Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 2

INGOMA 19 ISidlo SeNkosi Sakusihlwa

Ingabe Usululungele Usuku Olubaluleke Kunazo Zonke Onyakeni?

Ingabe Usululungele Usuku Olubaluleke Kunazo Zonke Onyakeni?

“Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”LUKA 22:19.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Cabanga ngokuthi kungani iSikhumbuzo sibaluleke kangaka, ukuthi singasilungiselela kanjani nokuthi singabasiza kanjani abanye babe khona kuso.

1. Kungani iSikhumbuzo siwusuku olubaluleke kunazo zonke onyakeni? (Luka 22:​19, 20)

 KUBANTU bakaJehova, iSikhumbuzo sokufa kukaKristu siwusuku olubaluleke kunazo zonke onyakeni. Yisona kuphela isenzakalo uJesu ayala abalandeli bakhe ngokuqondile ukuba basikhumbule. (Funda uLuka 22:​19, 20.) Ziningana izizathu ezisenza silangazelele iSikhumbuzo. Ake sixoxe ngezinye zazo.

2. Yiziphi ezinye zezizathu ezisenza silangazelele iSikhumbuzo?

2 ISikhumbuzo sisisiza sicabange ngokubaluleka kwesihlengo. Sisikhumbuza ngezindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyabonga ngomhlatshelo kaJesu. (2 Kor. 5:​14, 15) Sisinika nethuba lokuba “sikhuthazane” nabafowethu nodadewethu. (Roma 1:12) Unyaka ngamunye kuba khona nabaningi abapholile. Abanye baze bathinteke bese bebuyela kuJehova ngenxa yokwamukelwa ngezandla ezifudumele eSikhumbuzweni. Abantu abaningi baye bafune ukutadisha iBhayibheli ngenxa yalokho abakubonayo nabakuzwayo. Yingakho iSikhumbuzo sikhetheke kangaka kithi!

3. Kungani sithi iSikhumbuzo sisenza sibe nobunye emhlabeni wonke? (Bheka nesithombe.)

3 Cabanga nangendlela iSikhumbuzo esibenza ngayo abafowethu nodadewethu babe nobunye emhlabeni wonke. OFakazi BakaJehova bahlangana ndawonye lapho ilanga lishona ezindaweni ezihlukahlukene emhlabeni wonke. Sonke silalela inkulumo egcizelela ukubaluleka kwesihlengo. Sicula izingoma ezimbili zokudumisa, sidlulise izifanekiselo, bese sisho ngokusuka enhliziyweni sithi “amen” ngemva kwemithandazo emine. Engakapheli amahora angu-24, wonke amabandla asuke esenze okufanayo. Ungayicabanga injabulo uJehova noJesu ababa nayo lapho besibona sibadumisa ngobunye ngale ndlela!

ISikhumbuzo senza abazalwane babe nobunye emhlabeni wonke (Bheka isigaba 3) f


4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

4 Kulesi sihloko sizoxoxa ngale mibuzo: Yini esingayenza ukuze izinhliziyo zethu zilungele iSikhumbuzo? Singabasiza kanjani abanye bazuze kuso? Singabasiza kanjani abantu abapholile? Izimpendulo zale mibuzo zizosisiza silungele lesi senzakalo esingcwele.

YINI ESINGAYENZA UKUZE IZINHLIZIYO ZETHU ZILUNGELE ISIKHUMBUZO?

5. (a) Kungani kufanele sicabange ngokubaluleka kwesihlengo? (IHubo 49:​7, 8) (b) Yini oyifundile kuvidiyo ethi Kungani UJesu Afa?

5 Enye yezindlela ezibaluleke kunazo zonke esingenza ngayo izinhliziyo zethu zilungele iSikhumbuzo ukuzindla ngokubaluleka komhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu. Thina asikwazi ukuzikhulula esonweni nasekufeni. (Funda iHubo 49:​7, 8; bukela nevidiyo ethi video Kungani UJesu Afa?) a UJehova wahlela ukuba uJesu anikele ngokuphila kwakhe ngenxa yethu. Bobabili bazidela kakhulu ngenxa yesihlengo. (Roma 6:23) Uma sizindla ngokwengeziwe ngalokho uJehova noJesu abakudela ngenxa yethu, sizosazisa nakakhulu isihlengo. Sizoxoxa ngezinto ezimbalwa uJehova noJesu abazidela ngenxa yesihlengo. Kodwa okokuqala, sasihilelani isihlengo?

6. Sasihilelani isihlengo?

6 Isihlengo inani elikhokhwayo ukuze kubuyiswe okuthile. Umuntu wokuqala u-Adamu wadalwa engenasono. Lapho ona, walahlekelwa ithuba lokuphila phakade, langalahlekela yena kuphela kodwa nazo zonke izingane zakhe. Ukuze abuyise lokho okwalahlwa u-Adamu, uJesu wanikela ngokuphila kwakhe okungenasono kwaba umhlatshelo. Kukho konke ukuphila kwakhe esemhlabeni, uJesu “akenzanga sono, nenkohliso ayitholakalanga emlonyeni wakhe.” (1 Pet. 2:22) Ngesikhathi uJesu efa, ukuphila kwakhe okungenasono kwakulingana ncamashi nokuphila okwalahlwa u-Adamu.—1 Kor. 15:45; 1 Thim. 2:6.

7. Yiluphi uvivinyo uJesu abhekana nalo ngesikhathi esemhlabeni?

7 UJesu waqhubeka emlalela uYise wasezulwini naphezu kovivinyo oluningi abhekana nalo esemhlabeni. Ngesikhathi eseyingane, wazithoba egunyeni labazali bakhe abanesono nakuba yena ayezalwe engenasono. (Luka 2:51) Esekhulakhulile, kwadingeka alwe nokucindezelwa okwakungamenza angalaleli noma angathembeki. Lapho esemdala, kwadingeka amelane nezilingo zikaSathane uDeveli, ezihlanganisa ukuhlaselwa ngokuqondile kobuqotho bakhe kuNkulunkulu. (Math. 4:​1-11) USathane wayezimisele ukwenza uJesu one ukuze angakwazi ukukhokha isihlengo.

8. Yiluphi olunye uvivinyo uJesu alukhuthazelela?

8 Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wakhuthazelela nolunye uvivinyo. Washushiswa, wasongelwa nangokubulawa. (Luka 4:​28, 29; 13:31) Kwadingeka abekezelele amaphutha abalandeli bakhe. (Marku 9:​33, 34) Lapho kuqulwa icala lakhe, wahlushwa wenziwa nenhlekisa. Ngemva kwalokho, wabulawa ngendlela enesihluku nehlazisayo. (Heb. 12:​1-3) Kwadingeka akhuthazelele ingxenye yokugcina yokuqulwa kwecala lakhe eyedwa, ngaphandle kwesivikelo sikaJehova. bMath. 27:46.

9. Sizizwa kanjani ngokuzidela kukaJesu? (1 Petru 1:8)

9 Kuyacaca ukuthi uJesu wahlupheka kakhulu ukuze asihlenge. Asizizwa yini simthanda ngokujulile uma sicabanga ukuthi wazidela kangakanani ngenxa yethu?—Funda eyoku-1 Petru 1:8.

10. Yini uJehova ayidela ngenxa yesihlengo?

10 Kuthiwani ngoJehova? Yini ayidela ukuze uJesu abe isihlengo? UJehova noJesu basondelene kakhulu kunendlela ubaba asondelana ngayo nendodana yakhe. (IzAga 8:30) Cabanga-ke nje ukuthi uJehova wazizwa kanjani lapho uJesu ekhuthazelela uvivinyo oluningi kangaka emhlabeni. Akungabazeki ukuthi kwamzwisa ubuhlungu obukhulu uJehova lapho ebona iNdodana yakhe iphathwa kabi, iphikwa futhi ivivinywa.

11. Nikeza isibonelo esibonisa indlela okumele ukuba uJehova wazizwa ngayo lapho uJesu ebulawa.

11 Noma yimuphi umzali oke washonelwa ingane uyazi kahle imizwa ejulile yosizi ebangelwa yilokho kushonelwa. Sinokholo oluqinile ovukweni, kodwa alubuqedi ubuhlungu esibuzwa lapho sishonelwa umuntu esimthandayo. Lesi sibonelo siyasisiza siqonde indlela uJehova azizwa ngayo lapho ebona iNdodana yakhe ayithandayo ihlupheka futhi ifa entwasahlobo yango-33 C.E. cMath. 3:17.

12. Yini esingayenza phakathi namaviki andulela iSikhumbuzo?

12 Kusukela manje kuze kube iSikhumbuzo, kungani ungafundi okwengeziwe ngesihlengo esifundweni sakho siqu noma ekuKhulekeleni Komndeni? Sebenzisa incwadi ethi iNcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova (uma ikhona ngolimi lwakho) noma ezinye izincwadi zokutadisha iBhayibheli ukuze ufunde ujule ngesihlengo. d Qiniseka nangokuthi uyahambisana nokufundwa kweBhayibheli KweSikhumbuzo okusencwajaneni ethi INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu. Ngosuku lweSikhumbuzo, ungakhohlwa ukubukela uhlelo olukhethekile lokuKhulekela Kwasekuseni. Lapho senza izinhliziyo zethu zilungele iSikhumbuzo, siyoba sethubeni elikahle lokusiza nabanye bazuze kuso.—Ezra 7:10.

SIZA ABANYE BAZUZE

13. Yisiphi isinyathelo sokuqala sokusiza abanye bazuze eSikhumbuzweni?

13 Yini esingayenza ukuze sisize abanye bazuze eSikhumbuzweni? Isinyathelo sokuqala ukubamema. Ngaphandle nje kokumema abantu esibathola ensimini, singenza nohlu lwabantu esibaziyo esingabamema. Kungaba izihlobo zethu, esisebenza nabo, esifunda nabo esikoleni nabanye esibaziyo. Ngisho noma singenawo amakhophi anele esimemo esinyathelisiwe, singabathumelela ilinki yesimemo. Kwazi bani ukuthi bangaki abangase bafike!—UmSh. 11:6.

14. Bonisa ukuthi kunamandla kangakanani ukumema umuntu ngokuqondile.

14 Ungalokothi uwangabaze amandla okumema umuntu ngokoqobo. Ngelinye ilanga udade onomyeni ongeyena uFakazi wamangala lapho emtshela ngelikhulu iqholo ukuthi uhlela ukuya naye eSikhumbuzweni. Kungani kwammangaza lokho? Kungenxa yokuthi wayesemcele kaningi umyeni wakhe ukuba abe khona eSikhumbuzweni kodwa wayengakaze aye. Yini eyayisishintshile? Umyeni wakhe wathi: “Nganikezwa isimemo ngokuqondile.” Wayemenywe umdala ayemjwayele. Umyeni wakhe waya eSikhumbuzweni ngalowo nyaka, waqhubeka eya nangeminyaka eminingi eyalandela.

15. Yini esifuna ukuyikhumbula lapho simemela abantu eSikhumbuzweni?

15 Khumbula ukuthi abantu esibamemayo bangase babe nemibuzo—ikakhulukazi uma bengakaze babe khona emihlanganweni yethu. Kuhle siyilindele imibuzo yabo futhi sikulungele ukuyiphendula. (Kol. 4:6) Ngokwesibonelo, abanye bangase bazibuze: ‘Kuzobe kwenziwani eSikhumbuzweni?’ ‘Sizothatha isikhathi esingakanani?’ ‘Kugqokwa kanjani?’ ‘Kungenwa ngemali yini?’ ‘Kuyanikelwa?’ Lapho simemela umuntu eSikhumbuzweni, singavele simbuze, “Ikhona imibuzo onayo?” bese siyiphendula uma enayo. Singasebenzisa nevidiyo ethi Khumbula Ukufa KukaJesu nethi Kwenziwani EHholo LoMbuso? ukuze simsize aqonde ukuthi iqhutshwa kanjani imihlangano yethu. Isifundo 28 sencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! sinamaphuzu amaningi amahle esingaxoxa ngawo.

16. Yimiphi eminye imibuzo abangase bayibuze abantu ababa khona eSikhumbuzweni?

16 Ngemva kokuba khona eSikhumbuzweni, labo abanesifiso sokufunda bangase babe neminye imibuzo. Bangase babuze ukuthi kungani bembalwa abadle izifanekiselo (uma bekhona abazidlile). Bangase babuze nokuthi siba khona kangaki iSikhumbuzo. Bangase bafune nokwazi ukuthi yonke imihlangano yoFakazi BakaJehova iqhutshwa ngendlela efanayo yini. Nakuba amaningi ala maphuzu kuxoxwa ngawo enkulumweni yeSikhumbuzo, abantu abaqala ukuba khona eSikhumbuzweni kungase kudingeke bachazelwe kabanzi. Isihloko esiku-jw.org esithi “Kungani OFakazi BakaJehova Begcina Isidlo SeNkosi Sakusihlwa Ngendlela Ehlukile Kweyezinye Izinkolo?” singasisiza siphendule eminye yemibuzo yabo. Sifuna ukwenza konke esingakwenza—ngaphambi kweSikhumbuzo, phakathi naso nangemva kwaso—ukuze sisize abantu ‘abanesimo esihle sengqondo’ bazuze eSikhumbuzweni.—IzE. 13:48.

SIZA ABAPHOLILE

17. Abadala bangabasiza kanjani abapholile? (Hezekeli 34:​12, 16)

17 Phakathi nenkathi yeSikhumbuzo, abadala bangabasiza kanjani abapholile? Bonisa ukuthi uyabakhathalela. (Funda uHezekeli 34:​12, 16.) Ngaphambi kweSikhumbuzo, qiniseka ukuthi uxhumana nabaningi ngangokunokwenzeka. Batshele ukuthi uyabathanda futhi ufuna ukubasiza nganoma iyiphi indlela. Bamemele eSikhumbuzweni. Uma beba khona, bamukele ngemfudumalo. Ngemva kweSikhumbuzo, qhubeka uxhumana nalaba bafowethu nodadewethu esibathandayo, ubanikeze nanoma yiluphi usizo abaludingayo ukuze babuyele kuJehova.—1 Pet. 2:25.

18. Yini sonke esingayenza ukuze sisize abapholile? (Roma 12:10)

18 Bonke ebandleni bangabasiza abapholile ababa khona eSikhumbuzweni. Kanjani? Ngokubabonisa uthando, umusa nenhlonipho. (Funda eyabaseRoma 12:10.) Khumbula ukuthi lezi zimvu ezithandekayo kungenzeka bezingabaza ukubuyela emihlanganweni. Mhlawumbe bezisaba ukuthi ngeke zamukelwe kahle. e Ngakho gwema ukuzidonsela amehlo ngokuzibuza imibuzo ezozibangela amahloni noma ngokusho izinto ezizozizwisa ubuhlungu. (1 Thes. 5:11) Laba bafowethu nodadewethu bangamakholwa esikanye nawo. Kusijabulisa kakhulu ukuphinde sikhonze nabo!—IHu. 119:176; IzE. 20:35.

19. Yiziphi izinzuzo esizithola ngokukhumbula ukufa kukaJesu?

19 Siyabonga ngokuthi uJesu wasitshela ukuba sikhumbule ukufa kwakhe unyaka nonyaka futhi siyaqonda ukuthi kungani kubaluleke kangaka. Lapho siba khona eSikhumbuzweni, thina kanye nabanye abasuke bekhona sizuza ngezindlela eziningi. (Isaya 48:​17, 18) Simthanda nakakhulu uJehova noJesu. Sibonisa ukuthi siyabonga ngalokho abasenzele kona. Ubuhlobo bethu nabafowethu nodadewethu buyaqina. Singasiza nabanye bafunde ukuthi bangazithola kanjani izibusiso esizithola ngenxa yesihlengo. Ngakho, masenze konke esingakwenza ukuze silungele iSikhumbuzo salo nyaka—usuku olubaluleke kunazo zonke onyakeni!

YINI ESINGAYENZA UKUZE . . .

  • izinhliziyo zethu zilungele iSikhumbuzo?

  • sisize abanye bazuze kuso?

  • sisize abapholile?

INGOMA 18 Siyabonga Ngesihlengo

a Ebhokisini elithi “Funa” elitholakala ku-jw.org, bhala izihloko nezihloko zamavidiyo okukhulunywa ngawo kulesi sihloko.

b Bheka isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-Ephreli 2021.

d Bheka ibhokisi elithi “ Ongacwaninga Ngakho.

e Bheka izithombe nebhokisi elithi “ Yini Eyenziwa Ibandla?” Umzalwane opholile uyangabaza ukungena eHholo LoMbuso, kodwa ugcina engenile. Wamukelwa ngemfudumalo, ajabulele ukuba nabafowabo.

f INCAZELO YEZITHOMBE: Lapho kwezinye izingxenye zomhlaba abantu bakaJehova beseSikhumbuzweni, abafowabo nodadewabo kwezinye izingxenye zomhlaba nabo basuke belungiselela lesi senzakalo esikhethekile.