Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uphatha Abesifazane Ngendlela UJehova Abaphatha Ngayo?

Ingabe Uphatha Abesifazane Ngendlela UJehova Abaphatha Ngayo?

SINELUNGELO lokukhonza kanye nabesifazane abaningi abathembekile. Siyabathanda futhi siyabazisa bonke labo dadewethu abaqotho nabasebenza kanzima! a Ngakho bazalwane, lwelani ukubaphatha ngendlela enomusa, nibahloniphe, ningababandlululi. Kodwa ngenxa yokuthi sinesono, ngezinye izikhathi kungase kube nzima ukukwenza lokhu. Kodwa kwabanye abazalwane kunzima nakakhulu ukukwenza lokhu.

Abanye bakhulele emasikweni lapho abesilisa abaningi bephatha abesifazane njengabangezinto zalutho. Ngokwesibonelo, uHans, umbonisi ojikelezayo waseBolivia, uthi: “Amanye amadoda akhulela esikweni elithi kukhala isicathulo sendoda, okwenza amadoda abe nomuzwa ojulile wokuthi angcono kunabesifazane.” UShengxian, umdala waseTaiwan, uthi: “La engihlala khona, amadoda amaningi athi ngeke ngitshelwe umuntu wesifazane. Uma indoda isho umbono ovezwe owesifazane, amanye amadoda angase acabange ukuthi iyisiyoyoyo.” Amanye amadoda abandlulula abesifazane ngezindlela eziphansi. Ngokwesibonelo, angase enze amancoko alulaza abesifazane.

Siyabonga ngokuthi ayikho indoda eboshelwe esikweni eyakhula ngalo. Ingakwazi ukulwisana nombono wokuthi amadoda angcono kunabesifazane. (Efe. 4:​22-24) Lokhu ingakwenza ngokulingisa isibonelo sikaJehova. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela uJehova abaphatha ngayo abesifazane, ngendlela abazalwane abangafunda ngayo ukuphatha abesifazane ngendlela uJehova abaphatha ngayo, nangokuthi abadala bangaba kanjani isibonelo ekuboniseni odade inhlonipho.

UJEHOVA UBAPHATHA KANJANI ABESIFAZANE?

UJehova uyisibonelo esihle kakhulu sendlela okufanele abesifazane baphathwe ngayo. Njengoba enguBaba onozwela, uyawuthanda umndeni wakhe ongabantu. (Joh. 3:16) Odade abathembekile banjengamadodakazi ayigugu kuye. Cabanga ngalezi zindlela ezilandelayo uJehova aphatha ngazo abesifazane ngendlela ehloniphekile.

Akababandlululi. UJehova wadala amadoda nabesifazane ngomfanekiso wakhe. (Gen. 1:27) Akazange enze amadoda ahlakaniphe kakhulu noma abe namakhono kakhulu kunabesifazane futhi akathandi kakhulu amadoda kunabesifazane. (2 IziKr. 19:7) Wadala amadoda nabesifazane benekhono elifanayo lokuqonda amaqiniso eBhayibheli nokubonisa izimfanelo zakhe ezinhle. Ubheka nokholo lwamadoda nabesifazane abathembekile ngendlela efanayo—kungakhathaliseki ukuthi banethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi noma lokukhonza njengamakhosi nabapristi ezulwini. (2 Pet. 1:​1, mbhw.) Kuyacaca ukuthi uJehova akababandlululi abesifazane.

Uyabalalela. UJehova uyafuna ukwazi ngezinto ezibakhathazayo abesifazane nangendlela abazizwa ngayo. Ngokwesibonelo, wayilalela imithandazo kaRaheli noHana futhi wayiphendula. (Gen. 30:22; 1 Sam. 1:​10, 11, 19, 20) UJehova waphinde waphefumulela nababhali beBhayibheli ukuba babhale ngabesilisa ababalalela abesifazane. Ngokwesibonelo, u-Abrahama wasilalela isiqondiso sikaJehova sokuba alalele umkakhe, uSara. (Gen. 21:​12-14) INkosi uDavide yamlalela u-Abhigayili. Empeleni, yabona sengathi uJehova owayethumele u-Abhigayili ukuba akhulume nayo. (1 Sam. 25:​32-35) UJesu, ozilingisa ngokuphelele izimfanelo zikaYise, wamlalela unina, uMariya. (Joh. 2:​3-10) Lezi zibonelo ziqokomisa ukuthi enye indlela uJehova abonisa ngayo ukuthi uyabahlonipha abesifazane, ukubalalela.

Uyabethemba. Ngokwesibonelo, uJehova wamethemba u-Eva ukuthi angasiza ekunakekeleni wonke umhlaba. (Gen. 1:28) Ngokwenza kanjalo, wabonisa ukuthi akambukeli phansi kodwa umbheka njengomsizi womyeni wakhe, u-Adamu. UJehova wabethemba nabaprofethikazi uDebora noHulida ukuthi bangeluleka abantu bakhe, abahlanganisa umahluleli nenkosi. (AbaHl. 4:​4-9; 2 AmaKh. 22:​14-20) Namuhla uJehova ubaphathise umsebenzi wakhe abesifazane abangamaKristu. Labo dade abathembekile bakhonza njengabamemezeli, amaphayona nezithunywa zevangeli. Bayasiza ekuklameni, nasekwakheni amaHholo oMbuso nezakhiwo zegatsha futhi bakugcine kusesimweni esihle. Abanye babo bakhonza eBethel; abanye bakhonza emahhovisi abahumushi. Labo dade banjengebutho elikhulu uJehova alisebenzisayo ukuze afeze intando yakhe. (IHu. 68:11) Ngokusobala, uJehova akabheki abesifazane njengabantu ababuthaka noma abangakwazi kwenza lutho.

ABAZALWANE BANGAFUNDA KANJANI UKUPHATHA ABESIFAZANE NGENDLELA UJEHOVA ABAPHATHA NGAYO?

Bazalwane, ukuze sibone ukuthi indlela esiphatha ngayo odade abangamaKristu iyafana yini nendlela uJehova abaphatha ngayo, kudingeka siyihlolisise indlela esicabanga ngayo nesenza ngayo. Ukuze senze lokho sidinga usizo. Njengoba nje umshini we-X-ray ukwazi ukubona izinkinga enhliziyweni yomuntu, umngani oqotho neZwi likaNkulunkulu kungasisiza sibone noma yimiphi imizwa emibi esinayo ngabesifazane, okungenzeka sinayo ekujuleni kwezinhliziyo zethu. Yini esingayenza ukuze siluthole lolo sizo?

Buza umngani omethembayo. (IzAga 18:17) Kuhle ukuya kumngani omethembayo onomusa nozokutshela iqiniso, umbuze imibuzo enjengokuthi: “Ucabanga ukuthi ngibaphatha kanjani odade? Bayabona yini ukuthi ngiyabahlonipha? Ngingayithuthukisa yini indlela engisebenzelana ngayo nabo?” Uma umngani wakho ekutshela izinto okufanele uzithuthukise, gwema ukubeka izaba. Kunokuba ubeke izaba, zimisele ukushintsha.

Tadisha iZwi likaNkulunkulu. Indlela enhle kakhulu engasisiza sibone ukuthi sibaphatha kahle yini odade, ukuhlola isimo sethu sengqondo nezenzo zethu sisebenzisa iZwi likaNkulunkulu. (Heb. 4:12) Njengoba sitadisha iBhayibheli, sifunda ngamadoda abaphatha kahle abesifazane namadoda angabaphathanga kahle. Singabe sesiqhathanisa indlela abenza ngayo nendlela esenza ngayo. Ngaphezu kwalokho, ukuqhathanisa amavesi eBhayibheli kungasenza singayisonti imiBhalo singaqondile ukuze ivumelane nemibono yethu eyiphutha ngabesifazane. Ngokwesibonelo, eyoku-1 Petru 3:7 ithi inkosikazi kumele yaziswe ‘njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana.’ b Ingabe lokhu kusho ukuthi ayiyinto yalutho—ayihlakaniphile kangako noma ayikwazi ukwenza lutho—kunomuntu wesilisa? Akunjalo neze! Qhathanisa amazwi kaPetru nalokho okushiwo eyabaseGalathiya 3:​26-29, ukuthi uJehova ukhethe abesifazane nabesilisa ukuba babuse kanye noJesu ezulwini. Lapho sitadisha iZwi likaNkulunkulu sibuze nakumngani oqotho ukuthi sibaphatha kahle yini abesifazane, singafunda ukubahlonipha ngendlela efanele odadewethu.

ABADALA BABONISA KANJANI UKUTHI BAYABAHLONIPHA ODADE?

Abazalwane ebandleni nabo bangafunda ukuphatha odade ngenhlonipho ngokulingisa isibonelo sabadala abanothando. Abadala basibeka kanjani isibonelo sokuhlonipha odade? Cabanga ngalezi zindlela ezingokoqobo.

Bayabancoma odade. Umphostoli uPawulu wabeka isibonelo esihle abadala abangasilingisa. Encwadini ayeyibhalele ibandla laseRoma wabancoma odade abambalwa. (Roma 16:12) Ungacabanga nje indlela labo dade abajabula ngayo lapho incwadi kaPawulu ifundwa ebandleni? Ngendlela efanayo, abadala bayabancoma kakhulu odade ngenxa yezimfanelo zabo ezinhle nangenxa yomsebenzi abawenzela uJehova. Lokhu kusiza odade babone ukuthi bahlonishwa kakhulu futhi bayaziswa. Amazwi akhuthazayo ashiwo umdala angase abe yilokho kanye labo dade abakudingayo njengoba beqhubeka bekhonza uJehova ngokwethembeka.—IzAga 15:23.

Ncoma

Lapho bencoma odade, babancoma ngobuqotho, bazisho ngokuqondile izinto ezinhle abazenzayo. Kungani? Udade okuthiwa uJessica uthi: “Kuyajabulisa ukuzwa abazalwane bethi kudade ‘wenza kahle.’ Kodwa kujabulisa nakakhulu lapho abazalwane besincoma bezisho ngokuqondile izinto esizenza kahle, njengokufundisa izingane zethu ukuba zingabangi umsindo esifundweni nokuyolanda isifundo seBhayibheli size naso esifundweni.” Lapho abadala bencoma odade ngokusho okuhle abakwenzile, benza odade bazizwe bebalulekile futhi bedingeka ebandleni.

Bayabalalela odade. Abadala abathobekile bayaqaphela ukuthi akubona bodwa abanemibono emihle. Abadala abathobekile bayabacela odade ukuba baveze imibono yabo futhi babalalelisise lapho bekhuluma. Uma abadala benza kanjalo, bayabakhuthaza odade futhi nabo basizakale. Kanjani? Umdala okuthiwa uGerardo, okhonza eBethel, uthi: “Ngithole ukuthi ukucela imibono yodade kuyangisiza ngiwenze kahle umsebenzi wami. Ngokuvamile basuke benesikhathi eside bewenza lowo msebenzi kunabazalwane.” Ebandleni, odade abaningi bangamaphayona, ngakho bazi okuningi ngabantu basendaweni. Umdala okuthiwa uBryan uthi: “Kuningi odadewethu abakwenzela inhlangano. Ngakho ncelani ulwazi kubo!”

Lalela

Abadala abahlakaniphile abasheshi ukuyenqaba imibono yodade. Kungani? Umdala okuthiwa u-Edward uthi “umbono kadade nolwazi analo kungasiza umzalwane abone konke okuhilelekile ngendaba futhi kungamsiza abe nozwela.” (IzAga 1:5) Ngisho noma umdala engeke akusebenzise ukusikisela kukadade, angamncoma ngokusikisela kwakhe nangolwazi analo.

Bayabaqeqesha odade. Abadala abanokuqonda babheka amathuba okuqeqesha odade. Ngokwesibonelo, bangaqeqesha odade ukuthi bangayiqhuba kanjani imihlangano yenkonzo yasensimini uma kwenzeka engekho umzalwane obhapathiziwe. Bangabaqeqesha ukusebenzisa amathuluzi nemishini ethile ukuze bakwazi ukusiza ekwakheni izakhiwo zenhlangano nokuzigcina zisesimweni esihle. EBethel ababonisi baqeqeshe odade ukuba banakekele izabelo ezihlukahlukene, ezihlanganisa umnyango wokulungisa izinto, owokuthenga, owezimali, owamakhompyutha kanye neminye. Lapho abadala beqeqesha odade, babonisa ukuthi bayabethemba ukuthi bangakwazi ukufeza izabelo.

Qeqesha

Odade abaningi basebenzisa ukuqeqeshwa abakuthole kubadala ukuze bazuzise abanye. Ngokwesibonelo, abanye odade basebenzisa ukuqeqeshwa abakuthole emsebenzini wokwakha ukuze basize abanye bavuselele imizi yabo ngemva kwenhlekelele yemvelo. Abanye odade basebenzisa amakhono abawafunde ekushumayeleni obala ukuze baqeqeshe odade abengeziwe kulo mkhakha wenkonzo. Odade bazizwa kanjani ngabadala ababaqeqesha? Udade okuthiwa uJennifer uthi: “Ngesikhathi ngisebenza emsebenzini wokwakha iHholo LoMbuso, umbonisi wazinika isikhathi ukuze angiqeqeshe. Wawuphawula umsebenzi engangiwenza wayesengincoma. Ngangikuthanda ukusebenza naye ngoba ngangizizwa ngibalulekile futhi ngethenjwa.”

IZINZUZO ZOKUPHATHA ODADE NJENGOKUNGATHI SIZALWA NABO

Odadewethu abathembekile sibathanda ngendlela uJehova abathanda ngayo! Ngakho sibaphatha njengokungathi sizalwa nabo. (1 Thim. 5:​1, 2) Kuyilungelo elikhulu ukukhonza nabo futhi siyaziqhenya ngabo. Siyajabula lapho bebona ukuthi siyabathanda futhi siyabasekela. Udade okuthiwa uVanessa uthi: “Ngimbonga kakhulu uJehova ngokuba ingxenye yenhlangano yakhe, egcwele abafowethu abangikhuthazile.” Udade waseTaiwan uthi: “Ngimbonga kakhulu uJehova nenhlangano yakhe ngokuthi ubazisa kakhulu kangaka abesifazane nendlela esizizwa ngayo. Lokhu kuqinisa ukholo lwami futhi kungenza ngilazise kakhulu ilungelo enginalo lokuba ingxenye yenhlangano kaJehova.”

Kumele ukuba uJehova uyajabula lapho ebona amadoda angamaKristu athembekile ezama ukulingisa indlela abheka naphatha ngayo abesifazane! (IzAga 27:11) Umdala waseScotland okuthiwa uBenjamin, uthi “izwe libabukela phansi abesifazane. Ngakho lapho abesifazane bengena eHholo LoMbuso, sifuna bawuzwe umehluko.” Kwangathi sonke singenza konke okusemandleni ukuze silingise uJehova ngokuphatha odadewethu abathandekayo ngothando nangenhlonipho ebafanele.—Roma 12:10.

a Kulesi sihloko, igama elithi “odadewethu” libhekisela kodadewethu abangamaKristu, hhayi odadewethu esizalwa nabo.

b Ukuze uthole incazelo yenkulumo ethi ‘isitsha esibuthakathaka kakhudlwana,’ bheka isihloko esithi “Inani ‘Lesitsha Esibuthakathaka’” kuyi-Nqabayokulinda kaMeyi 15, 2006 nesithi “Isiqondiso Esihlakaniphile Semibhangqwana Eshadile” kuyi-Nqabayokulinda kaMashi 1, 2005.