Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okuhle Nokubi: Sonke Kufanele Sikhethe

Okuhle Nokubi: Sonke Kufanele Sikhethe

Uma ufuna ukuyovakashela endaweni ongakaze uye kuyo, ungenzenjani?

  1. 1. Uzohamba ngendlela ocabanga ukuthi kufanele uhambe ngayo.

  2. 2. Uzolandela abanye unethemba lokuthi bayayazi indlela.

  3. 3. Uzosebenzisa ithuluzi ongalethemba njenge-GPS, ibalazwe noma ubuze umngani omethembayo oyaziyo indlela.

Uma sikhetha okokuqala noma okwesibili singase singafiki lapho esiya khona. Kodwa uma sikhetha okwesithathu singaqiniseka ukuthi sizofika lapho esiya khona.

Ukuphila kwethu kunjengokuthatha uhambo esinethemba lokuthi luzosenza sibe nekusasa elijabulisayo. Ukuthi sizofika yini kulele ekutheni sisifunaphi isiqondiso lapho senza izinqumo.

Nakuba izinqumo esizenzayo zingase zibe nomthelela ongatheni ekuphileni kwethu, ezinye zibaluleke kakhulu futhi zibonisa ukuthi siyakwazi yini ukuhlukanisa phakathi kokubi nokuhle. Izinqumo ezinjalo zingaba nomphumela ohlala isikhathi eside kithi nakulabo esibathandayo kungaba omuhle noma omubi. Lezi zinqumo zihlanganisa lokhu okulandelayo:

  • Ucansi nomshado

  • Ukwethembeka, umsebenzi nemali

  • Indlela yokukhulisa izingane

  • Indlela yokuphatha abanye

Ungazi kanjani ukuthi izinqumo ozenzayo ziyokwenza wena nomndeni wakho nibe nekusasa elijabulisayo?

Ngamunye wethu kumele azibuze lo mbuzo, yini eyoqondisa izinqumo engizenzayo ngokuphathelene nokuhle nokubi?

Lo magazini uzochaza ukuthi kungani singakwethemba okushiwo iBhayibheli ngokuphathelene nokuhle nokubi nokuthi lingasisiza kanjani.