Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amalungu Amabili Amasha ENdikimba Ebusayo

Amalungu Amabili Amasha ENdikimba Ebusayo

NGOLWESITHATHU, ngoJanuwari 18, 2023, kwaba nesimemezelo esikhethekile ku-jw.org esithi uMfoweth’ uGage Fleegle noMfoweth’ uJeffrey Winder bamiswe njengamalungu eNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Bobabili la bazalwane banomlando omude wokwethembeka enkonzweni kaJehova.

UGage Fleegle nomkakhe, uNadia

UMfoweth’ uFleegle wakhulela entshonalanga yePennsylvania, e-U.S.A., ekhuliswa abazali abesaba uNkulunkulu. Lapho esemusha, umndeni wakubo wathuthela edolobheni elincane elisemaphandleni elalinendingeko. Ngokushesha nje ngemva kwalokho, wabhapathizwa ngoNovemba 20, 1988.

Abazali baMfoweth’ uFleegle babehlale bemkhuthaza ukuba angenele inkonzo yesikhathi esigcwele. Babevame ukumema ababonisi abajikelezayo nezikhonzi zaseBethel emzini wabo futhi uMfoweth’ uFleegle wayeyibona indlela la bafowethu nodadewethu ababejabule ngayo. Ngemva kwesikhashana nje ebhapathiziwe, waba iphayona elivamile—ngoSepthemba 1, 1989. Ngemva kweminyaka emibili, wawufeza umgomo ayezibekele wona eneminyaka engu-12—umgomo wokukhonza eBethel. Waqala ukukhonza eBethel yaseBrooklyn ngo-Okthoba 1991.

EBethel, uMfoweth’ uFleegle wasebenza eMnyangweni Wokuhlanganisa Izincwadi iminyaka engu-8, ngemva kwalokho wabelwa ukuyosebenza eMnyangweni Wenkonzo. Phakathi naleso sikhathi, wakhonza ebandleni lesiRashiya iminyaka embalwa. Ngo-2006 washada nomkakhe, uNadia, bakhonza eBethel. Ndawonye, bakhonze ensimini yesiPutukezi bakhonza nasensimini yeSpanishi. Ngemva kokusebenza iminyaka eminingi eMnyangweni Wenkonzo, uMfoweth’ uFleegle wabelwa ukuyosebenza eHhovisi LeKomiti Yokufundisa, kamuva wasebenza eHhovisi LeKomiti Yenkonzo. NgoMashi 2022 wamiswa njengomsizi eKomitini Yenkonzo YeNdikimba Ebusayo.

UJeffrey Winder nomkakhe, u-Angela

UMfoweth’ uWinder wakhulela eMurrieta, eCalifornia, e-U.S.A. Wakhulela eqinisweni ekhuliswa abazali bakhe, wabhapathizwa ngoMashi 29, 1986. Ngemva kwenyanga ebhapathiziwe, wanquma ukuba iphayona elisizayo. Wakujabulela kakhulu kangangokuba wayefuna ukuqhubeka. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa eyiphayona elisizayo, waba iphayona elivamile ngo-Okthoba 1, 1986.

Lapho esemusha, uMfoweth’ uWinder wavakashela abafowabo ababili abadala kunaye ababekhonza eBethel ngaleso sikhathi. Lokho kwamenza wafuna ukufaka isicelo sokukhonza eBethel lapho esemdala. NgoMeyi 1990, wamenywa ukuba ayokhonza eBethel yaseWallkill.

EBethel, uMfoweth’ uWinder wasebenza eminyangweni ehlukahlukene, ehlanganisa uMnyango Wokuhlanza, iFarm Department neBethel Office. Washada nomkakhe u-Angela ngo-1997 futhi bebelokhu bekhonza eBethel ndawonye kusukela ngaleso sikhathi. Ngo-2014 babelwa ukuyokhonza eWarwick, lapho uMfoweth’ uWinder asiza khona emsebenzini wokwakha endlunkulu yomhlaba wonke. Ngo-2016 bathuthela eWatchtower Educational Center, ePatterson, lapho uMfoweth’ uWinder asebenza khona eMnyangweni Wamavidiyo Nezinto Ezilalelwayo. Ngemva kweminyaka emine, babuyela eWarwick, uMfoweth’ uWinder wabelwa ukusebenza eHhovisi LeKomiti Yezisebenzi. NgoMashi 2022 wamiswa njengomsizi weKomiti Yezisebenzi YeNdikimba Ebusayo.

Sithandazela ukuba uJehova azibusise ngokucebile lezi “zipho ezingabantu” njengoba ziqhubeka zisebenza kanzima emisebenzini ephathelene noMbuso.—Efe. 4:8.