Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 44

Tadisha IZwi LikaNkulunkulu Ujule

Tadisha IZwi LikaNkulunkulu Ujule

‘Kuqonde ngokugcwele ububanzi nobude nokuphakama nokujula.’—EFE. 3:18.

INGOMA 95 Ukukhanya Kuba Kukhulu

AMAZWIBELA a

1-2. Iyiphi indlela enhle kakhulu yokufunda nokutadisha iBhayibheli? Fanekisa.

 ZIBONE ngeso lengqondo ufuna ukuthenga indlu. Yini ongathanda ukuyibona ngaphambi kokuba uyithenge? Ingabe ungafuna ukubona isithombe sokuthi injani ngaphambili? Akungabazeki ukuthi ungafuna ukuyibona ngokoqobo leyo ndlu ukuze uyizungeze, ungene phakathi uhlole wonke amakamelo, ubuke nazo zonke izingxenye zayo. Ungase ufune ngisho nokubheka ipulani yaleyo ndlu ukuze ubone ukuthi yakhiwa kanjani. Kusobala ukuthi ungathanda ukubona yonke imininingwane yale ndlu ofuna ukuyithenga.

2 Singenza okufanayo nalapho sifunda futhi sitadisha iBhayibheli. Esinye isazi sifanisa umyalezo weBhayibheli “nesakhiwo esivulekile, eside esinesisekelo esijulile.” Uma linjalo, singakwazi kanjani-ke konke okuseBhayibhelini? Uma ulifunda ujaha, ungase uthole amaqiniso ayisisekelo kuphela—“izinto zokucathula zamazwi angcwele kaNkulunkulu.” (Heb. 5:12) Kunokulifunda ujahe, yenza ngendlela obungenza ngayo kule ndlu esixoxe ngayo, ngena ngaphakathi uhlole imininingwane yalo. Indlela enhle kakhulu yokutadisha iBhayibheli iwukubona ukuthi izingxenye ezihlukahlukene zomyalezo walo zihlobana kanjani. Ungagcini nje ngokuqonda ukuthi yimaphi amaqiniso owakholelwayo kodwa qonda nokuthi kungani uwakholelwa.

3. Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu akanye naye ukuba enzeni, futhi kungani? (Efesu 3:​14-19)

3 Ukuze siyiqonde ngokugcwele yonke imininingwane yeZwi likaNkulunkulu, kumele sifunde amaqiniso alo ajulile. Umphostoli uPawulu wanxusa abafowabo nodadewabo abangamaKristu ukuba balitadishe ngenkuthalo iZwi likaNkulunkulu ukuze ‘bakuqonde ngokugcwele ububanzi nobude nokuphakama nokujula’ kweqiniso. Uma benza kanjalo ‘babeyoma baqine, bagxile njengezimpande zesihlahla’ okholweni lwabo. (Funda eyabase-Efesu 3:​14-19.) Nathi kudingeka senze okufanayo. Ake sibone ukuthi singalihlola kanjani iZwi likaNkulunkulu ukuze sibe nomqondo obanzi walokho elikushoyo.

HLOLA AMAQINISO EBHAYIBHELI AJULILE

4. Yini esingayenza ukuze sisondele nakakhulu kuJehova? Nikeza izibonelo.

4 NjengamaKristu, asaneliswa ukuba nolwazi lweBhayibheli oluyisisekelo nje kuphela. Ngenxa yokuthi sisizwa umoya ongcwele kaNkulunkulu, sizimisele ukufunda “ngisho nezinto ezijulile zikaNkulunkulu.” (1 Kor. 2:​9, 10) Kungani ungenzi isifundo somuntu siqu esizokusiza usondele nakakhulu kuJehova? Ngokwesibonelo, ungafunda indlela ayebonisa ngayo ukuthi uyazithanda izinceku zakhe zasendulo nendlela lokho okufakazela ngayo ukuthi uyakuthanda nawe. Ungase uhlole ukuthi uJehova wayekhonzwa kanjani kwa-Israyeli nokuthi lokho kufana kanjani nendlela amaKristu amkhonza ngayo namuhla. Noma ungase uzitadishe ujule iziprofetho ezagcwaliswa uJesu phakathi nokuphila nenkonzo yakhe emhlabeni.

5. Yini ongathanda ukuyicwaninga esifundweni sakho somuntu siqu?

5 Kwabuzwa abafundi beBhayibheli abathile abakhuthele ukuthi yiziphi izinto abangathanda ukuzihlola eZwini likaNkulunkulu. Ezinye zezimpendulo zabo zisebhokisini elithi “ Ongakutadisha Lapho Wenza Isifundo Somuntu Siqu.” Kuyokujabulisa kakhulu ukutadisha lezi zinto usebenzisa i-Watch Tower Publications Index noma INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova. Ukutadisha iBhayibheli ujule kungaluqinisa ukholo lwakho, kukusize ‘uthole ulwazi ngoNkulunkulu.’ (IzAga 2:​4, 5) Manje ake sixoxe ngamanye amaqiniso ajulile aseBhayibhelini esingawatadisha.

ZINDLA NGENJONGO KANKULUNKULU

6. (a) Uyini umehluko phakathi kwepulani nenjongo? (b) Kungani kuthiwa injongo kaJehova ngabantu nomhlaba ‘ingunaphakade’? (Efesu 3:11)

6 Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngenjongo kaNkulunkulu. Kunomehluko omkhulu phakathi kwepulani nenjongo. Ipulani ifana nomgwaqo ongakuyisa lapho ufuna ukuya khona. Nokho, uma umgwaqo uvaliwe, ipulani ingase ingaphumeleli, okusho ukuthi ungase ungafiki lapho uya khona. Injongo yona ifana nendawo oya kuyo. Sazi kahle ukuthi sifuna ukuyaphi kodwa singahamba ngemigwaqo engafani ukuze sifike lapho. Uma kukhona umgwaqo ovaliwe, ungahamba ngomunye. Siyabonga ngokuthi uJehova uyembule kancane kancane ‘injongo [yakhe] engunaphakade’ eBhayibhelini. Angakhetha izindlela ezingafani zokufeza injongo yakhe futhi uhlale ephumelela ngoba “wenza zonke izinto zifeze injongo yakhe.” (IzAga 16:4) Imiphumela yalokho uJehova akwenzayo iyohlala phakade. Iyini injongo kaJehova futhi yiluphi ushintsho alwenzile ukuze ayifeze?

7. Ngemva kokuhlubuka kwabantu bokuqala, uJehova wayishintsha kanjani indlela ayezofeza ngayo injongo yakhe? (Mathewu 25:34)

7 UNkulunkulu watshela abantu bokuqala ukuthi yayiyini injongo yakhe ngabo. Wathi: “Zalani nande, nigcwalise umhlaba niwunqobe, nithotshelwe . . . [yizo] zonke izilwane eziphilayo ezihamba emhlabeni.” (Gen. 1:28) Lapho u-Adamu no-Eva behlubuka, bebangela ukuba sonke isintu sibe nesono, injongo kaJehova ayizange ishintshe. Washintsha indlela eyayizofezeka ngayo. Ngokushesha, wanquma ukumisa uMbuso ezulwini owawuzofeza injongo yakhe yasekuqaleni ngabantu nangomhlaba. (Funda uMathewu 25:34.) Ngesikhathi sakhe esifanele, ngothando uJehova wathumela iNdodana yakhe eyizibulo emhlabeni ukuze ifundise abantu ngalo Mbuso futhi inikele ngokuphila kwayo ukuze isihlenge esonweni nasekufeni. Ngemva kwalokho, uJesu wavuswa wabuyela ezulwini ukuze abuse njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Kodwa kunokwengeziwe esingakufunda ngenjongo kaNkulunkulu.

Cabanga ngesikhathi lapho zonke izidalwa ezihlakaniphile ezulwini nasemhlabeni ziyoba nobunye futhi zibe qotho kuJehova! (Bheka isigaba 8)

8. (a) Sithini isihloko seBhayibheli? (b) Njengoba kuchazwe kweyabase-Efesu 1:​8-11, yini enye uJehova ayoyifeza? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

8 Isihloko esiyinhloko seBhayibheli siwukuthi igama likaJehova liyolwelwa lapho efeza injongo yakhe ngomhlaba esebenzisa uMbuso wakhe osezandleni zikaKristu. Akekho ongashintsha injongo kaJehova. Usiqinisekisile ukuthi uzoyifeza nakanjani. (Isaya 46:​10, 11, mbhw.; Heb. 6:​17, 18) Ngokuhamba kwesikhathi, umhlaba uyoguqulwa ube ipharadesi okuyohlala kulo inzalo elungile ka-Adamu no-Eva, ‘iphile kuze kube phakade.’ (IHu. 22:26) Kodwa injongo kaJehova ayipheleli lapha. Ekugcineni injongo yakhe iwukwenza zonke izidalwa zakhe ezihlakaniphile ezisezulwini nasemhlabeni zibe nobunye. Ngemva kwalokho, bonke abaphilayo bayozithoba ngobuqotho kuye njengoMbusi wabo. (Funda eyabase-Efesu 1:​8-11.) Ayikumangazi yini indlela enhle uJehova afeza ngayo injongo yakhe?

CABANGISISA NGEKUSASA LAKHO

9. Singakwazi ukubona izinto eziyokwenzeka ngemva kwesikhathi esingakanani uma sifunda iBhayibheli?

9 Cabanga ngesiprofetho uJehova asisho ensimini yase-Edene esibhalwe kuGenesise 3:15. b Sakhuluma ngezenzakalo ezaziyogcwalisa injongo yakhe kodwa ezaziyokwenzeka ngemva kwezinkulungwane zeminyaka. Lezi zenzakalo zazihlanganisa ukuvela kwenzalo ka-Abrahama, uhlu lozalo olwaluyoholela ekuzalweni kukaKristu. (Gen. 22:​15-18) Kwathi ngo-33 C.E., uJesu walinyazwa esithendeni njengoba kwakubikezelwe. (IzE. 3:​13-15) Isenzakalo sokugcina saleso siprofetho, esiwukuchotshozwa kwekhanda likaSathane, kusasele iminyaka engaphezu kuka-1 000 ukuba senzeke. (IsAm. 20:​7-10) IBhayibheli lembula okuningi kakhulu okuzokwenzeka njengoba ubutha phakathi kwezwe likaSathane nenhlangano kaJehova bufinyelela umvuthwandaba.

10. (a) Yiziphi izenzakalo ezizokwenzeka maduzane? (b) Singazilungiselela kanjani izingqondo nezinhliziyo zethu? (Bheka umbhalo waphansi.)

10 Cabanga ngalezi zenzakalo ezizonyakazisa umhlaba ezibikezelwa iBhayibheli. Esokuqala, izizwe zizomemezela “ukuthula nokulondeka!” (1 Thes. 5:​2, 3) “Ngaso leso sikhathi” kuyoqala usizi olukhulu lapho izizwe zihlasela yonke inkolo yamanga. (IsAm. 17:16) Ngemva kwalokho, kungenzeka kube nesibonakaliso esingaphezu kwamandla avamile ‘seNdodana yomuntu iza iphezu kwamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.’ (Math. 24:30) UJesu uyokwahlulela abantu, ahlukanise izimvu ezimbuzini. (Math. 25:​31-33, 46) Ngaleso sikhathi uSathane uyobe engasongile izandla. Ngenxa yenzondo anayo, uyogqugquzela uGogi wezwe lakwaMagogi, okuyizizwe eziyohlangana zihlasele abantu bakaNkulunkulu, ukuba athathe isinyathelo sokuhlasela izikhonzi zikaJehova. (Hez. 38:​2, 10, 11) Ngemva kwesikhathi esithile, abagcotshiwe abasele bayoyiswa ezulwini babe kanye noKristu namabutho akhe asezulwini ukuze balwe empini ye-Armagedoni, eyobe iwumvuthwandaba wosizi olukhulu. c (Math. 24:31; IsAm. 16:​14, 16) Ngemva kwalokho, ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane emhlabeni kuyoqala.—IsAm. 20:6.

Uyozizwa usondelene kangakanani noJehova ngemva kokufunda ngaye izigidigidi zeminyaka? (Bheka isigaba 11)

11. Yini olangazelela ukuyibona uma usuphila phakade? (Bheka nesithombe.)

11 Manje, ake ubheke ngale kweminyaka engu-1 000. IBhayibheli lithi uMdali wethu “uze wafaka ngisho nobuphakade ezinhliziyweni [zethu].” (UmSh. 3:11) Cabanga ukuthi lokho kusho ukuthini ngawe nobuhlobo bakho noJehova. Nakhu okujabulisayo okushiwo incwadi ethi Sondela KuJehova, ikhasi 319: “Uma sesiphile iminyaka engamakhulu, eyizinkulungwane, eyizigidi, ngisho neyizigidi eziyizinkulungwane, siyobe sesazi okuningi kakhulu ngoJehova uNkulunkulu kunamanje. Kodwa siyobe sisenomuzwa wokuthi kusenenqwaba yezinto ezimangalisayo okusamele sizifunde. . . . Ukuphila okuphakade kuyoba okucebile nokunezinto ezihlukahlukene ngendlela esingenakuyicabanga—futhi ukusondela kakhulu kuJehova yikona okuyosizuzisa kakhulu ngaso sonke isikhathi.” Okwamanje, njengoba siqhubeka sitadisha iZwi likaNkulunkulu, yini enye esingayihlola?

BHEKA PHEZULU EMAZULWINI

12. Singabheka kanjani phezulu emazulwini? Nikeza isibonelo.

12 IZwi likaNkulunkulu lisembulela kancane nje ukuthi kunjani ukuba lapho uJehova ekhona, “endaweni ephakeme.” (Isaya 33:5) IBhayibheli lembula izinto ezimangalisayo ngoJehova nangengxenye esezulwini yenhlangano yakhe. (Isaya 6:​1-4; Dan. 7:​9, 10; IsAm. 4:​1-6) Ngokwesibonelo, singafunda ngezinto ezimangalisayo uHezekeli azibona lapho ‘amazulu evuleka, eqala ukubona imibono kaNkulunkulu.’—Hez. 1:1.

13. Yini oyazisayo ngendima kaJesu emazulwini, njengoba ichazwe kweyamaHebheru 4:​14-16?

13 Cabanga nangendima kaJesu yokuba iNkosi ebusayo emazulwini nomPristi Ophakeme onozwela. Singasondela ngoJesu “esihlalweni sobukhosi [sikaNkulunkulu] somusa omkhulu,” ngomthandazo sicele isihe nosizo “ngesikhathi esifanele.” (Funda eyamaHebheru 4:​14-16.) Kwangathi singelokothe sivumele ukuba kudlule usuku singazange sicabange ngalokho uJehova noJesu abasenzele kona nabasenzela kona manje besemazulwini. Uthando lwabo kufanele lusithinte ngokujulile, lusenze simkhonze ngentshiseko uJehova.—2 Kor. 5:​14, 15.

Cabanga injabulo oyoba nayo ezweni elisha ngenxa yokuthi wasiza abantu baba oFakazi BakaJehova nabafundi bakaJesu! (Bheka isigaba 14)

14. Iyiphi enye yezindlela ezinhle kakhulu esingabonisa ngayo ukuthi siyambonga uJehova noJesu? (Bheka nezithombe.)

14 Enye yezindlela ezinhle kakhulu yokubonisa ukuthi simbonga kangakanani uNkulunkulu wethu neNdodana yakhe iwukusiza abanye babe oFakazi BakaJehova nabafundi bakaJesu. (Math. 28:​19, 20) Yilokho umphostoli uPawulu akwenza ukuze abonise ukuthi uyambonga uNkulunkulu noKristu. Wayazi ukuthi intando kaJehova iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zithole ulwazi olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:​3, 4) Wasebenza kanzima enkonzweni esiza abaningi ngangokunokwenzeka ukuze ‘ngazo zonke izindlela asindise abathile’ uma kungenzeka.—1 Kor. 9:​22, 23.

KUJABULELE UKUHLOLA IZWI LIKANKULUNKULU

15. IHubo 1:2 lithi yini ezosenza sijabule?

15 Kuyafaneleka ukuthi umhubi wachaza umuntu ojabulayo nophumelelayo ngokuthi ‘ujabula ngomthetho kaJehova’ nangokuthi “uzindla ngomthetho waKhe imini nobusuku.” (IHu. 1:​1-3; mbhw.) Ekhuluma ngalo mBhalo encwadini yakhe ethi Studies in the Psalms, umhumushi weBhayibheli, uJoseph Rotherham, wathi umuntu kufanele “asithande kakhulu isiqondiso sikaNkulunkulu kangangokuba asifune, asifunde, achithe nesikhathi esiningi ecabanga ngaso.” Wanezela nokuthi “uma kudlula usuku umuntu engalifundanga iBhayibheli ukuze athole ukuhlakanipha kwalo, lolo suku luyobe lumlahlekele.” Ungakujabulela ukutadisha iBhayibheli ngokufunda konke ongakufunda ngemininingwane yalo ebalulekile nangokubona indlela konke okuhlobana ngayo. Kujabulisa ngempela ukuhlola ububanzi, ubude, ukuphakama nokujula kweZwi likaNkulunkulu!

16. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

16 Amaqiniso amnandi uJehova asifundisa wona eZwini lakhe awanzima kakhulu ukuba singangawaqonda. Esihlokweni esilandelayo sizofunda ngelinye lamaqiniso ajulile—ithempeli likaJehova elikhulu elingokomoya, lelo uPawulu alichaza encwadini ayibhalela amaKristu angamaHebheru. Kwangathi ukufunda leso sihloko kungakujabulisa kakhulu.

INGOMA 94 Ukubonga NgeZwi LikaNkulunkulu

a Ukutadisha iBhayibheli kungasenza sijabule ukuphila kwethu konke. Kuyasizuzisa, kusisondeze nakuBaba wethu osezulwini. Kulesi sihloko sizobona ukuthi singabuhlola kanjani ‘ububanzi, ubude, ukuphakama nokujula’ kweZwi likaNkulunkulu.

b Bheka isihloko esithi “Isiprofetho Sasendulo Esibalulekile Kuwe” kuyi-Nqabayokulinda kaJulayi 2022.

c Ukuze uzilungiselele ukubhekana nezenzakalo ezizonyakazisa umhlaba maduzane, bheka incwadi ethi UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa! k. 230.