Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thola Injabulo Njengoba Usalinde UJehova Ngesineke

Thola Injabulo Njengoba Usalinde UJehova Ngesineke

UYASILANGAZELELA yini isikhathi lapho uJehova eyoqeda khona bonke ububi enze zonke izinto zibe zintsha? (IsAm. 21:​1-5) Akungabazeki ukuthi uyasilangazelela! Nokho, akulula ngaso sonke isikhathi ukuhlala silinde uJehova ngesineke, ikakhulukazi lapho sibhekene nobunzima. Kungasidumaza kakhulu ukuqhubeka silinde into engafiki ngesikhathi esisilindele.—IzAga 13:12.

Noma kunjalo, uJehova ulindele ukuba simlinde ngesineke ukuba athathe isinyathelo ngesikhathi asimisile. Kungani elindele ukuba senze kanjalo? Yini engasisiza sijabule njengoba sisalindile?

KUNGANI UJEHOVA ELINDELE UKUBA SILINDE?

IBhayibheli lithi: “UJehova ulinde ngesineke ukuze anibonise umusa, uyothatha isinyathelo ukuze anibonise isihe. Ngoba uJehova unguNkulunkulu wobulungisa. Bayajabula bonke abahlala bemlindele.” (Isaya 30:18) La mazwi ka-Isaya ayeqondiswe kumaJuda anenkani. (Isaya 30:1) Kodwa ayekhona amaJuda athembekile futhi la mazwi awanika ithemba. La mazwi afanayo azinika ithemba izinceku zikaJehova ezithembekile namuhla.

Ngakho kumele silinde ngesineke ngoba noJehova ulinde ngesineke. Unesikhathi asimisile azoqeda ngaso leli zwe, ulinde lolo suku nalelo hora. (Math. 24:36) Ngaleso sikhathi, kuyocaca bha ukuthi izinto uDeveli asola ngazo uJehova nabaKhulekeli bakhe zingamanga. UJehova uyosusa uSathane nabo bonke abasohlangothini lwakhe, kodwa thina ‘uyosibonisa isihe.’

Okwamanje uJehova angase angalususi uvivinyo esibhekene nalo, kodwa usiqinisekisa ngokuthi singakwazi ukujabula njengoba sisalindile. Njengoba u-Isaya asho, singajabula njengoba sisalangazelela ukuba kwenzeke okuthile okuhle. (Isaya 30:18) a Singayithola kanjani leyo njabulo? Zine izinto ezingasisiza.

ESINGAKWENZA UKUZE SIJABULE NJENGOBA SISALINDILE

Gxila ezintweni ezinhle. INkosi uDavide yayibone izinto eziningi ezimbi ekuphileni kwayo. (IHu. 37:35) Nokho, yabhala: “Thula phambi kukaJehova umlinde ngesineke. Ungamthukutheleli umuntu ophumelelayo emacebweni akhe.” (IHu. 37:7) UDavide wasisebenzisa leso seluleko ngokugxila ethembeni lakhe lensindiso. Waziqaphela nazo zonke izibusiso ayezithole kuJehova. (IHu. 40:5) Uma nathi sigxila ezintweni ezinhle esimweni esisuke sibhekene naso, singagxili ezintweni ezimbi ezenzekayo kuyoba lula ukulinda uJehova.

Hlale umatasa udumisa uJehova. Umbhali weHubo 71, uDavide, wathi kuJehova: “Ngizolinda njalo; ngizokudumisa kakhulu kunasekuqaleni.” (IHu. 71:14) Wayezomdumisa kanjani uJehova? Wayezotshela abanye ngoJehova amdumise. (IHu. 71:​16, 23) NjengoDavide, nathi singajabula njengoba sisalinde uJehova. Simdumisa ngokushumayela, ngezingxoxo zethu zansuku zonke nangezingoma zethu zokudumisa. Ngokuzayo lapho ucula ingoma yoMbuso, nakisisa umyalezo wayo okhuthazayo.

Chitha isikhathi nabafowenu nodadewenu ukuze bakukhuthaze. Lapho uDavide ebhekene nezinkinga, wathi kuJehova: “Phambi kwabantu bakho abaqotho, ngizothembela egameni lakho.” (IHu. 52:9) Nathi singakhuthazeka lapho sinabafowethu nodadewethu abaqotho, hhayi nje kuphela emhlanganweni nasenkonzweni yasensimini kodwa ngisho nalapho sihlangene ukuze sizijabulise.—Roma 1:​11, 12.

Qinisa ithemba lakho. IHubo 62:5 lithi: “Ngilinde uNkulunkulu buthule ngoba ithemba lami livela kuye.” Ithemba eliqinile lihlanganisa ukuqiniseka ngalokho esikulindele—okuyinto ebaluleke kakhulu uma kufanele sikhuthazelele ukuphila kuleli zwe isikhathi eside kunaleso ebesisicabanga. Kumele siqiniseke ngokuthi izithembiso zikaJehova ziyogcwaliseka kungakhathaliseki ukuthi kungase kudingeke silinde isikhathi eside kangakanani. Singaqinisa ithemba lethu ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu—iziprofetho, indlela abalobi beBhayibheli abavumelana ngayo, nemininingwane uJehova asembulela yona ngaye. (IHu. 1:​2, 3) Kudingeka nokuba siqhubeke ‘sithandaze ngomoya ongcwele’ ukuze silondoloze ubuhlobo bethu obuhle noJehova njengoba sisalinde ukugcwaliseka kwesithembiso sakhe sokuphila okuphakade.—Jude 20, 21.

NjengeNkosi uDavide, qiniseka ngokuthi uJehova uyabaqapha labo abamlindile futhi ubabonisa uthando oluqotho. (IHu. 33:​18, 22) Qhubeka ulinde uJehova ngesineke ngokugxila ezintweni ezinhle ekuphileni kwakho, ngokumdumisa, ngokuchitha isikhathi nabanye oFakazi ukuze bakukhuthaze, nangokugcina ithemba lakho eliyigugu liqinile.

a Igama lolimi lokuqala elihunyushwe ngokuthi ‘ukuhlala ulindele’ lingasho “ukulangazelela noma ukuba nethemba lokuba kwenzeke okuthile,” okubonisa ukuthi kungokwemvelo ngathi ukulangazelela ukusindiswa.