Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

Ubuthaka Bami Buwaveze Nakakhulu Amandla KaNkulunkulu

Ubuthaka Bami Buwaveze Nakakhulu Amandla KaNkulunkulu

NGESIKHATHI mina nomkami sifika eColombia ngo-1985, izwe lalinodlame oluxakile. Uhulumeni wayelwisana nabashushumbisi bezidakamizwa namasosha angekho ngaphansi kukahulumeni ahlala ezintabeni. Endaweni yaseMedellín, esakhonza kuyo kamuva, izinsizwa eziyizigebengu zazizulazula emigwaqweni ziphethe izibhamu. Zazidayisa izidakamizwa, zikhokhisa abantu imali ukuze zingabalimazi futhi zazikhokhelwa ukuze zibulale abantu. Akekho kuzo owaphila isikhathi eside. Kwakungathi sikwelinye izwe.

Kwenzeka kanjani ukuba abantu ababili abavamile baseFinland, okungelinye lamazwe asenyakatho impela emhlabeni, bagcine beseNingizimu yeMelika? Yiziphi izifundo engizifundile kuyo yonke le minyaka?

NGESIKHATHI NGISEMUSHA EFINLAND

Ngazalwa ngo-1955, nginabafowethu ababili abadala kunami. Ngakhulela eduze kweningizimu yogu lwaseFinland, indawo manje eyaziwa ngokuthi idolobha laseVantaa.

Eminyakeni embalwa ngaphambi kokuba ngizalwe, umama wabhapathizwa waba omunye woFakazi BakaJehova. Nokho, ubaba wayengalifuni iqiniso futhi wayengamvumeli umama ukuba afunde nathi thina zingane iBhayibheli noma aye nathi emihlanganweni yebandla. Ngakho wayesifundisa amaqiniso aseBhayibhelini ayisisekelo lapho ubaba engekho.

Ngaba ngasohlangothini lukaJehova ngineminyaka eyisikhombisa

Kusukela ngiseyingane kuqhubeke, ngangihlale ngisohlangothini lukaJehova. Ngokwesibonelo, lapho ngineminyaka eyisikhombisa, uthisha wami wathukuthela kakhulu ngenxa yokuthi ngenqaba ukudla i-verilättyjä (amakhekhe enziwe ngegazi aseFinland). Ngesinye isandla wangivula umlomo ngenkani, ngesinye wazama ukufaka imfologo enekhekhe emlonyeni wami ngenkani. Ngakwazi ukuphebeza imfologo esandleni sakhe.

Lapho ngineminyaka engu-12, ubaba washona. Ngemva kwalokho ngakwazi ukuya emihlanganweni yebandla. Abazalwane ebandleni bangibonisa uthando futhi lokho kwangikhuthaza ukuba ngisondelane nakakhulu noJehova. Ngaqala ukufunda iBhayibheli nsuku zonke nokutadisha izincwadi zethu zobuKristu ngenkuthalo. Le mikhuba emihle yokutadisha yiyo eyangenza ngabhapathizwa lapho ngineminyaka engu-14, ngo-Agasti 8, 1969.

Ngemva nje kokuqeda isikole ngaqala ukuphayona. Ngemva kwamasonto ambalwa, ngathuthela lapho kunendingeko khona, ePielavesi, eduze nenkaba yeFinland.

EPielavesi, ngahlangana nentombazane eyaba umkami othandekayo, uSirkka. Into eyangenza ngamthanda ukuthi wayenesizotha futhi emthanda kakhulu uJehova. Wayengeyena umuntu othanda ukuvelela noma othanda izinto. Sobabili sasifuna ukusebenzisa sonke isikhathi sethu ekukhonzeni uJehova, kungakhathaliseki ukuthi simkhonza kumuphi umkhakha wenkonzo. Sashada ngoMashi 23, 1974. Kunokuba siye ku-honeymoon, sahamba sayokhonza eKarttula, lapho kwakunesidingo esikhulu ngisho nakakhulu sabamemezeli boMbuso.

Indlu esasiyiqashile eKarttula, eFinland

UJEHOVA WASINAKEKELA

Imoto esayishiyelwa umfowethu

Selokhu sashada, uJehova usibonisile ukuthi uzozinakekela izidingo zethu uma sifuna uMbuso wakhe kuqala. (Math. 6:33) Ngokwesibonelo, eKarttula, sasingenayo imoto. Ekuqaleni sasihamba ngebhayisikili. Nokho, ebusika amakhaza ayeshubisa umnkantsha. Ukuze sishumayele ensimini enkulu yebandla, sasidinga imoto. Kodwa sasingenayo imali yokuyithenga.

Singalindele, savakashelwa umfowethu omdala. Wasinika imoto yakhe. Umshwalense wemoto wawusukhokhelwe. Kwakudingeka sithenge uphetroli kuphela. Sase sinemoto esasiyidinga.

UJehova wasibonisa ukuthi uyazinakekela izidingo zethu. Okwethu nje kwakuwukubeka uMbuso kuqala.

ISIKOLE SASEGILEYADI

Ikilasi lethu leSikole Senkonzo Samaphayona ngo-1978

Ngesikhathi siseSikoleni Senkonzo Samaphayona ngo-1978, uRaimo Kuokkanen, a omunye wothisha bethu, wasikhuthaza ukuba sifake isicelo sokuya eSikoleni SaseGileyadi. Ngakho saqala ukufunda isiNgisi sinomgomo wokufanelekela ukuya kuleso sikole. Kodwa ngo-1980, ngaphambi kokuba sifake isicelo, samenywa ukuba siyokhonza ehhovisi legatsha laseFinland. Ngaleso sikhathi, izikhonzi zaseBethel zazingavunyelwe ukufaka isicelo saseGileyadi. Kodwa sasifuna ukukhonza endaweni efunwa uJehova, hhayi efunwa yithi. Ngakho sasamukela isimemo. Noma kunjalo, saqhubeka sifunda isiNgisi senzela ukuthi uma kwenzeka kuvela ithuba lokuya eGileyadi sifake isicelo.

Eminyakeni embalwa kamuva, iNdikimba Ebusayo yathi izikhonzi zaseBethel sezingakwazi ukufaka isicelo sokuya eGileyadi. Sawagcwalisa ngokushesha amafomu, kodwa hhayi ngoba sasingajabule eBethel. Empeleni sasijabule kakhulu! Esasikufuna nje ukuhlale sikulungele ukukhonza lapho kunendingeko khona uma sifaneleka. Sabizwa eGileyadi, sathweswa iziqu ekilasini lika-79 ngoSepthemba 1985. Isabelo sethu sasiseColombia.

ISABELO SETHU SOKUQALA SIYIZITHUNYWA ZEVANGELI

EColombia, saqale sabelwa ukuyokhonza ehhovisi legatsha. Ngazama ukwenza konke okusemandleni esabelweni sami, kodwa ngemva konyaka sisegatsheni ngaba nomuzwa wokuthi sasidinga ushintsho. Ngangiqala ngqa ekuphileni kwami ukucela isabelo esihlukile futhi angiphindanga. Ngemva kwalokho, sabelwa ukuba sibe izithunywa zevangeli edolobheni laseNeiva, esifundeni saseHuila.

Bengilokhu ngiyithanda inkonzo yasensimini. Ngesikhathi ngiphayona eFinland ngingakashadi, ngezinye izikhathi ngangiqala ukushumayela ekuseni kakhulu kuze kube kusihlwa. Ngesikhathi sisanda kushada, mina noSirkka sasichitha usuku lonke sishumayela. Lapho sishumayela ezindaweni ezikude nasekhaya, ngezinye izikhathi sasilala emotweni. Lokhu kwakwenza kungadingeki sichithe isikhathi esiningi sihamba, sasikwazi nokusheshe siqale ngosuku olulandelayo.

Njengezithunywa zevangeli, saphinde saba nomdlandla esasinawo ngaphambili enkonzweni. Ibandla lethu lakhula, abafowethu nodadewethu baseColombia babengabantu abanenhlonipho, abanothando nababongayo.

AMANDLA OMTHANDAZO

Endaweni engekude kakhulu nalapho esasikhonza khona eNeiva, kwakunamadolobha angenabo oFakazi. Ngangikhathazeke kakhulu ngokuthi abantu bakulawo madolobha babeyozizwa kanjani izindaba ezinhle. Nokho, ngenxa yamasosha angekho ngaphansi kukahulumeni, lezo zindawo zazingaphephile kubantu abangebona abendawo. Ngakho ngathandazela ukuthi umuntu oyedwa kwelinye lalawo madolobha abe uFakazi. Ngangicabanga ukuthi lowo muntu kwakufanele ahlale eNeiva ukuze afunde iqiniso. Ngakho, ngathandazela nokuba lapho esebhapathiziwe athuthuke ngokomoya abuyele edolobheni lakubo ukuze ayoshumayela. UJehova wayenesisombululo esingcono kakhulu kunesami.

Ngokushesha ngemva kwalokho, ngaqala ukutadisha iBhayibheli nensizwa okuthiwa uFernando González. Yayihlala e-Algeciras, elinye lamadolobha ayengenabo oFakazi. UFernando wayehamba amakhilomitha angaphezu kuka-50 lapho eya emsebenzini eNeiva. Isifundo ngasinye wayesilungiselela kahle futhi ngokushesha waqala ukuya kuyo yonke imihlangano. Kusukela ngesonto lokuqala eqale ukufunda, uFernando wayebiza abantu edolobheni lakubo abaqoqele ndawonye abafundise lokho ayekufunde esifundweni sakhe seBhayibheli.

Sikanye noFernando ngo-1993

UFernando wabhapathizwa ngoJanuwari 1990, ngemva kwezinyanga eziyisithupha eqale ukufunda. Ngemva kwalokho waba yiphayona elivamile. Ngenxa yokuthi kwase kunoFakazi oyedwa wasendaweni e-Algeciras, kwase kuphephile ukuba ihhovisi legatsha lithumele amaphayona akhethekile kuleyo ndawo. NgoFebhuwari 1992, kwamiswa ibandla kulelo dolobha.

Ingabe uFernando washumayela edolobheni lakubo kuphela? Cha! Ngemva kokuba eseshadile, yena nomkakhe bathuthela eSan Vicente del Caguán, elinye idolobha elalingenabo oFakazi. Kuleyo ndawo basiza ekumiseni ibandla. Ngo-2002, uFernando waba umbonisi wesigodi, yena nomkakhe u-Olga bayaqhubeka nomsebenzi wokujikeleza kuze kube namuhla.

Kulokhu okwenzeka, ngafunda ukuthi kubaluleke kangakanani ukuzisho ngokuqondile izinto esizithandazelayo eziphathelene nezabelo zethu zenkonzo. UJehova wenza lokho esingenawo amandla okukwenza. Lokho akusimangazi ngoba umsebenzi wokuvuna owakhe, akuwona owethu.—Math. 9:38.

UJEHOVA USINIKA “ISIFISO SOKWENZA NAMANDLA OKWENZA”

Ngo-1990 sathola isabelo sokujikeleza. Saqala ukujikeleza enhloko-dolobha yaseBogotá. Leso sabelo sasisethusa. Mina nomkami singabantu abavamile, asinawo amakhono akhethekile. Sasingakujwayele ukuhlala edolobheni eliphithizelayo. Nokho, uJehova wasigcwalisa isithembiso sakhe esikuFilipi 2:13 esithi: “UNkulunkulu nguye oninika amandla ngentando yakhe, eninikeza isifiso sokwenza namandla okwenza.”

Kamuva, sabelwa ukuyojikeleza endaweni yaseMedellín, idolobha engikhulume ngalo ekuqaleni. Abantu balapho base belujwayele kakhulu udlame lwasemgwaqweni kangangokuba lwalungasabethusi. Ngokwesibonelo, ngelinye ilanga ngiqhuba isifundo seBhayibheli, kwakunabantu ababedubulana ngaphandle komuzi engangize kuwo. Ngase ngifuna ukulala phansi, kodwa insizwa engangifunda nayo iBhayibheli yaqhubeka ifunda isigaba izikhululekele nje. Lapho iqeda ukufunda yacela uxolo yaya ngaphandle. Ngemva kwesikhashana, yabuya nezingane zayo ezimbili ezisencane, ngomoya opholile yathi, “Ungixolele, bekumele ngiyolanda izingane zami.”

Zikhona nezinye izikhathi esasisengozini ngazo. Ngelinye ilanga sishumayela endlini ngendlu, umkami weza kimi egijima ephaphathekile. Wathi kunomuntu obezama ukumdubula. Lokho kwangethusa. Nokho, kamuva sabona ukuthi lo muntu owayedubula wayengadubuli uSirkka; wayedubula indoda eyayidlula eduze kwakhe.

Ngokuhamba kwesikhathi, safunda ukuphila endaweni enodlame lwasemgwaqweni. Sakhuthazwa yisibindi soFakazi bendawo ababebhekene nezimo ezifana nalezi nezinkulu kunazo. Saphetha ngokuthi uma uJehova ayebasiza, nathi wayezosisiza. Sasisilalela njalo iseluleko sabadala bendawo, sithathe izinyathelo zokuphepha, konke okunye sikushiyele ezandleni zikaJehova.

Yiqiniso, ezinye izimo zazingeyona ingozi njengoba sasicabanga. Ngelinye ilanga, ngezwa sengathi kunabesifazane ababili abathukanayo ngaphandle komuzi engangize kuwo. Ngangingafuni ukubuka ingxabano, kodwa umninikhaya wangibiza wathi mangize kuvelanda. Empeleni sathola ukuthi “ingxabano” esasiyizwa kwakungopholi ababili ababelingisela omakhelwane.

AMALUNGELO ENGEZIWE NEZINSELELE

Ngo-1997, ngathola isabelo sokuba uthisha eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo. b Ngangihlale ngikujabulela ukuba umfundi ezikoleni ezingokwasezulwini, kodwa ngangingakaze ngizicabange ngithola ilungelo elijabulisayo lokufundisa kwesinye sazo.

Kamuva, ngaba umbonisi wesifunda. Lapho lelo lungiselelo liqedwa ngabuyela emsebenzini wokujikeleza. Ngakho ngiye ngajabulela isabelo sokuba uthisha nombonisi ojikelezayo iminyaka engaphezu kwengu-30. Lezi zabelo ziye zangilethela izibusiso eziningi. Nokho, bekungelula ngaso sonke isikhathi. Awuthi ngikuchazele.

Angiyena umuntu osheshe azwele. Lokho kungisizile ngakwazi ukubhekana nezimo ezinzima. Nokho, ngezinye izikhathi ngiye ngashiseka ngokweqile lapho ngizama ukulungisa izindaba ezithile emabandleni. Ngesinye isikhathi, ngezwi eliqinile ngatshela abathile ukuthi kumele babe nothando futhi bacabangele abanye. Okumangazayo ukuthi kwakuba ngalezo zikhathi lapho ngangihluleka khona ukubonisa zona kanye lezo zimfanelo.—Roma 7:​21-23.

Ngenxa yamaphutha ami, ngezinye izikhathi ngiye ngadikibala kakhulu. (Roma 7:24) Ngesinye isikhathi ngathandaza ngatshela uJehova ukuthi kungaba ngcono uma ngingayeka ukuba yisithunywa sevangeli ngibuyele eFinland. Ngalelo langa kusihlwa, ngaya emhlanganweni webandla. Isikhuthazo engasithola kulowo mhlangano sangenza ngabona ukuthi kufanele ngiqhubeke ngisesabelweni sami futhi ngiqhubeke ngithuthukise ubuntu bami. Kuze kube namuhla, isangithinta indlela uJehova awuphendula ngayo ngokucacile lowo mthandazo. Ngaphezu kwalokho, ngibonga kakhulu ngendlela angisize ngayo ngomusa ngakwazi ukunqoba ubuthaka bami.

UKUBHEKA IKUSASA NGOKUQINISEKA

Mina noSirkka simbonga kakhulu uJehova ngelungelo esibe nalo lokuchitha iminyaka eminingi ekuphileni kwethu sisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngimbonga kakhulu uJehova nangokuthi ungiphe inkosikazi enothando nenomusa yonke le minyaka.

Maduze ngizoba neminyaka engu-70 futhi ngizoyeka ukuba uthisha wezikole ezingokwasezulwini nokuba umbonisi ojikelazayo. Nokho, lokho akungiphathi kabi. Kungani? Kungenxa yokuthi ngikukholelwa ngokuqinile ukuthi into ejabulisa uJehova kakhulu ukuba simkhonze ngesizotha nokuba simdumise ngezinhliziyo ezigcwele uthando nokubonga. (Mika 6:8; Marku 12:​32-34) Akudingeki sibe nezabelo ezikhethekile ukuze sijabulise uJehova.

Lapho ngicabanga ngezabelo engizenzile, ngiyabona ukuthi angizitholanga ngoba ngingcono kunabanye; noma ngoba nginamakhono amangalisayo. Akunjalo neze! Kunalokho, uJehova unginikeze lezi zabelo ngenxa yomusa wakhe omkhulu. Unginike la malungelo naphezu kobuthaka bami. Ngiyazi ukuthi ukuphela kwento engisizile ngakwazi ukufeza lezi zabelo uJehova. Ngaleyo ndlela, ubuthaka bami buwaveze nakakhulu amandla kaNkulunkulu.—2 Kor. 12:9.

a Indaba yokuphila kaRaimo Kuokkanen enesihloko esithi “Sizimisele Ukukhonza UJehova,” yavela kuyi-Nqabayokulinda ka-Ephreli 1, 2006.

b Lesi sikole sesithathelwe indawo yiSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso.