Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 7

INGOMA 51 Sizinikezele KuNkulunkulu!

Izifundo Esingazifunda KumaNaziri

Izifundo Esingazifunda KumaNaziri

“Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe ungcwele kuJehova.”NUM. 6:8.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Indlela isibonelo samaNaziri esingasisiza ngayo sikhonze uJehova ngomoya wokuzidela nangesibindi.

1. Yisiphi isimo sengqondo esihle esiye saboniswa abakhulekeli bakaJehova kuwo wonke umlando wesintu?

 BUYIGUGU yini kuwe ubuhlobo bakho noJehova? Akungabazeki ukuthi buyigugu! Baningi abazizwa ngaleyo ndlela. Kusukela emandulo, baningi abantu abaye bazizwa ngendlela efanayo. (IHu. 104:​33, 34) Abaningi baye bazidela ukuze bakhonze uJehova. Yilokho kanye okwenziwa ama-Israyeli asendulo ayaziwa ngokuthi amaNaziri. Ayengobani futhi yini esingayifunda esibonelweni sawo?

2. (a) Ayengobani amaNaziri? (Numeri 6:​1, 2) (b) Kungani amanye ama-Israyeli akhetha ukwenza isifungo sokuba amaNaziri?

2 Igama elithi “umNaziri” livela egameni lesiHebheru elisho ukuthi “Okhethiwe,” “Ohlukanisiwe” noma “Onikelwe.” Leli gama limchaza kahle umIsrayeli oshisekayo owayedele izinto ezithile ukuze akhonze uJehova ngendlela ekhethekile. UMthetho KaMose wawuvumela owesilisa noma owesifazane ukuba enze isifungo esikhethekile kuJehova ngokuthi akhethe ukuphila njengomNaziri isikhathi esithile. a (Funda uNumeri 6:​1, 2.) Leso sifungo noma isithembiso sasihlanganisa ukulandela iziqondiso amanye ama-Israyeli okwakungadingeki azilandele. Pho, yini eyayingenza umIsrayeli enze isifungo sokuba umNaziri? Cishe umIsrayeli owayenze lesi sifungo wayeshukunyiswa uthando olujulile ngoJehova nesifiso esiqotho sokumbonga ngezibusiso zaKhe.—Dut. 6:5; 16:17.

3. Abantu bakaNkulunkulu namuhla bafana ngayiphi indlela namaNaziri?

3 Ilungiselelo lobuNaziri laphela lapho uMthetho kaMose uthathelwa indawo “umthetho kaKristu.” (Gal. 6:2; Roma 10:4) Nokho, njengamaNaziri, abantu bakaJehova namuhla bayaqhubeka bebonisa isifiso esinamandla sokumkhonza ngenhliziyo yonke, umphefumulo wonke, ingqondo namandla wonke. (Marku 12:30) Ngokuzithandela senza isifungo sokukhonza uJehova lapho sizinikezela kuye. Ukuphila ngokuvumelana naleso sifungo kuhlanganisa ukuzithoba kuJehova senze intando yakhe nokuzidela ezintweni ezithile. Njengoba sihlola indlela amaNaziri ayephila ngayo ngokuvumelana nesifungo sawo, singafunda izifundo ezibalulekile ngokuthi singaphila kanjani ngokuvumelana nesifungo sethu. b (Math. 16:24) Ake sixoxe ngezinye izibonelo.

ZIDELE

4. NgokukaNumeri 6:​3, 4, yini amaNaziri ayidela?

4 Funda uNumeri 6:​3, 4. AmaNaziri ayengavumelekile ukuphuza utshwala nokudla izinto ezenziwe ngamagilebhisi. Abantu ababephila nawo babejwayele ukudla lezo zinto futhi lokho kwakungekubi ngoba kwakungekho lutho olubi ngalezo zinto. IBhayibheli lithi ‘iwayini elijabulisa inhliziyo yomuntu’ liyisipho esivela kuNkulunkulu. (IHu. 104:​14, 15) Noma kunjalo, ngokuzithandela amaNaziri ayekudela ukuzijabulisa ngezinto ezinjalo. c

Uzimisele yini ukuzidela njengamaNaziri? (Bheka izigaba 4-6)


5. Yini uMadián noMarcela abakhetha ukuyidela futhi kungani?

5 NjengamaNaziri, nathi siyazidela ukuze senze okwengeziwe enkonzweni kaJehova. Cabanga ngesibonelo sikaMadián noMarcela. d Le ndoda nomkayo abangamaKristu babephila ukuphila okuntofontofo. UMadián wayesebenza kahle futhi babehlala endaweni enhle. Noma kunjalo, babefuna ukwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova. Ukuze benze kanjalo, banquma ukwenza izinguquko ezithile. Bathi: “Saqala ukunciphiza izindleko, sathuthela endlini encane kunaleyo ebesihlala kuyo, sadayisa nemoto yethu.” UMadián noMarcela kwakungadingeki bazidele ngale ndlela—bakhetha ukuzidela ngoba ukwenza kanjalo kwakubavumela ukuba bandise inkonzo yabo. Banelisekile futhi bayajabula ngezinqumo abazenza.

6. Kungani amaKristu namuhla ezidela? (Bheka nesithombe.)

6 AmaKristu namuhla ayakujabulela ukuzidela ukuze achithe isikhathi esengeziwe ezintweni zikaJehova. (1 Kor. 9:​3-6) UJehova akasiphoqi ukuba sizidele ngale ndlela; nezinto esizidelayo azizimbi. Ngokwesibonelo, abanye badela umsebenzi abawuthandayo, ukuba nomuzi noma ukuba nesilwane esifuywayo. Abaningi baye bakhetha ukungashadi noma ukungabi nezingane okwesikhathi esithile. Abaningi bakhethe ukukhonza lapho kunesidingo esikhulu sabamemezeli, nakuba lokho kungase kusho ukuthi bazohlala kude nabantu ababathandayo. Abaningi kithi bazidela ngale ndlela ngoba befuna ukunika uJehova okuhle kakhulu. Qiniseka ngokuthi uJehova ukwazisa kakhulu noma yikuphi ukuzidela okhetha ukukwenza ukuze umkhonze, kungakhathaliseki ukuthi kukhulu noma kuncane.—Heb. 6:10.

ZIMISELE UKUHLUKA

7. Kungani kwakungase kube nzima ngomNaziri ukuba anamathele esifungweni sakhe? (Numeri 6:5) (Bheka nesithombe.)

7 Funda uNumeri 6:5. AmaNaziri enza isifungo sokungazigundi izinwele zawo. Kwakuyindlela ayebonisa ngayo ukuthi azithoba ngokuphelele kuJehova. Uma umIsrayeli esebe umNaziri isikhathi eside, izinwele zakhe zaziba zinde futhi kwakuba lula ukuba abanye bambone. Uma abanye babesisekela isifiso sakhe sokunamathela esifungweni sakhe sokuba umNaziri, kwakungaba lula ukuba ahluke. Ngokudabukisayo, kunezikhathi emlandweni wama-Israyeli lapho amaNaziri ayengahlonishwa noma engasekelwa. Ngesikhathi somprofethi u-Amose, ama-Israyeli ayizihlubuki ‘ayeqhubeka enika amaNaziri iwayini ukuba aphuze,’ kungenzeka ayezama ukuwenza ephule isifungo sawo sokungaliphuzi iwayini. (Amose 2:12) Ngezinye izikhathi, kwakudinga isibindi ngempela ukuba umNaziri anamathele esifungweni sakhe futhi ahluke kwabanye.

UmNaziri owayenamathela esifungweni sakhe wayezimisele ukuhluka (Bheka isigaba 7)


8. Yini ekukhuthazayo ngokwenzeka kuBenjamin osemncane?

8 Ngosizo lukaJehova, ngesibindi nathi singakwazi ukuhluka ngisho noma sinamahloni ngokwemvelo noma sesaba. Cabanga ngesibonelo sikaBenjamin, uFakazi oneminyaka eyishumi waseNorway. Ngenxa yempi yase-Ukraine, isikole afunda kuso saba nombuthano ukuze sisekele abantu base-Ukarine. Izingane zacelwa ukuba zicule zigqoke imibala yefulege lase-Ukraine. UBenjamin wayehlele ukuwugwema lowo mkhosi wokusekela izwe ngokumela kude nalapho owawuzokwenzelwa khona. Nokho, uthisha wambona wabe esemmemeza: “Woza uzosijoyina. Sonke silinde wena!” Ngesibindi uBenjamin waya kuthisha wathi: “Angithathi hlangothi, angibi ingxenye yemibuthano esekela izwe. Empeleni, oFakazi BakaJehova abaningi basemajele ngenxa yokuthi bayenqaba ukuya empini.” Uthisha wayamukela leyo ncazelo, wathi angakhululeka. Nokho, afunda nabo baqala ukumbuza ukuthi kungani engabajoyinanga. UBenjamin wayethuke kakhulu kangangokuba wahlengezela izinyembezi kodwa ngesibindi watshela ikilasi lokho ayekutshele uthisha. Kamuva, uBenjamin watshela abazali bakhe ukuthi ubonile ukuthi uJehova umsizile ukuba amelele ukholo lwakhe.

9. Singayijabulisa ngayiphi indlela inhliziyo kaJehova?

9 Ngenxa yokuthi sikhetha ukuzithoba kuJehova, senze intando yakhe, siyahluka kubantu esiphila nabo. Sidinga isibindi ukuze sitshele abanye emsebenzini noma esikoleni ukuthi singoFakazi BakaJehova. Njengoba indlela izwe elicabanga ngayo neliziphatha ngayo isuka kokubi iya kokubi nakakhulu, cishe sizokuthola kunzima nakakhulu ukuphila ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli nokuxoxela abanye izindaba ezinhle. (2 Thim. 1:8; 3:13) Ngakho, hlale ukhumbula ukuthi ‘senza inhliziyo kaJehova ijabule’ lapho ngesibindi sihluka kulabo abangamkhonzi.—IzAga 27:11; Mal. 3:18.

BEKA UJEHOVA KUQALA EKUPHILENI KWAKHO

10. Ukulandela umyalo okuNumeri 6:​6, 7 kwakungaba uvivinyo kanjani kumaNaziri?

10 Funda uNumeri 6:​6, 7. AmaNaziri kwakungafanele asondele kumuntu oshonile. Kungenzeka lokho ungakubheki njengokuzidela okukhulu. Nokho, ngezikhathi zeBhayibheli lokho kwakungaba inselele enkulu kumNaziri uma eshonelwe isihlobo esiseduze. Amasiko okungcwaba angaleso sikhathi ayehlanganisa ukuba umuntu abe seduze nomuntu oshonile. (Joh. 19:​39, 40; IzE. 9:​36-40) Ngenxa yesifungo sakhe, umNaziri wayengakwazi ukulandela lawo masiko. Ngisho nalapho ebhekene nesimo esinzima kakhulu emndenini, amaNaziri ayebonisa ukholo oluqinile ngokunamathela esifungweni sawo. Ngokuqinisekile uJehova wabaqinisa labo bakhulekeli bakhe abazinikele ukuze bakwazi ukubhekana nalezo zinselele ezinzima.

11. Yini umKristu okumele azimisele ukuyenza lapho enza izinqumo eziphathelene nezindaba zomndeni? (Bheka nesithombe.)

11 NjengamaKristu, sibaluleke kakhulu kithi isifungo sethu sokuzinikezela kuJehova. Sithinta izinqumo zethu nesikwenzayo ngokuphathelene nezindaba zomndeni. Sisebenza kanzima ukuze sinakekele izidingo zemindeni yethu njengoba kusho imiBhalo, kodwa asilokothi sibeke phambili lokho okufiswa amalungu emindeni yethu kunalokho okufunwa uJehova. (Math. 10:​35-37; 1 Thim. 5:8) Ngezinye izikhathi, lokho kungasho ukwenza izinqumo ezingazijabulisi izihlobo zethu ukuze sijabulise uJehova.

Uzimisele yini ukubeka intando kaJehova kuqala ngisho nalapho ubhekene nezimo ezinzima kakhulu? (Bheka isigaba 11) e


12. Njengoba u-Alexandru ayebhekene nesimo esinzima emndenini wakhe, yini ayenza futhi yini angazange ayenze?

12 Cabanga ngesibonelo sika-Alexandru nomkakhe uDorina. Ngemva kokuqhutshelwa isifundo seBhayibheli isikhathi esingangonyaka, uDorina wanquma ukuyeka futhi wayefuna no-Alexandru ayeke. Kodwa, ngomoya ozolile nangomusa u-Alexandru wamtshela ukuthi uzoqhubeka. Lokhu akumjabulisanga uDorina futhi wazama ukumphoqa ukuba ayeke ukufunda. U-Alexandru uthi wazama ukuqonda ukuthi kungani ayenza ngale ndlela kodwa kwakungelula. Ngezinye izikhathi, lapho uDorina emgxeka futhi emphendula ngokhahlo, kwakuthi akayeke ukufunda iBhayibheli. Noma kunjalo, u-Alexandru waqhubeka ebeka uJehova kuqala, ngesikhathi esifanayo ebonisa umkakhe uthando olukhulu nenhlonipho. Ekugcineni, isibonelo sakhe esihle sakhuthaza umkakhe ukuba aphinde afundelwe iBhayibheli, kamuva wabhapathizwa.—Ku-jw.org bheka ividiyo ethi: U-Alexandru NoDorina Văcar: “Uthando Luyabekezela Futhi Lunomusa” ochungechungeni oluthi “Iqiniso Lishintsha Ukuphila.”

13. Singabonisa kanjani ukuthi siyamthanda uJehova nemindeni yethu?

13 UJehova wasungula imindeni futhi ufuna sibe nemindeni ejabulayo. (Efe. 3:​14, 15) Uma sifuna ukujabula ngempela, kudingeka senze izinto ngendlela kaJehova. Ungalokothi ungabaze ukuthi uJehova ukwazisa kakhulu ukuzidela okwenzayo ukuze umkhonze njengoba unakekela umndeni wakho futhi uwuphatha ngothando nangenhlonipho.—Roma 12:10.

KHUTHAZA UMOYA WOBUNAZIRI

14. Obani ngokukhethekile okufanele sizimisele ukubakhuthaza ngesikushoyo?

14 Bonke abakhetha ukukhonza uJehova namuhla kudingeka bazimisele ukuzidela beshukunyiswa uthando. Ngezinye izikhathi, akulula ukukwenza lokho. Yini esingayenza ukuze sisize nabanye bawubonise lo moya wokuzidela? Singabakhuthaza ngesikushoyo. (Jobe 16:5) Bakhona yini ebandleni okulo abazama ukuphila ukuphila okulula ukuze benze okwengeziwe enkonzweni kaJehova? Bakhona yini abasebasha obaziyo ababonisa isibindi ngokuhluka kwabanye esikoleni ngisho noma kunzima ukwenza kanjalo? Bakhona yini abafundelwa iBhayibheli nesikhonza nabo abakuthola kunzima ukuhlala bethembekile ngenxa yokuphikiswa amalungu omndeni? Masibambe wonke amathuba sikhuthaze la bakhulekeli esikanye nabo abayigugu, sibatshele ukuthi siyababonga ngomoya wabo wokuzidela nangesibindi abasibonisayo.—Filem. 4, 5, 7.

15. Yini eyenziwe abanye ukuze basekele abasenkonzweni yesikhathi esigcwele?

15 Ngezinye izikhathi, singakwazi ukuwasiza ngokoqobo amaKristu esikanye nawo asenkonzweni yesikhathi esigcwele. (IzAga 19:17; Heb. 13:16) Yilokho udade othembekile wase-Sri Lanka ayefisa ukukwenza ngenhliziyo yakhe yonke. Wakhushulelwa impesheni futhi wayefuna ukusiza odade ababili abasebasha abangamaphayona ukuze bakwazi ukuqhubeka nenkonzo yabo naphezu kwezimo zomnotho ezinzima. Ngakho wanquma ukunikela ngemali ethile inyanga nenyanga ukuze abasize bakhokhele izindleko zocingo. Muhle ngempela umoya owaboniswa yilo dade!

16. Yini esingayifunda elungiselelweni lobuNaziri lasendulo?

16 Ngokuqinisekile kuningi esingakufunda esibonelweni esihle samaNaziri! Nokho, leli lungiselelo lobuNaziri lisifundisa okuthile ngoBaba wethu osezulwini uJehova. Uyaqiniseka ukuthi sifuna ukumjabulisa ngokusuka enhliziyweni futhi sizimisele ukuzidela ukuze siphile ngokuvumelana nesifungo sethu sokuzinikezela. Usinika ilungelo elikhethekile lokuba simbonise ukuthi siyamthanda. (IzAga 23:​15, 16; Marku 10:​28-30; 1 Joh. 4:19) Ilungiselelo lobuNaziri libonisa ukuthi uJehova uyakuqaphela ukuzidela esikwenzayo ukuze simkhonze futhi uyasithanda ngenxa yalokho. Kwangathi singazimisela ukuqhubeka sikhonza uJehova, simnike okungcono kakhulu ngokuzithandela.

UNGAPHENDULA KANJANI?

  • AmaNaziri abonisa ngaziphi izindlela ukuthi ayazidela futhi anesibindi?

  • Yini esingayenza ukuze sikhuthaze abanye ukuba babonise umoya wobuNaziri namuhla?

  • Ilungiselelo lobuNaziri libonisa kanjani ukuthi uJehova uyabethemba abakhulekeli bakhe?

INGOMA 124 Yiba Qotho Njalo

a Nakuba amaNaziri ambalwa ayekhethwe uJehova, amaningi ayengama-Israyeli ayevolontiyele ukuba amaNaziri.—Bheka ibhokisi elithi “ AmaNaziri Ayekhethwe UJehova.”

b Ngezinye izikhathi, izincwadi zethu bezifanisa amaNaziri nalabo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele. Nokho, kulesi sihloko sizogxila endleleni zonke izinceku zikaJehova ezizinikezele ezingabonisa ngayo umoya wobuNaziri.

c Akubonakali sengathi amaNaziri ayeneminye imisebenzi okwakudingeka ayenze ukuze afeze isifungo sawo sobuNaziri.

d Ku-jw.org bheka isihloko esithi “Sanquma Ukwenza Ukuphila Kwethu Kube Lula” ochungechungeni oluthi “Izinto OFakazi BakaJehova Ababhekane Nazo.”

e INCAZELO YESITHOMBE: UmNaziri ubuka umngcwabo welungu lomndeni alithandayo esophahleni lwendlu. Isifungo sakhe asimvumeli ukuba asondele eduze.