Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 42

“Uyashesha” Yini “Ukulalela”?

“Uyashesha” Yini “Ukulalela”?

“Ukuhlakanipha kwaphezulu . . . kuyashesha ukulalela.”​—JAK. 3:17.

INGOMA 101 Ukusebenza Ndawonye Ngobunye

AMAZWIBELA a

1. Kungani kungaba nzima ukuba silalele?

 KUYENZEKA yini ukuthole kunzima ukulalela? INkosi uDavide yakuthola kunzima, ngakho yathandaza kuNkulunkulu: “Ngenze ngibe nesifiso sokufuna ukukulalela.” (IHu. 51:12) UDavide wayemthanda uJehova. Noma kunjalo, ngezinye izikhathi wayekuthola kunzima ukulalela, kunjalo nangathi. Kungani? Okokuqala, ngezinye izikhathi asilaleli ngoba sikuzuze njengefa ukungalaleli. Okwesibili, uSathane uhlale ezama ukusenza singamlaleli uJehova, njengoba nje naye engamlalelanga. (2 Kor. 11:3) Okwesithathu, sizungezwe izwe elinomoya wokuvukela, “umoya manje osebenza kubantu abangalaleli.” (Efe. 2:2) Kumele sisebenze kanzima ukuze simelane nengcindezi uDeveli naleli zwe abayibeka phezu kwethu ukuze singalaleli, singagcini nje ngokulwa nesono esibangela ukuba singalaleli. Kumele senze umzamo wokulalela uJehova nalabo abanike igunya.

2. Kusho ukuthini ‘ukushesha ukulalela’? (Jakobe 3:17)

2 Funda uJakobe 3:17. Umbhali ophefumulelwe, uJakobe, wathi abantu abahlakaniphile ‘bayashesha ukulalela.’ Cabanga ngokuthi kusho ukuthini lokho. Kufanele sikulungele futhi sizimisele ukulalela labo uJehova abaphathise igunya elithile. Yiqiniso, uJehova akalindele ukuba silalele umuntu othi asingayilaleli imiyalo yaKhe.—IzE. 4:​18-20.

3. Kungani kubalulekile kuJehova ukuba silalele abanegunya phezu kwethu?

3 Singase sikuthole kulula ukulalela uJehova kunokulalela umuntu. Lokho akusimangazi ngoba uJehova uhlale esinikeza iziqondiso ezingenaphutha. (IHu. 19:7) Lokhu akuvamile ngabantu abanegunya. Noma kunjalo, uBaba wethu osezulwini unikeze abazali, izikhulu zikahulumeni nabadala isilinganiso esithile segunya. (IzAga 6:20; 1 Thes. 5:12; 1 Pet. 2:​13, 14) Lapho sibalalela, empeleni sisuke silalela uJehova. Ake sixoxe ngokuthi singabalalela kanjani abantu uJehova abanike igunya, nakuba ngezinye izikhathi singase sikuthole kunzima ukwamukela nokulalela iziqondiso zabo.

LALELA ABAZALI BAKHO

4. Kungani izingane eziningi zingabalaleli abazali bazo?

4 Abasebasha bazungezwe ontanga abanomkhuba ‘wokungabalaleli abazali.’ (2 Thim. 3:​1, 2) Kungani iningi labo lingalaleli? Abanye banomuzwa wokuthi abazali babo bangabazenzisi. Balindele ukuba izingane zenze izinto bona abahlulekayo ukuzenza. Abanye babheka iseluleko sabazali njengesiyisidala, esingasebenzi noma esiqine kakhulu. Uma usemusha, kuke kwenzeke yini uzizwe kanjalo? Abaningi bakuthola kunzima ukulalela umyalo kaJehova othi: “Lalelani abazali benu abanobunye neNkosi, ngoba lokhu kulungile.” (Efe. 6:1) Yini engakusiza ubalalele?

5. Kungani kuphawuleka ukuthi uJesu wabalalela abazali bakhe njengoba kuboniswe kuLuka 2:​46-52?

5 Ungafunda ukulalela esibonelweni esizedlula zonke—uJesu. (1 Pet. 2:​21-24) Wayengenasono kodwa enabazali abanesono. Noma kunjalo uJesu wabahlonipha abazali bakhe, ngisho nalapho benza amaphutha futhi bengamqondi ngezinye izikhathi. (Eks. 20:12) Cabanga ngalokho okwenzeka ngesikhathi eneminyaka engu-12. (Funda uLuka 2:​46-52.) Abazali bakhe bamshiya eJerusalema. Kwakuwumthwalo kaJosefa noMariya ukuqinisekisa ukuthi zonke izingane zabo zikhona eqenjini elalibuyela ekhaya ngemva komkhosi. Lapho uJosefa noMariya bemthola uJesu ekugcineni, uMariya wamsola ngenkinga ayebabangele yona! UJesu wayengaveza ukuthi lokho ababekusho kwakungenabulungisa kangakanani. Kunalokho, waphendula abazali bakhe ngendlela elula nenenhlonipho. Nokho, uJosefa noMariya “abazange bakuqonde lokho ayekusho kubo.” Noma kunjalo, uJesu “waqhubeka ezithoba kubo.”

6-7. Yini engasiza abasebasha balalele abazali babo?

6 Basha, kuke kwenzeke yini nikuthole kunzima ukulalela abazali benu lapho benza amaphutha noma benganiqondi? Yini engasiza? Okokuqala, cabanga ngendlela uJehova azizwa ngayo. IBhayibheli lithi lapho ulalela abazali bakho, “lokhu kuyajabulisa kakhulu eNkosini.” (Kol. 3:20) UJehova uyabona lapho abazali bakho bengakuqondi ngokuphelele noma bebeka imithetho okungelula ukuyilalela. Kodwa lapho ubalalela yize kunjalo, umenza ajabule.

7 Okwesibili, cabanga ngendlela abazali bakho abazizwa ngayo. Lapho ubalalela, ubenza bajabule futhi ubenza bakwethembe. (IzAga 23:​22-25) Cishe uyosondelana nabo nakakhulu. U-Alexandre umzalwane waseBelgium uthi: “Lapho ngiqala ukuzilalela ngokwengeziwe izicelo zabazali bami, ubuhlobo bethu bashintsha. Sasondelana futhi sajabula nakakhulu.” b Okwesithathu, cabanga ngokuthi ukulalela kwakho manje kuzokusiza kanjani esikhathini esizayo. UPaulo ohlala eBrazil, uthi: “Ukufunda ukulalela abazali bami kungisize ngalalela uJehova nabanye abanamagunya.” IZwi likaNkulunkulu likutshela isizathu esibalulekile sokulalela abazali bakho. Lithi: “Ukuze kukuhambele kahle futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni.”—Efe. 6:​2, 3.

8. Kungani abasebasha abaningi bekhetha ukulalela abazali babo?

8 Abaningi abasebasha babonile ukuthi izinto zibahambela kahle kangakanani uma belalela. ULuiza, naye ongowaseBrazil, waqale wakuthola kunzima ukuqonda ukuthi kungani ayengavunyelwe ukuba nefoni okwesikhathi esithile. Wayengaqondi ngoba ontanga yakhe abaningi babenawo amafoni. Kodwa wabe esebona ukuthi empeleni abazali bakhe babemvikela. Uyazi ukuthi lapho elalela abazali bakhe, akufanele ezwe sengathi bayamcindezela ngenxa yokuthi uyasidinga ngempela iseluleko sabo. U-Elizabeth, udade osemusha wase-United States, ngezinye izikhathi usakuthola kunzima ukulalela abazali bakhe. Uyachaza, “Lapho ngingaqondi ngokugcwele ukuthi kungani abazali bami bebeke umthetho othile, ngizama ukukhumbula izikhathi lapho imithetho ababeyibekile yangivikela khona.” UMonica, ohlala e-Armenia, uthi izinto zihlale zimhambela kahle uma elalela abazali bakhe kunalapho engabalaleli khona.

LALELA ‘AMAGUNYA APHAKEME’

9. Abaningi bazizwa kanjani ngokulalela umthetho?

9 Abantu abaningi bayavuma ukuthi siyabadinga ohulumeni nokuthi kufanele okungenani siyilalele eminye imithetho ebekwa yila ‘magunya aphakeme.’ (Roma 13:1) Kodwa bona kanye labo bantu bangase banqikaze ukulalela umthetho obonakala ungenabulungisa noma weqisa. Ngokwesibonelo, cabanga ngendaba yokukhokha intela. Kwelinye izwe eYurophu, inhlolo-vo yaveza ukuthi abantu abaningi bakholelwa ukuthi “kulungile ukungayikhokhi intela uma ucabanga ukuthi ukuyikhokha akunabulungisa.” Akumangazi ukuthi izakhamuzi zakulelo zwe zikhokha intela engamaphesenti engaba ngu-65 kuleyo efunwa uhulumeni.

Sifundani ngokulalela esibonelweni sikaJosefa noMariya? (Bheka izigaba 10-12) c

10. Kungani silalela ngisho nemithetho esingayithandi?

10 IBhayibheli liyavuma ukuthi ohulumeni babangela ukuhlupheka, balawulwa uSathane nokuthi maduze bazobhujiswa. (IHu. 110:​5, 6; UmSh. 8:9; Luka 4:​5, 6) Lisitshela nokuthi “noma ubani ophikisa igunya umelene nohlelo lukaNkulunkulu.” Ukulalela kwethu amagunya aphakeme kuyingxenye yelungiselelo likaJehova lesikhashana lokuba kube nokuhleleka. Ngakho, kumele ‘sinike bonke lokho okubafanele,’ okuhlanganisa intela, inhlonipho nokulalela. (Roma 13:​1-7) Singase sibe nombono wokuthi umthetho othile uyasiphazamisa, awunabulungisa noma ukuthi ukuwulalela kuzosifaka ezindlekweni. Kodwa silalela uJehova, futhi yena uthi asiwalalele la magunya aphakeme, uma nje engasiceli ukuba sephule imithetho yakhe.—IzE. 5:29.

11-12. ULuka 2:​1-6 uthi yini uJosefa noMariya abayenza ukuze balalele umthetho owawunzima, futhi kwaba namiphi imiphumela? (Bheka nezithombe.)

11 Singafunda esibonelweni sikaJosefa noMariya, abashesha ukulalela amagunya aphakeme ngisho noma kwakunzima ukwenza kanjalo. (Funda uLuka 2:​1-6.) Lapho uMariya esezohlanganisa izinyanga ezingu-9 ekhulelwe, ukulalela kwabo kwavivinywa. U-Awugustu, owayenguMbusi eMbusweni WamaRoma, wayala ukuba kubalwe abantu. UJosefa noMariya kwadingeka baye eBhetlehema, uhambo olwalungaba amakhilomitha angu-150 endaweni enamagquma. Lolo hambo lwalungeke lube lula, ikakhulukazi kuMariya. Kungenzeka uJosefa noMariya babekhathazeke ngokuphepha kwakhe nokomntwana wabo ongakazalwa. Babezokwenzenjani uma eqalwa imihelo besesendleleni? Phela wayekhulelwe uMesiya othenjisiwe. Ingabe lokho kwakuzobenza bangawulaleli uhulumeni?

12 UJosefa noMariya abazivumelanga lezo zinto ezazibakhathaza ukuba zibenze bangawulaleli umthetho. UJehova wababusisa ngenxa yokulalela kwabo. UMariya wafika ngokuphepha eBhetlehema, wazala ingane ephile saka, wasiza nasekugcwaliseni isiprofetho seBhayibheli!—Mika 5:2.

13. Ukulalela kwethu kungabathinta kanjani abafowethu?

13 Lapho silalela amagunya aphakeme, kuzuza thina, kuzuze nabanye. Kanjani? Enye indlela esizuza ngayo ukuthi asisitholi isijeziso esitholwa yilabo abangawulaleli umthetho. (Roma 13:4) Ukulalela kwakho kungathinta indlela iziphathimandla ezibheka ngayo oFakazi BakaJehova bebonke. Ngokwesibonelo, eminyakeni eminingi edlule eNigeria, kwangena amasosha eHholo LoMbuso phakathi nomhlangano webandla, efuna ababebhikishela ukukhokha intela. Kodwa umphathi wawo wawatshela ukuba ahambe, wathi: “OFakazi BakaJehova abakubhikisheli ukukhokha intela.” Njalo lapho ulalela umthetho kungenzeka uvikele idumela labantu bakaJehova—idumela ngelinye ilanga elingavikela okholwa nabo.—Math. 5:16.

14. Yini eyasiza omunye udade ‘washesha ukulalela’ amagunya aphakeme?

14 Noma kunjalo, ngezinye izikhathi singase singathandi ukulalela amagunya aphakeme. UJoanna, udade wase-United States uyavuma: “Kwakunzima kakhulu ukuba ngilalele ngoba iziphathimandla zazibaphathe ngokungenabulungisa abanye emndenini wakithi.” Kodwa uJoanna wenza isinqumo sokuthi uzoyishintsha indlela acabanga ngayo. Okokuqala, wayeka ukufunda izinto ezinkundleni zokuxhumana ezazimenza angazithandi iziphathimandla. (IzAga 20:3) Okwesibili, wathandaza kuJehova wamcela ukuba amsize athembele kuye kunokuba athembele ekutheni kushintshe uhulumeni ophethe. (IHu. 9:​9, 10) Okwesithathu, wafunda ngokungathathi hlangothi ezincwadini zethu. (Joh. 17:16) Manje, uJoanna uthi ukuhlonipha nokulalela iziphathimandla kwamenza waba “nokuthula okungachazeki.”

LALELA ISIQONDISO SENHLANGANO KAJEHOVA

15. Kungani singase sikuthole kunzima ukulalela iziqondiso zenhlangano kaJehova?

15 UJehova usicela ukuba ‘silalele abaholayo’ ebandleni. (Heb. 13:17) Nakuba uMholi wethu uJesu engenasono, labo abasebenzisayo ukuze bahole lapha emhlabeni, bona banesono. Singase sikuthole kunzima ukubalalela ikakhulukazi uma besicela ukuba senze into esingafuni ukuyenza. Umphostoli uPetru naye wake wanqikaza ukulalela. Lapho ingelosi imtshela ukuba adle izilwane ezingahlanzekile ngaphansi koMthetho KaMose, wenqaba—hhayi kanye, kodwa kathathu! (IzE. 10:​9-16) Kungani anqaba? Lesi siqondiso esisha sasizwakala singenangqondo kuye. Wayejwayele ukwenza izinto ngendlela ehlukile. Uma uPetru akuthola kunzima ukulalela isiqondiso sengelosi engenasono, kungase kube nzima kangakanani-ke ukulalela isiqondiso sabantu abanesono!

16. Nakuba uPawulu ayengabheka isiqondiso asithola njengesingadingekile, yini ayenza? (IzEnzo 21:​23, 24, 26)

16 Umphostoli uPawulu ‘washesha ukulalela’ ngisho nalapho ethola isiqondiso ayengase abe nomuzwa wokuthi asidingeki. AmaKristu angamaJuda ayezwe amahemuhemu ngoPawulu—amahemuhemu ayethi wayeshumayela “ukuhlubuka kuMose” futhi engawuhloniphi uMthetho KaMose. (IzE. 21:21) Amadoda amadala angamaKristu eJerusalema ayala uPawulu ukuba athathe amadoda amane, aye nawo ethempelini azihlanze ngokwesiko ukuze abonise ukuthi uyawugcina uMthetho. Kodwa wayazi ukuthi amaKristu awasekho ngaphansi koMthetho. Ngaphezu kwalokho, wayengenzanga lutho olubi. Noma kunjalo, walalela ngokushesha. “Wathatha la madoda ngosuku olulandelayo wazihlanza kanye nawo ngokwesiko.” (Funda izEnzo 21:​23, 24, 26.) Ukulalela kwakhe kwenza kwaba nokuthula.—Roma 14:​19, 21.

17. Ufundani kokwenzeka kuStephanie?

17 Udade okuthiwa uStephanie wakuthola kunzima ukwamukela isinqumo esenziwa abazalwane abaholayo ezweni lakubo. Yena nomyeni wakhe babejabule, bekhonza eqenjini elikhuluma ulimi lwakwelinye izwe. Ihhovisi legatsha laliqeda lelo qembu, yena nomyeni wakhe babelwa ukuba babuyele ebandleni lolimi lwabo. UStephanie uyavuma: “Ngangingajabule neze. Mina ngangingacabangi ukuthi kunesidingo esikhulu ensimini yolimi lwethu.” Noma kunjalo, wanquma ukusilalela lesi siqondiso esisha. Uthi: “Ngokuhamba kwesikhathi ngabona ukuthi lesi sinqumo sasihlakaniphile. Manje sesingabazali babantu abaningana ebandleni abangenawo umndeni eqinisweni. Ngifundela udade obepholile futhi manje senginesikhathi esengeziwe sesifundo somuntu siqu.” Uyenezela: “Nginonembeza ohlanzekile ngoba ngenze konke okusemandleni ukuze ngilalele.”

18. Sizuza kanjani uma silalela?

18 Singakufunda ukulalela. UJesu “wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo,” hhayi ngoba izimo zazimvumela ngaso sonke isikhathi. (Heb. 5:8) NjengoJesu, nathi sivame ukufunda ukulalela ngaphansi kwezimo ezinzima. Ngokwesibonelo, ngasekuqaleni kobhubhane lwe-COVID-19, lapho sicelwa ukuba singahlangani emaHholo OMbuso nokuba singashumayeli endlini ngendlu, ingabe wakuthola kunzima ukulalela? Kodwa ukulalela kwakho kwakuvikela, kwenza ibandla laba nobunye, kwajabulisa noJehova. Manje, sonke sikulungele ukulalela noma yiziphi iziqondiso esiyozithola phakathi nosizi olukhulu. Ukusinda kwethu kungase kuxhomeke ekutheni siyalalela yini!—Jobe 36:11.

19. Kungani ufuna ukulalela?

19 Sifundile ukuthi ukulalela kuletha izibusiso eziningi. Kodwa ngokuyinhloko, silalela uJehova ngoba simthanda futhi ngoba sifuna ukumjabulisa. (1 Joh. 5:3) Asisoze sakwazi ukumbuyisela uJehova ngakho konke asenzele kona. (IHu. 116:12) Kodwa singakwazi ukumlalela yena nalabo abanegunya phezu kwethu. Uma silalela, sibonisa ukuthi sihlakaniphile futhi abantu abahlakaniphile bayamjabulisa uJehova.—IzAga 27:11.

INGOMA 89 Lalela, Ubusiswe

a Ngenxa yokuthi sinesono, ngezinye izikhathi sonke sikuthola kunzima ukulalela, ngisho noma lowo osinika isiqondiso esuke enegunya lokusinika sona. Lesi sihloko sizokhuluma ngezinzuzo ezitholwa yilabo abalalela abazali, ‘amagunya aphakeme’ nabazalwane abaholayo ebandleni lobuKristu.

b Ukuze uthole amacebiso endlela ongakhuluma ngayo nabazali bakho ngemithetho okuthola kunzima ukuyilalela, bheka isihloko esithi “Kungani Kunemithetho Eminingi Kangaka?” ku-jw.org/zu.

c INCAZELO YESITHOMBE: UJosefa noMariya balalela umyalo kaKhesari wokuba bayobhalisa eBhetlehema. Namuhla amaKristu alalela imithetho yomgwaqo, eyentela neyezempilo evela “emagunyeni aphakeme.”