Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMACEBISO OKUTADISHA

Thola Amagugu Angokomoya Ongawasebenzisa

Thola Amagugu Angokomoya Ongawasebenzisa

Lapho sifunda iBhayibheli, singabheka amagugu angokomoya ngokucwaninga amaqiniso ahlobene nesikufundayo. Kodwa singazuza kanjani nakakhulu?

Funda okwengeziwe ngemininingwane yezindaba eziseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, thola ukuthi ubani owayibhala, eyibhalela bani, nini. Zazinjani izimo, yini eyenzeka ngaphambi kokuba ibhalwe, yini eyenzeka ngemva kokuba seyibhaliwe?

Cabanga ngezifundo ongazithola ngokucwaninga ngemibuzo enjengokuthi: ‘Babezizwa kanjani abantu ababehilelekile? Yiziphi izimfanelo abazibonisa? Kungani kufanele ngibalingise ngibonise lezo zimfanelo noma kungani kufanele ngizigweme lezo zimfanelo?’

Zisebenzise izifundo ozitholile, mhlawumbe enkonzweni noma lapho usebenzelana nabanye. Ngokwenza kanjalo, uyohlakanipha, njengoba iBhayibheli lisho: “Noma ubani ohlakaniphile uyozibona lezi zinto.”—IHu. 107:43.

  • Icebiso: Phawula ukuthi ingxenye yaphakathi neviki ethi, Ingcebo Esezwini LikaNkulunkulu isisiza kanjani sicabange ngendlela esingasebenzisa ngayo lokho esikufundayo. Le ngxenye ivame ukuba nemibuzo esingazibuza yona, amaphuzu esingazindla ngawo nemifanekiso esingafunda kuyo.