Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 36

Thwala Lokho Okumele Ukuthwale, Ulahle Konke Okunye

Thwala Lokho Okumele Ukuthwale, Ulahle Konke Okunye

“Nathi masilahle konke okusindayo . . . , futhi masiwugijime ngokukhuthazela lo mncintiswano obekwe phambi kwethu.”​—HEB. 12:1.

INGOMA 33 Phonsa Umthwalo Wakho KuJehova

AMAZWIBELA a

1. EyamaHebheru 12:1 ithi yini okudingeka siyenze ukuze siwugijime siwuqede umncintiswano wokuphila?

 IBHAYIBHELI likufanisa nomncintiswano ukuphila kwethu njengamaKristu. Abagijimi abawuqedayo umncintiswano bayothola umvuzo wokuphila okuphakade. (2 Thim. 4:7, 8) Kudingeka senze wonke umzamo ukuze siqhubeke sigijima, ikakhulukazi ngoba sekuseduzane sifike entanjeni. Umphostoli uPawulu, owawugijima wawuqeda umncintiswano wokuphila, wakhuluma ngezinto ezingasisiza siwunqobe lo mncintiswano. Wasiyala ukuba “silahle konke okusindayo . . . siwugijime ngokukhuthazela lo mncintiswano obekwe phambi kwethu.”​—Funda eyamaHebheru 12:1.

2. Kusho ukuthini ‘ukulahla konke okusindayo’?

2 Lapho uPawulu ebhala ukuthi kumele “silahle konke okusindayo,” ingabe wayesho ukuthi akukho mthwalo umKristu okufanele awuthwale? Cha, wayengasho lokho. Kunalokho, wayesho ukuthi kudingeka silahle yonke into esindayo engadingekile. Lolo hlobo lomthwalo lungasiqeda amandla, lusenze sikhathale. Ukuze sikhuthazele, kumele sisheshe siwubone futhi siwulahle umthwalo osindayo ongadingeki ongasiqeda amandla. Nokho, ngesikhathi esifanayo asifuni ukulahla nemithwalo okufanele siyithwale. Uma singayilahla, singazenza singabe sisakufanelekela ukugijima kulo mncintiswano. (2 Thim. 2:5) Yimiphi imithwalo okumele siyithwale?

3. (a) NgokweyabaseGalathiya 6:5, yini okumele siyithwale? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko, futhi kungani?

3 Funda eyabaseGalathiya 6:5. UPawulu wakhuluma ngokuthile okumele sikuthwale. Wathi “yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo.” UPawulu lapha wayekhuluma ngalokho uNkulunkulu akulindele kumuntu ngamunye, okuyinto okungekho muntu ongasenzela yona. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi uyini owethu “umthwalo” nokuthi singawuthwala kanjani. Sizokhuluma nangemithwalo esindayo engenasidingo okungenzeka siyithwele, sifunde nokuthi singayilahla kanjani. Ukuthwala imithwalo okumele siyithwale bese silahla engenasidingo kuzosisiza siwugijime siwuqede umncintiswano wokuphila.

IMITHWALO OKUMELE SIYITHWALE

Ukuthwala umthwalo wethu kuhlanganisa ukuphila ngokuvumelana nesifungo sethu sokuzinikezela kuJehova, ukwenzela imindeni yethu izinto okumele sizenze nokwamukela imiphumela yezinqumo zethu (Bheka izigaba 4-9)

4. Kungani isifungo sokuzinikezela kwethu singewona umthwalo? (Bheka nesithombe.)

4 Isifungo sokuzinikezela kwethu. Ngesikhathi sizinikezela kuJehova, safunga ukuthi sizokhonza yena senze intando yakhe. Kumele sisigcine leso sifungo. Ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu akuyona into okufanele siyithathe kalula, kodwa akuwona umthwalo. Lokhu kungenxa yokuthi uJehova usidale ngenjongo yokuba senze intando yakhe. (IsAm. 4:11) Wasidala ngomfanekiso wakhe, wayesefaka kithi isifiso sokumazi nokumkhonza. Ngenxa yalokho, siyakwazi ukusondelana naye futhi kuyasijabulisa ukwenza intando yakhe. (IHu. 40:8) Ngaphezu kwalokho, lapho senza intando kaNkulunkulu silandela neNdodana yakhe, ‘sithola ukuqabuleka.’​—Math. 11:28-30.

(Bheka izigaba 4-5)

5. Yini engakusiza wenze konke owafunga ukuthi uzokwenza ngesikhathi uzinikezela? (1 Johane 5:3)

5 Ungawuthwala kanjani lo mthwalo? Zimbili izinto ezingakusiza. Okokuqala, qhubeka wenza izinto ezizokwenza umthande nakakhulu uJehova. Lokho ungakwenza ngokuzindla ngazo zonke izinto ezinhle akwenzele zona nangezibusiso akubekele zona. Lapho uthando lwakho ngoNkulunkulu lukhula, kuyoba lula ukumlalela. (Funda eyoku-1 Johane 5:3.) Okwesibili, lingisa uJesu. Wakwazi ukwenza intando kaNkulunkulu ngoba wathandaza kuJehova wacela usizo wayesegxila emvuzweni ayezowuthola. (Heb. 5:7; 12:2) NjengoJesu, nawe thandaza kuJehova ucele amandla, ugcine ithemba lokuphila okuphakade likhanya bha engqondweni. Njengoba ikhula indlela othanda ngayo uNkulunkulu futhi ulingisa iNdodana yakhe, uzokwazi ukwenza konke owafunga ukuthi uzokwenza ngesikhathi uzinikezela.

6. Kungani kumele sifeze indima yethu emndenini? (Bheka nesithombe.)

6 Izinto okumele sizenzele imindeni yethu. Emncintiswaneni wokuphila, kumele sithande uJehova noJesu ngaphezu kwezihlobo zethu. (Math. 10:37) Kodwa lokho akusho ukuthi kufanele singazinaki izinto okumele sizenzele imindeni yethu, njengokungathi lezi zinto ziyasivimba ukuba sijabulise uNkulunkulu noKristu. Kunalokho, ukuze uNkulunkulu noKristu basamukele, kudingeka sifeze indima yethu emndenini. (1 Thim. 5:4, 8) Uma senza lokho siyojabula. UJehova uyazi ukuthi imindeni iyojabula lapho indoda nomkayo bephathana ngothando futhi behloniphana, lapho abazali bethanda futhi beqeqesha abantwana babo, nalapho abantwana belalela abazali babo.​—Efe. 5:33; 6:1, 4.

(Bheka izigaba 6-7)

7. Ungayifeza kanjani indima yakho emndenini?

7 Ungawuthwala kanjani lo mthwalo? Kungakhathaliseki ukuthi unayiphi indima emndenini, thembela ekuhlakanipheni okuseBhayibhelini kunokuncika emizwelweni yakho, emasikweni, noma kulokho okushiwo abantu abathi bangochwepheshe. (IzAga 24:3, 4) Sebenzisa izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini. Zinamacebiso awusizo endlela esingasebenzisa ngayo izimiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, uchungechunge oluthi “Usizo Lomndeni” lunamaphuzu aphathelene nezinselele ababhekana nazo abashadile, abazali nentsha namuhla. b Zimisele ukusebenzisa okushiwo iBhayibheli, ngisho noma amanye amalungu omndeni engakwenzi lokho. Uma wenza kanjalo, umndeni wakho uyozuza futhi uJehova uyokubusisa.​—1 Pet. 3:1, 2.

8. Zingasithinta kanjani izinqumo esizenzayo?

8 Ukulandisa ngezinqumo esizenzayo. UJehova usinikeze isipho esiyinkululeko yokuzikhethela futhi ufuna sijabulele izinzuzo zokwenza izinqumo ezinhle. Kodwa akasivikeli nasemiphumeleni ebangelwa ukwenza izinqumo ezimbi. (Gal. 6:7, 8) Ngenxa yalokho, siyayamukela imiphumela yezinqumo zethu ezimbi, amazwi angacatshangiwe nezenzo zokuphamazela. Kuye ngokuthi senzeni, singase sihlushwe unembeza onecala. Nokho, ukwazi ukuthi sizolandisa ngezinqumo esizenzayo kungasenza sizivume izono zethu, silungise amaphutha ethu bese sigwema ukuwaphinda. Ukwenza kanjalo kungasisiza siqhubeke sisemncintiswaneni wokuphila.

(Bheka izigaba 8-9)

9. Yini engakusiza uphile nesinqumo esibi osenzile? (Bheka nesithombe.)

9 Ungawuthwala kanjani lo mthwalo? Uma ungeke ukwazi ukusishintsha isinqumo esibi osenzile, samukele isimo okuso. Khumbula ukuthi ngeke ukwazi ukukushintsha osekwenzekile. Ungachithi isikhathi sakho namandla uzama ukuzithethelela noma ulokhu uzisola wena noma abanye ngezinqumo ezimbi ozenzile. Kunalokho, wavume amaphutha akho, usisebenzise kahle isikhathi sakho manje. Uma uzizwa unecala ngobubi obenzile, thobeka uthandaze kuJehova, uvume iphutha lakho umcele akuthethelele. (IHu. 25:11; 51:3, 4) Xolisa kulabo obazwise ubuhlungu futhi uma kudingeka ucele usizo kubadala. (Jak. 5:14, 15) Funda emaphutheni akho uzame ukungawaphindi. Njengoba wenza kanjalo, qiniseka ngokuthi uJehova uzokubonisa isihe akusekele.​—IHu. 103:8-13.

IMITHWALO ESINDAYO OKUMELE ‘SIYILAHLE’

10. Kungani kuwumthwalo onzima ukufuna ukwenza izinto ezingaphezu kwamandla? (Galathiya 6:4)

10 Ukufuna ukwenza izinto ezingaphezu kwamandla. Singazithwesa umthwalo ongaphezu kwamandla lapho siziqhathanisa nabanye. (Funda eyabaseGalathiya 6:4.) Uma sihlale siziqhathanisa nabanye singase sibe nomona futhi sincintisane nabo. (Gal. 5:26) Lapho sizama ukufinyelela lokho okufezwe abanye, singase sizigqilaze senze okungaphezu kwamandla ethu futhi sizikhandle ngaphezu kwalokho okuvunyelwa izimo zethu. Uma ‘ukuhlehliswa kwento elindelwe kuyigulisa inhliziyo,’ kuqeda amandla kangakanani-ke ukufuna ukwenza izinto ezingaphezu kwamandla ethu esingasoze sakwazi ukuzenza! (IzAga 13:12) Ukwenza kanjalo kungasiqeda amandla, kusenze sikhathale njengoba sisemncintiswaneni wokuphila.​—IzAga 24:10.

11. Yini engakusiza ugweme ukwenza izinto ezingaphezu kwamandla?

11 Ungawulahla kanjani lowo mthwalo osindayo? Ungalindeli ukwenza okungaphezu kwalokho uJehova akulindele. Akalokothi alindele ukuba umnike lokho ongenakho. (2 Kor. 8:12) Qiniseka ngokuthi akaqhathanisi okwenzayo nalokho okwenziwa abanye. (Math. 25:20-23) Uyayazisa kakhulu inkonzo yakho yomphefumulo wonke, ukwethembeka kwakho nokukhuthazela kwakho. Yiba nesizotha, wamukele ukuthi iminyaka yakho, impilo nezimo kungase kukwenze ungakwazi ukwenza konke ofuna ukukwenza manje. NjengoBharizilayi, kulungele ukwenqaba amalungelo athile uma impilo ingasakuvumeli. (2 Sam. 19:35, 36) NjengoMose, yamukela usizo, wabele abanye imisebenzi lapho kufaneleka. (Eks. 18:21, 22) Ukuba nesizotha okunjalo kuyokwenza ungenzi izinto ezingaphezu kwamandla ezizokukhandla emncintiswaneni wokuphila.

12. Sisuke sinecala yini ngezinqumo ezimbi ezenziwa abanye? Chaza.

12 Ukuzizwa unecala ngenxa yezinqumo ezimbi ezenziwa abanye. Asikwazi ukwenzela abanye izinqumo; asikwazi nokubavikela njalo emiphumeleni yezinqumo zabo ezimbi. Ngokwesibonelo, indodana noma indodakazi ingase igcine inqume ukuyeka ukukhonza uJehova. Leso sinqumo singabazwisa obukhulu ubuhlungu abazali. Nokho, abazali abazisola bona ngenxa yesinqumo esibi esenziwe ingane bazithwesa umthwalo osindayo. UJehova akalindele ukuba bathwale lowo mthwalo osindayo.​—Roma 14:12.

13. Umzali angabhekana kanjani nesinqumo esibi esenziwe ingane yakhe?

13 Ungawulahla kanjani lowo mthwalo osindayo? Khumbula ukuthi uJehova usinike sonke inkululeko yokuzikhethela. Uvumela umuntu ngamunye azenzele izinqumo. Lezo zinqumo zihlanganisa nokuthi uzomkhonza yini. UJehova uyazi ukuthi ungumzali onesono; akufunayo nje ukuba wenze konke okusemandleni. Isinqumo esenziwa ingane yakho yisinqumo sayo, akusona esakho. (IzAga 20:11) Noma kunjalo, ungase ulokhu ukhathazwa amaphutha owenzile njengomzali. Uma kunjalo, tshela uJehova indlela ozizwa ngayo umcele akuthethelele. Uyazi ukuthi ngeke ukwazi ukubuyela emuva ushintshe osekwenzekile. Ngesikhathi esifanayo, akalindele ukuba uvikele ingane yakho ekuvuneni lokho ekutshalile. Khumbula ukuthi uma ingane yakho yenza umzamo wokubuyela kuJehova, uyoyamukela ngemfudumalo.​—Luka 15:18-20.

14. Kungani ukuzizwa unecala ngokweqile kuwumthwalo osindayo okufanele siwulahle?

14 Ukuzizwa unecala ngokweqile. Lapho sona, kunengqondo ukuzizwa sinecala. Kodwa, ukuzizwa unecala ngokweqile kuwumthwalo osindayo uJehova angafuni uwuthwale. Kuwumthwalo osindayo okumele siwulahle. Sazi kanjani uma sesinomuzwa wecala ngokweqile? Uma sisivumile isono sethu saphenduka, senza konke esingakwenza ukuze sigweme ukusiphinda leso sono, singaba nethemba lokuthi uJehova usithethelele. (IzE. 3:19) Ngemva kwalezo zinyathelo, uJehova akafuni siqhubeke sizizwa sinecala. Uyazi ukuthi umuzwa wecala obeleselayo ungasilimaza. (IHu. 31:10) Uma sidabuke kakhulu, singase siphelelwe amandla okuqhubeka nomncintiswano wokuphila.​—2 Kor. 2:7.

Ngemva kokuphenduka ngobuqotho, uJehova akalokhu ecabanga ngezono zakho, nawe akufanele ulokhu ucabanga ngazo (Bheka isigaba 15)

15. Yini engakusiza ubhekane nomuzwa wokuba necala ngokweqile? (1 Johane 3:19, 20) (Bheka nesithombe.)

15 Ungawulahla kanjani lowo mthwalo osindayo? Lapho uhlushwa umuzwa wokuzizwa unecala ngokweqile, gxila ekutheni uNkulunkulu “uthethelela ngeqiniso.” (IHu. 130:4) Lapho ethethelela abantu abaphenduka ngobuqotho, uyathembisa: ‘Isono sabo ngeke ngisasikhumbula.’ (Jer. 31:34) Lokho kusho ukuthi uJehova ngeke esakubalela izono zesikhathi esidlule. Ngakho, ungabheki imiphumela yezono zakho njengobufakazi bokuthi akakuthethelele. Ungazijezisi ngenxa yokuthi amaphutha akho esikhathi esidlule angase akwenze ungakwazi ukwenza ofisa ukukwenza enkonzweni kaJehova. UJehova akalokhu ecabanga ngezono zakho, nawe akufanele ulokhu ucabanga ngazo.​—Funda eyoku-1 Johane 3:19, 20.

GIJIMA NGENJONGO YOKUBA UNQOBE

16. Njengabagijimi, yini okumele siyiqonde?

16 Njengoba sigijima emncintiswaneni wokuphila, kumele ‘sigijime ngendlela yokuba sithole’ “umklomelo.” (1 Kor. 9:24) Singakwazi ukwenza lokho uma siwuqonda umehluko phakathi kwemithwalo okumele siyithwale nemithwalo esindayo okumele siyilahle. Kulesi sihloko, sixoxe ngezibonelo ezimbalwa nje zalokho okumele sikuthwale nalokho okumele sikulahle. Kodwa zikhona nezinye izibonelo. UJesu wathi singase ‘sisindwe ukudla ngokweqile nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila.’ (Luka 21:34) Lezi zibonelo kanye neminye imibhalo kungakusiza ubone ushintsho okungase kudingeke ulwenze njengoba ugijima emncintiswaneni wokuphila.

17. Kungani siqiniseka ukuthi siyonqoba emncintiswaneni wokuphila?

17 Siyaqiniseka ukuthi siyonqoba emncintiswaneni wokuphila ngoba uJehova uzosinika amandla esiwadingayo. (Isaya 40:29-31) Ngakho, ungalinciphisi ijubane! Lingisa umphostoli uPawulu, owagijima ngokuzikhandla ukuze athole umklomelo ayethenjiswe wona. (Fil. 3:13, 14) Akekho ongakugijimela kulo mncintiswano, kodwa ngosizo lukaJehova unganqoba. UJehova angakusiza uthwale imithwalo yakho, ulahle imithwalo esindayo engadingekile. (IHu. 68:19) Ngosizo lukaJehova, uzokwazi ukugijima ngokukhuthazela kulo mncintiswano futhi unqobe!

INGOMA 65 Qhubekela Phambili!

a Lesi sihloko sizosisiza sigijime umncintiswano wokuphila. Njengabagijimi, kukhona imithwalo okumele siyithwale. Le mithwalo ihlanganisa isifungo sokuzinikezela kwethu, izinto okumele sizenzele imindeni yethu nokulandisa ngezinqumo esizenzayo. Kodwa kumele silahle noma yini esindayo engadingeki engasiqeda amandla. Njengani nje? Lesi sihloko sizowuphendula lowo mbuzo.

b Uchungechunge oluthi “Usizo Lomndeni” uzoluthola ku-jw.org/zu. Nazi izibonelo zezihloko ezithinta abashadile: “Indlela Yokubonisa Inhlonipho” nesithi “Indlela Yokubonisa Ukwazisa”; ezithinta abazali, “Ukufundisa Izingane Ukusebenzisa Kahle Ifoni Yesimanje” nesithi “Indlela Yokukhulumisana Nengane Yakho Esithombile”; ezentsha, “Indlela Yokumelana Nokucindezela Kontanga” nesithi “Indlela Yokubhekana Nesizungu.”