Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Lithini iBhayibheli ngamandla kaJehova okubikezela ikusasa?

IBhayibheli likwenza kucace ukuthi uJehova uyakwazi ukubikezela ikusasa. (Isaya 45:21) Aliyivezi yonke imininingwane ngokuthi ukwenza kanjani noma nini lokho, noma ukuthi kungakanani akhetha ukukwazi. Ngakho asazi yonke into ngamandla kaJehova okubikezela ikusasa. Noma kunjalo, ake ucabange ngalokho okumbalwa esikwaziyo.

UJehova akahlulwa lutho, kodwa kunezinto akhetha ukungazenzi. Ngenxa yokuhlakanipha kwakhe okungenamkhawulo, angabikezela noma yini akhetha ukuyibikezela. (Roma 11:33) Kodwa ngenxa yokuthi uyakwazi ukuzithiba ngokuphelele, angakhetha nokungazi ukuthi yini ezokwenzeka.—Qhathanisa no-Isaya 42:14.

UJehova ubangela ukuba intando yakhe yenzeke. Lelo qiniso lihlobana kanjani namandla akhe okubikezela ikusasa? U-Isaya 46:10 uyachaza: Ngibikezela isiphetho  kusukela ekuqaleni, kusukela kudala ngibikezela izinto ezingakenziwa. Ngithi, ‘Isinqumo sami siyokuma, ngizokwenza noma yini engiyithandayo.’”

Ngakho esinye isizathu esenza uJehova akwazi ukubikezela ikusasa ukuthi unamandla okwenza izinto zenzeke. UJehova akudingeki athole njengathi ukuthi kuzokwenzekani esikhathini esizayo, njengoba nje thina siye senze ngezinye izikhathi lapho sibukela imuvi noma sifunda incwadi sivele siyobheka isiphetho ukuze sibone ukuthi kuzogcina kwenzekeni. Kunalokho, uJehova anganquma ukuthi okuthile kwenzeke ngesikhathi esithile bese ekubangela ukuba kwenzeke lapho leso sikhathi sifika.—Eks. 9:​5, 6; Math. 24:36; IzE. 17:31.

Ngenxa yalesi sizathu, iBhayibheli lisebenzisa amagama anjengokuthi “ngakuhlela,” “ngakwenza,” nelithi “ngikuhlosile” ukuze lichaze lokho uJehova akwenzayo ngokuphathelene nezenzakalo zesikhathi esizayo. (2 AmaKh. 19:25; mbhw.; Isaya 46:11) La magama ahunyushwe esuselwa egameni lolimi lokuqala elihlobene negama elisho “umbumbi.” (Jer. 18:4) Njengoba nje umbumbi onekhono angenza isigaxa sobumba sibe ivazi enhle, noJehova angenza noma aqondise izinto ukuze afeze intando yakhe.—Efe. 1:11.

UJehova uyasihlonipha isipho senkululeko yokuzikhethela. Akasihleleli kusengaphambili ukuthi sizobhekana nani esikhathini esizayo; akenzi nokuba abantu abalungile benze izinto ezizobalimaza. Uvumela bonke abantu bazikhethele indlela abazophila ngayo futhi ubanxusa ukuba bakhethe indlela efanele.

Cabanga ngalezi zibonelo ezimbili. Isibonelo sokuqala sithinta abantu baseNineve. UJehova wabikezela ukuthi lelo dolobha lalizobhujiswa ngenxa yobubi balo. Kodwa lapho abantu bakhona bephenduka, uJehova “washintsha umqondo ngenhlekelele ayethe uzobalethela yona, akabange esayiletha.” (Jona 3:​1-10) UJehova washintsha umqondo ngalokho ayekubikezele ngoba ngemva kokuba abantu baseNineve bethole isixwayiso sikaJehova, basebenzisa inkululeko yabo yokuzikhethela baphenduka.

Isibonelo sesibili esesiprofetho esimayelana nomnqobi okuthiwa uKoresi, owayezokhulula amaJuda ekuthunjweni, ayale nokuba kwakhiwe kabusha ithempeli likaJehova. (Isaya 44:26–45:4) INkosi uKoresi yasePheresiya yasigcwalisa leso siprofetho. (Ezra 1:​1-4) Nokho, uKoresi wayengamkhonzi uNkulunkulu weqiniso. UJehova wasebenzisa uKoresi ukuba agcwalise isiprofetho ngaphandle kokumphuca inkululeko yokuzikhethela ukuthi uzokhonza bani.—IzAga 21:1.

Yiqiniso, lapha akubalwanga zonke izinto ezihilelekile lapho uJehova ebikezela ikusasa. Eqinisweni, akekho umuntu ongaziqonda ngokugcwele izindlela zikaJehova. (Isaya 55:​8, 9) Noma kunjalo, lokho uJehova asembulele kona kuqinisa ukholo lwethu ekutheni uhlale enza okulungile—kuhlanganise nalapho ebikezela ikusasa.