Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMACEBISO OKUTADISHA

Amacebiso Okutadisha

Amacebiso Okutadisha

Asigcini nje ngokukhonza uJehova lapho sinabanye emihlanganweni yebandla, emihlanganweni emincane nemikhulu, kodwa simkhonza nalapho sisodwa nalapho sinemindeni yethu. Nawa amanye amacebiso ongawasebenzisa esifundweni somuntu siqu nasekukhulekeleni komndeni:

  • Lungiselela imihlangano yebandla. Ungaprakthiza izingoma usize nabo bonke ekhaya balungiselele izimpendulo zabo.

  • Funda indaba eseBhayibhelini. Ngemva kwalokho, dweba isithombe sento ethile kulokho obukufunda noma ubhale phansi okufundile.

  • Funda umthandazo othile otholakala eBhayibhelini, bese ucabanga ngokuthi ungakusiza kanjani uthuthukise imithandazo yakho.

  • Bukela ividiyo yenhlangano bese uxoxa ngayo nabanye noma ubhale phansi okuthandile kuyo.

  • Lungiselela inkonzo yasensimini, mhlawumbe uprakthize lokho ozokusho.

  • Bukisisa indalo, uzindle ngayo noma uxoxe nabanye ngokuthi ikufundisani ngoJehova. a

a Bheka isihloko esithi “Funda Okwengeziwe NgoJehova Ngokubuka Indalo Yakhe” kuyi-Nqabayokulinda kaMashi 2023.