Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 1

INGOMA 38 Uyonenza Nibe Namandla

Nqoba Ukwesaba Ngokuthembela KuJehova

Nqoba Ukwesaba Ngokuthembela KuJehova

ISIHLOKO SETHU SONYAKA KA-2024: “Lapho ngesaba, ngithembela kuwe.”IHU. 56:3.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Funda ukuthi yini esingayenza ukuze sethembele ngokwengeziwe kuJehova futhi sinqobe ukwesaba.

1. Kungani singase sifikelwe ukwesaba ngezinye izikhathi?

 NGEZINYE izikhathi sonke sifikelwa ukwesaba. Yiqiniso, ukufunda kwethu iBhayibheli kusikhululile ekwesabeni abantu asebashona, ekwesabeni amademoni nasekwesabeni ukuthi kuzokwenzekani esikhathini esizayo. Noma kunjalo, sisaphila esikhathini ‘esinemibono eyesabekayo,’ njengezimpi, ubugebengu nezifo. (Luka 21:11) Singase sesabe nabantu, okuhlanganisa ohulumeni abasicindezelayo noma ngisho amalungu omndeni aphikisa ukukhulekela kweqiniso. Abanye bakhathazeke ngokuthi ngeke bakwazi ukukhuthazelela uvivinyo ababhekene nalo manje noma abangase babhekane nalo esikhathini esizayo.

2. Chaza ukuthi uDavide wayezizwa kanjani ngesikhathi eseGati.

2 UDavide wesaba. Ngokwesibonelo, ngesikhathi iNkosi uSawule ifuna ukumbulala, uDavide wanquma ukubalekela edolobheni lamaFilisti iGati. Ngokushesha inkosi yaseGati, u-Akhishi, yathola ukuthi uDavide wayeyiqhawe elinamandla eladunyiswa ngokuculelwa ingoma ethi ubulale “amashumi ezinkulungwane” zamaFilisti. UDavide “wesaba kakhulu.” (1 Sam. 21:​10-12) Wayekhathazekile ngoba wayengazi ukuthi u-Akhishi uzomenzani. UDavide wakunqoba kanjani ukwesaba?

3. NgokweHubo 56:​1-3, 11, uDavide wakunqoba kanjani ukwesaba?

3 KumaHubo 56, uDavide uveza imizwa yakhe ngesikhathi eseGati. Lelo hubo likuveza obala ukwesaba kukaDavide, libuye lembule nokuthi wakunqoba kanjani lokho kwesaba. Lapho uDavide efikelwa ukwesaba wathembela kuJehova. (Funda iHubo 56:​1-3, 11.) Wayenezizathu ezizwakalayo zokwethembela kuJehova. Ngosizo lukaJehova, uDavide wenza iqhinga elingajwayelekile kodwa elasebenza: Wenza sengathi uyahlanya! U-Akhishi wabheka uDavide njengesicefe, wangambheka njengomuntu owusongo, lokhu kwenza uDavide wakwazi ukuphunyuka.—1 Sam. 21:13–22:1.

4. Singamethemba kanjani nakakhulu uJehova? Fanekisa.

4 Nathi singakunqoba ukwesaba ngokuthembela kuJehova. Nokho, singamethemba kanjani nakakhulu uJehova, ikakhulukazi lapho sesaba? Cabanga ngalokhu. Uma uthola ukuthi unesifo esithile, ungase uqale wesabe. Kodwa ngeke wesabe kakhulu uma umethemba udokotela wakho. Kungenzeka waziwa ngokuzelapha iziguli ezinesifo esikuphethe. Angase akulalelisise, akuqinisekise ngokuthi uyiqonda kahle indlela ozizwa ngayo. Angase asho ngisho nendlela yokwelashwa ebasizile abanye. Ngendlela efanayo, nathi simethemba nakakhulu uJehova ngokucabanga ngalokho asenzele kona, asenzela kona manje nangalokho azosenzela kona. Yilokho uDavide akwenza. Njengoba sizoxoxa ngamazwi akhe aphefumulelwe atholakala kumaHubo 56, cabanga ngendlela nawe ongamethemba ngayo nakakhulu uJehova unqobe nokwesaba.

YINI UJEHOVA ASEYENZILE?

5. Wazindla ngani uDavide ukuze anqobe ukwesaba? (IHubo 56:​12, 13)

5 Ngesikhathi ukuphila kukaDavide kusesengozini, wagxila kulokho uJehova ayesekwenzile esikhathini esidlule. (Funda iHubo 56:​12, 13.) Ukuphila kwakhe konke, uDavide wayekujwayele ukucabanga ngalokho uJehova ayesekwenzile. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi wayezindla ngemisebenzi yokudala kaJehova, okwamkhumbuza ngamandla amakhulu kaJehova nokuthi ubathanda kakhulu abantu. (IHu. 65:​6-9) Wazindla nangalokho uJehova ayekwenzele abanye. (IHu. 31:19; 37:​25, 26) Ngokukhethekile wazindla ngalokho uJehova ayemenzele kona. UJehova wasekela futhi wavikela uDavide kusukela esewusana. (IHu. 22:​9, 10) Ngokuqinisekile ukuzindla ngalokhu kwasiza uDavide wamethemba nakakhulu uJehova!

UDavide wafunda ukwethembela ngokwengeziwe kuJehova ngokucabanga ngalokho uJehova ayesekwenzile, ngayekwenza, nayesazokwenza (Bheka izigaba 5, 8, 12) d


6. Lapho ufikelwa ukwesaba, yini ezokusiza umethembe uJehova?

6 Uma ufikelwa ukwesaba, zibuze, ‘Yini uJehova aseyenzile?’ Cabanga ngezinto azidalile. Ngokwesibonelo, uma ‘sibukisisa’ indlela uJehova anakekela ngayo izinyoni nezimbali—okungadalwanga ngomfanekiso wakhe futhi okungakwazi ukumkhonza—siyomethemba ukuthi nathi uzosinakekela. (Math. 6:​25-32) Cabanga nangalokho uJehova akwenzele izinceku zakhe. Ungase ufunde ngomlingiswa oseBhayibhelini owabonisa ukholo oluqinile noma ungase ufunde ngesibonelo sokholo senceku kaJehova yangesikhathi sethu. a Zindla nangendlela uJehova akunakekele ngayo. Wakudonsela kanjani eqinisweni? (Joh. 6:44) Uyiphendule kanjani imithandazo yakho? (1 Joh. 5:14) Uzuza kanjani nsuku zonke ngenxa yesihlengo seNdodana yakhe ethandekayo?—Efe. 1:7; Heb. 4:​14-16.

Sifunda ukwethembela ngokwengeziwe kuJehova ngokucabanga ngalokho asekwenzile, ngakwenzayo manje, nasazokwenza esikhathini esizayo (Bheka izigaba 6, 9-10, 13-14) e


7. Okwenzeka kumprofethi uDaniyeli kwamsiza kanjani uVanessa wanqoba ukwesaba?

7 UVanessa, b udade waseHaiti, wabhekana nesimo esethusayo. Indoda eyayihlala ngakubo yayimfonela njalo futhi imthumelela imiyalezo, imshela. UVanessa wala waphetha. Kodwa le ndoda yaqala ukuba nodlame futhi yamesabisa. UVanessa uthi “ngangesaba.” Wakunqoba kanjani ukwesaba? Wathatha izinyathelo ezingokoqobo ukuze azivikele. Umdala wamsiza ukuba axhumane nabezomthetho. Kodwa wacabanga nangendlela uJehova ayevikele ngayo izinceku zakhe zangesikhathi esidlule. UVanessa uthi: “Umuntu wokuqala engacabanga ngaye umprofethi uDaniyeli. Nakuba ayengenacala, waphonswa emgodini wamabhubesi ayelambile. Kodwa uJehova wamvikela. Ngakho ngacela usizo kuJehova, ngashiyela izinto ezandleni zakhe. Ngemva kokwenza lokho, angibange ngisesaba.”—Dan. 6:​12-22.

YINI UJEHOVA AYENZAYO MANJE?

8. Yini uDavide ayeqiniseka ngayo? (IHubo 56:8)

8 Nakuba uDavide ayesengozini esongela ukuphila ngesikhathi eseGati, akazange avume ukunqotshwa ukwesaba. Kunalokho, wakhetha ukucabanga ngalokho uJehova ayemenzela kona ngaleso sikhathi. UDavide wabona ukuthi uJehova wayemqondisa futhi emvikela nokuthi wayeyiqonda indlela azizwa ngayo. (Funda iHubo 56:8.) UDavide wayenabangani, abanjengoJonathani no-Ahimeleki uMpristi Ophakeme abamsekela ngobuqotho bamnikeza nosizo olungokoqobo. (1 Sam. 20:​41, 42; 21:​6, 8, 9) Nakuba iNkosi uSawule yayifuna ukumbulala, uDavide waphunyuka. Wayeqiniseka ukuthi uJehova wayelwazi kahle uvivinyo ayebhekene nalo nokuthi lolo vivinyo lwalumenza azizwe kanjani.

9. Yini uJehova ayaziyo ngamunye wethu?

9 Lapho ubhekene novivinyo olukwenza wesabe, khumbula ukuthi uJehova uyalubona lolo vivinyo nokuthi lukwenza uzizwe kanjani. Ngokwesibonelo, uJehova akazange nje aqaphele kuphela ukuphathwa ngokungenabulungisa kwama-Israyeli eGibhithe, kodwa wayebazi ‘nobuhlungu ayebuzwa.’ (Eks. 3:7) UDavide wahlabelela wathi uJehova wakubona kokubili “ukuhlupheka” ‘nokucindezeleka kwakhe okukhulu.’ (IHu. 31:7) Ngisho nalapho abantu bakaNkulunkulu babehlupheka—ngenxa yezinqumo zabo eziwubuwula—“wayecindezelekile naye.” (Isaya 63:9) Lapho wesaba, uJehova uyayiqonda indlela ozizwa ngayo futhi uyakulangazelela ukukusiza ukuze unqobe ukwesaba onakho.

10. Yini ekwenza uqiniseke ukuthi uJehova uyakukhathalela nokuthi uzokusiza ukwazi ukubhekana nanoma yiluphi uvivinyo?

10 Yini ongayenza uma ubhekene novivinyo olwethusayo kodwa ungaboni ukuthi uJehova ukusiza kanjani. Mcele akusize ubone indlela akusekela ngayo. (2 AmaKh. 6:​15-17) Yibe usuzibuza: Ikhona yini inkulumo noma impendulo emhlanganweni yebandla engiqinisile? Ikhona yini incwadi, ividiyo noma ingoma eqanjiwe engikhuthazile? Ukhona yini ongikhuthaze ngamazwi noma ngevesi leBhayibheli? Kalula nje, singase singalunaki uthando esiluthola kubafowethu nodadewethu nesikhuthazo esisithola eZwini likaNkulunkulu. Kodwa konke lokhu kuyizipho eziyigugu kakhulu ezivela kuJehova. (Isaya 65:13; Marku 10:​29, 30) Kubonisa ukuthi uyakukhathalela. (Isaya 49:​14-16) Kuwubufakazi bokuthi ungamethemba.

11. Yini eyasiza u-Aida wanqoba ukwesaba?

11 U-Aida, ohlala eSenegal, wayibona indlela uJehova amsekela ngayo ngesikhathi ebhekene novivinyo. Njengoba ayeyingane endala kubo, abazali bakhe babelindele ukuba enze imali eyanele yokuba azinakekele futhi anakekele nabo. Kodwa ngemva kokwenza ukuphila kwakhe kube lula ukuze aphayone, u-Aida akabanga nemali eyanele. Umndeni wakubo wamthukuthelela futhi wamgxeka. Uthi: “Ngangesaba ukuthi ngangingeke ngikwazi ukusiza abazali bami futhi akekho owayezofuna ukusondelana nami. Ngaze ngasola uJehova ngokuthi uvumele izinto zaba zimbi.” Wabe esezwa inkulumo emhlanganweni. “Isikhulumi sasikhumbuza ukuthi noma yibuphi ubuhlungu esibuzwayo, uJehova uyabazi. Ngenxa yezeluleko ezivela kubadala nakwabanye, kancane kancane ngaphinde ngaqiniseka ukuthi uJehova uyangithanda. Lapho ngithandaza kuJehova ngaphinde ngamethemba nakakhulu ukuthi uzongisiza.” Ngokuhamba kwesikhathi u-Aida wathola umsebenzi owamsiza waqhubeka ephayona wakwazi nokunakekela abazali bakhe nabanye. Uthi: “Ngifunde ukuthembela kuJehova ngokuphelele. Manje, uma sengithandazile, ngokuvamile ukwesaba kwami kuyaphela.”

YINI UJEHOVA ASAZOYENZA?

12. NgokweHubo 56:​9, yini uDavide ayeqiniseka ngayo?

12 Funda iHubo 56:9. Leli vesi liveza enye indlela uDavide anqoba ngayo ukwesaba: Nakuba ukuphila kwakhe kwakusesengozini, wazindla ngalokho uJehova ayesazomenzela kona. UDavide wayazi ukuthi uJehova uzomsiza ngesikhathi esifanele. Ngaphezu kwalokho, uJehova wayeshilo ukuthi uDavide wayezoba inkosi eyayizolandela kwa-Israyeli. (1 Sam. 16:​1, 13) KuDavide, noma yini uJehova ayeyithembisile kwakufana nokuthi isigcwalisekile.

13. Yini esiqiniseka ngokuthi uJehova uzoyenza?

13 Yini uJehova athembise ukukwenzela yona? Asilindele ukuba asivikele kuzo zonke izinkinga. c Noma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi yiluphi uvivinyo ongase ubhekane nalo kuleli zwe elibi, uJehova uzoluqeda ezweni elisha elizayo. (Isaya 25:​7-9) Ngokuqinisekile, uMdali wethu unamandla okuvusa asebashona, okuselapha, aqede nabo bonke abaphikisi.—1 Joh. 4:4.

14. Yini esingazindla ngayo?

14 Uma uzizwa wesaba, zindla ngalokho uJehova asazokwenza esikhathini esizayo. Cabanga ukuthi uyozizwa kanjani lapho uSathane engasekho, lapho abantu ababi sebengasekho sekukhona abalungile, nalapho isono sisuswa kancane kancane kubantu usuku nosuku. Umboniso owenziwa emhlanganweni wesifunda ka-2014 wabonisa indlela esingazindla ngayo ngethemba esinalo. Ubaba wayexoxa nomndeni wakhe ngendlela eyesi-2 Thimothewu 3:​1-5 engase ifundeke ngayo ngendlela ehlukile uma lawo mavesi echaza ukuthi kuyoba njani ePharadesi: “Ezweni elisha kuyoba isikhathi esijabulisa kakhulu. Ngoba abantu bayothanda abanye, bathande ingcebo engokomoya, babe abanesizotha, abathobekile, abathanda uNkulunkulu, abalalela abazali, ababongayo, abathembekile, abathanda imindeni yabo, abathanda ukwenza isivumelwano, abakhuluma izinto ezinhle ngabanye, abanokuzithiba, abanomoya ophansi, abathandi bokuhle, abanokwethenjelwa, abathanda ukwamukela imibono yabanye, abamnene, abathanda uNkulunkulu kunokuba abathandi benjabulo, abesaba uNkulunkulu ngobuqotho; namathela kulaba bantu.” Uyaxoxa yini nomndeni wakho noma okholwa nabo ngokuthi kuyoba njani ukuphila ezweni elisha?

15. Nakuba uTanja ayesaba, yini eyamsiza wanqoba ukwesaba?

15 Udade okuthiwa uTanja, waseNyakatho yeMacedonia, wanqoba ukwesaba ngokuzindla ngezibusiso zesikhathi esizayo. Abazali bakhe bamphikisa kakhulu njengoba ayefunda iBhayibheli. Uthi: “Ezinye zezinto engangesaba ukuthi zizokwenzeka zenzeka ngempela. Njalo ngemva kwemihlangano umama wayengishaya. Abazali bami bangisongela ngokuthi bazongibulala uma ngiba omunye woFakazi BakaJehova.” Ekugcineni uTanja waxoshwa kubo. Wenzenjani? Uthi: “Ngacabanga ngendlela engiyojabula ngayo kuze kube phakade uma ngikhetha ukuhlala ngiqotho. Ngacabanga nangendlela uJehova ayongivuza ngayo ezweni elisha ngenxa yanoma yini engase ingilahlekele kuleli zwe, ngacabanga nangendlela esiyozikhohlwa ngayo zonke izinto ezimbi.” UTanja wahlala eqotho ngempela. Ngosizo lukaJehova wayithola indawo yokuhlala. Sikhuluma nje uTanja ushade nomzalwane othembekile futhi bakhonza ngenjabulo enkonzweni yesikhathi esigcwele.

METHEMBE NGOKWENGEZIWE UJEHOVA NAMUHLA

16. Yini ezosisiza sihlale sinesibindi lapho sibona izenzakalo ezabikezelwa kuLuka 21:​26-28?

16 Phakathi nosizi olukhulu, abantu abangamkhonzi uNkulunkulu “bayoquleka ngenxa yokwesaba.” Kodwa abantu bakaNkulunkulu bayoma baqine babe nesibindi. (Funda uLuka 21:​26-28.) Kungani thina singeke sesabe? Kungoba siyobe sesifundile ukwethembela kuJehova. UTanja, ocashunwe ekuqaleni, uthi okwamehlela esikhathini esidlule kuyamsiza akwazi ukubhekana nezinye izimo ezinzima. Uthi: “Ngifundile ukuthi uJehova angasisiza sikhuthazelele noma yisiphi isimo futhi asibusise. Ngezinye izikhathi kungase kubonakale sengathi izintambo ziphethwe abanye abantu, kodwa empeleni uJehova unamandla kunabo. Nakuba uvivinyo lungase lube nzima, luzophela.”

17. Isihloko sethu sonyaka ka-2024 sizosisiza kanjani? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

17 Ukwesaba kuyinto evamile namuhla. Kodwa njengoDavide, asikuvumeli kusiqede amandla. Isihloko sethu sonyaka ka-2024 siwumthandazo kaDavide oya kuJehova othi: “Lapho ngesaba, ngithembela kuwe.” (IHu. 56:3) Phawula lokho enye incwadi echaza iBhayibheli ekushoyo ngaleli vesi, ithi uDavide “akalokhu ecabanga ngezinto ezimenza esabe noma ngezinkinga zakhe kodwa ubheka kuMkhululi wakhe ozomkhulula.” Ezinyangeni ezizayo cabanga ngesihloko sethu sonyaka, ikakhulukazi lapho ubhekene nezimo ezesabisayo. Zinike isikhathi sokucabanga ngalokho uJehova akwenzile esikhathini esidlule, akwenzayo manje, nazokwenza esikhathini esizayo. Uma wenza kanjalo, ungasho njengoDavide uthi: “Ngithembele kuNkulunkulu; angesabi.”—IHu. 56:4.

Phakathi nesikhathi senhlekelele, udade ucabanga ngesihloko sonyaka (Bheka isigaba 17)

UNGAKUNQOBA KANJANI UKWESABA NGOKUCABANGA . . .

  • ngalokho uJehova asekwenzile?

  • ngalokho uJehova akwenzayo manje?

  • ngalokho uJehova asazokwenza?

INGOMA 33 Phonsa Umthwalo Wakho KuJehova

a Ungathola izibonelo eziqinisa ukholo ku-jw.org ngokubhala ukuthi “Lingisa Ukholo Lwabo” noma “Izinto ababhekane nazo” ebhokisini elithi funa. Kuyi-JW Library® app, bheka ngaphansi kwesithi izihloko eziwuchungechunge “Lingisa Ukholo Lwabo” noma “Izindaba Zokuphila ZoFakazi BakaJehova.”

b Amanye amagama ashintshiwe.

d INCAZELO YESITHOMBE: UDavide wacabanga ngendlela uJehova ayemnikeze ngayo amandla ukuze abulale ibhere, wacabanga ngendlela ayemnika ngayo usizo esebenzisa u-Ahimeleki, wacabanga nangokuthi wayesazomenza inkosi.

e INCAZELO YESITHOMBE: Umzalwane oboshelwe ukholo lwakhe ucabanga ngendlela uJehova amsiza ngayo wayeka ukubhema, ucabanga nangendlela amkhuthaza ngayo ngezincwadi ezivela kubantu abathandayo, ucabanga nangendlela azothola ngayo ukuphila okuphakade ePharadesi.