Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amacebiso Okutadisha

Amacebiso Okutadisha

Indlela Esingahambisana Ngayo Nokulungiswa Kwendlela Esiqonda Ngayo Izinto

Kuyilungelo elikhulu ukuphila esikhathini lapho uJehova eyicacisa ngokuqhubekayo indlela esiqonda ngayo iBhayibheli kunanini ngaphambili. (Dan. 12:4) Noma kunjalo, kungase kube nzima ukuhambisana nendlela esesiqonda ngayo amaqiniso eBhayibheli. Singazitholaphi lezi zinto ezilungisiwe nencazelo yazo?

• Kuyi-Watch Tower Publications Index ngaphansi kwesihloko esithi Beliefs Clarified” kunohlu oluphelele lwezinto ezilungisiwe oluhlelwe ngokulandelana kweminyaka. Ukuze uthole uhlu lwezihloko, bhala ukuthi “understanding clarified” (ubhale nabacaphuni) ebhokisini lokufuna kuyi-Watchtower Library noma kuyi-Watchtower ONLINE LIBRARY.

INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova inohlu olufushanisiwe oluhlelwe ngokwezihloko. Iya kwesithi “OFakazi BakaJehova,” bese ngaphansi kwesithi “Imibono Nezinkolelo,” uye kwesithi “Ukucaciswa Kwezinkolelo Zethu.”

Esifundweni sakho somuntu siqu, kungani ungakhethi okuthile okusanda kulungiswa bese ucwaninga indlela esikuqonda ngayo manje nezizathu ezingokomBhalo zalolo shintsho?