakakhulu ezweni lakhe elisha alithembisile (Bheka isigaba 14)

14. Yini esingayifunda ekubekezeleni kuka-Abrahama? (Hebheru 6:15) (Bheka nesithombe.)

14 Kuthiwani uma esikulindele mayelana nokuphela kungakagcwaliseki? Mhlawumbe sasilindele ukuthi ukuphela kwakuyofika eminyakeni eminingi edlule. Kungenzeka sesabe ukuthi ukuphela kuyofika sesafa kudala. Yini engasisiza siqhubeke silindile sibekezele? Cabanga ngesibonelo sika-Abrahama. Lapho eneminyaka engu-75 engenabantwana, uJehova wamthembisa: “Ngizokwenza ube isizwe esikhulu.” (Gen. 12:1-4) Wasibona yini u-Abrahama leso sithembiso sigcwaliseka? Akasibonanga sigcwaliseka ngokuphelele. Ngemva kokuwela uMfula i-Ewufrathe nokulinda iminyaka engu-25, u-Abrahama wakubona ukuzalwa kwendodana yakhe u-Isaka ngokuyisimangaliso, kwathi ngemva kweminyaka engu-60, kwazalwa abazukulu bakhe u-Esawu noJakobe. (Funda eyamaHebheru 6:15.) Kodwa u-Abrahama akazange ayibone inzalo yakhe iba isizwe esikhulu esihlala eZweni Lesithembiso. Nokho, leyo ndoda ethembekile yayinobuhlobo obuhle noMdali wayo. (Jak. 2:23) Ngakho, lapho u-Abrahama evuswa, akeve eyojabula lapho ethola ukuthi ukholo nokubekezela kwakhe kwalethela zonke izizwe izibusiso! (Gen. 22:18) Sifundani kulokho? Singase singaziboni ngokushesha zonke izithembiso zikaJehova zigcwaliseka. Kodwa uma sibekezela njengo-Abrahama, singaqiniseka ukuthi uJehova uyosivuza manje, asivuze nakakhulu ezweni elisha alithembisile.​—Marku 10:29, 30.

15. Yini esingatadisha ngayo esifundweni somuntu siqu?

15 IBhayibheli linezinye izibonelo eziningi zabantu ababekezela. (Jak. 5:10) Kungani ungafundi futhi utadishe ngabo? b Ngokwesibonelo, nakuba uDavide agcotshwa esemncane ukuba abe inkosi elandelayo yakwa-Israyeli, kwadingeka alinde iminyaka eminingi ngaphambi kokuba abuse. USimeyoni no-Ana bakhonza uJehova ngokwethembeka ngesikhathi belinde uMesiya owayethenjisiwe. (Luka 2:25, 36-38) Njengoba utadisha izindaba ezinjalo, bheka izimpendulo zale mibuzo elandelayo: Yini okungenzeka yasiza lo muntu wabekezela? Kwamzuzisa kanjani ukubekezela? Mina ngingamlingisa kanjani? Kungase kukuzuzise nokufunda ngabantu abangazange babekezele. (1 Sam. 13:8-14) Ungase uzibuze: ‘Yini okungenzeka yabenza bahluleka ukubekezela? Yiziphi izinto ezimbi ezenzeka kubo ngenxa yokungabekezeli?’

16. Ziyini ezinye zezinzuzo zokubekezela?

16 Cabanga ngezinzuzo zokubekezela. Lapho sibekezela, siba abantu abajabule nabazolile. Ngakho, ukubekezela kungasenza sibe nempilo enhle engqondweni nasemzimbeni. Lapho sibabekezelela abanye, siba nobuhlobo obuhle nabo. Ibandla esikulo liba nobunye. Uma othile esicasula, bese siyephuza ukuthukuthela, senza isimo singabi sibi nakakhulu. (IHu. 37:8, mbhw.; IzAga 14:29) Kodwa okubaluleke nakakhulu, lapho sibekezela silingisa uBaba wethu wasezulwini futhi sisondela nakakhulu kuye.

17. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

17 Ukubekezela kuyimfanelo enhle nokuzuzisayo ngempela ukuba nayo! Nakuba kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi ukubekezela, ngosizo lukaJehova singakwazi ukuqhubeka siyithuthukisa le mfanelo. Njengoba sibekezele silinde izwe elisha, singaqiniseka ngokuthi “iso likaJehova liqapha abamesabayo, labo abalinde uthando lwakhe oluqotho.” (IHu. 33:18) Kwangathi sonke singazimisela ukuqhubeka siyibonisa le mfanelo yokubekezela.

INGOMA 41 Yizwa Umkhuleko Wami

a Kuleli zwe likaSathane, abantu abaningi ababekezeli. Nokho, iBhayibheli lithi asigqoke ukubekezela. Lesi sihloko sizosibonisa ukuthi kungani le mfanelo ibaluleke kangaka nokuthi yini esingayenza ukuze sibekezele kakhudlwana.

b Ukuze uthole izindaba ezikhuluma ngokubekezela, ungabheka INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova ngaphansi kwesihloko esithi “Imizwa, Izimfanelo, Nokuziphatha” bese ubheka isihlokwana esithi “Isineke.”