Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Kungani iBhayibheli liphindaphinda izinto ezifanayo?

NGEZINYE izikhathi ababhali beBhayibheli babephindaphinda imishwana njengoba injalo. Cabanga ngalezi zizathu ezintathu ezazingenza ababhali benze kanjalo:

Isikhathi elabhalwa ngaso. Kwa-Israyeli wasendulo, abantu abaningi babengenawo amakhophi oMthetho. Ngokuvamile uMthetho babewuzwa ufundwa lapho isizwe sihlangene ndawonye etabernakele. (Dut. 31:​10-12) Cishe kwakuba neziphazamiso njengoba belalele, bemi isikhathi eside futhi bebaningi. (Neh. 8:​2, 3, 7) Ezimweni ezinjalo, ukuphindaphinda imishwana ebalulekile kwakungenza kube lula ukuba abantu bayikhumbule imibhalo futhi bayisebenzise. Ukuphindaphinda amagama athile kwakungabasiza ngokukhethekile ukuba bakhumbule imininingwane yomthetho kaNkulunkulu nezinqumo zokwahlulela.—Lev. 18:​4-22; Dut. 5:1

Indlela elibhalwe ngayo. IBhayibheli linezingoma eziningi—ezihlanganisa incwadi yamaHubo, isiHlabelelo SeziHlabelelo nesiLilo. Ngezinye izikhathi, izingoma zaziba namagama aphindaphindayo, okwakugcizelela isihloko sengoma kusize nabayilalele babambe ngekhanda amagama ayo. Ngokwesibonelo, phawula amagama atholakala encwadini yeHubo 115:​9-11: “O Israyeli, thembela kuJehova—uwusizo lwakho nehawu lakho. O wena nzalo ka-Aroni, thembela kuJehova—uwusizo lwakho nehawu lakho. Nina enesaba uJehova, thembelani kuJehova—uwusizo lwenu nehawu lenu.” Uyabona yini ukuthi ukuphindaphinda lawo magama kwakungabasiza kanjani abaculi bagxilise amaqiniso ayigugu ezingqondweni nasezinhliyweni zabo?

Ukuze kugcizelelwe izindaba ezibalulekile. Ngezinye izikhathi ababhali beBhayibheli babephindaphinda imishwana ebalulekile. Ngokwesibonelo, lapho uJehova eyala ama-Israyeli ukuba angalidli igazi, wayala uMose ukuba asho izizathu zalokho izikhathi eziningana. UNkulunkulu wayefuna ukugcizelela ukuthi ukuphila kwenyama kusegazini, okusho ukuthi igazi limelela ukuphila. (Lev. 17:​11, 14) Kamuva, lapho abaphostoli namadoda amadala eJerusalema bebhala izinto amaKristu okwakudingeka azigweme ukuze ajabulise uNkulunkulu, baphinde bagcizelela isidingo sokudeda egazini.—IzE. 15:​20, 29.

UJehova wayengahlosile ukuba sikwenze isiko ukuphindaphinda imishwana yeBhayibheli. Ngokwesibonelo, uJesu wathi: “Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo.” (Math. 6:7) Wabe esesho izinto esingazithandazela ezivumelana nentando kaNkulunkulu. (Math. 6:​9-13) Ngakho nakuba sikugwema ukuphindaphinda amagama afanayo emthandazweni yethu, sikhululekile ukuthandezela izinto ezifanayo ngokuphindaphindiwe.—Math. 7:​7-11.

Ngakho, iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe linezizathu ezinhle zokuphindaphinda amagama athile nemishwana ethile. Lena enye yezindlela uMfundisi wethu Omkhulu asifundisa ngayo ukuze sizuze.—Isaya 48:​17, 18.