Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amacebiso Okutadisha

Amacebiso Okutadisha

Zazi Ngekhanda Izingoma Zethu

“Lapho ngizizwa ngizenyeza, uJehova ungikhuthaza ngezingoma eziku-JW Broadcasting®.”—ULorraine, wase-U.S.A.

Izingoma zokudumisa uNkulunkulu bezilokhu ziyingxenye yokukhulekela kwamaKristu. (Kol. 3:16) Uma uzifundisa ukuzibamba ngekhanda lezi zingoma, zingakusiza ngisho nalapho ungenalo iculo noma umshini wezobuchwepheshe. Zama la macebiso alandelayo ukuze akusize ukwazi ukuzibamba ngekhanda.

  • Fundisisa amagama ukuze uyiqonde incazelo yengoma. Uma uqonda incazelo yento ethile, kuba lula ukuyikhumbula leyo nto. Amagama azo zonke izingoma zethu, kuhlanganise nezingoma eziqanjiwe nezingoma zezingane, atholakala ku-jw.org/zu. Ngaphansi kwengxenye ethi Umtapo, iya kwethi Umculo.

  • Wabhale phansi amagama engoma. Ukuwabhala phansi cishe kuyowenza ahlale engqondweni, uwakhumbule.—Dut. 17:18.

  • Prakthiza kuzwakale. Yifunde noma uyicule kaningi ingoma.

  • Bheka ukuthi kungakanani okukhumbulayo. Zama ukukhumbula amagama ungazange ubheke lapho ebhalwe khona, bese uyabheka ukuthi kungakanani okukhumbulayo.