Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 15

INGOMA 124 Yiba Qotho Njalo

Yethembe Nakakhulu Inhlangano KaJehova

Yethembe Nakakhulu Inhlangano KaJehova

“Khumbulani abaholayo phakathi kwenu, abaye bakhuluma izwi likaNkulunkulu kini.”HEB. 13:7.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Okudingeka sikwenze ukuze siyethembe nakakhulu inhlangano kaJehova futhi siqhubeke siyethemba.

1. Abantu bakaJehova babehlelwe kanjani ngekhulu lokuqala?

 NOMA nini lapho uJehova enikeza abantu bakhe umsebenzi, ulindele ukuba bawenze ngendlela ehlelekile. (1 Kor. 14:33) Ngokwesibonelo, kuyintando kaNkulunkulu ukuba izindaba ezinhle zishunyayelwe emhlabeni wonke. (Math. 24:14) UJehova umise uJesu ukuba aqondise lowo msebenzi. UJesu uye waqikelela ukuba lo msebenzi wenziwa ngendlela ehlelekile. Ngekhulu lokuqala, njengoba kwakumiswa amabandla ezindaweni ezihlukahlukene, kwamiswa abadala ababezokhipha isiqondiso futhi bahole. (IzE. 14:23) EJerusalema indikimba yabadala, ehlanganisa abaphostoli namadoda amadala, yenza izinqumo ezithile okwakulindeleke ukuba wonke amabandla azilalele. (IzE. 15:2; 16:4) Ngenxa yokuthi abafowethu nodadewethu bazilalela iziqondiso ababezinikiwe, “amabandla aqhubeka eqiniswa okholweni futhi anda ngesibalo.”—IzE. 16:5.

2. Kusukela ngo-1919, iyiphi indlela uJehova ayisebenzisile ukuze aqondise abantu bakhe abanike nokudla okungokomoya?

2 UJehova uyaqhubeka ehlela abantu bakhe ngisho nanamuhla. Kusukela ngo-1919, uJesu uye wasebenzisa iqembu elincane lamadoda agcotshiwe ukuze ahlele umsebenzi wokushumayela anike nabalandeli bakhe ukudla okungokomoya. a (Luka 12:42) Kusobala ukuthi uJehova uyawubusisa umsebenzi waleli qembu.—Isaya 60:22; 65:​13, 14.

3-4. (a) Sizuza kanjani ngokuba abantu abahlelekile? Fanekisa. (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Ukube besingahlelekile, besingeke sikwazi ukwenza umsebenzi uJesu asabele wona. (Math. 28:​19, 20) Ngokwesibonelo, cabanga nje ukube kuthiwa amasimu abengahleliwe; wonke umuntu ubengashumayela noma kuphi lapho ethanda khona. Amanye amasimu abengashunyayelwa ngokuphindaphindiwe eshunyayezwa abamemezeli abahlukahlukene, kuyilapho amanye amasimu engashunyayelwa nhlobo. Zikhona yini ezinye izindlela ozicabangayo esizuza ngazo ngenxa yokuthi sihlelekile?

4 Lokho uJesu akwenza ngesikhathi esemhlabeni kuyisibonelo salokho akwenzayo namuhla ukuze asigcine sihlelekile. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngesibonelo uJesu asibekela sona nangokuthi inhlangano yethu isilandela kanjani leso sibonelo. Sizoxoxa nangokuthi singabonisa kanjani ukuthi siyayethemba inhlangano kaJehova.

INHLANGANO YETHU ILANDELA ISIBONELO SIKAJESU

5. Iyiphi indlela esilandela ngayo isibonelo sikaJesu? (Johane 8:28)

5 UJesu wafunda kuYise osezulwini ukuthi yini okumele ayenze nokumele ayisho. Ilandela isibonelo sikaJesu, inhlangano kaJehova isekela izimfundiso zayo zokuziphatha nesiqondiso esinika sona eZwini likaNkulunkulu. (Funda uJohane 8:28; 2 Thim. 3:​16,17) Sihlale sikhunjuzwa ukuba sifunde iZwi likaNkulunkulu bese senza elikushoyo. Sizuza kanjani ngokulalela lesi seluleko?

6. Iyiphi indlela ebalulekile esizuza ngayo ngokutadisha iBhayibheli?

6 Sizuza kakhulu lapho sitadisha iBhayibheli sisizwa izincwadi zethu zobuKristu. Ngokwesibonelo, siyakwazi ukuqhathanisa izimfundiso zeBhayibheli nesiqondiso esisithola enhlanganweni. Lapho sibona ukuthi isiqondiso esisitholayo sisekelwe emBhalweni, siyethemba nakakhulu inhlangano kaJehova.—Roma 12:2.

7. Yimuphi umyalezo uJesu awushumayela, futhi inhlangano kaJehova isilandela kanjani isibonelo sakhe?

7 UJesu washumayela “izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.” (Luka 4:​43, 44) Wayala nabafundi bakhe ukuba bashumayele ngoMbuso. (Luka 9:​1, 2; 10:​8, 9) Namuhla, bonke abazihlanganisa nenhlangano kaJehova bashumayela umyalezo woMbuso kungakhathaliseki ukuthi bahlala kuphi noma banayiphi imithwalo enhlanganweni.

8. Yiliphi ilungelo esinikwe lona?

8 Sikubheka njengelungelo ukuxoxela abanye iqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu! Akuyena wonke umuntu onaleli lungelo. Ngokwesibonelo, ngesikhathi uJesu esemhlabeni, akayivumelanga imimoya emibi ukuba ifakaze ngaye. (Luka 4:41) Namuhla, ngaphambi kokuba umuntu ashumayele nabantu bakaJehova kumele alifanelekele leli lungelo. Sibonisa ukuthi silazisa kakhulu kangakanani ilungelo lokushumayela ngokuthi sifakaze noma kuphi nanoma nini lapho singakwazi khona ukwenza kanjalo. NjengoJesu, umgomo wethu ukutshala nokunisela imbewu yeqiniso loMbuso ezinhliziyweni zabantu.—Math. 13:​3, 23; 1 Kor. 3:6.

9. Inhlangano ilenza kanjani laziwe igama likaNkulunkulu?

9 UJesu walenza laziwa igama likaNkulunkulu. Lapho ethandaza kuYise osezulwini, uJesu wathi: “Ngibazisile igama lakho.” (Joh. 17:26) Ilingisa isibonelo sikaJesu, inhlangano kaJehova yenza konke engakwenza ukuze isize abanye bazi igama likaNkulunkulu. Inguqulo ethi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele idlale indima ebalulekile ekubuyiseleni igama likaNkulunkulu endaweni yalo. Le nguqulo yeBhayibheli manje isiyatholakala iphelele noma iyingxenye ngezilimi ezingaphezu kuka-270. KuSithasiselo A4 no-A5 sale nguqulo, uzothola imininingwane emayelana nokubuyiselwa kwegama likaNkulunkulu eBhayibhelini. ISithasiselo C, esitholakala ku-Study Bible ngesiNgisi, sinobufakazi obengeziwe bokuthi kungani igama likaNkulunkulu kufanele livele izikhathi ezingu-237 emiBhalweni YamaKristu YesiGreki.

10. Yini oyifunda kulokho okwashiwo owesifazane waseMyanmar?

10 NjengoJesu, sifuna ukusiza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba balazi igama likaNkulunkulu. Lapho owesifazane waseMyanmar oneminyaka engu-67 ethola ukuthi uNkulunkulu unegama, wakhala, wathi: “Ngiyaqala ngqa ekuphileni kwami ukuzwa ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. . . . Ningifundise into ebaluleke kakhulu.” Njengoba le ndaba ibonisa, ukwazi igama likaNkulunkulu kungakushintsha ukuphila kwabantu abanezinhliziyo eziqotho.

QHUBEKA UBONISA UKUTHI UYAYETHEMBA INHLANGANO YETHU

11. Abadala bangabonisa kanjani ukuthi bayayethemba inhlangano kaJehova? (Bheka nesithombe.)

11 Iyiphi indlela abadala abangabonisa ngayo ukuthi bayayethemba inhlangano kaNkulunkulu? Lapho bethola isiqondiso, kudingeka basifunde ngokucophelela bese benza konke abangakwenza ukuze basilandele. Ngokwesibonelo, abagcini nje ngokuthola isiqondiso sokuthi kumele bazenze kanjani izingxenye zabo emhlanganweni nokuthi kumele bathandaze kanjani ebandleni kodwa bathola nesiqondiso sokuthi kumele bazinakekele kanjani izimvu zikaKristu. Abadala abalandela isiqondiso senhlangano basiza labo ababanakekelayo ukuba bazizwe belondekile futhi bethandwa.

Abadala bayasisiza sisethembe isiqondiso esisinikwa inhlangano kaJehova (Bheka isigaba 11) b


12. (a) Kungani kufanele sibambisane nabaholayo? (Hebheru 13:​7, 17) (b) Kungani kufanele sigxile ezimfanelweni ezinhle zalabo abaholayo?

12 Lapho abadala besinika isiqondiso, kufanele sisilandele ngokuzithandela. Uma senza kanjalo, siyokwenza kube lula ngabaholayo ukuba benze umsebenzi wabo. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba silalele futhi sizithobe kulabo abaholayo. (Funda eyamaHebheru 13:​7, 17.) Lokho kungaba inselele ngezinye izikhathi. Kungani? Kungenxa yokuthi la madoda ayawenza amaphutha. Nokho, uma sigxila ezimfanelweni zawo ezingezinhle kunokugxila ezimfanelweni zawo ezinhle, empeleni siyobe sisiza izitha zethu. Kanjani? Siyobe sibonisa ukuthi asiyethembi inhlangano kaNkulunkulu, okuyilokho izitha zethu ezifuna sikwenze. Yini ngokuqondile esingayenza ukuze siwabone amanga ashiwo izitha zethu futhi siwenqabe?

UNGABAVUMELI ABANYE BAKWENZE UNGABE USAYETHEMBA INHLANGANO

13. Izitha zikaNkulunkulu zizame kanjani ukwenza inhlangano yakhe ibukeke kabi?

13 Abaphikisi bakaNkulunkulu benza izinto ezinhle ezenziwa inhlangano yakhe zibonakale zizimbi. Ngokwesibonelo, sifundile emiBhalweni ukuthi uJehova ulindele ukuba abakhulekeli bakhe bahlanzeke emzimbeni, ngokomoya nasendleleni abaziphatha ngayo. Ufuna ukuba noma ubani oqhubeka eziphatha ngendlela engahlanzekile ongafuni ukuphenduka asuswe ebandleni. (1 Kor. 5:​11-13; 6:​9, 10) Silalela umyalo weBhayibheli. Kodwa abaphikisi bethu bayasigxeka basimangalele ngokuthi asinawo umqondo ovulekile, sahlulela abanye futhi asinalo uthando.

14. Ubani ongumthombo wezindaba ezingamanga ngenhlangano?

14 Qonda ukuthi ubani ngempela osihlaselayo. USathane uDeveli nguye ogqugquzela izindaba ezingamanga. ‘Unguyise wamanga.’ (Joh. 8:44; Gen. 3:​1-5) Ngakho kufanele sikulindele ukuthi uSathane uzosebenzisa abalandeli bakhe ukuba basakaze izindaba ezingamanga ngenhlangano kaJehova. Yilokho okwenzeka ngekhulu lokuqala.

15. Yini abalandeli benkolo abayenza kuJesu nakubalandeli bakhe?

15 Ngekhulu lokuqala, abantu ababesekela uSathane babelokhu besakaza amanga ngeNdodana kaNkulunkulu engenasono eyayenza izimangaliso. Ngokwesibonelo, abaholi benkolo babetshela abantu ukuthi amandla kaJesu okuxosha amademoni wayewanikwa ‘umbusi wamademoni.’ (Marku 3:22) Lapho kuqulwa icala likaJesu, abaholi benkolo bammangalela ngokuhlambalaza banxenxa izixuku ukuba zicele abulawe. (Math. 27:20) Kamuva, njengoba abalandeli bakaKristu babeshumayela izindaba ezinhle, labo ababebaphikisa ‘bagqugquzela abantu futhi babathonya’ ukuba bashushise lawo maKristu. (IzE. 14:​2, 19) Ngokuphathelene nezEnzo 14:​2, INqabayokulinda kaDisemba 1, 1998, yachaza: “Benganelisekile ngokwenqaba isigijimi bona ngokwabo, abaphikisi abangamaJuda bangenela umkhankaso wokunyundela, bezama ukwenza amaKristu angathandeki kwabeZizwe.”

16. Yini okufanele siyikhumbule uma sizwa izindaba ezingamanga?

16 USathane akagcinanga ngekhulu lokuqala ukuqamba amanga. Nanamuhla, ‘usadukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAm. 12:9) Uma uzwa kushiwo izinto ezimbi ngenhlangano noma ngabazalwane abaholayo, khumbula indlela izitha zikaNkulunkulu ezaphatha ngayo uJesu nabafundi bangekhulu lokuqala. Namuhla, abantu bakaJehova bayashushiswa futhi bayanyundelwa njengoba nje iBhayibheli labikezela. (Math. 5:​11, 12) Izindaba ezingamanga ngeke zisidukise uma siqonda ukuthi ubani umthombo wazo bese sithatha isinyathelo ngokushesha. Yisiphi isinyathelo okufanele sisithathe?

17. Singakugwema kanjani ukulinyazwa izindaba ezingamanga? (2 Thimothewu 1:13) (Bheka nebhokisi elithi “ Okumele Ukwenze Lapho Uzwa Izindaba Ezingamanga.”)

17 Zenqabe izindaba ezingamanga. Umphostoli uPawulu wasinikeza iziyalezo ezicacile zalokho okufanele sikwenze uma sizwa izindaba ezingamanga. Watshela uThimothewu ukuba ‘ayale abathile ukuba . . . bangazinaki izindaba ezingamanga’ nokuba ‘benqabe izindaba ezingamanga nezihlambalazayo.’ (1 Thim. 1:​3, 4; 4:7) Nakuba ingane encane ingase icoshe into engcolile phansi iyifake emlonyeni, umuntu ovuthiwe obuqondayo ubungozi balokho ngeke alokothe akwenze. Siyazenqaba izindaba ezingamanga ngoba siyaqonda ukuthi ubani ongumthombo wazo. Sibambelela ‘emazwini anempilo’ eqiniso.—Funda eyesi-2 Thimothewu 1:13.

18. Singabonisa kanjani ukuthi siyayethemba inhlangano kaJehova?

18 Sixoxe nje ngezindlela ezintathu inhlangano kaNkulunkulu elingisa ngazo uJesu. Njengoba utadisha iBhayibheli, zama ukuthola ezinye izindlela inhlangano elandela ngazo isibonelo sikaJesu. Siza abanye abasebandleni okulo bayethembe nakakhulu inhlangano. Qhubeka ubonisa ukuthi uyayethemba ngokuthi ukhonze uJehova ngobuqotho nangokuhlala useduze nenhlangano ayisebenzisayo ukuze afeze intando yakhe. (IHu. 37:28) Kwangathi singaqhubeka silazisa ilungelo esinalo lokuba yingxenye yabantu bakaJehova abanothando nabaqotho.

UNGAPHENDULA KANJANI?

  • Abantu bakaNkulunkulu bamlingisa ngaziphi izindlela uJesu?

  • Singaqhubeka kanjani sibonisa ukuthi siyayethemba inhlangano kaJehova?

  • Yini okufanele siyenze uma sizwa izindaba ezingamanga?

INGOMA 103 Abelusi—Izipho Ezingabantu

a Bheka ibhokisi elithi “Kungani Sithi U-1919?” encwadini ethi Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova—Iyabuyiselwa Ekugcineni! kk. 102-103.

b INCAZELO YESITHOMBE: Ngemva kokuba abadala bexoxe ngamalungiselelo okushumayela ngenqola, umbonisi weqembu ukhuluma nabamemezeli udlulisela kubo isiqondiso sokuba bafulathele udonga.